Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 12/15 kk. 4-7
  • Ingabe Unawo Umoya Wokupha?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Unawo Umoya Wokupha?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Ufuna Ukuthola Umusa Wothile?
  • Ingabe Isipho Sivela Enhliziyweni Enothando?
  • Ikuphi Okukhathalela Ngokuyinhloko—Yisenzakalo? Noma Ukubonakaliswa Kothando?
  • Umoya Wokupha Onyakeni Wonke
  • Ukufuna Isipho Esizedlula Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • “Kwakuyisipho Esizedlula Zonke”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Okuthile Okungcono Kunokuphana Izipho ZikaKhisimusi
    I-Phaphama!—1992
  • Isipho SikaNkulunkulu Esiyingqayizivele—Kungani Siyigugu Kangaka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 12/15 kk. 4-7

Ingabe Unawo Umoya Wokupha?

UKE waphawula yini ukuthi kunomoya abangaphezu kowodwa abashukumisela abantu ukuba baphe? Isipho singase sibe isibonakaliso sothando, sokuphana, noma sokwazisa. Nokho awukaze yini uqaphele ukuthi isipho singase sibangelwe isifiso somuntu sokwamukelwa othile? Noma singase sinikezwe ngenxa nje yomuzwa wesibopho noma ngenxa yokuthi ophayo ufuna ukubuyiselwa ngokuthile.

Isipho singase sisongwe bese siboshwa ngentambo enhle. Kodwa akulona yini iqiniso ukuthi isipho esihle singaba futhi isixha sezimbali, ipuleti lokudla, noma isenzo somusa? Eqinisweni, izipho ezaziswa ngokujulile kakhulu ngokuvamile zihilela ukupha ngawe ngokwakho.

Ingabe Ufuna Ukuthola Umusa Wothile?

Akukhona okungavamile ukuba umuntu aphe othile isipho afuna ukuthola umusa wakhe. Kwamanye amazwe insizwa efuna ukuthandwa intombi engase ibe umakoti wayo ingase iyilethele izimbali. Nokho owesifazane ohlakaniphile ubona ngale kwalesi sipho. Ucabangela ukuthi umoya oshukumisele lensizwa ukuba iphe ungowothando yini, lowo oyoyenza ibe nawumyeni omuhle. Isipho esinjalo, uma sibonisa umoya wokuhlonipha uNkulunkulu, singaholela enjabulweni enkulu kubo bobabili ophayo nowamukelayo.

IBhayibheli lisitshela ngesenzakalo lapho u-Abigayili, umkaNabali, aphuthuma walungiselela uDavide isipho somusa, ayeqaphela ukuthi nguye owayekhethwe uNkulunkulu ukuba abe inkosi yesikhathi esizayo kwa-Israyeli. Naye wayefuna umusa. Umyeni wakhe wayexoshe uDavide ngendelelo futhi wathethisa abantu bakaDavide. Ehola ibutho lamadoda ahlomile angaba ngu-400, uDavide wayehlose ukubhubhisa uNabali nabendlu yakhe. U-Abigayili wangenela, ngokushesha ethumela kuDavide isipho somusa esiwukudla kwabantu bakaDavide. Naye ngokwakhe wafika ngemva kwesipho sakhe, futhi ngemva kokuxolisa ngokuthobeka ngalokho okwakwenziwe umyeni wakhe, wabonisa ukuqonda okukhulu njengoba ayebonisana noDavide.

Inhloso yakhe yayiyinhle, nomphumela waba muhle. UDavide wamukela isipho sakhe wabe esethi kuye: “Khuphukela endlini yakho ngokuthula; bheka, ngililalele izwi lakho, ngibuvumile ubuso bakho.” Kamuva, ngemva kokufa kukaNabali, uDavide waze wacela ngisho nomshado ku-Abigayili, futhi wavuma ngentokozo.—1 Samuweli 25:13-42.

Nokho, kwezinye izimo umusa umuntu awufunayo ungase uhilele ukubonisa ukukhetha, ngisho nokuhlanekezelwa kobulungisa. Esimweni esinjalo, leso sipho siwukufumbathisa. Ophayo ucabanga ukuthi uyozuza, kodwa uziphuca ukuthula kwengqondo. Kuhlale kunengozi yokuthi abanye bangase bakuthole, ukuthi kuyodingeka alandise. Ngisho noma umusa ofiselwayo utholakala, lowo obewufuna angase athole ukuthi manje usenedumela lokuba nezisusa ezisolisayo. Libonisa ukuhlakanipha kokuhlonipha uNkulunkulu, iBhayibheli liyaxwayisa ngezipho ezinjalo.—Duteronomi 16:19; UmShumayeli 7:7.

Ingabe Isipho Sivela Enhliziyweni Enothando?

Akukho kungabaza ngakho—ukupha othile omthandayo ngenxa yokuthi ufuna ukukwenza kuletha injabulo enkulu kakhulu kunokupha ngenxa yokuthi abanye bakwenza uzizwe ufanele ukwenze.

Ngokuphathelene nokuqoqwa kwezinto zokusiza amaKristu akanye naye ayentula ngokwezinto ezibonakalayo, umphostoli uPawulu waveza izimiso ezithile ezinhle kakhulu zokupha okunokuhlonipha uNkulunkulu. “Uma ukulungela kukhona kuqala,” ebhala, “kwamukeleka ngokukhethekile ngokwalokho umuntu anakho, hhayi ngokwalokho umuntu angenakho.” Wanezela: “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokungathandi noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.” (2 Korinte 8:12; 9:7) Ngakho, okuningi kuxhomeke kuwe. Esikhundleni sokuba ungene ezikweletini ngenxa yokuphana ngezipho ngokweqile, ingabe usebenzisa imali elingene iphakethe lakho? Kunokuba uzizwe uphoqelekile ukuba uphe ngokuyinhloko ngenxa yokucindezela kwabantu noma kwabathengisi, ingabe wenza lokho okunqumile enhliziyweni yakho? NgamaKristu okuqala asebenzisa izimiso ezinjalo zokuhlonipha uNkulunkulu, uPawulu wabhala: “Ngokuzithandela [ayelokhu] esincenga ngokuncenga okukhulu ecela ilungelo lokupha ngomusa nokuba nengxenye enkonzweni emiselwe abangcwele.”—2 Korinte 8:4.

Ngokuphambene nalokho, i-Royal Bank Letter ka-November/December 1994 yasho lokhu ngokuphathelene namasonto angaphambi kukaKhisimusi: “Lenkathi ingase ibhekwe njengesimo senjabulo mbumbulu evuswa izithakazelo zebhizinisi zokuphoqa abathengi ukuba bathenge izinto abebengeke bazithenge.” Uma kuthengwa ngesikweletu, noma ikuphi ukwaneliseka okutholakala ngokunikeza izipho kungase kushabalale ngokushesha lapho sekufanele kukhokhwe.

Ikuphi Okukhathalela Ngokuyinhloko—Yisenzakalo? Noma Ukubonakaliswa Kothando?

Ingabe uthola ukuthi ukupha kwakho izipho ukwenza ikakhulukazi ngezikhathi okubonakala kudingeka ngazo? Uma kunjalo, kungenzeka ulahlekelwa injabulo enkulu engase ilethwe ukupha okuzenzakalelayo.

Baningi abantu engabajabulisi imiphumela yokupha izipho ngezinsuku ezikhethiwe. Umama othile owumbhali wavuma ukuthi ezinganeni zakhe kwakuvela ukuhaha njengoba kusondela usuku okwakulindelwe ngalo izipho. Wavuma ukuthi ukujabulela kwakhe siqu isipho esihle kwaphela ngenxa yokuthi wayelindele enye into. Imibiko eminingi ithi amaholide anemikhosi nokuphana izipho aba nayizikhathi lapho ukucindezeleka ngokomzwelo nokusetshenziswa kabi kotshwala kuba kukhulu khona.

Njengoba ayephawule ukuthi ngezinye izikhathi ukugcizelelwa kokunikeza izipho ngezikhathi zamaholide kunethonya elibi ezinganeni, uprofesa wokusebenza kwengqondo owacashunwa kuyi-New York Times utusa lokhu: “Cabangela ukunikeza izipho ngezinye izinsuku njengendlela yokunciphisa ukucindezeleka.” Ingabe ucabanga ukuthi lokho kungaba nomphumela omuhle?

UTammy, oneminyaka engu-12 ovela emkhayeni ongawugubhi uKhisimusi nezinsuku zokuzalwa, wabhala: “Kujabulisa ngokwengeziwe ukuthola isipho ngesikhathi ongasilindele ngaso.” Wathi esikhundleni sokubapha izipho kanye noma kabili kuphela ngonyaka, abazali bakhe bapha yena nomfowabo izipho unyaka wonke. Kodwa kunokuthile okubaluleke kakhudlwana kuye kunalezo zipho. Njengoba ekubeka, “Ngizalwa emkhayeni ojabulayo.”

