Kuyigugu Kangakanani Ukuphila Kuwe?
UMFANA oweve eshumini nambili wagxuma esuka esitezi sesi-8 sesakhiwo sokuhlala futhi wafa. Wayefunde incwadi eyayichaza ukufa ngokugxuma uye phansi ‘njengokungenabuhlungu noma okungakwenzi ungakhululeki noma okungesabeki; kunalokho, okukwenza uzizwe kahle.’ Umlobi walencwadi, eyanyatheliswa eJapane, wathi wayemane echaza ukuthi “ukuzibulala kungenye yezinto ongayikhetha ekuphileni.”
Abantu abazibulalayo ababona ukuphela kwabantu ababonisa ukungabi nandaba nokuphila namuhla. Abashayeli abanganaki nabo babonisa inhlonipho encane kakhulu ngokuphila. Abanye baze ngisho bashayele bephuzile, abaningi bagijime kakhulu bezimbela igodi.
Abanye babonisa indlela abangakwazisi ngayo ukuphila kwabo ngokugcizelela ukubaluleka kwenjabulo. Ababhemayo bayenqaba ukuyeka ugwayi, nakuba ukubhema kungabangela ukufa futhi kuye kwabizwa ngokuthi ukuzibulala kancane kancane. Esikhundleni sokulondoloza ubumsulwa kulelizwe elihlanyiswa ubulili, abaningi baphishekela inkambo yokuziphatha okuxekethile ngokuvamile eholela ekufeni.
Ngisho bengaqaphele, abanye baziphuca iminyaka ethile yokuphila ngokuminza, ukuphuza ngokweqile, ukungawuvivinyi ngokwanele umzimba, nokufuna injabulo. Umlobi waseJapane uShinya Nishimaru waxwayisa: “Imikhuba engalawuliwe yokudla iyakuphazamisa ukusebenza komzimba, futhi ukuphishekela ukunethezeka nenjabulo kuphela kuqeda umdlandla.” Abanye banombono ofanayo nowalabo bezikhathi zasendulo abathi: “Masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.”—Isaya 22:13; 1 Korinte 15:32.
Yebo, ukungakunaki ukuphila kwandile namuhla. Ngenxa yalokho, kungase kubuzwe ngokufanelekile, Kuyigugu kangakanani ukuphila kuwe? Ingabe ukuphila kufanele kulondolozwe kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani? Futhi kukhona yini okunye okubaluleke ngaphezu kokuphila kwethu kwamanje?