Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 4/1 k. 9
  • Ukushumayela Enkathini Enezinkinga

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukushumayela Enkathini Enezinkinga
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izibhedlela—Lapho Uyisiguli
    I-Phaphama!—1991
  • Ungalokothi Ukhohlwe Ukuthi UnguFakazi!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ingxenye 4—Ofakazi Kuze Kube Sekugcineni Komhlaba
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • Ingxenye 2​—Sebenzisa Wonke Amathuba Okufakaza
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 4/1 k. 9

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Ukushumayela Enkathini Enezinkinga

UMPHOSTOLI uPawulu wabikezela ukuthi “ezinsukwini zokugcina [kwakuyofika] izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” (2 Thimothewu 3:1) Yeka ukuthi lawomazwi aye abonakala enembe kangakanani! Sekuyisikhathi eside abantu base-El Salvador eMelika Ephakathi bebhekene naleliqiniso elibuhlungu. Iminyaka engaphezu kweshumi, lelozwe lalibishe empini yombango eyalethela izinkulungwane eziningi usizi nokufa. Manje impi isiphelile, kodwa usizi lusasele. Ubugebengu buye banda kakhulu ngemva kwempi. Muva nje omunye umsakazi wethelevishini wakulendawo uthé: “Ubudlova nokuphanga sekuyisinkwa sethu sansuku zonke.”

OFakazi BakaJehova baye bathinteka nabo kuleligagasi lobugebengu. Abagqekezi baye bagqekeza emaHholo OMbuso amaningi bantshontsha imishini ye-sound. Ezikhathini eziningana amaviyo entsha ehlomile aye atheleka emaHholo OMbuso imihlangano yobuKristu iqhubeka, antshontsha imali, amawashi nezinye izinto eziyigugu kulabo abakhona. Lapho besemisebenzini yabo yansuku zonke, oFakazi abaningana baye babulawa abaphangi.

Naphezu kwalezizithiyo, oFakazi BakaJehova e-El Salvador bayaqhubeka besebenza ngokuzikhandla ekushumayeleni izindaba ezinhle. Benza lokhu belalela lomyalo ongokomBhalo: “Izindaba ezinhle kumelwe zishunyayelwe ezizweni zonke kuqala.” (Marku 13:10) Kusenabaningi kulelizwe abalangazelela ithemba loMbuso iBhayibheli elilinikezayo, futhi oFakazi bazama ukufinyelela omunye nomunye wabo. Ukufakaza ngokwethukela kubonakala kuyindlela yokushumayela ephumelelayo.

Njengoba ayelashwa esibhedlela, omunye uFakazi wasebenzisa wonke amathuba ukuze akhulume nezinye iziguli ngezithembiso zikaNkulunkulu zekusasa, njengoba zitholakala eBhayibhelini. Esinye isiguli esasibangwa nezibi sazikhalela ngokudabukisayo sithi: “Masinyane nje ngizofa!” Kodwa umbono walesisiguli ofiphele awuzange umdumaze loFakazi ekuhlanganyeleni naso izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Kunalokho, wafundela lendoda ngokuzwakalayo incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, enyatheliswa oFakazi BakaJehova. Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, loFakazi waphuma esibhedlela, edabukile ecabanga ukuthi lendoda yayisocansini lokufa.

Eminyakeni emine kamuva loFakazi kwadingeka athole ukwelashwa kwesinye isibhedlela. Njengoba ayelapho, kweza isiguli esithile kuye sathi: “Usangikhumbula?” Kwakuyileyandoda ayehlangane nayo eminyakeni emine edlule, lendoda okwakucatshangwa ukuthi iyafa! Yeka isimangaliso esijabulisayo lapho lendoda imsingatha futhi ithi: “Nami sengingomunye woFakazi BakaJehova manje!” Lendoda yayilamukele ithemba leBhayibheli lekusasa, yafunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, futhi yanikezela ukuphila kwayo kuJehova. Yayingeyena uFakazi nje kuphela kodwa yayikade isihlanganyele enkonzweni yesikhathi esigcwele njengephayona elivamile cishe iminyaka emibili.

Kulendaba, imbewu yeqiniso eyayihlwanyelwe ngokwethukela yafinyelela inhliziyo esabelayo. Lelilungelo lokusiza abantu bafinyelele olwazini lweqiniso lishukumisela amaKristu ukuba aqhubeke nomsebenzi wokushumayela naphezu ‘kwalezizikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela