Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 3/15 k. 32
  • Lifanelwe Imalini IBhayibheli?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lifanelwe Imalini IBhayibheli?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 3/15 k. 32

Lifanelwe Imalini IBhayibheli?

UMTAPO Wezincwadi WaseBrithani muva nje uvumile ukukhokha cishe u-R5 800 000 ukuze uthole ikhophi yenguqulo yesiNgisi kaWilliam Tyndale yemiBhalo YamaKristu YesiGreki. Njengoba yanyatheliswa eminyakeni engu-468 edlule, iwukuphela kohlelo lokuqala oluphelele lweBhayibheli likaTyndale olwasinda emizamweni enamandla yokulubhubhisa. LeliBhayibheli liye laboniswa umphakathi eLondon.

IBhayibheli likaTyndale lathengwa eBristol Baptist College eNgilandi, lapho beligcinwe khona kusukela ngo-1784. UDkt. Roger Hayden, isekela likasihlalo wekomiti yalelikolishi, wathi: “Lena incwadi yobufakazi yesizwe, yesiko neyobuKristu ebaluleke kakhulu futhi besifuna ifinyeleleke kabanzi ngokwengeziwe, njengoba siye sayigcina emakamelweni aphephile.”

Emakhulwini eminyaka iBhayibheli lalitholakala ikakhulukazi ngesiLatini futhi kungabefundisi nesigaba esikhethekile sabafundile kuphela ababengalifunda. NjengoJohn Wycliffe wangaphambi kwakhe, uTyndale wayefuna ukwenza ukuba kutholakale iBhayibheli elalingase lifundwe liqondwe yibo bonke. Wake wathi kumfundisi othile owayemphikisa: ‘Uma uNkulunkulu elondoloza ukuphila kwami iminyaka eminingi, ngiyokwenza ukuba umfana obamba igeja azi imiBhalo kangcono kakhulu kunawe.’

Lona kwakuwumsebenzi oyingozi, njengoba abefundisi babephikisa ngonya noma yimuphi umzamo wokwenza imiBhalo itholakale kubantu abavamile. Ngenxa yalokho, uTyndale wabaleka eNgilandi waya eJalimane. Lapho wahumusha “iTestamente Elisha” elisusela esiGrekini sokuqala. Amakhophi angaba ngu-3 000 anyatheliswa futhi angeniswa ngesinyenyela eNgilandi. Umbhishobhi waseLondon wathenga wonke amakhophi ayengawathola wayesewashisa obala egcekeni lesonto laseSt. Paul. Ekugcineni, uTyndale wabanjwa, kwaqulwa icala lakhe, watholakala enecala lobumbuka. Ngo-1536 waklinywa futhi washiswa esigxotsheni. Yeka ukuthi kuthakazelisa kanjani ukuthi iBhayibheli elalizondwa kangaka abefundisi manje selibiza kangaka!

OFakazi BakaJehova bazama ngobuqotho ukudlulisela ulwazi oluqondile lweBhayibheli kulabo abalufunayo. Ngaphandle kokunyathelisa nokusakaza ezinye izinguqulo, besusela ezilimini zokuqala baye benza inguqulo yeBhayibheli lilonke enembile futhi efundeka kalula. Ngo-1995 bese kunyatheliswe amakhophi ale-New World Translation of the Holy Scriptures angaphezu kuka-74 000 000 ngezilimi ezingu-12. Yiqiniso, ukubaluleka kwangempela kwanoma yiliphi iBhayibheli yisigijimi salo esinika ukuphila.

[Isithombe ekhasini 32]

UWilliam Tyndale

[Umthombo]

From an old engraving in the Bibliothèque Nationale

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela