Isiko Elingenanjongo?
SEKUNGAMAKHULU eminyaka amaKatolika eqhuba isakramente lokuvuma izono. Nakuba kunjalo, kwabaningi liyinqubo engenamsebenzi. Ebheka emuva ebusheni bakhe, uthishanhloko wesikole esiphakeme okuthiwa uBob uthi: “Ngangineminyaka eyevé eshumini nambili, futhi ngisho nangaleso sikhathi ngangingakuthathi ngokungathi sína.” Ngani? Kuye, ukuvuma izono kwakuye kwaba isiko elingenanjongo. Uyachaza: “Ukuvuma izono kwakunjengokuletha zonke izikhwama zakho ezigcwele izono esikhulwini sentela yezimpahla ezivela kwamanye amazwe esikhumulweni sezindiza. Sikubuza imibuzo ethile ngezono zakho bese sikudedela udlule ngemva kokukhokhela izimpahla zokunethezeka ozithenge ngesikhathi uphesheya.”
Ngokufanayo, uFrank Wessling, ebhala kuyi-U.S. Catholic, uchaza umkhuba wokuvuma izono ‘njengesiqondiso esenziwe lula ngokweqile, kusukela ekususweni kwezono ezivamile ngomthandazo wokuphenduka obanjwe ngekhanda kuya esenzweni esiyisiko sokuzihlawulisa kokugcina icala.’ Siyini isiphetho sikaWessling? “Ngiyaqiniseka ukuthi uKuvuma Izono kuyasiza emphefumulweni,” esho. “Kodwa indlela amaKatolika akwenza ngayo iyinkinga.”
IBhayibheli likubeka ngendlela ehluke ngokuphelele ukuvuma izono. Okubaluleke kakhulu ukuvuma izono kuNkulunkulu. (IHubo 32:1-5) Futhi umfundi ongumKristu uJakobe wabhala: “Ingabe ukhona ogulayo phakathi kwenu? Makabizele kuye amadoda amadala ebandla, futhi mawamthandazele, emgcoba ngamafutha egameni likaJehova. Ngakho-ke vumani obala izono zenu komunye nomunye futhi nithandazelane, ukuze niphulukiswe.”—Jakobe 5:14, 16.
UmKristu osindwa isono angabiza ababonisi bebandla, abangase banikeze iseluleko somuntu siqu nesisebenzisekayo esivela eBhayibhelini ukuze basize lomenzi wobubi ashiye inkambo yakhe yesono. Ababonisi banganikeza isikhuthazo esifanele njengoba behlola intuthuko yalowo ogulayo ngokomoya. Yeka ukuthi kuhluke kanjani esikweni lokuvuma izono elinemicikilisho amasonto aliqhubayo namuhla! Beqiniswe usizo olunikwa umuntu siqu ngabadala bebandla, abenzi bobubi abaphendukile bangathola impumuzo uDavide ayizwa, njengoba asho kuyihubo: “Ngasivuma isono sami kuwe, angisifihlanga isiphambeko sami; ngathi: Ngizakuzivuma izono zami kuJehova; wena wathethelela icala lesono sami.”—IHubo 32:5.