Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 4/15 k. 29
  • “Ukuthengisa Usawoti” EMozambique

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ukuthengisa Usawoti” EMozambique
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 4/15 k. 29

“Ukuthengisa Usawoti” EMozambique

UFRANCISCO COANA, ilungu lekomiti yezwe yaseMozambique, wachitha iminyaka eyishumi ‘esemakamu okuguqulwa.’ Ulandisa okuhlangenwe nakho kwakhe: “Ngangazi ukuthi sasizohlala isikhathi esithile lapha, ngakho ngabuza umbonisi wesifunda ukuthi ngangingaqhubeka yini njengephayona elivamile. Kodwa ngangingakwazi kanjani ukunikela isikhathi esanele enkonzweni yasobala, njengoba cishe wonke umuntu emakamu ayengomunye woFakazi BakaJehova? Ngathi ngangizophuma ngiye eMilange, idolobha eliqhele ngamakhilomitha angu-47, ukuze ngithole abantu engangizobashumayeza.

“Nakuba sasingavunyelwe ngokomthetho ukuphuma ekamu, kwakungananyathelwa ngokuqinile kulomthetho. Ngiyakhumbula ngingena ehlathini, ngiguqa, futhi ngithandaza ukuze ngithole indlela yokushumayela kubantu bendawo. Ngokushesha uJehova waphendula.

“Ngathintana nendoda eyayinebhayisekili, futhi ngenza isivumelwano nayo. Yavuma ukuthi uma ngangingayihlakulela insimu yayo engamahektare ayizingxenye ezintathu kwezine ngaphambi kokuba kufike izimvula, yayizongiholela ngalelibhayisekili. Ngakho zonke izinsuku ekuseni ngangihlakula amasimu ayo. UJehova walibusisa lelilungiselelo, njengoba ngalithola ibhayisekili lami ekugcineni.

“Umphumela waba ukuthi ngakwazi ukufika edolobheni elikhulu laseMilange futhi ngaqhuba ubuphayona bami ngokuphumelelayo kulensimu ethelayo. Njengoba umsebenzi wethu wawungaphansi kokuvinjelwa, kwadingeka ukuba ngakhe icebo lokwethula iqiniso kubantu. Njengoba izincwadi nomagazini ngikushutheké ngaphansi kwehembe, ngangiphatha usawoti ngesikhwama ngibe semsebenzini wokuthengisa usawoti. Esikhundleni sokuwuthengisa ngama-metical angu-5, ngangibiza ama-metical angu-15. (Uma wawushibhe kakhulu, abantu babezowuthenga wonke, bese ngingabe ngisaba nasawoti wokuwusebenzisa ekushumayeleni!) Izingxoxo zami zazithi azibe njengalena:

“‘Sawubona! Namuhla ngithengisa usawoti.’

“‘Imalini?’

“‘Ama-metical angu-15.’

“‘Hhayi, cha. Ubiza kakhulu!’

“‘Yebo, ngiyavuma uyabiza. Kodwa uma ucabanga ukuthi uyabiza manje, ake ulinde nje isikhashana ngoba usazobiza kakhulu esikhathini esizayo. Ubuwazi yini ukuthi lokhu kwabikezelwa eBhayibhelini?’

“‘Angikaze ngikufunde lokho eBhayibhelini lami.’

“‘Yebo, kukhona. Ake ulethe iBhayibheli lakho, ngikubonise.’

“Ngalokho kwakungalandela ingxoxo ngisebenzisa iBhayibheli lakhe, ngakho elami lalingahlala lishuthekwe ngaphansi kwehembe. Ngangibhekisela kusAmbulo isahluko 6, ngokuphathelene nezimo ezibucayi nokuntuleka kokudla. Uma ngibona ukusabela okuhle, ngangikhipha incwadi ethi Iqiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade noma ethi Izindaba Ezinhle Zokukwenza Uthokoze futhi ngiqale isifundo seBhayibheli esihlelekile.

“Umphumela waba ukuthi ngakwazi ukuqala iqembu labathakazelayo abangu-15 eMilange. Kodwa akubanga isikhathi eside ngaphambi kokuba iziphathimandla zisithole. Ngolunye usuku lapho ngisaqhuba isifundo seBhayibheli, kwatheleka amaphoyisa asibopha. Sonke, kuhlanganise nezingane ezincane zalowomkhaya, sayiswa ejele lendawo. Ngemva kokuchitha inyanga silapho, sonke saphinde sabuyiselwa emuva ekamu.”

Lokhu okuhlangenwe nakho akuzange kuyinciphise intshiseko yabafowethu. Ngokuphambene, uFrancisco nomkhaya wakhe, kanye nezinkulungwane zabafowabo ababekulawomakamu, manje bakhulekela futhi bashumayela ngaphansi kwezimo zenkululeko eMozambique.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela