Indlela Imizi Yasendulo Engamadolobha Eyaba Khona Ngayo
ABANTU baqala ukwakha imizi engamadolobha ngenxa yezizathu eziningana: ukuze bathole isivikelo, izimboni, ezohwebo, nenkolo. Uma sibheka ubuningi nenani lamathempeli atholwa abavubukuli, ngokungangabazeki izisusa eziyinhloko zokwakhiwa kwemizi eminingi yasendulo kwakuyinkolo.
Umuzi waseBabele nombhoshongo wawo wenkolo uyisibonelo. “Wozani,” kusho abakhi bawo komunye nomunye, “Asakhe umuzi nombhoshongo osiqongo sawo sisezulwini, sizenzele igama, funa sihlakazeke ebusweni bomhlaba wonke.” (Genesise 11:4-9) Ingozi yokuba yizigqila zabantu abathanda impi ababezimisele ukunqoba kwakungesinye isizathu esiphoqayo sokuba abantu abanetwetwe banqwabelane ndawonye emizini engamadolobha. Ngokungaguquki babeyibiyela ngocingo nangezindonga lemizi, futhi babewavala amasango ebusuku nangezikhathi zengozi.—Joshuwa 2:5.
Ukukhetha Iziza
Ukukhetha indawo okwakuzokwakhiwa kuyo idolobha kwakuxhomeke ezicini eziningana. Njengoba ukuvikeleka kwakubaluleke kakhulu, ngokuvamile imizi yasendulo engamadolobha yayakhiwa ezindaweni eziphakeme. Ngaphandle kwemingcele engokwemvelo, ngokuvamile kwakwakhiwa izindonga ezinkulu noma uxhaxha lwezindonga nemibhoshongo, ngezinye izikhathi, kwakhiwe imisele izungeze umuzi oyidolobha.
Njengoba imizi engamadolobha yayanda, ngezinye izikhathi kwakudingeka kwandiswe izindonga ukuze kuhlanganiswe indawo enkudlwana. Izindawo zokungena ezivulwe ezindongeni zazivikelwe ngamasango aqinile ayengamelana nokuvinjezelwa okuthatha isikhathi eside.
Indawo yamanzi enhle eseduze yayibaluleke ngempela futhi kwakungafanele inganakwa lapho kukhethwa isiza sedolobha. Ngenxa yalesizathu kwakubonakala kuwumqondo omuhle lapho iziphethu nemithombo kubiyelwe ngaphakathi komuzi. Kwezinye izimo, njengaseMegido, eGibeyoni, naseJerusalema, kwakuba khona nemisele namapayipi amanzi ahamba ngaphansi eyayiletha amanzi ngaphakathi kwezindonga iwadonsa emithonjeni engaphandle.—2 AmaKhosi 20:20.
Izinhloso nezinjongo ezifanayo zokwakha imizi yasendulo engamadolobha zaholela ekutheni kufane kakhulu ukuklanywa nokuhlelwa kwayo. Futhi njengoba ukudlula kwamakhulu amaningi eminyaka kungenzanga shintsho olungako, amanye amadolobha namuhla asenjengoba ayenjalo ezinkulungwaneni ezimbili noma ezintathu ezidlule.
Amadolobha amaningi aqala eyimizi nje engasho lutho, akhula aba ngangedolobhana elincane noma aba ngangedolobha elikhulu, futhi ngokuhamba kwesikhathi aba amadolobha amazwe amakhulu alawula ukuphila kwabantu abayizinkulungwane ezingamakhulu amaningi. Njengoba kunokwanda okunjalo, igunya likahulumeni nelokwahlulela laba kubaholi abambalwa bezombangazwe nabezempi, futhi ngokuvamile igunya elikhulu kunawo wonke elalishaya umthetho wokuthi kuzophilwa kanjani emadolobheni lalisezandleni zababusi abangabapristi.
Ngakho-ke, kwakuwumehluko ophawulekayo lapho imizi yakwa-Israyeli iqala ukwaziwa emhlabeni, ukubuswa kwayo okwakusezandleni zabaqondisi abamiswe ngokwasezulwini ababenesibopho sokuqikelela ukuthi imithetho eyayivela kuNkulunkulu yayigcinwa. UJehova wayeyiNkosi yalesosizwe, enguMniki-mthetho, noMahluleli, futhi lapho abameleli bakhe ababonakalayo beyenza ngokwethembeka imisebenzi yabo, abantu babethokoza.—Ezra 7:25, 26.