Ukunqoba Okungokomthetho
NGO-APRIL ka-1995, kwazuzwa ukunqoba okubalulekile kwasenkantolo. Konke kwaqala ngo-January 28, 1992, lapho uLuz Nereida Acevedo Quiles, oneminyaka engu-24, engeniswa eSibhedlela i-El Buen Pastor ePuerto Rico ezohlinzwa ngokuzikhethela. Lapho esamukelwe, washo kokubili ngomlomo nangokulotshwe phansi ukuthi njengomunye woFakazi BakaJehova, ngeke akwamukele ukumpontshelwa igazi. (IzEnzo 15:28, 29) Izisebenzi zasesibhedlela ezazihilelekile, kuhlanganise nodokotela owayemelapha, babeziqaphela kahle izifiso zakhe.
Ezinsukwini ezimbili ngemva kokuhlinzwa kwakhe, uLuz walahlekelwa igazi eliningi ngokweqile futhi waba nesifo esinamandla sokuntuleka kwegazi ngenxa yokopha. Udokotela owayemnakekela, uDkt. José Rodríguez Rodríguez, wayekholelwa ukuthi okuwukuphela kwendlela ayengamsiza ngayo kwakuwukumpompela igazi. Ngakho, ngaphandle kolwazi noma kwemvume kaLuz, wafuna imvume yenkantolo yokummpompela igazi.
Nakuba uLuz ayesanguluke ngokuphelele futhi ekwazi ukuzikhulumela, uDkt. Rodríguez Rodríguez waphikelela ngokuthi ngenxa yokuphuthuma kwesimo, sasingekho isikhathi sokuthola imvume yothile. Ummeli wesifunda, u-Eduardo Pérez Soto, wasayina ifomu, futhi umahluleli wesifunda, uMhlonishwa u-Ángel Luis Rodríguez Ramos, wakhipha imvume yenkantolo yokumpontshelwa igazi.
Ngakho, ngo-January 31, 1992, uLuz wayiswa egunjini lokuhlinzela, lapho ampontshelwa khona igazi. Phakathi nokumpontshelwa, wezwa ezinye zezisebenzi zasesibhedlela zihleka. Ezinye zazimthethisa, zithi lokho okwakwenziwa kuye kwakungokwenzuzo yakhe. Walwa ngokusemandleni akhe—kwaba nhlanga zimuka nomoya. Ekupheleni kosuku, uLuz wayesefakwe amaphayinti amane egazi.
Isehlakalo sikaLuz kwakungesona esokuqala noma esokugcina esihilela ukumpontshelwa igazi noFakazi BakaJehova ePuerto Rico. Ngaphambi kokuhlangenwe nakho kwakhe, okungenani kwase kukhishwe izimvume ezingu-15 zokumpontshelwa kwegazi ngokumelene nezifiso zoFakazi BakaJehova abadala, futhi ziningi eziye zakhishwa kusukela ngaleso sikhathi. Ngokudabukisayo, kwesinye isehlakalo umyalo wenkantolo wasetshenziswa, futhi kwaphoqelelwa ukumpontshelwa kwegazi esigulini ngesikhathi siqulekile.
Nokho, ukulwa kukaLuz akuphelelanga egunjini lokuhlinzela. Ngo-October 1993 wamangalela i-Commonwealth yasePuerto Rico. Icala laqulwa iNkantolo Ephakeme, futhi ngo-April 18, 1995, kwafinyelelwa isinqumo esasimvuna. Inkantolo yathi umyalo wokumpompela igazi “wawungekho ngokomthetho futhi wawuphuce ummangali ilungelo lakhe lokuqhuba inkolo ngokukhululekile, amalungelo omuntu siqu nokuzinqumela ngaphandle kwenqubo yomthetho efanele.”
Lesi sinqumo sasibalulekile, ngoba kwakungokokuqala ngqá ukuba inkantolo yasePuerto Rico ikhiphe isinqumo esivuna oFakazi BakaJehova ecaleni eliphathelene nokumpontshelwa igazi. Isinqumo sabangela ukusabela okukhulu ngokumangalisayo. Kwabanjwa umhlangano nabacosheli bezindaba, kukhona nezintatheli zephephandaba eliyinhloko, ezomsakazo, nezomabonakude.
Ngabo lobo busuku uhlelo lomsakazo lwasakaza ingxoxo nomunye wabameli bakaLuz. Kwamenywa izilaleli ukuba zishaye ucingo zibuze imibuzo. Odokotela abaningi nabameli bashaya izingcingo futhi bazwakalisa ukusabela kwabo okuhle ecaleni. Omunye owashaya ucingo wathi: “Isayensi ayikwazanga ukuqinisekisa ukuthi ukumpontshelwa igazi kuzoyisindisa impilo, futhi kuyiphutha ukucabanga kanjalo.” Wabuye wathi: “Kungekudala, ukumpontshelwa igazi kuzobhalwa emlandweni njengokunye kokunhlanhlatha okukhulu kunakho konke namaphutha ezokwelapha zesimanje.”
Kamuva uprofesa wezomthetho ohlonishwa kakhulu washayela ihhovisi legatsha le-Watch Tower Society ucingo futhi wazwakalisa ukuneliseka kwakhe okujulile ngalokho akubiza ngokuthi “ukunqoba okubabazekayo.” Wanezela ukuthi isinqumo senkantolo sivikela amalungelo angokomthetho, hhayi awoFakazi BakaJehova kuphela, kodwa azo zonke izakhamuzi zasePuerto Rico.