Ukupha—Ingabe Kulindelekile?
KUNGENZEKA wazi kahle ukuthi ukupha izipho ngokuvamile kuya ngesiko. Ezizweni eziningi kunezikhathi lapho izipho zilindeleke khona. Izipho ezinjalo zingase zihloselwe ukuba zibe isibonakaliso senhlonipho noma sothando. Eziningi zazo abazisebenzisi nhlobo abazamukelayo; ezinye zisiza ekuhlangabezaneni nezidingo zangempela futhi zaziswa ngokujulile.
Lapho kuzelwe umntwana eDenmark, abangane nezihlobo bayavakasha futhi beze nezipho abathemba ukuthi ziyoba usizo osaneni. Kwamanye amazwe abangane bangase babe nomcimbi okunikezwa kuwo izipho ezinjalo kusalindelwe ukuzalwa komntwana.
Ezikhathini eziningi, izikhathi okulindelwa ngazo izipho ziyizehlakalo ezenzeka kanye ngonyaka. Nakuba imikhosi yezehlakalo ezinjalo yayingewona umkhuba wamaKristu okuqala, iye yaba ethandwa kakhulu phakathi kwabaningi abathi bangamaKristu nabangewona amaKristu ngokufanayo. Kwezinye izizwe umkhuba wokupha izipho zosuku lokuzalwa ungase ufiphale njengoba izingane zikhula, kodwa isiko lamaGreki libonisa okuhlukile. EGreece izinsuku zokuzalwa zinakwa kakhulu. Umuntu uphiwa izipho ‘nangosuku lwegama’ lakhe. Yini lokho? Phela, isiko elingokwenkolo letha usuku ngalunye lonyaka ‘ngosanta’ ohlukile, futhi abantu abaningi baqanjwe ‘ngosanta.’ Lapho kufika usuku ‘lukasanta’ othile, labo abanalelo gama bathola izipho.
Ngaphezu kwemikhosi yezinsuku zokuzalwa abayenzela izingane zabo, abantu baseKorea baneholide lesizwe elaziwa ngokuthi uSuku Lwezingane. Liyisikhathi lapho imikhaya ishaywa umoya futhi izingane ziphiwe izipho kungakhathaliseki ukuthi iluphi usuku ezazalwa ngalo. Abantu baseKorea futhi banoSuku Lwabazali, izingane ezipha ngalo abazali bazo, noSuku Lothisha, abafundi ababonga ngalo othisha babo futhi babaphe izipho. Ngokwesiko laseKorea, lapho umuntu efinyelela iminyaka yobudala engu-60, kuba nomcimbi omkhulu. Umkhaya nabangane bahlanganyela ekudluliseleni izilokotho zempilo ende nenjabulo, kuthi lowo osefinyelele lelo qophelo ekuphileni aphiwe izipho.
Umshado ungesinye isikhathi lapho isiko elamukelwayo lingase lidinge kuphiwe izipho. Lapho umbhangqwana ushada eKenya, kulindeleke ukuba abasemzini baphe abasekhweni isipho. Izimenywa nazo ziletha izipho. Uma umakoti nomkhwenyana belandela isiko, bahlala endaweni ephakeme, ngenkathi izimenywa ziletha izipho zazo. Njengoba ngasinye silethwa, kwenziwa isimemezelo sokuthi “uS’banibani ulethe isipho embhangqwaneni.” Abaningi balaba abaphayo bangadumala kabi uma bengakutholi ukuqashelwa okunjalo.
Kubantu baseLebanon, lapho othile eshada, abangane nomakhelwane, ngisho nabantu abangazani kahle nombhangqwana ozoshada, bafika nezipho izinsuku eziningi umshado usudlulile. Kusukela ebuntwaneni, bafundiswa ukuthi ukupha izipho kuwumthwalo wemfanelo, njengokukhokha isikweletu. “Uma ungakwenzi, awuzizwa kamnandi,” kusho enye indoda yaseLebanon. “Kuyisiko.”
Nokho, kuzo zonke izikhathi okulindelwa ngazo ukupha, emazweni amaningi uKhisimusi uhamba phambili. Akunjalo yini lapho uhlala khona? Muva nje ngo-1990, kwalinganiselwa ukuthi unyaka ngamunye abantu baseMelika bachitha imali engaphezu kwama-dollar ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-40 (amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-145) eziphweni zikaKhisimusi. Lelo holide ligujwa ngentshiseko enkulu nangamaBuddha namaShinto eJapane, futhi izinhlobo ezihlukahlukene zokugubha lomkhosi ziyatholakala eYurophu, eNingizimu Melika, nasezingxenyeni ezithile ze-Afrika.
UKhisimusi uyinkathi abantu abalindela ukujabula ngayo, kodwa abaningi abajabuli. Futhi abaningi bathola ukuthi umesaso wokuthenga izipho nokukhathazeka ngokukhokha izikweletu ezidalekayo kusithibeza noma yiziphi izikhathi zenjabulo ababa nazo.
Kodwa iBhayibheli lithi kukhona injabulo ekupheni. Ngempela ikhona, kuye ngomoya ukupha okwenziwa ngawo.—IzEnzo 20:35.