Lapho Ingane Inomdlavuza
“Ngaphelelwa yithemba. Kwaba sengathi ngiphelelwe umhlaba. Ngazizwa ngidabuka, kwaba sengathi indodakazi yami encane vele isifile.”—UJaílton ngemva kokuzwa ukuthi indodakazi yakhe inomdlavuza.
UKUZWA ukuthi ingane yakho inomdlavuza kungaba yinto ekhungathekisayo nethusayo. Kuvame kangakanani lokhu? Ngokwenhlangano Kazwelonke Elwa Nomdlavuza, nakuba “zingamaphesenti ambalwa izinhlobo zomdlavuza ophatha izingane uma kuqhathaniswa nazo zonke izinhlobo zawo, zingaphezu kuka-160 000 izingane okutholakala ukuthi zinawo [emhlabeni wonke] unyaka ngamunye futhi uyimbangela yesibili evamile yokufa kwezingane emazweni athuthukile, ngemva kwezingozi.” Ngokwesibonelo, eBrazil, Isikhungo Somdlavuza Sikazwelonke sithi “kulinganiselwa ukuthi kunenani elingu-9 000 lezingane eziba nomdlavuza unyaka ngamunye.”
Umdlavuza wezingane “uyisehlakalo esibuhlungu esithinta wonke amalungu omkhaya, ngaphandle kokukhetha,” kusho incwadi ethi À margem do leito—A mãe e o câncer infantil (Eceleni Kombhede—Umama Nengane Enomdlavuza). Ukuhlonzwa komdlavuza ngokuvamile kuholela ekuhlinzweni nokwelashwa ngamakhemikhali noma ngemisebe noma ngakho kokubili, okuhambisana nemiphumela engemihle. Lokhu kuyabakhungathekisa abazali, kubabangele ukwesaba, ukudabuka, umuzwa wecala, intukuthelo nokungakukholwa okwenzekayo. Abazali bangabhekana kanjani nalesi simo esibuhlungu?
Yiqiniso ukuthi umthombo oyinhloko wenduduzo ukwabezempilo abaqeqeshiwe. Udokotela waseNew York osesize iziguli eziningi ezinomdlavuza uthi, “Bangenezela amaqiniso akhuthazayo, bachaze futhi baveze ukuthi yini engase yenzeke esikhathini esizayo. Lolu lwazi lungakudambisa ukukhungatheka.” Induduzo eyengeziwe ingatholakala nakubazali abanezingane ezake zaba nomdlavuza. Kucatshangwa ngalokhu, i-Phaphama! yaxoxa nabazali abahlanu abahlala eBrazil abake babhekana nalesi simo.
● UJaílton noNéia “Sathola ukuthi indodakazi yethu inohlobo lomdlavuza ohlasela amangqamuzana amhlophe egazi (acute lymphoblastic leukemia) lapho ineminyaka emibili nengxenye ubudala.”
Kwathatha isikhathi esingakanani ukuyelapha?
“Kwathatha iminyaka ecishe ibe mibili nengxenye yelashwa ngamakhemikhali.”
Yiziphi izinkinga eyabhekana nazo ngenxa yalokho kwelashwa?
“Yayibuyisa kakhulu futhi iqothuka nezinwele. Ulwelwesi olumboze amazinyo ayo lwagqunqa. Yaphathwa nayinyumoniya izikhathi ezintathu.”
Kwanenza nazizwa kanjani lokho?
“Saqale sethuka kakhulu. Kodwa lapho sibona impilo yayo iba ngcono, saba nethemba lokuthi izolulama. Manje isineminyaka ecishe ibe ngu-9.”
Yini eyanisiza ukuba nibhekane nalesi simo esikhungathekisayo?
“Akungabazeki ukuthi sasizwa ukwethembela kwethu kuJehova uNkulunkulu, “osiduduza osizini lwethu lonke,” njengoba kusho iBhayibheli kweyesi-2 Korinte 1:3, 4. Abafowethu nodadewethu abangamaKristu nabo basisekela kakhulu. Babesibhalela izincwadi zokusikhuthaza, besishayela ucingo, bethandaza nathi futhi besithandazela, besisekela ngisho nangezimali. Kwathi lapho sekudingeka indodakazi yethu ithuthelwe esibhedlela esikwesinye isifundazwe, oFakazi bakuleyo ndawo basinika indawo yokuhlala futhi babeshintshana ngokusiyisa esibhedlela. Siswele amazwi okubonga ngokusekelwa esakuthola kubo.”
● ULuiz noFabiana “Ngo-1992 sathola ukuthi indodakazi yethu inohlobo olungavamile noluyingozi kakhulu lomdlavuza wendlala yesibeletho. Yayineminyaka engu-11.”
Nasabela kanjani ekuqaleni?
“Asizange sikholwe. Sasingakwazi ukwamukela ukuthi indodakazi yethu inomdlavuza.”
Yelashwa kanjani?
“Yahlinzwa yaphinde yelashwa ngamakhemikhali, okwasenza sakhandleka ngokomzimba nangokomzwelo. Yahlaselwa inyumoniya kabili. Kulokhu kwesibili yacishe yafa. Yaba nenkinga yokuntuleka kwamangqamuzana egazi, okwakubangela ukuba ibe nenkinga yokumfimfa kwegazi esikhunjeni iphume nomongozima. Imithi yasiza ekunciphiseni lesi simo.”
Yelashwa isikhathi esingakanani?
“Cishe kwaba yizinyanga eziyisithupha kusukela ngenkathi okwahlonzwa ngayo ukuthi inomdlavuza kuya ekwelashweni kokugcina ngamakhemikhali.”
Yazizwa kanjani indodakazi yenu ngokuba nalesi sifo nangokwelashwa?
“Yaqale yangazi ukuthi kwenzekani. Udokotela wayitshela ukuthi ‘inendumbuluzana esiswini okudingeka ikhishwe.’ Kamuva yaqaphela ukuthi isimo sasisibi. Yangibuza, ‘Baba ingabe nginomdlavuza?’ Kwaba nzima ukuphendula ngokuqondile.”
Nazizwa kanjani uma nibona indodakazi yenu ihlupheka kanje?
“Ayichazeki indlela esasizizwa ngayo ngokomzwelo. Ngokwesibonelo, ake ucabange ubona intombazanyana yakho isiza umhlengikazi ekutholeni umthambo azoyijova kuwo ngekhemikhali. Ngezikhathi ezinzima kakhulu ngangivele ngiye endlini encane, ngikhale futhi ngithandaze. Ngobunye ubusuku ngazizwa ngicindezeleke kakhulu kangangokuba ngacela uJehova ukuba angivumele ngife esikhundleni sentombazanyana yami.”
Yini eyanisiza ukuze nibhekane naleso simo?
“Okwasisiza kakhulu ukusekelwa esakuthola kubafowethu abangamaKristu, abanye babo ababesithinta ngezingcingo besezingxenyeni ezihlukahlukene zezwe. Omunye umzalwane othandekayo wangicela ukuba ngilande iBhayibheli lami. Wabe esengifundela amavesi athile encwadini yamaHubo ngomuzwa wothando. Lawo mavesi ayeyilokho kanye mina nomkami esasidinga ukukuzwa ngoba sasibhekene nesikhathi esinzima kakhulu sokwelashwa kwendodakazi yethu.”
● URosimeri “Indodakazi yami yayineminyaka emine lapho kutholakala ukuthi inohlobo oluthile lomdlavuza wegazi.”
Wasabela kanjani ekuqaleni?
“Ngakuthola kunzima ukukukholwa. Ngakhala ubusuku nemini futhi ngicela nosizo kuNkulunkulu. Enye indodakazi yami nayo yaphazamiseka ngokomzwelo uma ibona ukuthi udadewabo wayegula kanjani. Empeleni, kwadingeka ngiyihambise iyohlala nomama.”
Iziphi izinkinga zokwelashwa intombazanyana yakho eyaba nazo?
“Ukwelashwa kwayo ngamakhemikhali nsuku zonke kwayenza yancishelwa yigazi, ngakho odokotela bayinika imithi enokusansimbi ne-erythropoietin ukuze kwandiswe amangqamuzana abomvu egazi. Sasihlala sikhathazekile ngomthamo wegazi layo. Yayibuye iquleke.”
Kwathatha isikhathi eside kangakanani ukuyelapha?
“Kwaba iminyaka emibili nezinyanga ezine yelashwa ngamakhemikhali. Phakathi naleyo nkathi, yaqothuka izinwele futhi yakhuluphala kakhulu. Ngokujabulisayo, ukuba kwayo umuntu onamahlaya kwayisiza yabhekana nalokhu. Ngemva kweminyaka engaba yisithupha, odokotela bathi kwakungasekho zimpawu zesifo emzimbeni wayo.”
Yini eyakusiza wabhekana nalesi simo esivivinya kangaka?
“Sasithandaza njalo nendodakazi yami, futhi sasihlola izibonelo eziseBhayibhelini zezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile ezakhuthazelela uvivinyo oluhlukahlukene. Salalela namazwi kaJesu akuMathewu 6:34 athi akumelwe sivumele ukukhathazeka ngekusasa kwenezele ekukhathazekeni kwethu kosuku. Sathola nosizo olwengeziwe kwamanye amaKristu, kuhlanganise neKomiti Yokubonisana Nezibhedlela yakule ndawo, kanye nezisebenzi zezokwelapha ezikhathalelayo, ezihlale zibhekana nezimo ezinje.”
Ingabe ukhona omaziyo osemncane onomdlavuza, mhlawumbe ingane emkhayeni wakini? Uma kunjalo, kwangathi lezi zingxoxo ezingenhla zingakusiza uqonde ukuthi ukudabuka kwakho akuyona into engavamile. Njengoba iBhayibheli lisho, ‘kunesikhathi sokukhala.’ (UmShumayeli 3:4) Ngaphezu kwakho konke, qiniseka ukuthi uNkulunkulu weqiniso uJehova, obizwa ‘ngoMuzwi womthandazo,’ uyobaduduza bonke abaphendukela kuye ngenhliziyo eqotho.—IHubo 65:2.
[Ibhokisi ekhasini 13]
Amavesi EBhayibheli Aduduzayo
“Ungakhathazeki ngolwakusasa. Luyoba nokwalo. Kwanele okufanele ukhathazeke ngakho namuhla.”—Mathewu 6:34, Contemporary English Version.
“Makadunyiswe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wesihe noNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke.”—2 Korinte 1:3, 4.
“Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.”—Filipi 4:6, 7.
‘Phonsani zonke izinkathazo zenu phezu kwakhe, ngoba uyanikhathalela.’—1 Petru 5:7.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 14]
Ilungiselelo Lothando
AmaKomiti Okubonisana Nezibhedlela oFakazi BakaJehova azama ukuthuthukisa ukubambisana phakathi kwezibhedlela neziguli. Ukuze afeze lokhu, asiza iziguli ezingoFakazi ukuba zithole odokotela abanekhono abazihloniphayo izifiso zazo zokulalela umyalo weBhayibheli othi, ‘nidede . . . egazini.’—IzEnzo 15:20.
[Isithombe ekhasini 13]
UNéia, uSthefany, noJaílton
[Isithombe ekhasini 13]
ULuiz, u-Aline, noFabiana
[Isithombe ekhasini 13]
U-Aline noRosimeri