Incwadi ethi Secrets of Strong Families ngokungagunci ithi: “Abaningi bethu bachitha isikhathi nemali eningi izikhathi eziningi onyakeni bekhethela abantu ababathandayo izipho ezifaneleka kahle zezinsuku zokuzalwa, izinsuku zokukhumbula izenzakalo ezithile, noma amaholide. Isipho esihle kunazo zonke ngeke sithathe lutho ku-akhawunti yasebhange. Futhi ngeke kudingeke usisonge. Uma, njengabantu abaningi, ukholelwa ukuthi ukuphila kwakho kuyinto eyigugu kakhulu onayo, khona-ke isipho esiyigugu kunazo zonke ongaphana ngaso yingxenye ethile yokuphila kwakho. Siphana ngaleso sipho esiyigugu lapho sinikeza abathandekayo bethu isikhathi sethu esithile.”

Lokho kupha ungakwenza kudlulele ngalé komkhaya wakho siqu. Ukupha okuzenzakalelayo okugcwalisa isidingo esibonakalayo abanye abanaso kungaletha ukwaneliseka okukhethekile. UJesu Kristu wasinxusa ukuba sibonise ukukhathalela kothando okunjalo ngabampofu, abayizinyonga, nabayizimpumputhe, enezela: “Uyojabula, ngoba abanalutho abangakukhokhela ngalo.”—Luka 14:12-14.

Muva nje i-Rockland Journal-News (U.S.A.) iye yalandisa ngesibonelo salolo hlobo lokupha. Lapho umuzi wowesifazane osekhulile oyimpumputhe uwohloka, abangane bamakhela omusha. Amabhizinisi endawo amaningana enza iminikelo, futhi inxusa likahulumeni lanikela ngemali. “Nokho, okubaluleke kakhulu,” kusho leli phephandaba, “abantu abangaba ngu-150, abaningi babo abahlanganyela ebandleni laseHaverstraw loFakazi BakaJehova, banikela ngesikhathi sokwakha lomuzi.”

Lesi sihloko saqhubeka: “Endaweni okwakwakhiwa kuyo kwakunenqwaba yamathuluzi eduze kwamatafula agcwele ukudla. Ngezinsuku ezimbili izisebenzi zakha indlu engahlala imikhaya emibili, enezitezi ezintathu. . . . OFakazi BakaJehova baziwa ngekhono labo lokwakha izakhiwo ngokushesha. . . . Nokho, ukushesha okunjalo akubonakali uma ubheka umsebenzi wabo ohlala njalo: wokwenza umsebenzi wothando oyinguga naboya. UNksz. Blakely angase angakwazi ukubona ikhaya lakhe elisha, kodwa izandla zakhe zingalithinta, futhi inhliziyo yakhe iyazi ukuthi ishukunyiswe ngokujule kangakanani yilesi senzo esingenabugovu.”

Umoya Wokupha Onyakeni Wonke

Labo abanomoya wokupha ngempela abalindeli izinsuku ezikhethekile. Ukuphila kwabo akugxilile kubo siqu kuphela. Lapho bamukela okuthile okuhle, bayakujabulela ukukuhlanganyela nabanye. Lokhu akusho ukuthi bapha izipho ngokungazilawuli. Akusho ukuthi bapha kangangokuba imikhaya yabo ize iswele. Akusho ukuthi bapha ngaphandle kokucabanga ukuthi uzothinteka kanjani ophiwayo. Nakuba kunjalo, bangabantu ‘abenza ukupha kube umkhuba,’ njengoba uJesu afundisa abafundi bakhe ukuba benze.—Luka 6:38.

Bayaziqaphela izimo zabangane nomakhelwane asebekhulile, abagulayo, noma abadinga isikhuthazo ngandlela-thile. “Isipho” sabo singase sibe ukubayela esitolo noma ukubasiza ngomsebenzi wasendlini. Singase sibe ukucanda izinkuni noma ukucenta ukhula. Singase sibe isitsha sokudla okuphekiwe noma ukubavakashela nokufunda ndawonye nabo isikhathi esingaba ihora. Ukuphila kwabo siqu kungase kube matasa kodwa hhayi kangangokuthi bahluleke ukusiza. Baye bafunda kokuhlangenwe nakho ukuthi ngempela “kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.

Yebo, uMuphi omkhulu kunabo bonke nguMdali wethu, uJehova uNkulunkulu. “Unika bonke abantu ukuphila nomoya nazo zonke izinto.” (IzEnzo 17:25) EBhayibhelini, usenza futhi siqonde injongo yakhe yokuqeda ububi, ukugula, nokufa, nokwenza lomhlaba ube ipharadesi. (IHubo 37:10, 11; IsAmbulo 21:4, 5) Lapho befunda ngalokhu, labo abanomoya wokupha abazigcini kubo lezi zindaba ezinhle. Enye yezinto abazijabulela kakhulu ukuzihlanganyela nabanye. Umoya wabo wokupha ngempela ungowokuhlonipha uNkulunkulu. Ingabe yilowo moya owuhlakulelayo?

[Izithombe ekhasini 7]

Ezinye zezipho eziyigugu kakhulu azibizi mali

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela