Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 7/15 kk. 21-24
  • Ungazinqoba Lezi Zithiyo!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungazinqoba Lezi Zithiyo!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Uyacikeka?
  • Ingabe Udikibaliswe Isibonelo Esibi?
  • Ingabe Ukuba UFakazi Kubonakala Kunzima Kakhulu?
  • Ukulondoloza Umfutho
  • Indlela UJehova Asihola Ngayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Intsha Ejabulayo Enkonzweni KaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ingabe UNkulunkulu Uza Kuqala Emkhayeni Wakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Kungani Kufanele Sihlangane Ndawonye?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 7/15 kk. 21-24

Ungazinqoba Lezi Zithiyo!

INDIZA enkulu ingase ithwale amakhulu abagibeli namathani amaningi emithwalo. Indiza esinda kangaka ingaphakama kanjani emhlabathini? Kalula nje, ngosizo lwamandla afukulayo.

Lapho indiza igijima emgwaqweni wayo, umoya udlula ngesivinini ngaphansi nangaphezulu kwamaphiko ayo agobile. Lokhu kubangela amandla akhuphulela phezulu abizwa ngokuthi amandla afukulayo. Lapho sekwakheke amandla afukulayo anele, indiza ingagqashula emandleni adonsela phansi bese indiza. Yebo, indiza ethwele ngokweqile ngeke ikwazi ukuthola amandla afukulayo anele ukuze intweze emoyeni.

Nathi futhi singase sithwale ngokweqile. Emakhulwini eminyaka amaningi adlule, iNkosi uDavide yathi ‘iziphambeko zayo zazinjengomthwalo owawuyisinda.’ (IHubo 38:4) Ngokufanayo, uJesu Kristu waxwayisa ngokusindwa yizinkathazo zokuphila. (Luka 21:34) Imicabango nemizwa ephambene ingasisinda kuze kube sezingeni lapho kubonakala kungenakwenzeka “ukuntweza emoyeni.” Ingabe usindwa ngaleyo ndlela? Noma ingabe uye wabhekana nesithiyo esithile ekuqhubekeni kwakho uthuthuka ngokomoya? Uma kunjalo, yini engase ibe wusizo?

Ingabe Uyacikeka?

Ukucikeka—isikhalo esivamile namuhla—kungaba yisithiyo sengqondo, ngisho nakwabanye abantu bakaJehova. Abasebasha ikakhulukazi bathambekele ekuzishayeni indiva izinto abazibheka njengezicikayo. Ingabe ngezinye izikhathi uzizwa kanjalo ngemihlangano yobuKristu? Uma kunjalo, yini ongayenza ukuze wenze ukuba khona kwakho emihlanganweni kube okushukumisayo?

Ukuhileleka kuyisihluthulelo. UPawulu wabhalela insizwa uThimothewu: “Ziqeqeshe unokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu njengomgomo wakho. Ngoba ukuqeqesha umzimba kunenzuzo encane; kodwa ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kunenzuzo ezintweni zonke, njengoba kunesithembiso sokuphila kwamanje nalokho okuzayo.” (1 Thimothewu 4:7, 8) Incwadi ekhuluma ngokuvivinya umzimba ibiyoba ecikayo nengabalulekile kakhulu uma singakwenzi ukuziqeqesha ekutusayo. Imihlangano yobuKristu iklanyelwe ukuqeqesha izingqondo zethu futhi iyokwenza lokho uma silungiselela futhi sihlanganyela. Lokhu kuhileleka kuyokwenza imihlangano ivuze futhi ithakazelise ngokwengeziwe.

Ngokuphathelene nalokhu, owesifazane osemusha ongumKristu obizwa ngokuthi uMara wathi: “Uma ngingayilungiseleli imihlangano, angiyijabuleli. Nokho, lapho ngiye ngalungiselela kusengaphambili, ingqondo nenhliziyo yami kuthambekela ekwamukeleni okwengeziwe. Imihlangano iba nenjongo ngokwengeziwe, futhi ngibheka phambili ekunikezeni izimpendulo.”

Ukufunda ukulalela nakho kuyosiza. Ukulalela umculo omnandi kulula futhi ngokushesha nje uyakujabulela. Kodwa akukhona konke ukwaneliseka okutholakala ngaleso sikhathi. Sithola ukwaneliseka esimisweni somhlangano kuphela lapho silalela ngokucophelela lokho okushiwoyo. UmKristu obizwa ngokuthi uRachel waphawula: “Lapho isikhulumi singenawo umdlandla, kudingeka ngigxilise ingqondo kakhulu. Isimiso sami siwukuthi, ‘Lapho inkulumo ingathakazelisi, kudingeka ngigxilise ukunakekela kakhudlwana.’ . . . Ngigxilisa ukunakekela ngokukhethekile emibhalweni, ngizama ukuzuza kuyo kakhulu ngangokunokwenzeka.” Kudingeka sizithibe, njengoRachel, ukuze silalele. Incwadi yezAga ithi: “Ndodana yami, lalela ukuhlakanipha kwami, ubeke indlebe yakho ekuqondeni kwami.”—IzAga 5:1.

Ukwaziswa okuthile okunikezwa emihlanganweni kungase kube okuphindaphindwayo ngandlela-thile. Kudingekile lokhu! Zonke izinceku zikaNkulunkulu ziyazidinga izikhumbuzo. Inyama engaphelele, ikanye nokuthambekela kwayo okungalawuleki nekhono lokukhumbula elibuthaka, idinga lonke usizo engaluthola. Umphostoli uPetru ‘wayethambekele ekukhumbuzeni amaKristu ayekanye nawo ngezinto ezithile, nakuba ayezazi futhi emi eqinile eqinisweni.’ (2 Petru 1:12) UJesu futhi wachaza ukuthi “wonke umfundisi wasobala . . . unjengomuntu‚ umninindlu‚ okhipha emtatsheni wakhe womcebo izinto ezintsha nezindala.” (Mathewu 13:52) Kanjalo, nakuba imihlangano yethu iveza imiqondo ejwayelekile engokomBhalo, noma ‘umcebo omdala,’ ngaso sonke isikhathi kuba ‘nomcebo omusha’ wokusijabulisa.

Ukuzimisela ukuzisebenzisa ngokugcwele izinzuzo ezinikezwa yimihlangano kungaphumela ekukhuthazekeni kwangempela ngokomoya. UJesu wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya [labo abayizinxibi zomoya].” (Mathewu 5:3, umbhalo waphansi we-NW) Isimo sengqondo esinjalo ngokudla okungokomoya okunempilo okunikezwa emihlanganweni siyokuqeda ukucikeka.—Mathewu 24:45-47.

Ingabe Udikibaliswe Isibonelo Esibi?

Ingabe uye wacasulwa ukuziphatha kothile ebandleni lakini? Mhlawumbe uye wazibuza, ‘Umzalwane angaziphatha kanjani kanjalo kodwa aqhubeke enokuma okuhle?’ Imicabango enjalo ingaba isithiyo sengqondo, isivimbele ekuboneni ukubaluleka kobungane obujabulisayo esingaba nabo nabantu bakaNkulunkulu.—IHubo 133:1.

Mhlawumbe amanye amalungu ebandla laseKolose ayenenkinga efanayo. UPawulu wawakhuthaza: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma noma ubani enesizathu sokukhononda ngomunye.” (Kolose 3:13) UPawulu waqaphela ukuthi kungenzeka ukuthi amanye amaKristu aseKolose ayeziphathe kabi ngakho kungenzeka abanye babenesizathu sangempela sokukhononda. Ngakho akufanele simangale ngokwedlulele lapho omunye wabafowethu noma odadewethu ngezinye izikhathi entula imfanelo ethile yobuKristu. UJesu wanikeza iseluleko esizwakalayo ngokuphathelene nokulungisa izinkinga ezingathi sína. (Mathewu 5:23, 24; 18:15-17) Kodwa esikhathini esiningi, singamane sikubekezelele ukulinganiselwa kwesikholwa nabo futhi sibathethelele. (1 Petru 4:8) Eqinisweni, indlela enjalo ingaba yinzuzo kithi nakwabanye. Kungani kunjalo?

“Ukuhlakanipha komuntu kubambezela intukuthelo yakhe; kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni,” kusho izAga 19:11. Yeka ukuthi kungcono kangakanani ukuthethelela kunokuvumela intukuthelo nokucasuka kukhule! USalvador, umdala owaziwa ngomoya wakhe wothando, wathi: “Lapho umzalwane engiphatha kabi noma esho okuthile okungabonisi musa, ngiyazibuza: ‘Ngingamsiza kanjani umfowethu? Ngingakugwema kanjani ukulahlekelwa ubuhlobo bethu obuyigugu?’ Ngaso sonke isikhathi ngiyaqaphela ukuthi kulula kangakanani ukusho into engafanele. Uma othile ekhuluma ngokungacabangi, ikhambi elingcono kakhulu bekungaba ukuba akusule lokho akushilo abese ephinda eqala phansi. Kodwa lokho akunakwenzeka, ngakho ngithatha inkambo elandelayo engcono kakhulu yokushaya indiva lokho akushilo. Ngivele ngikubheke njengokubangelwe ukungapheleli kunokuba ngikubheke njengokubonisa ubuntu bomfowethu bangempela.”

Ungase ube nomuzwa wokuthi kulula ukukusho lokhu kunokukwenza. Kodwa okuningi kuxhomeke endleleni esiqondisa ngayo ukucabanga kwethu. UPawulu waluleka: “Noma iziphi izinto ezithandekayo, . . . qhubekani nicabanga ngalezizinto.” (Filipi 4:8) Elithi “ezithandekayo” ngokwezwi nezwi lisho ukuthi “ezibangela ukusondelana ngokomzwelo.” UJehova ufuna sicabange ngalokho okuhle kubantu, sigxile kulokho okubangela ukusondelana ngokomzwelo kunokucasuka. Yena ngokwakhe usinika isibonelo esivelele ngokuphathelene nalokhu. Umhubi wasikhumbuza ngalokhu, ethi: “Uma wena-Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?”—IHubo 103:12; 130:3.

Yiqiniso, ngezinye izikhathi ukuziphatha komzalwane othile kungase kudumaze, kodwa iningi labakhulekeli abakanye nathi liyizibonelo ezinhle kakhulu zokuphila kobuKristu. Uma sikhumbula lokhu, njengoDavide siyokujabulela ‘ukubonga uJehova nokumdumisa esixukwini.’—IHubo 109:30.

Ingabe Ukuba UFakazi Kubonakala Kunzima Kakhulu?

Ngokudabukisayo, ngenxa yesinye isithiyo sengqondo, abanye abakaqali ukudumisa uJehova. Amadoda amaningi angebona oFakazi BakaJehova ondla imikhaya yawo ngokwethembeka futhi aze ngisho asekele omkawo enkonzweni yobuKristu. Anobungane futhi angase abe nesithakazelo ebandleni, kodwa ayazigodla ekubeni izinceku zikaNkulunkulu ezizinikezele. Yini ewabambayo?

Enye yezinkinga kungase kube ukuthi lamadoda abona ukuba matasa komkawo ngomsebenzi ongokwasezulwini abese eba nomuzwa wokuthi ukuba uFakazi kufuna okuningi kakhulu. Noma kungenzeka ukuthi asaba ukuthi awasoze akwazi ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela endlini ngendlu. Ngokombono wawo, imithwalo yemfanelo ibonakala ingaphezu kwezibusiso. Kungani enalesi sithiyo sengqondo? Iningi labafundi beBhayibheli lifunda futhi lisebenzise iqiniso kancane kancane. Kodwa ngokuvamile amadoda angakholwa aweve eyiqaphela imithwalo yemfanelo yobuKristu ngaphambi kokuba ashukunyiselwe ukuyamukela.

UManuel, owayekulesi simo, uyachaza: “Iminyaka engaba yishumi, ngangihamba nomkami ngiya emihlanganweni emikhulu nakweyebandla. Uma ngikhuluma iqiniso, ngangikhetha ukuba noFakazi kunokuba nabantu bezwe, futhi kwakungijabulisa ukubasiza lapho kusemandleni ami. Lwangihlaba umxhwele uthando olwaluphakathi kwabo. Kodwa umqondo wokuya endlini ngendlu wawuyisithiyo esikhulu kimi, futhi ngangisaba ukuthi engisebenza nabo babeyongihleka usulu.

“Umkami wayenesineke esikhulu kimi futhi akazange nanini azame ukungiphoqa ukuba ngifunde iBhayibheli. Yena kanye nezingane ‘babeshumayela’ ikakhulukazi ngesibonelo sabo esihle. UJosé, umdala webandla, waba nesithakazelo esikhethekile kimi. Ngicabanga ukuthi yisikhuthazo sakhe esangenza ukuba ekugcineni ngiqale ukufunda ngokuzimisela. Ngemva kokubhapathizwa, ngaqaphela ukuthi izithiyo zazisengqondweni yami. Lapho nje senginqume ukukhonza uJehova, ngathola usizo lwakhe ekubhekaneni nokwesaba kwami.”

Abafazi nabadala abangamaKristu bangawasiza kanjani amadoda anjengoManuel ukuba anqobe izithiyo zawo zengqondo? Isifundo seBhayibheli singase sakhe ukwazisa nesifiso sokwenza intando kaNkulunkulu. Ngempela, ulwazi olubanzi lwemiBhalo luyisisekelo sokubonisa ukholo nokuthembela ethembeni elingaphambili.—Roma 15:13.

Yini eyokhuthaza amadoda anjalo ukuba amukele isifundo seBhayibheli? Ngokuvamile, ukuba abangane nomzalwane onokuqonda ebandleni kungawasiza ukuba enze isinqumo. Mhlawumbe umdala noma omunye umzalwane onokuhlangenwe nakho angajwayelana nendoda. Lapho nje sekunobuhlobo obuhle, kungase kudingeke kuphela ukuba othile asikisele ukufunda nayo. (1 Korinte 9:19-23) Phakathi naleso sikhathi, umfazi ongumKristu onokuqonda angahlanganyela amaqashana angokomoya nomyeni wakhe ongakholwa, eqaphela ukuthi cishe ngeke asabele lapho ecindezelwa.—IzAga 19:14.

Njengoba uManuel afunda ngokuhlangenwe nakho, lapho umuntu ezuza amandla angokomoya, izithiyo ezinjengezintaba ziba njengeziduli zemvukuzane. UJehova uyabahlumelelisa labo abafisa ukumkhonza. (Isaya 40:29-31) Ngamandla kaNkulunkulu nangokusekela koFakazi abavuthiwe, izithiyo zingasuswa. Ngaleyo ndlela ukwesaba umsebenzi wendlu ngendlu nalabo esebenza nabo kungancipha, kuyilapho inkonzo yomphefumulo wonke iba ejabulisa ngokwengeziwe.—Isaya 51:12; Roma 10:10.

Ukulondoloza Umfutho

Ungazinqoba izithiyo ezinjengalezi ezintathu esiye sazicabangela. Lapho indiza isuka phansi, ngokuvamile kudingeka amandla amaningi kakhulu ezinjini nokugxilisa ingqondo ngokuphelele kweqembu lezisebenzi zendiza. Phakathi nokusuka kwayo, izinjini zidla uphethiloli omningi kunanoma inini phakathi nokundiza kwayo. Ngokufanayo, ukuze ugqashule emicabangweni nasemizweni ephambene kudingeka umzamo nokugxilisa ingqondo okukhulu kakhulu. Ukuqala ukwenza lokhu kungase kube isigaba esinzima kunazo zonke, kuyilapho intuthuko iba lula lapho usunomfutho.—Qhathanisa neyesi-2 Petru 1:10.

Umfutho wokuqhubekela phambili ulondolozwa ngokulalela isikhuthazo esingokomBhalo ngokushesha. (IHubo 119:60) Singaqiniseka ukuthi ibandla liyofuna ukusiza. (Galathiya 6:2) Nokho, okubaluleke kunakho konke ukusekela kukaJehova uNkulunkulu. Njengoba uDavide asho, “mayibongwe iNkosi. Iyasithwala imihla ngemihla.” (IHubo 68:19) Lapho sizethula imithwalo esindayo ngomthandazo, umthwalo wethu uba lula.

Ngezinye izikhathi, indiza ishiya indawo eguqubele nenethayo, idlule ongqimbeni lwamafu, futhi indizele esibhakabhakeni esigcwele ukukhanya kwelanga. Nathi futhi singayishiya ngemuva imicabango ephambene. Ngosizo lwaphezulu, ngomqondo ongokomfanekiso, singadlula ongqimbeni lwamafu, bese sithamela isimo esinenjabulo nesikhanya bhá, somkhaya kaJehova womhlaba wonke wabakhulekeli.

[Izithombe ekhasini 23]

Ngosizo lukaJehova, singazinqoba izithiyo zengqondo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela