Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 7/1 kk. 29-31
  • “Ngigcinile Ukukholwa”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ngigcinile Ukukholwa”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amazwi Akhe Siqu Ashukumisa Odokotela
  • Imigomo Engokomoya
  • Ikusasa Elilondekile
  • Intsha ‘Enamandla Angaphezu Kwavamile’
    I-Phaphama!—1994
  • Ukufuna Iqiniso Kwavuzwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • “Angikaze Ngilubone Uthando Olunje”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Lapho Ingane Inomdlavuza
    I-Phaphama!—2011
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 7/1 kk. 29-31

“Ngigcinile Ukukholwa”

NJENGOBA ILANDISWA NGABANGANE BAKABRUNELLA INCONDITI

“UMGQIBELO waba usuku oluhamba kancane kakhulu futhi olunesizungu. Ngangingedwa ekamelweni, ngizizwa ngiphelelwe ithemba. Ngangizizwa sengathi ngihamba ephasishini. Konke kwakuhamba kahle, futhi ngokungazelele, othile wagaklaza umnyango phambi kwami, futhi yayingekho indlela yokuphuma, kungakhathaliseki indlela engangizama ngayo.”

Ukudumazeka ngokweqile kwakusenhliziyweni kaBrunella Inconditi oneminyaka engu-15 ubudala. Usuku olubaluleke ukwedlula zonke ekuphileni kwakhe kobusha lwaludlula. Ekuqaleni kwalowonyaka uthando lwakhe olukhulayo ngoJehova neBhayibheli lwalumshukumisele ekunikezeleni ukuphila kwakhe kuye. Ngo-July 1990 kwakumelwe abhapathizwe eMhlanganweni Wesigodi WoFakazi BakaJehova “Wolimi Oluhlanzekile” eMontreal, eCanada. Kunalokho, ngokushesha uBrunella wayesezobhekana novivinyo lokholo lwakhe olwaluzohlala lukhona kukho konke ukuphila kwakhe.

Ezinsukwini ezimbili ngaphambi kokubonakalisa ukuzinikezela kwakhe ngobhapathizo lwamanzi, uBrunella wathola ukuthi wayene-leukemia. Odokotela basesibhedlela sabantwana sendawo babefuna ukuqala ngokushesha ukumelapha, ngakho uBrunella wahlala esibhedlela.

Amazwi Akhe Siqu Ashukumisa Odokotela

UBrunella wayazi ukuthi igazi lingcwele kuJehova uNkulunkulu. (Levitikusi 17:11) Abazali bakhe, u-Edmondo noNicoletta, banquma ukuba kungasetshenziswa ukumpontshelwa igazi ekwelashweni kwendodakazi yabo. “UBrunella wayefuna ukuba odokotela baphinde bakuzwe kushiwo nguye lokho, ngisho noma ayesemncane,” kukhumbula uyise. “Wabatshela ngokuqinile ukuthi wayengakufuni ukwelashwa okwakuzokwephula umyalo weBhayibheli ‘wokuyeka igazi.’”—IzEnzo 15:20.

Ngo-July 10, 1990, odokotela abathathu nesisebenzi sezenhlalakahle bahlangana nabazali bakaBrunella nezikhonzi ezimbili zebandla loFakazi BakaJehova lakuleyondawo. Ukuhlola kwaqinisekisa ukuthi uBrunella wayene-lymphoblastic leukemia eyanda ngokushesha. Odokotela bachaza isu labo lokulwa nalesisifo. Bachaza ngobuhlakani ukuthi kwakunzima kakhulu ukuselapha. “Ukuziphatha kukaBrunella nokuzimisela ukulalela uNkulunkulu kwakubathintile odokotela nalesisebenzi sezenhlalakahle. Uthando lwabazali bakhe nokusekela kwabangane basebandleni lamaKristu kwabahlaba umxhwele. Bazisa nendlela esaqonda futhi sahlonipha ngayo isikhundla sabo,” kukhumbula omunye wabadala bebandla.

Odokotela babehlose ukukugwema ukumpompela igazi. UBrunella wayezothola ukwelashwa ngemithi yamakhemikhali eyengeziwe, kodwa kwakungenakuba namandla njengokuvamile. Lokhu kwakuzonciphisa ukulimala kwamangqamuzana akhe egazi okubangelwa ukwelashwa. “Odokotela bazicabangela izidingo zikaBrunella ezingokomzimba, ezingokomzwelo, nezingokomoya,” kuchaza uNicoletta. “Lapho sibacela ukuba bathintane nodokotela onokuhlangenwe nakho ekusingatheni i-leukemia yabantwana ngaphandle kokusebenzisa igazi, bavuma.” UBrunella nezisebenzi zakulesisibhedlela baba nesibopho esifudumele sokusondelana ngokomzwelo.

Imigomo Engokomoya

Nakuba ukwelashwa kokuqala kwaletha imiphumela emihle, usizi lukaBrunella lwalumane lusaqala nje. Ngo-November 1990 isifo sakhe sasisathulile, ngakho ngaphandle kokulibala wabhapathizwa. Ekhumbula izinyanga ezimbalwa ezidlule, uBrunella wavuma: “Kwakungelula neze. Udinga amandla amaningi, futhi kudingeka ube nombono oqondile. . . . Ukholo lwami lwavivinywa, kodwa ngahlala ngiqinile, futhi namanje ngisazilungiselela umsebenzi wami wokuba iphayona elivamile [isikhonzi sesikhathi esigcwele].”

Ekuqaleni kuka-1991, uBrunella waphinde wavukwa yilesifo. Wacishe wafa lapho esalashwa ngemithi yamakhemikhali kodwa okwamangaza futhi kwajabulisa bonke, walulama. Ngo-August wayephile ngokwanele ukuba achithe leyonyanga ekufakazeni kwasobala njengephayona elisizayo. Ukugula kwakhe kwaphinde kwaba kubi kakhulu, futhi ngo-November 1991 umzimba wakhe wawusuhlaselwe umdlavuza ezindaweni eziningana. Elinye iqembu lodokotela kwesinye isibhedlela laqala ukumelapha ngokusebenzisa indlela yokwelapha ngemisebe.

Ngisho naphansi kwezimo ezinzima kanjalo, uBrunella wahlala eqinile futhi wazibekela imigomo engokomoya. Lapho ethola okokuqala ukuthi wayene-leukemia, watshelwa ukuthi wayengase aphile izinyanga eziyisithupha kuphela. Manje, emva kwesikhathi esingangonyaka nengxenye kamuva, uBrunella wayesalokhu ehlelela ikusasa. “Akazange achithe sikhathi ekusebenzeleni ukufeza imigomo yakhe,” kuphawula omunye umdala webandla. “Ukukholelwa kukaBrunella ePharadesi likaNkulunkulu elithenjisiwe kwamqinisa kulo lonke usizi lwakhe. Wakhulela ekuvuthweni kobuKristu nakuba ayemncane ngeminyaka. Ukuziphatha nesimo sakhe sengqondo kwashukumisa ibandla futhi kwathinta izinhliziyo zalabo ababemazi, kuhlanganise nezisebenzi zasesibhedlela.” Unina uyakhumbula: “Akakaze akhononde. Lapho othile ebuza indlela ayezizwa ngayo, wayephendula ngokuthi, ‘Kuhle’ noma athi, ‘Akukubi, wena unjani?’”

Ikusasa Elilondekile

UBrunella wahlela ukuba aye eMhlanganweni Wesigodi WoFakazi BakaJehova “Wabaphathi Bokukhanya” ngo-July 1992. Nokho, ngesikhathi salomhlangano uBrunella wayesesibhedlela, futhi ukuphila kwakhe kwakuwohloka. Nokho, waya emhlanganweni ehamba ngesihlalo sabakhubazekile, ezimisele ukubona idrama ethi Ukwenza Okulungile Emehlweni KaJehova.

Waphindela ekhaya ukuze abe nomkhaya wakubo izinsuku ezimbalwa zokugcina ekuphileni kwakhe. “Wayekhathazeke kakhulu ngabanye kunangaye kwaze kwaba sekugcineni,” kusho uNicoletta. “Wayebakhuthaza ukuba batadishe iBhayibheli, ebatshela, ‘Siyoba ndawonye ePharadesi.’”

UBrunella wafa ngo-July 27, 1992, eqinile ethembeni lakhe lokuvuselwa ekuphileni ePharadesi emhlabeni. Wayesanda kuqala nje ukuphishekela imigomo yakhe, kodwa wahlela ukuqhubeka nenkambo yakhe yokuzinikezela ngemva kokuvuswa kwakhe. Ezinsukwini ezimbalwa nje ngaphambi kokufa kwakhe, uBrunella wabhala lencwadi elandelayo, eyafundwa enkonzweni yomngcwabo wakhe.

“Bangane Abathandekayo:

“Ngiyabonga ngokuza kwenu. Ukuba khona kwenu kusho okukhulu emkhayeni wakithi.

“Kubantu ababesondelene nami—sidlule kokuningi. Sibe nezikhathi eziningi ezimbi, kodwa bezikhona nezikhathi ezijabulisayo. Bekuwukulwa okunzima nokwesikhathi eside, kodwa anginawo umuzwa wokuthi ngihlulekile. Njengoba kushiwo emiBhalweni, “ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa.”—2 Thimothewu 4:7.

“Kuningi engikufundile, futhi ngiye ngakhula kakhulu, futhi abangane bami kanye nalabo ababeseduze nami baye balubona ushintsho. Ngifuna ukubonga bonke labobantu abangisekela.

“Nina enikholelwa esimisweni esisha nakuJehova niyazi ukuthi kuyoba novuko, njengoba nje uJohane 5:28, 29 esho. Ngakho bambelelani eqinisweni, futhi siyokwazi ukuphinde sibonane.

“Ngifuna ukubonga labobantu abakwaziyo lokho ebengibhekene nakho. Ngikhonza kini nonke ngothando olukhulu. Nginithanda nonke.”

UBrunella akazange avumele ubusha bakhe noma ukugula kuhlehlise ukuzinikezela kwakhe kuNkulunkulu. Isibonelo sakhe sokholo nokuzimisela kukhuthaza abasha nabadala ngokufanayo ukuba balahle konke okungabathiya ekugijimeni kulomjaho wokuphila.—Heberu 12:1.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela