Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 4/15 kk. 26-28
  • Intaba ‘Enyakazayo’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Intaba ‘Enyakazayo’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yamiswa Kudala Njengendawo Engcwele Yokuhanjelwa
  • Izici Zaloluhambo
  • Kungani Becaca?
  • Sashukunyiselwa Ukwazisa UMdali
  • Abazali Bangilahla—UNkulunkulu Wangithanda
    I-Phaphama!—2001
  • Ngagibela Intaba Enhle Kunazo Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Ukukhonza UJehova Entabeni Yakhe Engcwele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • AmaPilgrim Nokuzabalazela Kwawo Inkululeko
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 4/15 kk. 26-28

Intaba ‘Enyakazayo’

ENTSHONALANGA ye-Ireland, isimo esicijile esiyingqayizivele seCroagh Patrick siyakhanga phakathi kwezintaba ezizungezile. Unyaka ngamunye, ngeSonto lokugcina lika-July, isiqongo salentaba sibonakala sengathi siyanyakaza lapho abantu abangaba ngu-30 000, abancane nabadala ngokufanayo, becaca beya esiqongweni (esingamamitha angu-765) besohambweni oluya endaweni engcwele lwaminyaka yonke.

Ngalolusuku, abaya endaweni engcwele bayakhuphuka futhi behle endleleni ewumngcingo, emagebhugebhu, futhi, kwezinye izindawo, eyingozi. Eqinisweni, ummango osekugcineni (cishe ongamamitha angu-300) uwumqansa ngokudlulele futhi cishe wonke unamatshe angabambelele phansi, kanjalo kwenze ukucaca kube yingozi futhi kukuqede amandla.

Abanye bacaca bengazifakile izicathulo, futhi abanye baze baqedele ezinye izingxenye sebegaqa ngamadolo. Ezikhathini ezidlule, loluhambo oluya endaweni engcwele lwaluqala ebusuku kumnyama.

Kungani iCroagh Patrick iyisenzakalo esibalulekile kwabaningi kangaka?

Yamiswa Kudala Njengendawo Engcwele Yokuhanjelwa

Ngasekuqaleni kwekhulu lesihlanu C.E., iSonto LamaRoma Katolika lathumela uPatrick e-Ireland njengombhishobhi oyisithunywa sevangeli. Umgomo wakhe oyinhloko kwakuwukuguqulela abase-Ireland ebuKristwini, futhi phakathi neminyaka yakhe yokushumayela nokusebenza phakathi kwabantu, uPatrick udunyiswa ngokuthi wabeka isisekelo seSonto lamaKatolika lapho.

Umsebenzi wakhe wamyisa ezindaweni eziningana kulo lonke lelozwe. Enye yazo kwakusentshonalanga ye-Ireland, lapho, ngokweminye imithombo, achitha khona imini nobusuku obungu-40 esiqongweni sentaba eyaze yaqanjwa ngaye—ngokuthi iCroagh Patrick (okusho ukuthi “iGquma LikaPatrick”). Lapho wazila ukudla futhi wathandazela ukuba umsebenzi wakhe uphumelele.

Eminyakeni eminingi eyalandela kuye kwavela izinganekwane eziningi ngokuphathelene nezenzo zakhe zobuqhawe. Enye yezidume kakhulu iwukuthi lapho esekuleyontaba, uPatrick waxosha zonke izinyoka e-Ireland.

Ukulandisa kugomela ngokuthi wakha isonto elincane kulesosiqongo. Nakuba sekuphele isikhathi eside lesosakhiwo singasekho, isisekelo sokuqala sisekhona, futhi lendawo kanye nentaba bekulokhu kuyindawo engcwele yokuhanjelwa eminyakeni eminingi.

Izici Zaloluhambo

Kumuntu osekhulile noma ongakujwayele ukucaca izintaba, ukuluqeda nje loluhambo oluwumqansa olungamakhilomitha amahlanu futhi ehle ngokuphephile kuyimpumelelo ngokwako.

Endleleni, ezindaweni ezibucayi, kunamaqembu anakekela izimo eziphuthumayo ahlala ekulungele ukubhekana nokulimala okuhlukahlukene.

Kunezindawo ezintathu, noma iziteshi, endleleni lapho izihambeli zendawo engcwele zenza khona imigidingo yokuzisola ehlukahlukene. Lemigidingo ichazwe ngokugcwele ebhodini lezaziso elisekuqaleni kwalokhu kucaca.—Bheka ibhokisi.

Kungani Becaca?

Kungani abaningi kangaka bethatha loluhambo oluya endaweni engcwele oluwumshikashika? Kungani abanye bezikhandla kangaka lapho becaca?

Phela, abanye bakholelwa ukuthi ngokuthandaza phakathi naloluhambo, izicelo zabo zenzuzo yomuntu siqu ngokunokwenzeka ziyophendulwa. Abanye bakwenza ngoba befuna ukuthethelelwa ngenxa yokwenza okuthile okubi. Kwabanye, lena indlela yokubonisa ukubonga. Ngokuqinisekile, abaningi bayela ukuyozijabulisa nje. Esinye isiphathimandla sathi ‘kwakuwukubonakaliswa kokuba nomoya womphakathi nothando ngawo.’ Sathi futhi ukucaca iCroagh Patrick “kwakuyindlela yabo yokulandela ezinyathelweni zikaSt. Patrick neyokuqaphela lokho abamkweleta khona ekukholweni.” Sanezela ukuthi, okubaluleke kakhulu, ukucaca ‘kuyindlela yokuzihlawulisa ngoba ukuzikhandla okungokomzimba okuhilelekile kuyisenzo sokuzisola sangempela. Ukucaca kancane kancane uze uyofika phezulu kuyisenzo sokuzisola ngokudabuka esithatha isikhathi eside.’

Enye indoda yasho ngokuziqhenya ukuthi yayisicace izikhathi ezingu-25! Yathi yakwenza ukuze ‘ithi ukuzihlawulisa kancane!’ Enye indoda yakuchaza kalula nje yathi, “Uma into ingebuhlungu, ayizuzisi!”

Nakuba kungadingekile, abaningi bacaca lentaba bengazifakile izicathulo. Bakwenzelani lokho? Okokuqala, babheka umhlabathi ‘njengongcwele’ ngakho-ke bakhumula izicathulo zabo. Okwesibili, kuvumelana nenjongo yabo ‘yokuzihlawulisa kancane.’ Lokhu futhi kunikeza isizathu sokuthi kungani abanye baze benze lemigidingo yaseziteshini begaqa ngamadolo.

Sashukunyiselwa Ukwazisa UMdali

Kodwa kuthiwani uma othile engenayo imizwa engokwenkolo efana neyezihambeli ezicaca ngosuku olukhethekile? Uma isimo sezulu sisihle futhi unezicathulo eziqinile, ungayicaca noma ngasiphi isikhathi lentaba. Thina asicacanga ngosuku lapho izixuku zezihambeli zikhuphuka. Phakathi namakhefu ethu okuphumula ayemaningi, sasicabanga ngokucaca ngokwako nethonya okuye kwaba nalo kwabaningi kangaka. Sibona ngeso lengqondo izinkulungwane zezihambeli zendawo engcwele zicaca kanzima futhi zenza nemigidingo yokuzisola ehlukahlukene, sazizwa sishukunyiselwa ukuba sizibuze, ‘Ingabe yilokhu uNkulunkulu akufunayo? Ingabe isiko lokucaca noma ukuzungeza izikhumbuzo ezithile kube kuphindaphindwa imithandazo eyimilolozelo liyamsondeza ngempela umuntu kuNkulunkulu?’ Kuthiwani ngeseluleko sikaJesu esiphathelene nemithandazo ephindaphindwayo esikuMathewu 6:6, 7?

