Imibuzo Evela Kubafundi
Eyabase-Efesu 3:14, 15 ithi nguNkulunkulu “eqanjwe ngaye yonke imikhaya yasezulwini neyasemhlabeni.” Ingabe ikhona imikhaya ezulwini, futhi ingabe umkhaya ngamunye wabantu ngandlela-thile uthola igama lawo kuJehova?
Ezulwini ayikho imikhaya efana naleyo yasemhlabeni, enobaba, nomama, nezingane—bonke behlobene komunye nomunye ngokwenyama. (Luka 24:39; 1 Korinte 15:50) UJesu wabonisa ngokucacile ukuthi izingelosi azishadi, futhi akukho okusikisela ukuthi ziba nenzalo nganoma iyiphi indlela.—Mathewu 22:30.
Nokho, ngendlela engokomfanekiso iBhayibheli likhuluma ngoJehova uNkulunkulu njengoshade nenhlangano yakhe yasezulwini; ushadile ngomqondo ongokomoya. (Isaya 54:5) Leyo nhlangano yasezulwini iba nenzalo, njengezingelosi. (Jobe 1:6; 2:1; 38:4-7) Khona-ke, ngalomqondo, kunomkhaya ongokomoya omuhle ngendlela emangalisayo ezulwini.
Ngaphezu kwalokho, umkhaya omusha ongokomfanekiso uyakheka ezulwini, ohlanganisa uJesu Kristu nomlobokazi wakhe oyibandla labangu-144 000. (2 Korinte 11:2) Iningi lalaba abagcotshiwe selishonile kakade, linethemba lokuphila kwasezulwini. Abanye basaphila emhlabeni. Bonke babheke phambili ngokulangazelela ‘emshadweni weWundlu’ wasezulwini. IBhayibheli lihlanganisa lowo mshado nesikhathi sosizi olukhulu olusondelayo—ukubhujiswa kweBabiloni Elikhulu, bese kuba ukususwa kwengxenye esele yesimiso sikaSathane.—IsAmbulo 18:2-5; 19:2, 7, 11-21; Mathewu 24:21.
Ngokuphathelene nemikhaya yasemhlabeni, umphostoli uPawulu kweyabase-Efesu 3:15 akasho ukuthi iqembu ngalinye lomkhaya lithola igama lalo kuJehova ngokuqondile. Kunalokho, uPawulu ngokusobala wayecabanga ngezinhlu zemikhaya ezinde ezilondoloza igama elithile. UJoshuwa 7:16-19 unikeza isibonelo. Lapho uJehova wayembula isono sika-Akani. Okokuqala, icala labekwa noma kwathiwa elesizwe sakwaJuda. Lase libekwa emkhayeni wakwaZera. Ekugcineni, abendlu ka-Akani badalulwa. U-Akani kanye nomkakhe nezingane zakhe babebhekwa, noma kwakukhulunywa ngabo, njengabayingxenye yabendlu (noma, umkhaya) kaZabidi, umkhulu ka-Akani. Lowo mkhaya, nawo, wawuwumndeni owalondoloza igama likakhokho wawo uZera.
Phakathi kwamaHeberu, izinhlu zemikhaya ezinjalo zazibaluleke kakhulu, eziningi zazo zilotshwe eBhayibhelini. UNkulunkulu wakusekela ukulondolozwa kwazo ngokwenza ilungiselelo, lapho kudingekile, lokuba indlalifa iqhubekisele phambili igama lomkhaya ngokuba ishade nenkosikazi yomfowabo oshonile.—Genesise 38:8, 9; Duteronomi 25:5, 6.
Njengesinye isibonelo salemikhaya emikhudlwana noma imindeni, cabanga ngoJesu njengendodana kaDavide. Ngokusobala wayengeyona inzalo yeNkosi uDavide ngokuqondile, njengoba azalwa emakhulwini eminyaka ngemva kokufa kukaDavide. Nokho, uphawu oluhlukanisayo lukaMesiya lwaluwukuthi wayeyoba owomkhaya kaDavide, njengoba amaJuda ngokuvamile ayazi kanjalo. (Mathewu 22:42) UJesu wayesohlwini lukaDavide ngabo bobabili unina noyise wokutholwa.—Mathewu 1:1; Luka 2:4.
Kodwa imikhaya enjalo iwathola kanjani amagama ayo kuJehova? Iqiniso liwukuthi kwakunezenzakalo ezimbalwa—njengasesimweni sika-Abrahama no-Isaka—lapho uJehova aqamba khona ngokoqobo inhloko yomkhaya. (Genesise 17:5, 19) Lezo kwakuyizimo ezikhethekile. Ngokuvamile, uJehova akanikezi umkhaya ngamunye igama ozolidlulisela ezinganeni.
Nokho, uJehova wawusungula umkhaya wabantu lapho eyala u-Adamu no-Eva ukuba ‘bazale bande bagcwalise umhlaba.’ (Genesise 1:28) Futhi uJehova wavumela u-Adamu no-Eva abangaphelele ukuba babe nenzalo, kanjalo ebeka isisekelo sayo yonke imikhaya yabantu. (Genesise 5:3) Ngakho ngomqondo ongaphezu kowodwa, uNkulunkulu angase abizwe ngokuthi uMsunguli wamagama emikhaya.
Izizwe eziningi namuhla azisasiboni isidingo sokulondolozela izizukulwane amagama emikhaya. Nakuba kunjalo, kuwo wonke amazwe amaKristu abonga uJehova ngelungiselelo lomkhaya futhi amdumisa ngokusebenza kanzima ukuze enze imikhaya yawo ngaminye ibe impumelelo.