OFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke—INdiya
INDIYA! Lelizwe elingudedangendlale liyikhaya lomuntu oyedwa kubantu abayisithupha abakuleplanethi. Sekukonke, kukhulunywa izilimi ezingaphezu kuka-1 000 kulelizwe elinokuhlukahluka. Ngokuyinhloko, abantu bakhona bangamaHindu, amaphesenti angu-83 abo, kuyilapho amaphesenti angu-11 engamaSulumane, bese kuthi ingxenye esele ibe amaSikh, amaBuddha, amaJain, namaKristu okuzisholo.
Eminyakeni yamuva nje oFakazi BakaJehova bebejabulela impumelelo ephawulekayo eNdiya. Baye bathola abantu abanjengezimvu abazimisele ukuma ngasohlangothini loMbuso kaJehova ngokuqinile, naphezu kwazo zonke izinhlobo zokucindezelwa nokuphikiswa.
Ngokwesibonelo, intombazane esemkhayeni wamaHindu asadla ngoludala yayikhubazwe uvendle kusukela isencane. Ukuhlupheka eyabhekana nakho kwayenza yacabanga ngoNkulunkulu nangenjongo yokuphila. Yahlola izinkolo eziningi ukuze ithole impendulo kodwa ayitholanga nduduzo. Ngenxa yalokho, ayibange isakholelwa enkolweni, nakuba yayisakholelwa kuNkulunkulu.
Cishe ngalesi sikhathi oFakazi ababili bahlangana nalentombazane enkonzweni yabo yendlu ngendlu. “Ngafikelwa izinyembezi lapho ngibezwa befunda isAmbulo 21:4,” ikhumbula. Yamukela eziningi zezincwadi ze-Watch Tower Society futhi yavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya naphezu kokuphikisa kukanina. Lentombazane yenza ushintsho olukhulu ekuphileni kwayo, yabhekana nokuphikisa kwezihlobo ngesibindi, futhi yaba uFakazi obhapathiziwe. Ithi: “Ngivela kude, futhi bekunzima ukusuka lapho. Kodwa ngaso sonke isikhathi uJehova uNkulunkulu ubelokhu enami futhi enginika ukuthula nenjabulo enkulu.”
Ukumelela Ngokuqinile Ukukhulekela Okuhlanzekile Esikoleni
Udade osemusha wacelwa uthisha wakhe ukuba aye esontweni lamaKatolika kanye nalo lonke ikilasi. Lodade wenqaba ngomoya ophansi, esho ukuthi wayengomunye woFakazi BakaJehova futhi wayengeke akhulekele noma ubani nanoma yini ngaphandle kukaJehova. Lothisha wathi lapho bonke abanye beya esontweni, naye kufanele ahambe. Kodwa lodade wama eqinile futhi wathi njengoba labo ababeya esontweni babeyobe bengathandazi kuJehova, akaboni ukuthi wayengaba khona kanjani lapho.
Ngenxa yokuqina kwalentombazane, uthisha wayo wafuna ukwazi okwengeziwe. Ngakho ngosuku olulandelayo lodade wamnika INqabayokulinda enesihloko esikhuluma ngokukhulekela uJehova. Ehlatshwe umxhwele yilokho ayekufundile, lothisha wabe esemkhulula kuzo zonke izinto ezingokwenkolo esikoleni. Lodade wakwazi ukuhambisela lothisha kanye nabanye omagazini abayishumi.
Ukulalela Umthetho KaNkulunkulu Ngegazi Kuyavuzwa
Muva nje kubheduke umkhuhlane obangelwa igciwane elithile owumqedazwe ezingxenyeni ezithile zezwe laseKerala. Lesi sifo silimaza izinso kabi futhi senze kudingeke usebenzise i-dialysis. Ngokuvamile kumpontshelwa igazi. Kwelinye idolobha kwangeniswa abantu abangu-14 esibhedlela benalesi sifo. Esinye salezi ziguli sasinguFakazi, umdala ebandleni lendawo. Watshelwa ukuthi okuwukuphela kwendlela yokwelapha eyayitholakala kwakuwukumpontshelwa igazi. Lomdala wachaza izinkolelo zakhe ezingokomBhalo futhi walenqaba ngokuqinile igazi. (IzEnzo 15:28, 29) Ngemva kokuphikisana okukhulu, odokotela bathi wayezofa ngenxa yokwenqaba kwakhe ukumpontshelwa igazi.
Lezi ezinye iziguli ezingu-13 zalamukela igazi. Ngokudabukisayo, ezinsukwini ezimbalwa zonke zafa. Lomzalwane nguye yedwa owasinda! Iziphathimandla zesibhedlela zamangala kakhulu. Ukuvakasha njalo kwamalungu ebandla kwazihlaba umxhwele kakhulu izisebenzi zasesibhedlela. Ngemva kokuba esekhishiwe esibhedlela, lomzalwane wahamba wayobonga odokotela, kodwa bathi: “Kungani ubonga thina? Bonga uNkulunkulu wakho, uJehova. NguYe okusindisile. Sicela usithandazele nathi kuNkulunkulu wakho, uJehova.”
[Ibhokisi ekhasini 24]
UMBIKO WEZWE
Unyaka Wenkonzo Ka-1994
INANI ELIPHAKEME LABABEFAKAZA: 14 271
ISILINGANISO: UFakazi oyedwa kubantu abangu-65 266
INANI LABABEKHONA ESIKHUMBUZWENI: 38 192
ISILINGANISO SABAMEMEZELI ABANGAMAPHAYONA: 1 780
ISILINGANISO SEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI: 12 453
INANI LABABHAPATHIZWA: 1 312
INANI LAMABANDLA: 410
IHHOVISI LEGATSHA: ILONAVLA
[Isithombe ekhasini 25]
Ihhovisi legatsha, iLonavla
[Isithombe ekhasini 25]
Ukufakaza ngokuphathelene nomhlangano “WeZindaba Ezinhle Ezimi Phakade” ngo-1963
[Isithombe ekhasini 25]
Ukushumayela kumthengisi ngaphandle kweRed Fort eDelhi