Khulekela UJehova Ngezandla Ezihlanzekile
ENGAPHANSI kokuphefumulelwa, umhubi uDavide wahlabelela: “Ngiyahlamba izandla zami ngingenacala, ngizungeza ialtare lakho, Jehova.”—IHubo 26:6.
Lapho eqamba lamazwi, kungenzeka ukuthi uDavide wayebhekisela emkhubeni wabapristi abangamaLevi bakwa-Israyeli wokukhuphuka isikhwelo se-altare bese bebeka imihlatshelo yabo emlilweni. Kodwa ngaphambi kokwenza lesi senzo sokukhulekela, abapristi kwakudingeka bageze izandla zabo nezinyawo. Lokhu kwakungewona umcikilisho owubala. Ukuhluleka ukuthatha lesi sinyathelo esandulelayo kwakungase kwenze umpristi alahlekelwe ukuphila kwakhe!—Eksodusi 30:18-21.
Ukugeza okungokomfanekiso kuphumela ekuhlanzekeni okungokomoya nokungokokuziphatha. (Isaya 1:16; Efesu 5:26) UJehova ufuna ukuba ‘sizungeze ialtare lakhe’ namuhla ngokumkhonza. Kodwa ufuna ukuba senze kanjalo ngezandla ezihlanzekile—njengoba uDavide ekubeka, izandla ezigezwa ‘singenacala.’ Lena akuyona imfuneko engelutho, ngoba labo abakwenza umkhuba ukungahlanzeki ngeke bawuzuze njengefa uMbuso kaNkulunkulu. (Galathiya 5:19-21) Ukuphila wenza imisebenzi yokuhlonipha uNkulunkulu akunikezi umuntu imvume yokuhileleka ekuziphatheni okubi. Ngakho umphostoli uPawulu wabhala: “Ngiyawutuba umzimba wami futhi ngiwuhola njengesigqila, ukuze kuthi ngemva kokuba sengishumayele kwabanye, mina ngokwami ngingabi ongamukeleki ngandlela-thile.”—1 Korinte 9:27.
Labo abafuna ukuvunyelwa kwaphezulu nenjabulo yangempela kumelwe bakhonze uJehova ngezandla ezihlanzekile. NjengoDavide, bahamba “ngenhliziyo engenacala nangobuqotho.”—1 AmaKhosi 9:4.