Iyiphi Inzuzo Engalethwa Ukuxoxa Ngenkolo?
ABAZALI balindela ngokulangazela amazwi okuqala ashiwo umntwana wabo. Lapho bezwa ukuphindaphindwa kohlamvu lwezwi phakathi nokubhibhidla, mhlawumbe okunjengokuthi “Mama” noma “Papa,” izinhliziyo zabo zichichima injabulo. Ngokushesha bahlanganyela izindaba zalokhu nabangane nomakhelwane. Ukukhuluma kokuqala komntwana kuyizindaba ezinhle ngempela eziletha injabulo.
Imisindo, imibono, nephunga okutholwa yizinzwa ezincane zomntwana kubangela ukusabela okuthile. Yiqiniso, ukusabela kuyehlukahluka. Kodwa uma ngemva kwesikhathi esithile, usana luhluleka ukusabela kulokhu kushukunyiselwa esenzweni, abazali bangakhathazeka ngokufanelekile ngokuthi ukukhula kwengane yabo kungase kukhubazeke.
Abantwana basabela kahle kubantu ababaziyo. Lapho umama edlalisa umntwana, ngokuvamile umamatheka kakhulu. Nokho, ukuthintwa isihlobo esivakashile kungamkhalisa, kubangele ngisho nokwenqaba ngenkani ukuphathwa yilowomuntu. Izihlobo eziningi ezihlangabezana nalokhu azililahli ithemba. Njengoba umntwana eqala ukuzazi kangcono, ziyajabula ngoba imigoqo yokungajwayeleki iyaphela, futhi ukumamatheka komntwana kuqala ukubonakala.
Ngokufanayo, abantu abadala abaningi bayakungabaza ukuxoxa ngezinkolelo zabo ngokukhululekile nothile abangakajwayelani naye isikhathi eside. Bangase bangaqondi ukuthi kungani isihambi singase sifune ukukhuluma ngendaba yomuntu siqu—inkolo. Umphumela uba ukuthi bavumela ukuba kube nomgoqo phakathi kwabo nalabo abakhuluma ngoMdali. Baze benqabe ngisho nokuxoxa ngalokho, empeleni, okuyisici esingokwemvelo sesintu, isifiso sokukhulekela.
Empeleni, kufanele sibe nesithakazelo ekufundeni ngoMdali wethu, futhi ukuxoxa nabanye kungasibeka esimweni sokuba sifunde. Lokhu kunjalo ngenxa yokuthi sekuyisikhathi eside uNkulunkulu ekhulumisana nabantu. Ake sibone ukuthi kanjani.
‘Yizwa Futhi Ufunde’
Ukukhulumisana kokuqala kukaNkulunkulu nomuntu kwakuyilapho ekhuluma no-Adamu ensimini yase-Edene. Nokho, ngemva kokuba u-Adamu no-Eva bonile, bakhetha ukucasha lapho uNkulunkulu ebabiza, lapho efuna ukuqhubeka ekhulumisana nabo. (Genesise 3:8-13) Nokho, iBhayibheli lilandisa ngamadoda nabesifazane abakwamukela ukukhulumisana noNkulunkulu.
UNkulunkulu wakhulumisana noNowa ngokubhujiswa okwakusondela kwezwe elibi losuku lwakhe, lapho uNowa aba khona “umshumayeli wokulunga.” (2 Petru 2:5) Njengomkhulumeli kaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, uNowa akazange nje abonise ukholo ekusebenzelaneni kukaNkulunkulu nomuntu kodwa wabuye wamemezela obala ukuthi wayesohlangothini lukaJehova. Ikuphi ukusabela uNowa akuphawula? Ngokudabukisayo, abaningi ayephila nabo “abanakanga kwaze kwafika isikhukhula, sabakhukhula bonke.” (Mathewu 24:37-39) Kodwa okusijabulisayo ukuthi amalungu omkhaya kaNowa angu-7 alalela, alalela iziyalezo zikaNkulunkulu, futhi asinda eSikhukhuleni sembulunga yonke. Bonke abantu abaphilayo namuhla bavela kuwo.
Kamuva, uNkulunkulu wakhulumisana naso sonke isizwe sabantu, u-Israyeli wasendulo. NgoMose, uNkulunkulu wasinika iMiyalo Eyishumi neminye imithetho ecishe ibe ngu-600 ebopha ngokulinganayo. UJehova wayelindele ukuba ama-Israyeli ayilalele yonke. UMose wanikeza isiqondiso sokuba njalo eminyakeni engu-7, phakathi noMkhosi Wamadokodo waminyaka yonke, uMthetho kaNkulunkulu kwakumelwe ufundwe ngokuzwakalayo. “Butha abantu,” eyala, “amadoda, nabesifazane, nabantwana, nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho.” Ngayiphi injongo? “Ukuba bezwe, bafunde, bamesabe uJehova uNkulunkulu wakho, baqaphele ukuwenza onke amazwi alomthetho.” Bonke kwakumelwe bezwe futhi bafunde. Cabanga indlela okumelwe ukuba bakujabulela ngayo ukuxoxa ngalokho ababekuzwile!—Duteronomi 31:10-12.
Eminyakeni engaphezu kwamakhulu amahlanu kamuva, inkosi yakwaJuda uJehoshafati yahlela izikhulu namaLevi emkhankasweni wokuvuselela ukukhulekelwa kukaJehova okumsulwa. Lamadoda ayihamba yonke imizi yakwaJuda efundisa izakhamuzi imithetho kaJehova. Ngokwenza ukuba kuxoxwe ngalemithetho obala, lenkosi yabonisa isibindi sayo ngokukhulekela kweqiniso. Izikhonzi zayo, kwakumelwe zizwe futhi zifunde.—2 IziKronike 17:1-6, 9.
Ukufakaza Ngokuxoxa
UNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe uqobo, uJesu, emhlabeni ukuba izokhonza njengoMkhulumeli waKhe. (Johane 1:14) Njengoba abafundi abathathu babebona uJesu eguqulwa isimo phambi kwabo, bezwa izwi likaNkulunkulu uqobo limemezela: “Lena iNdodana yami, ethandekayo, engiyamukele; yilaleleni.” (Mathewu 17:5) Balalela ngaphandle kokunqikaza.
Ngokufanayo, uJesu wanikeza abaphostoli bakhe isiqondiso sokuba bamemezele izinjongo zikaNkulunkulu kwabanye. Kodwa lapho sekusele izinyanga ezingaba yisithupha kuphela zenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wakwenza kwaziwa ukuthi umsebenzi wokushumayela ngoMbuso wamazulu wawumkhulu kangangokuthi kwakuzodingeka abafundi abengeziwe. Wafundisa abangu-70 babo indlela yokuxoxa nabantu abangabazi ngoMbuso kaNkulunkulu futhi kamuva wabathuma ukuba basakaze lesosigijimi obala. (Luka 10:1, 2, 9) Ngokushesha ngaphambi kokuba aphindele kuYise ezulwini, uJesu wanxusa abalandeli bakhe ukuba bathathe isinyathelo kuqala sokukhuluma kwabanye ngalesisigijimi, eze ngisho ebayala: “Hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo.” (Mathewu 28:19, 20) Emhlabeni wonke, amaKristu eqiniso namuhla afeza lokho kuthunywa ngokuxoxa nomakhelwane bawo ngezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Lezizingxoxo ziwenza akwazi ukufakazela iqiniso ngoMdali, uJehova.—Mathewu 24:14.
Izingxoxo Ezinokuthula, Ezakhayo
Kungayiphi indlela abafundi bakaJesu okwakufanele baxoxe ngayo nabanye ngezinkolelo zabo? Kwakungafanele bacasule abaphikisi, noma baphikisane nabo. Kunalokho, kwakufanele bafune labo abamukela izindaba ezinhle bese bebanikeza ubufakazi obungokomBhalo obusekela lezozindaba. Yiqiniso, uNkulunkulu wayekuqaphela ukusabela kwalabo ababethintana nabafundi beNdodana yakhe, njengoba nje uJesu amemezela: “Lowo onamukelayo uyangamukela nami futhi, nalowo ongamukelayo wamukela nalowo owangithuma futhi.” (Mathewu 10:40) Yeka ukuthi kwakuwukunganaki okungakanani lapho abantu ababephila esikhathini sikaJesu benqaba isigijimi sakhe!
“Isigqila seNkosi akudingeki silwe,” kweluleka umphostoli uPawulu ongumKristu. Kunalokho, “kudingeka sibe mnene kubo bonke, sifanelekela ukufundisa, sizigcina sizibambile ngaphansi kobubi, sibayala ngobumnene labo abangenaso isimo sengqondo esihle; njengoba mhlawumbe uNkulunkulu engase abanike ukuphenduka okuholela olwazini olunembile lweqiniso.” (2 Thimothewu 2:24, 25) Indlela uPawulu amemezela ngayo izindaba ezinhle kubantu base-Athene, eGrisi, isinika isibonelo esihle. Wabonisana namaJuda esinagogeni lawo. Nsuku zonke wayekhuluma “nalabo okwakwenzeka ukuba babe khona” esigcawini. Nakuba ngokungangabazeki abanye babekuthanda ukulalela imibono emisha, uPawulu wakhuluma ngokuqondile nangendlela yomusa. Waxoxa nezilaleli zakhe ngesigijimi sikaNkulunkulu, esasizikhuthaza ukuba ziphenduke. Ukusabela kwazo kwakufana kakhulu nokwabantu namuhla. “Abanye baqala ukuhleka insini, kuyilapho abanye bethi: ‘Sizokuzwa ngalokhu ngisho nangesinye isikhathi.’” UPawulu akazange aphikelele ngokwelula ingxoxo yakhe. Njengoba ayeseshumayele isigijimi sakhe, “waphuma phakathi kwabo.”—IzEnzo 17:16-34.
Kamuva, uPawulu watshela amalungu ebandla lobuKristu e-Efesu ukuthi ‘wayengagodlanga ukubatshela noma yini ezintweni ezinembuyiselo nokubafundisa obala nasendlini ngendlu.’ Ngaphezu kwalokho, ‘wayexoxe ngokuphelele kokubili kumaJuda nakumaGreki ngokuphendukela kuNkulunkulu nokholo eNkosini yethu uJesu Kristu.’—IzEnzo 20:20, 21.
Lezizibonelo ezingokomBhalo zembula indlela izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile ezikhathini zeBhayibheli ezazixoxa ngayo ngenkolo. Ngakho namuhla, oFakazi BakaJehova ngokulalela baxoxa ngenkolo nomakhelwane babo.
Izingxoxo Ezifeza Okuningi
‘Yizwa iZwi likaNkulunkulu.’ ‘Lalela imiyalo yakhe.’ Yeka ukuthi izikhuthazo ezinjalo zivela izikhathi eziningi kangakanani eBhayibhelini! Ungasabela kuleziziqondiso zeBhayibheli esikhathini esizayo lapho oFakazi BakaJehova bekhuluma nawe. Lalela isigijimi esivela eBhayibhelini abakulethela sona. Lesisigijimi asisona esezombangazwe kodwa simelela uhulumeni kaNkulunkulu wasezulwini, uMbuso wakhe. Lena indlela kaNkulunkulu yokuqeda izimbangela zezingxabano zosuku lwanamuhla. (Daniyeli 2:44) Ngemva kwalokho lokhu kubusa kukaNkulunkulu okuvela ezulwini kuyohlela ukuba umhlaba wonke uguqulelwe ekubeni ipharadesi elifana nensimu yase-Edene.
Owayengumseshi wamaphoyisa wayenqaba njalo ukulalela lapho oFakazi BakaJehova bekhuluma naye ngeBhayibheli. Kodwa ngenxa yokwanda kobugebengu okwakudingeka abhekane nakho, amaqiniso okuphila amenza wasanguluka. Ngakho watshela uFakazi olandelayo owamvakashela ukuthi wayezobuhlola ubufakazi besigijimi seBhayibheli. Kwaphumela ezingxoxweni zasikhathi sonke. Nakuba leliphoyisa lalithutha njalo, oFakazi babelifuna ngenjabulo endaweni ngayinye entsha elalihlala kuyo ukuze baqhubeke nezingxoxo. Ekugcineni lesisikhulu savuma: “Ubufakazi ebengibufuna bebulokhu bukhona khona kanye emiBhalweni Engcwele. Ukube laboFakazi abazange baphikelele ekukhulumeni nami, ngabe ngisesezweni ngizibuza ukuthi iyini injongo yokuphila. Iqiniso liwukuthi sengilifundile iqiniso, futhi kukho konke ukuphila kwami ngiyohlala ngithungatha labo abafuna uNkulunkulu njengoba nami ngangenza.”
Abantu abezwayo abathakazelayo ngobuqotho bafuna ukwazi okwengeziwe. Balindele ngokufanelekile izizathu zezinkolelo ezinikezwayo. (1 Petru 3:15) Njengoba nje nengane encane ibelesela abazali bayo ngemibuzo futhi ilindele ukuba basabele, nawe kufanelekile ukuba ulindele oFakazi bakunike izimpendulo ezinengqondo. Ungaqiniseka ngokuthi bayobuya ngenjabulo futhi baqhubeke bexoxa nawe ngesigijimi seBhayibheli.
Mhlawumbe kukhona okuncane osukwazi kakade ngeBhayibheli. Ungase uqaphele ukuthi lokho uNkulunkulu akulindele kuwe kuhlanganisa ukwenza izinguquko ezithile endleleni ophila ngayo. Ungangabazi ukulungisa izindaba ngenxa yokwesaba ukuthi izimfuneko zikaNkulunkulu ziyosho ukuzidela okukhulu. Ziyomane zikulethele injabulo yangempela. Uyokuqaphela lokhu njengoba uthuthuka kancane kancane.
Okokuqala, cabangela lokho uJehova ayikho, lokho akulindele kuwe, nalokho akunikezayo. Cela oFakazi bakubonise lokho iBhayibheli elikushoyo ngalokhu. Hlola lokho abakushoyo ekhophini yakho siqu yeBhayibheli. Ukwazi ukuthi oFakazi abeqisi kulokho abakuletha njengeqiniso ngenkolo, ngokungangabazeki kuyokushukumisela ekubeni ufune ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngezinto ezinhle ezisemiBhalweni abangazihlanganyela nawe.—IzAga 27:17.
Uyamukelwa ukuba ubabheke oFakazi endaweni yabo yokuhlangana yangakini, iHholo LoMbuso. Lapho uyozwa izingxoxo ezizuzisayo zeZwi likaNkulunkulu. Uyobona indlela labo ababakhona abakujabulela ngayo ukukhuluma omunye nomunye ngezinjongo zikaNkulunkulu. Vumela laboFakazi bakusize ufunde iqiniso ngentando kaNkulunkulu ngathi namuhla. Sabela esimemweni sikaNkulunkulu sokuxoxa ngokukhulekela kweqiniso futhi wamukeleke kuyena, uthole ngisho nokuphila okuphakade ePharadesi.—Malaki 3:16; Johane 17:3.
[Isithombe ekhasini 5]
UNowa wakhuluma obala ngenjongo kaNkulunkulu
[Izithombe ekhasini 7]
Njengoba kwenza uPawulu kwabase-Athene yasendulo, oFakazi BakaJehova bafundisa abanye amaqiniso eBhayibheli