Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 10/15 kk. 12-15
  • Kungenzeka Yini Ukuthi UJesu Wayenokholo KuNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungenzeka Yini Ukuthi UJesu Wayenokholo KuNkulunkulu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Wenza Imithandazo Ngaphandle Kokholo?
  • ‘Umphelelisi Wokukholwa Kwethu’ Uyapheleliswa
  • Akazange Yini Alikholelwe IZwi LikaNkulunkulu?
  • UJesu, Isibonelo Sokholo Sokulingiswa
  • Bonisa Ukholo Olusekelwe Eqinisweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Bonisa Ukholo Lwakho Ezithembisweni ZikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Unalo Ngempela Ukholo Ezindabeni Ezinhle?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • “Ngisize Lapho Ngidinga Khona Ukholo!”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 10/15 kk. 12-15

Kungenzeka Yini Ukuthi UJesu Wayenokholo KuNkulunkulu?

Inkinga Yabakholelwa KuZiqu-zintathu

“KUNGENZEKA kanjani ukuthi uJesu wayenokholo? UnguNkulunkulu; wazi futhi ubona konke ngaphandle kwesidingo sokuba athembele kunoma ubani. Phela ukholo luhilela ukwethembela ngokuqondile kothile nokwamukela izinto ezingenakubonwa njengeziyiqiniso; ngakho-ke, ukuthi uJesu onguNkulunkulu wayenokholo kuyenqatshwa.”

Ngokwesazi semfundiso yenkolo saseFrance uJacques Guillet, lowo umbono obusayo enkolweni yobuKatolika. Ingabe lencazelo iyakumangaza? Kungenzeka ukuthi wake wacabanga ukuthi njengoba uJesu eyisibonelo samaKristu ezintweni zonke, kumelwe futhi abe yisibonelo sokholo. Uma ubucabanga kanjalo, awuzange uyicabangele imfundiso engenakuphikiswa yeLobukholwa kaZiqu-zintathu.

Ngempela indaba yokholo lukaJesu iyimfihlakalo ezazini zemfundiso yenkolo ezingamaKatolika, amaProthestani, nama-Orthodox ezikholelwa kuZiqu-zintathu “njengemfihlakalo ewumgogodla yokholo nokuphila kobuKristu.”a Nokho, akubona bonke abenqaba ukholo lukaJesu. UJacques Guillet uyaqinisekisa ukuthi “akunakwenzeka ukuba umuntu angaqapheli ukuthi uJesu wayenokholo,” nakuba uGuillet ekuvuma lokho, ngokuphathelene nemfundiso kaZiqu-zintathu, “kuyindida.”

UmJesuit waseFrance uJean Galot, kanye nezazi zemfundiso yenkolo eziningi ezifana naye, ukubeka ngokukhanyayo ukuthi njengoba “enguNkulunkulu weqiniso nomuntu weqiniso, . . . uKristu akanakukholelwa kuye ngokwakhe.” “Ukholo luhilela ukukholelwa komunye, hhayi ukukholelwa komuntu kuye ngokwakhe,” kuphawula incwadi i-Civiltà Cattolica. Khona-ke, isithiyo ekuqapheleni ukholo lukaJesu imfundiso engenakuphikiswa kaZiqu-zintathu, njengoba ngokusobala lemibono emibili iphikisana.

“AmaVangeli awalokothi akhulume ngokholo lukaJesu,” kusho izazi zemfundiso yenkolo. Eqinisweni, amagama asetshenziswa emiBhalweni YamaKristu YesiGreki elithi pi·steuʹo (kholwa, yiba nokholo) nelithi piʹstis (ukholo) ngokuvamile abhekisela okholweni lwabafundi kuNkulunkulu noma kuKristu, kunokuba abhekisele okholweni lukaJesu kuYise wasezulwini. Ingabe-ke kufanele siphethe ngokuthi iNdodana kaNkulunkulu ayizange ibe nalo ukholo? Yini esingayiqonda kulokho akwenza nakusho? Ithini imiBhalo?

Ingabe Wenza Imithandazo Ngaphandle Kokholo?

UJesu wayeyindoda ethandazayo. Wayethandaza ngezikhathi zonke—lapho ebhapathizwa (Luka 3:21); ubusuku bonke ngaphambi kokuba akhethe abaphostoli bakhe abangu-12 (Luka 6:12, 13); nangaphambi kokuguqulwa kwesimo sakhe ngokuyisimangaliso entabeni, lapho enabaphostoli uPetru, uJohane, noJakobe. (Luka 9:28, 29) Wayethandaza lapho omunye wabafundi emcela: “Sifundise ukukhuleka,” ngakho wabafundisa uMthandazo WeNkosi (othi “Baba wethu”). (Luka 11:1-4; Mathewu 6:9-13) Wathandaza eyedwa futhi isikhathi eside ekuseni ngovivi (Marku 1:35-39); kusihlwa, entabeni, ngemva kokuvalelisa abafundi bakhe (Marku 6:45, 46); ekanye nabafundi bakhe wabuye wabathandazela. (Luka 22:32; Johane 17:1-26) Yebo, umthandazo wawuyingxenye ebalulekile yokuphila kukaJesu.

Wayethandaza ngaphambi kokuba enze izimangaliso, ngokwesibonelo, ngaphambi kokuvusa umngane wakhe uLazaru wathi: “Baba, ngiyakubonga ngokuba ungizwile. Bengazi mina ukuthi ungizwa njalo, kodwa ngenxa yesixuku esingiphahlileyo ngishilo lokho, ukuze bakholwe ukuthi nguwena ongithumileyo.” (Johane 11:41, 42) Ukuqiniseka ngokuthi uYise wayezowuphendula lowomthandazo kubonisa amandla okholo lwakhe. Lokhu kuhlobana phakathi komthandazo oya kuNkulunkulu nokholo kuYe kubonakala kulokho uKristu akusho kubaphostoli bakhe: “Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba-nakho.”—Marku 11:24.

Uma uJesu ayengenalo ukholo, kungani athandaza kuNkulunkulu? Imfundiso yeLobukholwa kaZiqu-zintathu engasekelwe ngokombhalo, yokuthi uJesu wayengumuntu ngesikhathi esifanayo enguNkulunkulu, ifiphaza isigijimi seBhayibheli. Ivimbela abantu ekuqondeni ukuba lula nokuba namandla kweBhayibheli. Ubani lendoda uJesu ayenxusa kuyo usizo nokusekelwa? Nguye ngokwakhe? Wayengazi yini ukuthi unguNkulunkulu? Uma ayenguNkulunkulu futhi ekwazi lokho, kungani athandaza?

Imithandazo uJesu ayenza ngosuku lokugcina lokuphila kwakhe kwasemhlabeni isenza siluqonde ngokujule nakakhulu ukholo lwakhe oluqinile kuYise wasezulwini. Ebonisa ithemba nokulindela ngokuqiniseka, wanxusa: “Manje-ke ngikhazimulise wena-Baba kuwe uqobo ngenkazimulo ebenginayo ngikuwe, izwe lingakabikho.”—Johane 17:5.

Njengoba ayazi ukuthi uvivinyo lwakhe olunzima kakhulu nokufa kwakhe kwakuseduze, ngobusuku ayesensimini yaseGetsemane ngabo eNtabeni yemiNqumo, “waqala ukuba-nomunyu nosizi,” futhi wathi: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube-sekufeni.” (Mathewu 26:36-38) Khona-ke waguqa futhi wathandaza: “Baba, uma uthanda, susa lesisitsha kimi; nokho makungenziwa intando yami kodwa eyakho.” Khona-ke “kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa.” UNkulunkulu wawulalela umthandazo wakhe. Ngenxa yokucindezeleka kwakhe okungokomzwelo nobunzima bovivinyo, “izithukuthuku zakhe zaba-njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.”—Luka 22:42-44.

Yini eboniswa ukuhlupheka kukaJesu, isidingo sakhe sokuqiniswa, nokunxusa kwakhe? “Yinye into eqinisekile,” kubhala uJacques Guillet, “uJesu wathandaza, futhi umthandazo uyisici esibalulekile sokuphila kwakhe nezenzo zakhe. Wathandaza njengoba abantu bethandaza, futhi wathandazela abantu. Manje, imithandazo yabantu ayamukeleki ngaphandle kokholo. Ingabe imithandazo kaJesu ibiyokwamukeleka ngaphandle kokholo?”

Lapho elenga esigxotsheni sokuhlushwa ngokushesha ngaphambi kokufa kwakhe, uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, ecaphuna ihubo likaDavide. Khona-ke, ngokholo, ngezwi elikhulu, wenza ukunxusa kokugcina: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” (Luka 23:46; Mathewu 27:46) Enye inguqulo yesiNtaliyane ehlanganisa izinkolo eziningi, i-Parola del Signore, ithi uJesu ‘wanikela ukuphila kwakhe’ kuYise.

UJacques Guillet uthi: “Ngokusibonisa uKristu ebethelwe, ekhala kuYise ecaphuna amahubo akwa-Israyeli, abalobi bamaVangeli bayasiqinisekisa ukuthi lokho kukhala, ukukhala kokuwukuphela kweNdodana ezelwe yodwa, ukukhala kosizi olukhulu, ukukhala kokuba nethemba eligcwele, kuwukukhala kokholo, ukukhala kokufa unokholo.”

Zibhekene nalobubufakazi obucacile nobusobala bokholo, ezinye izazi zemfundiso yenkolo zizama ukwenza umehluko phakathi kokholo “nethemba.” Nokho, umehluko onjalo awusekelwe emiBhalweni.

Kodwa loluvivinyo olunzima uJesu alubekezelela lwembulani ngempela ngokholo lwakhe?

‘Umphelelisi Wokukholwa Kwethu’ Uyapheleliswa

Esahlukweni sika-11 sencwadi yakhe eyayiya kumaHeberu, umphostoli uPawulu uphawula ifu elikhulu lamadoda nabesifazane abathembekile bangezikhathi zangaphambi kobuKristu. Uyaphetha, ebhekisela esibonelweni esikhulu kunazo zonke nesiphelele sokholo: “Sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala [isigxobo sokuhlushwa, NW] engalinaki ihlazo, . . . Mqondeni yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali, niphele amandla emiphefumulweni yenu.”—Heberu 12:1-3.

Izazi zemfundiso yenkolo eziningi zithi lelivesi alikhulumi “ngokholo lukaJesu” kodwa kunalokho, likhuluma ngendima yakhe “njengomqalisi noma umsunguli wokholo.” Igama lesiGreki elithi te·lei·o·teś elivela kulenkulumo libhekisela kothile ophelelisayo, oqaphela noma aqedele okuthile. ‘Njengomphelelisi,’ uJesu waqedela ukholo ngomqondo wokuthi ukuza kwakhe emhlabeni kwagcwalisa iziprofetho zeBhayibheli futhi ngaleyondlela kwakha isisekelo esiqine kakhudlwana sokholo. Kodwa ingabe lokho kusho ukuthi yena akazange abe nokholo?

Amavesi avela encwadini eyayiya kumaHeberu ongawabona ebhokisini ekhasini 15 asishiya singenakungabaza. UJesu wapheleliswa ngokuhlupheka nokulalela kwakhe. Nakuba kakade ayengumuntu ophelele, okuhlangenwe nakho kwakhe kwamenza waphelela ezintweni zonke, ngisho nasokholweni, ukuze afaneleke ngokugcwele njengomPristi Omkhulu ukuze kusindiswe amaKristu eqiniso. Wanxusa uYise ‘ngokudazuluka okukhulu, nezinyembezi,’ ‘wayethembekile’ kuNkulunkulu, futhi ‘esaba uNkulunkulu.’ (Heberu 3:1, 2; 5:7-9) ‘Walingwa kukho konke njengathi,’ kusho eyamaHeberu 4:15, okungukuthi, njenganoma imuphi umKristu othembekile olukholo lwakhe lwehlelwa “yizilingo ngezilingo.” (Jakobe 1:2, 3) Ingabe kunengqondo ukukholelwa ukuthi uJesu angavivinywa ‘njengabalandeli’ bakhe uma ukholo lwakhe lungazange luvivinywe njengolwabo?

Ukunxusa, ukulalela, ukuhlupheka, uvivinyo, ukwethembeka, nokwesaba uNkulunkulu kufakazela ukuphelela kokholo lukaJesu. Kubonisa ukuthi waba ‘umphelelisi wokukholwa kwethu’ kuphela ngemva kokuba ephelelisiwe okholweni lwakhe siqu. Ngokuqinisekile, wayengeyena uNkulunkulu iNdodana, njengoba imfundiso kaZiqu-zintathu isho.—1 Johane 5:5.

Akazange Yini Alikholelwe IZwi LikaNkulunkulu?

Imfundiso kaZiqu-zintathu ilolonga ukucabanga kwezazi zemfundiso yenkolo kangangokuthi zifinyelela embonweni oweqisayo wokukholelwa ukuthi uJesu “akanakukholelwa eZwini likaNkulunkulu nasesigijimini salo” ngoba “njengoba eyilo kanye iZwi likaNkulunkulu, angamemezela lelozwi kuphela.”—Angelo Amato, Gesù il Signore, kanye nencwadi enemithetho egunyaza ukunyathelisa kwesonto izincwadi.

Nokho, ukuqhubeka kukaJesu ebhekisela emiBhalweni kubonisani ngempela? Lapho elingwa, wacaphuna emiBhalweni izikhathi ezintathu. Impendulo yakhe yesithathu yatshela uSathane ukuthi uJesu wayekhulekela uNkulunkulu kuphela. (Mathewu 4:4, 7, 10) Ezikhathini eziningana uJesu wakhuluma ngeziprofetho ezazibhekisela kuye, ebonisa ukholo ekugcwalisekeni kwazo. (Marku 14:21, 27; Luka 18:31-33; 22:37; qhathanisa noLuka 9:22; 24:44-46.) Kulokhu kuhlola kumelwe siphethe ngokuthi uJesu wayeyazi imiBhalo ephefumlelwe uYise, wayigcina ngokholo, futhi wayethembela ngokuphelele ekugcwalisekeni kweziprofetho ezazibikezela uvivinyo lwakhe, ukuhlupheka, ukufa, novuko.

UJesu, Isibonelo Sokholo Sokulingiswa

UJesu kwakudingeka ukuba alwe ukulwa kokukholwa kuze kube sekugcineni ukuze agcine ukwethembeka kuYise futhi ‘anqobe izwe.’ (Johane 16:33) Ngaphandle kokholo, akunakwenzeka ukufinyelela lokho kunqoba. (Heberu 11:6; 1 Johane 5:4) Ngenxa yalolokholo olunqobayo, wayeyisibonelo sabalandeli bakhe abathembekile. Ngokuqinisekile wayenokholo kuNkulunkulu weqiniso.

[Umbhalo waphansi]

a Ingxoxo eyengeziwe ngokuphathelene nokungabi nasisekelo kwemfundiso kaZiqu-zintathu ingatholakala encwajaneni engangomagazini ethi Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, ekhishwa yi-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 15]

UJesu, ‘Umphelelisi,’ Uyapheleliswa

Heberu 2:10: “Kwakumfanele yena, okukhona konke ngenxa yakhe nokukhona konke ngaye, ukuba, lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko yena oyinkosi yokusindiswa kwabo.”

Heberu 2:17, 18: “Kwamfanela ukuba abe-njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu, kube-yinhlawulo yezono zabantu. Ngokuba lokhu wahlupheka yena uqobo elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.”

Heberu 3:2: “Owayethembeka kuyena owammisayo, njengoMose naye wayenjalo endlini yakhe yonke.”

Heberu 4:15: “Asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.”

Heberu 5:7-9: “Esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu. Noma eyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho; esephelelisiwe waba-yisisusa sokusindiswa okuphakade.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela