Nakuba Bengababaleki, Bayajabula Ngokukhonza UNkulunkulu
IZIMPI, indlala, izinhlekelele, nodlame. Kwabanye abantu lokhu kumane kuyizihloko zezindaba abazifunda emaphephandabeni. Kwabanye abaningi kuyingxenye yokuphila kwansuku zonke. Njengoba beyinhlangano yamaKristu yomhlaba wonke, oFakazi BakaJehova bazi kahle ukuthi noma nini lapho kugqashuka impi noma kugadla inhlekelele, ingxenye yobuzalwane babo bomhlaba wonke ingase ihlupheke. Futhi lapho kudingeka ukuba abantu babaleke ukuze basindise ukuphila kwabo, abazalwane bethu kungase kudingeke benze okufanayo.
Eminyakeni eminingi oFakazi emazweni amaningi ase-Afrika kuye kwadingeka ukuba bakhuthazelele okuhlangenwe nakho okunjalo. Abaningi babo kuye kwadingeka ukuba bathathe lokho ababengakwazi ukukuthwala futhi bafune isiphephelo kwenye indawo. Nakuba abambalwa beye baba nakho okokuhamba, mhlawumbe ibhayisikili, abaningi kuye kwadingeka ukuba bahambe indlela ende—behamba izinsuku, ngisho namasonto—ukuze bafike ezindaweni abaya kuzo.
Enye yezindawo ababeya kuzo kwakuyidolobha elincane okuthiwa iMboki, eRepublic Yase-Afrika Ephakathi. Phakathi neminyaka eminingi, amadoda nabesifazane, abasha nabadala, baye bafika ngezinkulungwane. Phakathi kwabo kwakunabazalwane nodadewethu abaningi abangamaKristu, behambisana nabathakazelayo. Yiqiniso, amaKristu esikanye nawo ehhovisi legatsha le-Watch Tower Society eBangui, inhlokodolobha yeRepublic Yase-Afrika Ephakathi, ayenesithakazelo esikhulu sokuhlangana nalaba babaleki ukuze abasize. Izikhathi ezinhlanu, kwakuthunyelwa isithunywa kanye nemali, ukudla, okokugqoka, nemithi yokwelapha, oFakazi baseBangui ababephane ngakho ngomusa, endaweni eqhele ngamakhilomitha angaba ngu-1 130. Nakuba labo ababenikeza lolusizo lomusa babengamile kahle ngokwezimali, babekujabulela ukwenza lokho ababengakwenza.
Ukuya EMboki
Abazalwane ehhovisi legatsha bafuna ukubona ukuthi yini enye engase yenziwe nokuthi bangasizwa kanjani ngokomoya laba babaleki. Ngakho mina nomkami sathatha uhambo ngeLand Cruiser, sihambisana noSymphorien, iphayona elikhethekile, nomkakhe. USymphorien wayeyazi kahle indlela, futhi ukhuluma isiZande, ulimi olukhulunywa ababaleki eMboki. Kwasithatha izinsuku ezine zohambo olude ukuba sifike lapho.
Amakhilomitha angu-400 okugcina sawahamba sinqamula endaweni enhle yasemaphandleni ezungezayo enezihlahla ezinkulu ze-baobab. Sasidlula imizana ethe gqwá gqwá. Kulomgwaqo owawulokhu udonse njalo, umkami wabala amabhuloho angu-50—amaningi esesimweni esibi kakhulu, amanye okunzima ukudlula kuwona. Sasilungisa amanye alamabhuloho ngezinduku nemishayo ebolile, sifake lemoto edonsa ngamasondo amane kulendlela, sithandaze, futhi siqhubeke ngokunakekela okukhulu. Uma kwakunomuzana eduze, intsha yayiza igijima izosiza—ukuze ithole imadlana. Samangala ukuthi ngaso sonke isikhathi yayithola izingcezu zezingodo namapulangwe okuvela ebhulohweni otshanini obusekujuleni naphansi kwehlathi eliseduze. Kwasenza sazibuza ukuthi kazi kwakuthathwa ebhulohweni futhi kugcinwe lapho ngenjongo yokuba kusetshenziswe amakhasimende akudingayo yini.
Izikhathi ezintathu salwenqaba usizo lwalentsha, ngoba amabhuloho ayebonakala eyingozi kakhulu ukuba kunganqanyulwa kuwo. Ngakho saphuma emgwaqweni, sehla ngendledlana enamajika, sihamba emadwaleni, saphinde senyuka, sase siphindela emgwaqweni. Yeka indlela esajabula ngayo ukuthi kwakuyinkathi yesomiso, njengoba ngaphandle kwalokho sasingenakuba nandlela yokuthatha loluhambo, ngaphandle mhlawumbe kwendiza enophephela emhlane!
