Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 9/15 k. 32
  • Isifundo Esitholakala Ezinyonini Nasezimbalini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isifundo Esitholakala Ezinyonini Nasezimbalini
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 9/15 k. 32

Isifundo Esitholakala Ezinyonini Nasezimbalini

YINI ngokuvamile abantu abakhathazeka ngayo namuhla ngaphezu kwanoma yini enye? Kwabaningi, wukuba nokwanele ukuze bondle imikhaya yabo noma bakwazi ukuthuthukisa izinga labo lokuphila.

Ukukwazi ukuhlangabezana nezidingo zokuphila kwakuyinto eyinhloko abantu ababekhathazeka ngayo nangesikhathi uJesu Kristu esemhlabeni. Kodwa waxwayisa ngokuthi lokhu kukhathazeka okufanelekile kwakungase kube ukukhathazeka okweqile kuvalele izinto ezingokomoya. Efanekisa iphuzu lakhe, uJesu watshela abafundi bakhe ukuba babhekisise izinyoni nezimbali.

Izinyoni kudingeka zidle zonke izinsuku—zidle kakhulu kunathi ngokwesilinganiso ngenxa yesimiso sazo sokugaya ukudla esisheshayo. Ngaphezu kwalokho, azinakuhlwanyela imbewu, zivune, noma zibekele ikusasa ukudla. Nokho, njengoba uJesu aphawula, ‘uBaba wethu osezulwini uyazondla.’ (Mathewu 6:26) Ngokufanayo, uNkulunkulu wembathisa ‘iminduze yasesigangeni’ ngemvunulo enhle kakhulu.—Mathewu 6:28-30.

UJesu uyasiqinisekisa ukuthi uma sihlala sinombono ofanele ngezidingo zezinto ezibonakalayo futhi senze izinto ezingokomoya zize kuqala, uNkulunkulu uyoqiniseka ukuthi sinako nokudla nezambatho okudingekayo. Uma uJehova uNkulunkulu enakekela izinyoni nezimbali, ngokuqinisekile uyobanakekela abamthandayo futhi ‘abaqhubeka befuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe.’ (Mathewu 6:33) Ingabe ubeka izithakazelo zoMbuso kaNkulunkulu kuqala ekuphileni kwakho?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela