Ukususa Ekuhlanganyeleni—Ingabe Ilungiselelo Lothando?
“UNGCWELE, ungcwele, ungcwele uJehova uNkulunkulu, uMninimandla onke.” (IsAmbulo 4:8) Ngokuvumelana naleyo ncazelo, uJehova unguMthombo wezindinganiso ezingcwele. Lezi zibekwe ‘emibhalweni engcwele,’ futhi amaKristu abophekile ukuba azilandele lezi ziqondiso. Ngempela, kumelwe agweme noma yini engcolile emehlweni kaJehova.—2 Thimothewu 3:15; Isaya 52:11.
IBhayibheli liyala ngokucacile: “Ngokuvumelana noNgcwele owanibiza, nani yibani ngcwele ngokwenu kukho konke ukuziphatha kwenu, ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘Kumelwe nibe ngcwele, ngoba mina ngingcwele.’” (1 Petru 1:15, 16) Kusukela ibandla lobuKristu laba khona eminyakeni engamakhulu angu-19 edlule, amaKristu eqiniso aye alwa kanzima ukuze alivikele ekungcoleni okungokomoya nokokuziphatha.—Jude 3.
Isizathu Sokuba Kudingeke Isivikelo
Zonke izinceku zikaNkulunkulu zibhekene nenselele yokuzigcina zihlanzekile ngokokuziphatha nangokomoya. Zinalowo mgomo, kumelwe zimelane nezitha ezintathu ezinamandla—uSathane, izwe lakhe, nokuthambekela kwenyama yethu enesono. (Roma 5:12; 2 Korinte 2:11; 1 Johane 5:19) Izwe likaSathane liyokulingela ekubeni uziphathe kabi, liyokubekela inselele yokuba wamukele izindlela zalo, futhi liyokunika ingcebo yezinto ezibonakalayo, udumo, isikhundla, ukuvelela, namandla. Kodwa labo abazimisele ukuphishekela ukukhulekela kweqiniso bamelana nalokho uSathane akunikezayo futhi bahlale ‘bengenalo ibala elivela ezweni.’ Ngani? Ngoba bafuna ukuhlala ngaphansi kokunakekela okuvikelayo nokothando kwenhlangano kaJehova ehlanzekile.—Jakobe 1:27; 1 Johane 2:15-17.
UJehova uye wanikeza usizo kunoma iliphi ilungu lebandla lobuKristu eliba isisulu sezilingo zikaSathane ngenxa yobuthakathaka bobuntu. Kuye kwamiswa abadala abafanelekayo ngokomoya ukuze bavikele ibandla futhi ngothando basize abonayo ukuba baphenduke ezonweni zabo futhi benze ukulungisa okudingekayo ukuze balulame. Noma imuphi umKristu ohileleka ebubini obuthile kufanele asizwe ngesineke ukuba aphenduke futhi ashintshe izindlela zakhe.—Galathiya 6:1, 2; Jakobe 5:13-16.
Indlela Ukususa Ekuhlanganyeleni Okuwuthando Ngayo
Izinceku zikaJehova ezibhapathiziwe ezilandela ngamabomu inkambo embi futhi zenqabe ukushintsha kumelwe zibhekwe njengezingaphenduki futhi ngaleyo ndlela ezingabufanelekele ubudlelwane bobuKristu. (Qhathanisa neyoku-1 Johane 2:19.) Abantu abanjalo abanakuvunyelwa ukuba bahlale ebandleni lobuKristu elihlanzekile futhi ngaleyo ndlela balingcolise. Kumelwe baxoshwe.
Ukufaneleka kokuxosha labo abenza izenzo ezimbi kungafanekiswa ngalesi simo esilandelayo: Ngenxa yokwanda kokuhlaselwa nobugebengu bobudlova kubafundi, ezinye izikole ziye zamukela inqubo ‘ebizela ukuxoshwa ngokuphelele kwabafundi abasebenzisa noma abasongela ngokusebenzisa izikhali,’ kubika i-Globe and Mail, iphephandaba laseToronto, eCanada. Lokhu kuxosha kwenzelwa ukuvikela abafundi abafuna ukuzuza esimisweni semfundo ngaphandle kokuba izisulu zezenzo zobudlova.
Kungani kuwukubonisa uthando ukuxosha umenzi wobubi ongaphenduki ebandleni? Ukwenza kanjalo kuwukubonakaliswa kothando ngoJehova nezindlela zakhe. (IHubo 97:10) Lesi senzo sibonisa uthando ngalabo abaphishekela inkambo yokulunga ngoba kususa phakathi kwabo lowo ongaba ithonya elibi kubo. Futhi kuvikela ubumsulwa bebandla. (1 Korinte 5:1-13) Uma ukuziphatha okubi okungathi sína noma ukungcoliswa okungokomoya kwakuvunyelwa ebandleni, lalizongcola futhi lingakufanelekeli ukwenzela uJehova, ongcwele, inkonzo engcwele. Ngaphezu kwalokho, ukuxoshwa komenzi wobubi kungamsiza abone ukungathi sína kwenkambo yakhe yokuphambuka, aphenduke, futhi enze izinguquko ezidingekayo futhi ngaleyo ndlela aphinde amukelwe ebandleni.
Ithonya Kwabanye
Lapho ilungu lebandla lenza isono esingathi sína, njengokuphinga, aliyijabulisi inhliziyo kaJehova. (IzAga 27:11) Noma yimuphi umKristu ovumela ukunqotshwa ukuziphatha okubi kobulili ngokuqinisekile akacabangi njengoba kwakucabanga uJosefa lapho umkaPotifari ezama ukumenza ukuba abe nobuhlobo bobulili naye. Ukusabela kukaJosefa kwaba ukuthi: “Ngingenza kanjani lobobubi obungaka, ngone kuNkulunkulu, na?” (Genesise 39:6-12) UJosefa wahlonipha izindinganiso ezingcwele zikaJehova futhi wabaleka. Ngakolunye uhlangothi, umuntu ophingayo ubonakala entula uthando olwanele ngoNkulunkulu ukuba lumvimbele ukuba anelise inkanuko yenyama yakhe.—Galathiya 5:19-21.
Umuntu obhapathiziwe owephula imiyalo kaNkulunkulu akabonisi kukhathalela ngomonakalo nobuhlungu ayobubangela izihlobo zakhe ezikholwayo. Igalelo elingokomzwelo likhulu kakhulu ukuba abanye bangalithwala. Ngemva kokuthola ukuthi indodana yakhe yayiziphethe kabi, omunye wesifazane ongumKristu wabubula: “Bambalwa kakhulu, uma bekhona, abazalwane nodade ababonakala beyiqonda indlela esilimele futhi sikhungatheke ngayo. . . . Sidabukile ezinhliziyweni.” Idumela elihle lomkhaya wonke lingase lingatshazwe. Ukucindezeleka nesilinganiso esithile somuzwa wokuba necala kungase kuhluphe amalungu omkhaya athembekile. Ngaleyo ndlela inkambo embi yomenzi wobubi ibangela umkhaya inhliziyo ebuhlungu.
Usizo Lothando Kumalungu Omkhaya
Amalungu angamaKristu athembekile emikhaya yabantu abaxoshiwe kudingeka akhumbule ukuthi ukususa ekuhlanganyeleni kuwukuboniswa kothando futhi kuyavikela. Kwenziwa yonke imizamo yokusiza umenzi wobubi. Kodwa uma ebonakala engamlaleli uNkulunkulu futhi ngenkani engaphenduki, kudingeka ukuba ibandla livikelwe futhi alinakwenza ngenye indlela kodwa kumelwe lenze njengoba kuqondisa iZwi likaNkulunkulu: “Susani umuntu omubi phakathi kwenu.” (1 Korinte 5:13) Njengoba omunye uFakazi asho, “ukususa ekuhlanganyeleni kuyindaba yokuthembeka kuJehova.”
Lapho ilungu lomkhaya lisuswa ekuhlanganyeleni, izihlobo ezingamaKristu zizwa ubuhlungu. Ngakho-ke abadala abamisiwe kufanele benze konke okusemandleni abo ukuze baziqabule ngokomoya. (1 Thesalonika 5:14) Abadala bangazithandazela futhi bathandaze nazo. Ngokuvamile lamaKristu athembekile angavakashelwa ukuze kuxoxwe nawo ngemiqondo engokomBhalo eyakhayo. Abelusi bomhlambi kufanele basebenzise wonke amathuba ukuze baqinise laba abathandekayo ngokomoya ngaphambi nangemva kwemihlangano yobuKristu. Isikhuthazo esengeziwe singase sinikezwe ngokuhamba nabo enkonzweni yasensimini. (Roma 1:11, 12) Abelusi abangokomoya kudingeka babonise lezi zinceku zikaJehova ezithembekile uthando nokunakekela okuzifanele.—1 Thesalonika 2:7, 8.
Inkambo yomuntu yesono ayisona isizathu sokunganaki noma ubani emkhayeni wakhe ohlala ethembekile kuJehova. INkosi embi yakwa-Israyeli uSawule yenqatshwa uJehova, kodwa uDavide akazange akuvumele lokhu ukuba kuthonye uthando lwakhe siqu lomzwelo ngendodana kaSawule uJonathani. Eqinisweni, isibopho esasiphakathi kukaDavide noJonathani saqina kakhulu. (1 Samuweli 15:22, 23; 18:1-3; 20:41) Ngakho bonke ebandleni kufanele babonise ukusekela nothando kumaKristu anezihlobo ezona kuJehova.
Yeka ukuthi bekungaba unya kanjani ukungabanaki noma ukungabi namusa kubantu abanjalo abathembekile! Amalungu omkhaya athembekile asidinga ngokukhethekile isikhuthazo. Angase azizwe ekhishwe inyumbazane futhi azithole esesimweni esinzima kakhulu. Mhlawumbe ungahlanganyela nawo igugu elithile elingokomoya noma uhlanganyele nawo okuhlangenwe nakho okwakhayo ngocingo. Uma umuntu oxoshiwe ephendula ucingo, mane ucele ukukhuluma nesihlobo esingumKristu. Ungase umemele amalungu akholekile akulowo mkhaya embuthwaneni wokuzijabulisa noma esidlweni emzini wakho. Uma uhlangana nawo lapho uyothenga, ungase usebenzise lelo thuba ukuze ube nobudlelwane obakhayo. Khumbula, amaKristu athembekile anezihlobo ezisusiwe ekuhlanganyeleni aseyingxenye yenhlangano kaJehova ehlanzekile. Kulula ukuwakhipha inyumbazane futhi angadumazeka. Ngakho-ke, kuphaphamele ukuwabonisa umusa nothando. Qhubeka wenza okuhle ‘kubo bonke labo ohlobene nabo okholweni.’—Galathiya 6:10.
Yazisa Ilungiselelo LikaJehova
Yeka indlela esingabonga ngayo ngokuthi uJehova uNkulunkulu ubonisa ukukhathalela kwesisa kumuntu ngamunye emkhayeni womhlaba wonke wabakhulekeli bakhe. Esebenzisa inhlangano yakhe, ngothando usenzele ilungiselelo lokusisiza ukuba sihambe phambi kwakhe ngendlela yokulunga. Ngisho noma ilungu lomkhaya lenza isono ngamabomu futhi kumelwe ukuba lixoshwe ebandleni, ikhona indlela yokubuya uma liphenduka ngempela. Lokhu kuboniswa isibonelo esilandelayo:
Abadala babezame ukusiza umuntu esizombiza ngokuthi u-Anna, kodwa waphendukela ekubhemeni, ekuphuzeni, nasekusebenziseni izidakamizwa. Akazange aphenduke futhi akazange ahlale ebandleni. Nokho, ngokushesha u-Anna waqala ukukhumbula ubudlelwane bothando bebandla likaJehova elihlanzekile futhi wathandazela usizo lwakhe. Uyavuma ukuthi wayengazange ayiqonde ngokugcwele indlela abadala ababakhathalela ngayo labo abaphambukayo. U-Anna waqala ukuya emihlanganweni futhi, okwaholela ekuphendukeni. Ngemva kwalokho, wamukelwa ebandleni elinothando nelivikelayo. U-Anna useyayilondoloza futhi indinganiso ephakeme kaJehova yokuziphatha. Uyabonga ngothando abadala abalubonisayo futhi uyaphawula: “Aninakuyiqonda indlela izincwadi zobuKristu eziye zaba usizo ngayo kimi. Ngempela uJehova uzinakekela kahle izidingo zethu.”
Yebo, uNkulunkulu ulungiselele indlela yokubuya yalabo abaye baxoshwa ebandleni kodwa kamuva baphenduka. Siye sabona ukuthi ngisho nokususa ekuhlanganyeleni ngokwakho kuyilungiselelo lothando. Kodwa yeka ukuthi kungcono kanjani ukukugwema lokhu okuhlangenwe nakho okubuhlungu ngokunamathela ngaso sonke isikhathi ezindleleni zokulunga zikaNkulunkulu wethu ongcwele! Kwangathi singaqhubeka sibonga ngelungelo lokudumisa uJehova njengengxenye yenhlangano yakhe ehlanzekile, enothando, nevikelayo.
[Isithombe ekhasini 26]
Ingabe uyazibonisa uthando izihlobo ezithembekile zalabo abaye baxoshwa ebandleni?