Kazi iMboki indawo enjani? Ngokuvamile lokhu kwakufika ezingqondweni zethu njengoba sasihamba kule-“piste” ende, okuyigama lesiFulentshi elisetshenziswa eRepublic Yase-Afrika Ephakathi elisho umgwaqo noma indlela enesihlabathi, amadwala, nemvuthuluka yamatshe—nezigodi eziningi.
Ngosuku lwesine, ngemva nje kwemini, uSymphorien wakhomba ezinye izindlu zotshani ezizungezwe izihlahla ze-papaya namasimu e-cassava. “Voilà! Yilapho kuqala khona iMboki lapha,” ememeza. Kwasimangaza ngempela lokho esakubona. “IMboki lena? Liphi ikamu?” sibuza, ngoba lokho esasikubona kwakungelona ikamu, kwakumane kuyizindlu ezisakazeke kuyo yonke indawo. Kwakuyizindlu ezincane kodwa ezihlanzekile ezifulelwe ngotshani. Futhi kwakunezihlahla namahlathi yonke indawo. Abantu batshala izitshalo eduze kwemizi yabo. IMboki yayingelona uhlobo lwekamu esasilindele ukulubona; kwakuwumuzi omkhulu, ongamakhilomitha acishe abe ngu-35 ubude.
Ukuhlangana Nabazalwane
Abazalwane eMboki babazi ukuthi siyeza, nakuba babecabanga ukuthi uhambo lwethu lwaluzothatha izinsuku ezinhlanu. Lapho bezwa imoto yethu, beza begijima. Amadoda, abezifazane, nabantwana baphuma ngokushesha ezindlini nasezakhiweni zabo futhi babuya bevela emasimini abo ukuze bazosibingelela. Bonke babemamatheka, behleka, futhi besixhawula, izikhathi eziningi uma kunokwenzeka. Omama basibingelela begone izingane zabo. Bonke babefuna ukusibingelela, futhi basamukela ngokufudumele.
Akukho okuningi mina nomkami esasingakwenza ngalesosikhathi ngenxa yenkinga yolimi. Sazama kancane ngesiFulentshi, isiSango, isiNgisi, nesi-Arabhu. Abazalwane bethu abaningi bakhuluma, bafunde, futhi babhale isiZande. USymphorien kwakudingeka ukuba ahumushe, echaza isimiso sokuvakasha kwethu.
Saqhubeka sahamba amakhilomitha ambalwa engeziwe futhi safika eHholo LoMbuso. ‘Kwakuyisonto’ lokuqala elakhiwa ababaleki banoma iyiphi inkolo eMboki. Abazalwane abengeziwe nabantwana babo nabathakazelayo beza bazoxhawula. Ngisho nabantwana abaningi abangomakhelwane beza kanye nabazalwane bazoxhawula.
Abazalwane bethu babelungiselele thina zivakashi zabo izindlu ezimbili ezincane zendawo. Zazihlanzeke ngokuphelele. Amabhakede anamanzi ahlanzekile ayeselungile esilindele. Sasize nokudla kwethu namanzi okuphuza, silindele ukuthola isimo esibi kakhulu futhi singafuni ukuba umthwalo kubazalwane bethu. Lapho sisadiliza umthwalo owawusemotweni, kweza intombazanyana futhi yabuza ukuthi singathanda ukuba ilungiswe kanjani inkukhu ngalobobusuku, ithoswe noma iphekwe? Sasingakulindele lokho futhi sabuza ukuthi babehlele ukuyidla nani. Impendulo: ne-cassava, noma i-manioc. Ngakho sakhetha inkukhu enesobho elinongiwe. Indlala yethu enkulu yaqedwa ngalobobusuku. Kodwa baqhubeka besondla nsuku zonke—emini nakusihlwa. Sasingakukholelwa—ababaleki besondla futhi besinakekela, nakuba benokuncane.
Ibandla Elincane Elijabulayo
Nakhu lapho sasikhona, endaweni ekude kakhulu kodwa siphakathi kwabazalwane bethu abangu-21. Ababili babo kuphela abafika lapha sebebhapathiziwe kakade. Bonke abanye babengabantu abathakazelayo lapho befika. Baqhubeka betadisha futhi babhapathizwa phakathi neminyaka emibili edlule. Abanye abane babhapathizwa emfuleni oseduze phakathi nokuvakasha kwethu.
Esinye isibonelo esivelele uFaustino. Ngaphambi kokuba eze eMboki, wafunda amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo kumngane wakhe. UFaustino wakwazisa lokho ayekufunda. Ngokushesha yena nomngane wakhe baqala ukushumayela kwabanye, kodwa babhekana noshushiso futhi baboshwa ngenxa “yokushukumisa umphakathi” ngenkolo yabo. Lapho eboshiwe, umngane kaFaustino wahoxa ngenxa yokwesaba futhi wakhululwa. Ezinyangeni ezimbili kamuva, kwaqulwa icala likaFaustino. Nokho, kwacaca ukuthi amacala ayemangalelwe ngawo ayengenasisekelo, ngakho wakhululwa. Lapho impi ifika ngakubo, uFaustino wabalekela eRepublic Yase-Afrika Ephakathi, lapho ahlangana khona nabazalwane futhi waqhubeka nesifundo sakhe seBhayibheli. Wabhapathizwa ngo-July 1991, futhi ngo-1992 wathatha inkonzo yesikhathi esigcwele njengephayona elivamile.
Lelibandla elincane elijabulayo nelinobungane laseMboki manje selinephayona elilodwa elikhethekile nabamemezeli abangu-21. Abazalwane ababili abakhuluma isiNgisi bakhonza njengabadala futhi bayakwazi ukuxhumana nehhovisi legatsha eBangui. Sasilindele ukuba abazalwane bethu abangababaleki babe sesimweni esidabukisayo, sokungabi nathemba, kodwa kwakungenjalo. Nakuba bempofu ngokwezinto ezibonakalayo, akekho owayekhononda, ekhathazekile, noma ebubula. Kusukela bafika labazalwane baye bakha izindlu zabo futhi baqala ukulima ukudla bafuya nezinkukhu. Banokuncane kunalokho ababenakho ngaphambili, kodwa bayaphila futhi bakanye namanye amaKristu.
Njengoba kunababaleki abaphakathi kuka-17-000 no-20 000 eMboki, kanye nabaningi abafika inyanga ngayinye, abazalwane bethu banensimu enkulu yenkonzo yabo. Sahamba sayoshumayela nabo, okwakuthakazelisa ngempela. Ngokuvamile basebenzisa iBhayibheli lesiZande, futhi lenguqulo inegama likaNkulunkulu emiBhalweni yesiHeberu nasezindaweni eziningana emiBhalweni YamaKristu YesiGreki. Kulababantu, uNkulunkulu akayena nje “uMboli” (okungukuthi “Nkulunkulu” ngesiZande) kodwa ungu-“Yekova,” okuyindlela abalibiza ngayo igama likaNkulunkulu. Inkulumo ethi “Mboli Yekova” ivamile. Izinguqulo eziningi zamaProthestani kwezinye izilimi eziningi zaboMdabu aziyilandeli lendlela enembile yokuhumusha; kunalokho, esikhundleni selithi “Jehova” zifaka elithi “Nzapa,” “Nzambe,” noma amanye amagama aboMdabu amelela elithi Nkulunkulu.
Ngokuvumelana nesiprofetho sikaJesu, izindaba ezinhle zoMbuso ziyashunyayelwa kuwo wonke umhlaba, ngisho naseMboki. (Mathewu 24:14) Manje ibandla selithola ukuphakelwa okuhle ngamaBhayibheli, izincwadi, omagazini, izincwajana, namapheshana ngazo zonke izilimi elizidingayo. Mhlawumbe esikhathini esizayo, izincwadi ezengeziwe ziyotholakala ngolimi lwesiZande.
Balindele Ikhaya Laphakade
Ngosuku lokuqala kusihlwa, sabonisa isimiso sama-slide eNhlangano anesihloko esithi “Abantu Abajabulayo Ababeze Emhlanganweni EMpumalanga Yurophu Badumisa UJehova.” Ngobusuku obulandelayo isimiso sasithi “Ukuletha Abaningi Ekulungeni Esikhathini Sokuphela.” Umbukiso wama-slide wenzelwa ngaphandle, eduze kweHholo LoMbuso, ngaphansi kwesibhakabhaka esicwebile nenyanga ecwathile. Yeka isimo! Amakhulu eza ukuzobuka umbukiso wama-slide, futhi abazalwane bethu babejabulile futhi beneqholo lokubonisa okuthile okukhethekile kubantu.
Lapho kufika uMsombuluko, salungiselela uhambo lwethu lokuphindela emuva. Kwakuzoba olunye uhambo lwezinsuku ezine emigwaqweni efanayo futhi sinqamula nalawomabhuloho angu-50. Omunye udade waphikelela ngokufuna ukusilungiselela umphako—ezinye izinkukhu ezimbili, ezase zithosiwe futhi zinongwe nge-garlic. Zaziconsisa amathe phakathi namahora asekuseni kuyiLand Cruiser. Emini sema ehlathini ukuze sijabulele inkukhu ethosiwe kuyilapho sicabanga ngabazalwane bethu eMboki. Nakuba beye baphoqeleka ukuba babe ababaleki, bayaqhubeka bekhonza uJehova ngokwethembeka, belindele ikhaya laphakade lokuthula emhlabeni omusha kaNkulunkulu othenjisiwe. (2 Petru 3:13)—Inikelwe.