Kwazise Ukuphila Okuyikho
INGABE lokhu kuphila ukuphela kwakho? Ngokusikhuthaza ukuba ‘sibambe ukuphila okuyikho,’ iBhayibheli libonisa ukuthi kunokwengeziwe. (1 Thimothewu 6:17-19) Uma ukuphila kwethu kwamanje kungekhona ukuphila okuyikho, ikuphi-ke okuyikho?
Umongo walombhalo ongenhla ubonisa ukuthi ‘kuwukuphila okuphakade’ lokho umuntu owesaba uNkulunkulu okufanele abambelele kukho. (1 Thimothewu 6:12) Kwabaningi, lokhu kusho ukuphila okuphakade emhlabeni. U-Adamu, umuntu wokuqala emhlabeni, wayenethemba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi. (Genesise 1:26, 27) Wayeyokufa kuphela uma ‘ayengadla emthini wokwazi okuhle nokubi.’ (Genesise 2:17) Kodwa ngenxa yokuthi u-Adamu nomkakhe, u-Eva, ngokungalaleli badla kulowomuthi, uNkulunkulu wabagwebela ukufa. ‘Ngamhla bedla kuwo,’ bafa ngokombono kaNkulunkulu futhi imizimba yabo yaqala ukuwohlokela ekufeni. Ukuphila kwabo kwakungasekho ezingeni lokuphila ababekujabulela ekuqaleni.
Indlela Eya ‘Ekuphileni Okuyikho’
Ukuze enze “ukuphila okuyikho” kube okungokoqobo, uJehova uNkulunkulu wenze ilungiselelo lokukhulula isintu. Ukuze sisizakale ekuqondeni lelilungiselelo, ake sicabange ngefektri encane. Yonke imishini ekuyo inephutha futhi ibangela abayisebenzisayo izinkinga ngenxa yokuthi eminyakeni eminingi edlule isisebenzi sokuqala asizange siyinake incwadi yeziyalezo zokuyisebenzisa futhi saphula yonke imishini. Labo abayisebenzisayo namuhla bangamane benze okusemandleni abo ukuze basebenze ngalokho abanakho. Umnini-fektri ufuna ukuyilungisa lemishini ukuze asize izisebenzi zakhe, futhi ubekela eceleni izimali ezidingekayo ukuze afeze leyonjongo.
Umuntu wokuqala ‘owasebenzisa umshini,’ u-Adamu, akazange akwazise uku-phila ayekunikiwe. Ngakho, wadlulisela enzalweni yakhe ukuphila okungaphelele, okufana nomshini ongasebenzi kahle. (Roma 5:12) Njengabasebenzisi bemishini bamuva efektri, abangenakukwazi ukulungisa isimo, inzalo ka-Adamu ayizange ikwazi ukuzitholela ngokwayo ukuphila okuyikho. (IHubo 49:7) Ukuze alungise lesisimo esingabonisi themba, uJehova wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa emhlabeni ukuba izothengela isintu ukuphila okuphakade. (Luka 1:35; 1 Petru 1:18, 19) Ngokufa ukufa komhlatshelo ngenxa yesintu, iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa, uJesu Kristu, yakhokha inani—ukuphila okulingana nalokho u-Adamu akulahla. (Mathewu 20:28; 1 Petru 2:22) Ngalomhlatshelo oyigugu, manje uJehova usenesisekelo sokunikeza ukuphila okuyikho.
Umhlatshelo wesihlengo sikaJesu uyosho ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi ngesintu esilalelayo. (IHubo 37:29) Lelithemba lidluliselwa kubo bonke abasinda “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke,” okubhekiselwa kukho ngokuthi iHarmagedoni. (IsAmbulo 16:14-16) Iyoqothula bonke ububi emhlabeni. (IHubo 37:9-11) Labo abasenkumbulweni kaNkulunkulu abafa ngaphambi kwalesosikhathi bayovuselwa ePharadesi elibuyiselwe emhlabeni futhi bayoba nethemba lokujabulela ukuphila okuyikho okugcinelwe bonke abalalela uNkulunkulu.—Johane 5:28, 29.
Kudingeka Sikwazise Ukuphila Kwethu Kwamanje
Lokhu akusho ukuthi kufanele singabunaki ubungcwele bokuphila kwethu kwamanje. Ingabe umnini-fektri angachitha isikhathi nemali elungisa umshini ewulungisela isisebenzi esingawunakekeli? Kunalokho, ingabe umqashi ubengenakunikeza lomshini olungisiwe umuntu oye wenza okungcono kakhulu ekulondolozeni umshini omdala?
Ukuphila kuyisipho esiyigugu esivela kuJehova. Njengomthombo omuhle walesosipho, ufuna sisazise. (IHubo 36:9; Jakobe 1:17) Ekhuluma ngokukhathalela kukaJehova abantu emhlabeni, uJesu wathi: “Nezinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke.” (Luka 12:7) UJehova wayala ama-Israyeli ukuba angabulali, ngokuzenzekelayo okwahlanganisa nokungazibulali. (Eksodusi 20:13) Lokhu kusisiza ukuba singabheki ukuzibulala njengento esingayikhetha.
Ngenxa yokwazi ukuthi uJehova unesithakazelo sothando enhlalakahleni yethu, abantu abesaba uNkulunkulu basebenzisa izimiso zeBhayibheli ekunqumeni ukufaneleka kwemikhuba yanamuhla. Ngokwesibonelo, ngenxa yokuthi kulindeleke ukuba amaKristu eqiniso ‘azihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, aphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu,’ awalokothi athinte ugwayi nezidakamizwa ezidunga ingqondo.—2 Korinte 7:1.
Isithakazelo sikaNkulunkulu ekuphileni kwabantu siphinde sibonakale esiyalweni sakhe sokulondoloza “inhliziyo ezolileyo” nokugwema ukuziphatha okubi. (IzAga 14:30; Galathiya 5:19-21) Ngokunamathela kulezizindinganiso eziphakeme, sivikeleka ezintweni ezifana nentukuthelo elimaza impilo nezifo ezithathelwana ngobulili.
Ukukhathalela kukaJehova ukuphila kwabantu bakhe kubonakala nasesixwayisweni sakhe sokugwema ukuminza nokuphuza ngokweqile. (Duteronomi 21:18-21; IzAga 23:20, 21) AmaKristu axwayiswa ngokuthi iziminzi nezidakwa aziyikulidla ifa loMbuso kaNkulunkulu, okungukuthi, azisoze zakujabulela ukuphila okuyikho. (1 Korinte 6:9, 10; 1 Petru 4:3) Ngokukhuthaza ukulinganisela, uJehova usifundisa ukuba sizizuzise.—Isaya 48:17.
Lapho sivumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu, sibonisa ukuthi siyakwazisa ukuphila kwethu kwamanje. Yiqiniso, kwamanje ukuphila okuyikho kubaluleke nakakhulu. Njengoba kungokwaphakade, amaKristu eqiniso akubheka njengokubaluleke ngaphezu kokuphila kwawo kwamanje. Lapho uJesu Kristu enikela ngokuphila kwakhe, wazithoba entandweni kaJehova. Ukulalela uYise kuye kwakusho okungaphezu kokuphila kwakhe lapha emhlabeni. Inkambo kaJesu yaphumela ekuvusweni kwakhe nasekwamukeleni ukuphila okungenakufa ezulwini. (Roma 6:9) Ukufa kwakhe kusho futhi ukuphila okuphakade esintwini esilalelayo esibonisa ukholo emhlatshelweni wesihlengo sakhe.—Heberu 5:8, 9; 12:2.
Umthetho Obalulekile Ngegazi
Kuyaqondakala ukuthi abalandeli bakaJesu babonakalisa indlela yakhe yokucabanga. Bafuna ukujabulisa uNkulunkulu kuzo zonke izinto, njengoba nje noKristu enza. Ngenxa yalokho, lokhu kuyisizathu sokuba benqabe ukumpontshelwa igazi, lelo abanye odokotela abathi lisindisa ukuphila. Ake sibone indlela umuntu abonisa ngayo ukuthi uyakwazisa ukuphila okuyikho ngokwenqaba ukumpontshelwa igazi.
NjengoJesu Kristu, amaKristu eqiniso afisa ukuphila ngokombono kaNkulunkulu, futhi lokho kubizela ukumlalela okuphelele. IZwi likaNkulunkulu liyala abalandeli bakaKristu: “Niyeke okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe.” (IzEnzo 15:28, 29) Kungani lomthetho ophathelene negazi wahlanganiswa nemiyalo ebophayo kumaKristu?
UMthetho owanikwa ama-Israyeli wawufuna ukuba ahlukane negazi. (Levitikusi 17:13, 14) AmaKristu awekho ngaphansi koMthetho kaMose. Kodwa ayaqaphela ukuthi umyalo wokungalidli igazi wawuwandulele uMthetho; wawuke wanikwa uNowa ngaphambili ngemva kukaZamcolo. (Genesise 9:3, 4; Kolose 2:13, 14) Lomyalo wasebenza kuyo yonke inzalo kaNowa, okuvela kuyo zonke izizwe zomhlaba. (Genesise 10:32) Ngaphezu kwalokho, uMthetho kaMose usisiza ukuba sibone isizathu sokuba uNkulunkulu agcizelele ubungcwele begazi. Ngemva kokwenqabela ama-Israyeli ukuba adle noma yiliphi igazi, uNkulunkulu wathi: “Umphefumulo womzimba usegazini; ngimniké lona ealtare ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana, lokhu kuyigazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo.” (Levitikusi 17:11) UNkulunkulu walondoloza igazi ukuze lisetshenziswe emihlatshelweni phezu kwe-altare. Umthetho wakhe ngobungcwele begazi wembula igunya analo phezu kwakho konke ukuphila emhlabeni. (Hezekeli 18:4; IsAmbulo 4:11) Njengoba sibuka ukuphila kwethu ngombono kaJehova, siqaphela ukuthi akukhona okwethu kodwa uNkulunkulu usiphathise khona.
Njengoba nje osebenzisa umshini emfanekisweni wethu ayenomthwalo wemfanelo ngomshini, nathi siphathiswe ukuphila kwethu kwamanje. Ubuyokwenzenjani ukube umshini wakho ubufuna ukulungiswa futhi umakhenika esikisela ukuwulungisa ngokusebenzisa izingxenye ezenqatshelwe ngokucacile encwadini yeziyalezo zokuwusebenzisa? Ubungeke yini uthintane nabanye omakhenika ukuze ubone ukuthi awunakulungiswa yini ngokuvumelana neziyalezo ezisencwadini? Ukuphila komuntu kubaluleke futhi kuyinkimbinkimbi nakakhulu kunomshini. EZwini lakhe eliphefumulelwe, incwadi egcina abantu bephila, uMenzi wethu uyakwenqabela ukusetshenziswa kwegazi ngenjongo yokulondoloza ukuphila. (Duteronomi 32:46, 47; Filipi 2:16) Akunangqondo yini ukunamathela ezimfunekweni zaleyoncwadi?
Ngempela, iziguli ezingamaKristu ezicela ukusingathwa kwesimo sa-zo ngenye indlela yokwelapha engalisebenzisi igazi azikwenqabi konke ukwelashwa. Zimane nje zicela ukwelashwa okuyobonisa inhlonipho ngokuphila kwazo—okwamanje nokwesikhathi esizayo. Odokotela abakuhlonipha ngesibindi ukuma okuthathwa amaKristu banikeza ubufakazi bezinzuzo zokubelapha ngokuvumelana nesicelo sabo. “Ukuhlangana noFakazi BakaJehova kungiholele ekubeni ngibe ne-zindinganiso ezintsha,” kusho omunye udokotela ohlinzayo owayevame ukulisebenza kakhulu igazi. Manje usezama ukwelapha ngisho nabangebona oFakazi ngaphandle kwegazi.
Ukwazisa Ukuphila Okuyikho
Ziyini lezizindinganiso ezintsha lodokotela ohlinzayo azithola ngokwelapha oFakazi BakaJehova? Manje useyaqaphela ukuthi ukwelapha isiguli akuhileli ingxenye yomzimba egulayo kuphela kodwa kuhilela umuntu wonke. Akufanele yini isiguli sivunyelwe ukuba sicele ukunakekelwa okungcono kunakho konke ngenxa yenhlalakahle yaso engokomzimba, engokomoya, nengokomzwelo?
KuKumiko oneminyaka engu-15 ubudala, ukumpontshelwa igazi ukuze kwelashwe i-leukemia ebulalayo kwakuwukukhetha okubi kakhulu okwakungenziwa. Ukuzama ukwelula ukuphila kwakhe ngalendlela ngamasonto ambalwa, izinyanga, noma ngisho neminyaka kwakungasho lutho uma kuqhathaniswa nalokho okwakuhilelekile ekuphileni kwakhe kwesikhathi eside. Njengoba enikezele ukuphila kwakhe kuJehova uNkulunkulu njengomunye woFakazi bakhe, wabuhlonipha ubungcwele bokuphila negazi. Nakuba uyise nezinye izihlobo zamelana ngokuqinile nokuma kwakhe, uKumiko wama eqinile. Udokotela wakhe wake wambuza: “Uma uNkulunkulu wakho ekuthethelela ukwehluleka okuthile, ubengenakukuthethelela yini uma wamukele ukumpontshelwa igazi?” UKumiko wenqaba ukuyekethisa futhi ngaleyondlela alahle inkolelo esekelwe eBhayibhelini. ‘Ebambelela ezwini lokuphila,’ wama eqinile. (Filipi 2:16) Kunjengoba ugogo wakhe ongakholwa asho, “uKumiko wayengenakululahla ukholo lwakhe.” Ngokushesha isimo sengqondo sikayise nogogo wakhe abaphikisayo kanye nodokotela ababemelapha sashintsha.
Ukholo oluqinile lukaKumiko kuJehova uNkulunkulu, ongamvusa kwabafile, lwashukumisa abantu abaningi. Lapho esaphila, wanxusa uyise: “Ngisho noma ngingafa, ngizovuswa ePharadesi. Kodwa uma ubhujiswa eHarmagedoni, ngeke ngikubone. Ngakho ngicela utadishe iBhayibheli.” Uyise wayehlale ethi: “Uma usuphila, ngizolitadisha.” Kodwa lapho uKumiko efa ngenxa yokugula okuphikelelayo, uyise wafaka ebhokisini lakhe lomngcwabo umbhalo othi: “Ngizokubona ePharadesi, Kumiko.” Ngemva kwenkonzo yomngcwabo, wakhuluma nalabo ababeze kulenkonzo futhi wathi: “Ngithembise uKumiko ukuthi ngizombona ePharadesi. Nakuba ngingakakukholelwa ukuthi kuyoba njalo njengoba ngingakatadishi ngokwanele, ngizimisele ukukuhlolisisa. Ngicela ningisize.” Abanye emkhayeni wakubo kaKumiko nabo baqala ukutadisha iBhayibheli.
UKumiko wayekuhlonipha ngempela ukuphila futhi ekufuna. Wakwazisa konke odokotela bakhe abakwenza ukuze basindise ukuphila kwakhe kwamanje. Nokho, ngokuvumelana neziyalezo ezisencwadini yoMdali, wabonisa ukuthi wayekwazisa ukuphila okuyikho. Ngezigidi, lokho kuyoba ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. Ingabe uyoba phakathi kwazo?