Ngokuqinisekile, asiyicacanga lentaba ukuze sibe nokuhlangenwe nakho okungokwenkolo. Nakuba kunjalo, sazizwa sisondelene ngokwengeziwe noMdali wethu ngoba sakwazi ukwazisa indalo yakhe, njengoba noma kuphi izintaba ziyingxenye yezimangaliso zomhlaba. Sisesiqongweni sasikwazi ukubuka ukwakheka kwezwe okuhle singaphazamiseki, saze sabona ngisho nogu lwe-Atlantic Ocean. Ngakolunye uhlangothi, iziqhingi ezincane ezibenyezelayo ezazingezansi kwethu zazihluke ngokucacile endaweni enezintaba emagebhugebhu newugwadule engakolunye uhlangothi.

Sacabanga ngeziteshi ezintathu. Sakhumbula amazwi kaJesu uqobo, lapho etshela abalandeli bakhe beqiniso: “Lapho uthandaza, ungaphindaphindi izinto ezifanayo, njengoba nje kwenza abantu bezizwe, ngoba bacabanga ukuthi bayothola ukuzwiwa ngokusebenzisa kwabo amazwi amaningi.”—Mathewu 6:7.

Saqaphela ukuthi lentaba yayisiyingxenye yomkhuba oye wabophela izinkulungwane zabantu esikweni elikhandlayo. Sacabanga ngendlela lokho okwakuphambene ngayo nenkululeko umphostoli uJohane akhuluma ngayo lapho ethi: “Sigcine imiyalo yakhe [kaNkulunkulu]; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo osindayo.”—1 Johane 5:3.

Sakujabulela ukushaywa kwethu umoya, kuhlanganise nokucaca iCroagh Patrick. Kwasishukumisela ukuba sibheke phambili esikhathini lapho sonke isintu siyokhululwa emasikweni angewona angokweBhayibheli futhi sikwazi ukukhulekela uMdali womhlaba onothando “ngomoya nangeqiniso.”—Johane 4:24.

[Ibhokisi ekhasini 27]

Izici Ezivelele Zaloluhambo

Zonke izihambeli zendawo engcwele ezikhuphuka intaba ngoSuku LukaSt. Patrick noma phakathi nezinsuku eziyisishiyagalombili ezilandelayo, noma ngasiphi isikhathi phakathi nezinyanga zika-June, u-July, u-August no-September, futhi ZITHANDAZE NGAPHAKATHI NOMA EDUZE KWESONTO zithandazela izinhloso zikaPapa zingathola ukuthethelelwa kwezono ngokuphelele ngombandela wokuya ekuVumeni Izono naseSidlweni Esingcwele eSiqongweni noma phakathi nesonto.

IZITESHI EZINGOKWESIKO

Kukhona “iziteshi” ezintathu (1) Ekuqaleni kwentaba noma iLeacht Benain, (2) Esiqongweni, (3) IRoilig Muire, eyibangana lapho wehla intaba ngasohlangothini [olungasedolobheni] laseLecanvey.

Isiteshi Sokuqala–ILEACHT BENAIN

Isihambeli sizungeza indunduma yamatshe kasikhombisa sisho oBaba Wethu abangu-7, oMariya Ocwebileyo abangu-7 nesiVumo Sokholo esisodwa

Isiteshi Sesibili–ISIQONGO

(a) Isihambeli siyaguqa sisho oBaba Wethu abangu-7, oMariya Ocwebileyo abangu-7 nesiVumo Sokholo esisodwa

(b) Isihambeli sithandazela izinhloso zikaPapa eduze kweSonto

(c) Isihambeli sizungeza iSonto izikhathi ezingu-15 sisho oBaba Wethu abangu-15, oMariya Ocwebileyo abangu-15 nesiVumo Sokholo esisodwa

(d) Isihambeli sizungeza iLeaba Phadraig [umbhede kaPatrick] izikhathi ezingu-7 sisho oBaba Wethu abangu-7, oMariya Ocwebileyo abangu-7 nesiVumo Sokholo esisodwa

Isiteshi Sesithathu–IROILIG MUIRE

Isihambeli sizungeza indunduma yamatshe ngayinye izikhathi ezingu-7 sisho oBaba Wethu abangu-7, oMariya Ocwebileyo abangu-7 nesiVumo Sokholo esisodwa kuleyo naleyo ndunduma [kunezintathu] bese sigcina ngokuzungeza konke okubiyelwe eRoilig Muire izikhathi ezingu-7 sithandaza.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela