Imibuzo Evela Kubafundi
Wayesho ukuthini umfundi uJakobe lapho ethi: “Ababaningi kini okufanele babe abafundisi, bafowethu, njengoba nazi ukuthi siyokwamukela isahlulelo esinzima ngokwengeziwe”?—Jakobe 3:1.
Ngokuqinisekile akukhona ukuthi uJakobe wayengakhuthazi amaKristu ukuba afundise abanye iqiniso. KuMathewu 28:19, 20, uJesu wayala abafundi bakhe ukuba ‘benze abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, bebafundisa ukugcina zonke izinto ayebayale ngazo.’ Ngakho, wonke amaKristu kufanele abe abafundisi. Umphostoli uPawulu weluleka amaKristu angamaHeberu ngenxa yokuthi ayengakabi abafundisi. Wabhala: “Nakuba bekufanele ngabe ningabafundisi ngenxa yesikhathi, nisadinga futhi othile ukuba anifundise kusukela ekuqaleni izinto zokucathula zamazwi angcwele kaNkulunkulu.”—Heberu 5:12.
Khona-ke, wayekhuluma ngani uJakobe? Wayebhekisela kulabo abanamalungelo okufundisa akhethekile ebandleni. Kweyabase-Efesu 4:11, siyafunda: “[UJesu Kristu, iNhloko yebandla] waphana ngabanye njengabaphostoli, abanye njengabaprofethi, abanye njengabavangeli, abanye njengabelusi nanjengabafundisi.” Kwakunezikhundla zokufundisa ezikhethekile emabandleni ekhulu lokuqala njengoba zikhona nanamuhla. Ngokwesibonelo, iNdikimba Ebusayo imelela “isigqila esikholekile nesiqondayo” futhi inomthwalo wemfanelo okhethekile wokwengamela ukufundiswa kwebandla lomhlaba wonke. (Mathewu 24:45) Ababonisi abajikelezayo nabadala bamabandla nabo banemithwalo yemfanelo yokufundisa ekhethekile.
Ingabe uJakobe wayetshela amadoda angamaKristu afanelekayo ukuthi angayamukeli indima yokuba umfundisi ngenxa yokwesaba isahlulelo sikaNkulunkulu esinzima ngokwengeziwe? Lutho neze. Isikhundla sokuba umdala siyilungelo elikhulu, njengoba kubonisa eyoku-1 Thimothewu 3:1, ethi: “Uma noma ubani ezama ukufinyelela isikhundla sombonisi, ufisa umsebenzi omuhle.” Enye yezimfuneko zokuba indoda imiswe njengomdala webandla ukuba ‘ikufanelekele ukufundisa.’ (1 Thimothewu 3:2) UJakobe wayengaphikisi amazwi kaPawulu aphefumulelwe.
Nokho, kubonakala sengathi ekhulwini lokuqala C.E., abanye babezibeka ngokwabo njengabafundisi, nakuba babengafaneleki futhi bengamisiwe. Cishe babenomuzwa wokuthi kwakunokuvelela okuthile kuleyo ndima, futhi babefisa udumo lomuntu siqu. (Qhathanisa noMarku 12:38-40; 1 Thimothewu 5:17.) Umphostoli uJohane wakhuluma ngoDiyotrefe, ‘owayethanda ukuba nendawo ephambili, kodwa owayengamukeli ngenhlonipho noma yini evela kuJohane.’ (3 Johane 9) Eyoku-1 Thimothewu 1:7 ikhuluma ngabathile ‘ababefuna ukuba abafundisi bomthetho kodwa ababengaziqondi izinto ababezisho noma izinto ababegomela ngazo ngamandla.’ Amazwi kaJakobe 3:1 awafanelekela ngokukhethekile amadoda afisa ukuba abafundisi kodwa anezisusa ezingalungile. Abanjalo bebengawulimaza kakhulu umhlambi futhi ngalokho bathole isahlulelo esinzima ngokwengeziwe.—Roma 2:17-21; 14:12.
UJakobe 3:1 uyisikhumbuzo esihle nakulabo abafanelekayo futhi abakhonza njengabafundisi. Njengoba bephathiswe okuningi, kuyofunwa okuningi kubo. (Luka 12:48) UJesu wathi: “Wonke amazwi angenambuyiselo abantu abawakhulumayo, bayolandisa ngokuphathelene nawo ngoSuku Lokwahlulela.” (Mathewu 12:36) Lokhu kuyiqiniso ngokukhethekile ngalabo abanethonya elikhudlwana, abadala abamisiwe.
Abadala bayolandisa ngendlela abasebenzelana ngayo nezimvu zikaJehova. (Heberu 13:17) Lokho abakushoyo kuthinta ukuphila kwabanye. Ngalokho, umdala kufanele aqaphele ukuba angathuthukisi imibono yakhe siqu noma aphathe kabi izimvu njengoba kwakwenza abaFarisi. Kumelwe alwele ukubonisa uthando olujulile olufana nalolo uJesu alubonisa. Kuzo zonke izimo zokufundisa, futhi ikakhulukazi lapho ehileleke ezindabeni zokwahlulela, umdala kumelwe aqaphelisise ulimi lwakhe, angakhulumi ngokungacabangi noma asho imibono engeyomuntu siqu. Ngokuncika ngokuphelele kuJehova, eZwini lakhe, naseziqondisweni zakhe ezitholakala ngenhlangano yakhe, umalusi uyokwamukela izibusiso zikaNkulunkulu ezicebile, hhayi “isahlulelo esinzima ngokwengeziwe.”