Amanzi Okuphila
“UMOYA nomlobokazi bathi: Woza! Nozwayo makathi: Woza! Nowomi-leyo makeze; othandayo makatha-bathe amanzi okuphila ngesihle.” (IsAmbulo 22:17) “Amanzi okuphila”—asho wonke amalungiselelo kaNkulunkulu okusindiswa kwethu asekelwe emhlatshelweni wesihlengo sikaJesu Kristu. Lamalungiselelo ayatholakala, futhi ayisihle. Yeka ukuphana okumangalisayo kukaNkulunkulu wethu! Nokho, kungani efanekiselwa amanzi?
Phela, amanzi angokoqobo enza izitshalo zikhule enhlabathini, bese lokho kwenza abantu bakwazi ukuphila. Ngaphandle kwamanzi, ukuphila kwezitshalo, futhi ngaleyo-ndlela nokwabantu, ngeke kube khona. Ngaphezu kwalokho, amaphesenti angu-65 omzimba wakho angamanzi. Ezinye izazi zempilo zitusa ukuba lelonani ligcinwe linjalo ngokuphuza amalitha amabili nengxenye ngosuku. Zonke izinqubo zokuphila ezenzeka ngapha-kathi—kusuka ekugayekeni kokudla kuya ekukhipheni ukungcola—zidinga amanzi. Hlala nje ungawaphuzi amanzi isonto elilodwa, uzofa.
Ngokufanayo, “amanzi okuphila” akha impilo engokomoya futhi ayithuthukise. Uma siwenqaba amanzi okuphila, asinalo ikusasa eliyohlala phakade. (Johane 3:36) Uma siwamukela, singathola ukuphila okuphakade. Yingakho owesifazane waseSamariya asabela ngesithakazelo lapho uJesu ethi kuye: “Lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona‚ phakathi kwakhe ayakuba-ngumthombo wamanzi aphuphumayo‚ kube-ngukuphila okuphakade”! (Johane 4:14) Kwangathi singakhangeza ngentshiseko sithathe amanzi okuphila ngesihle.
[Umthombo ekhasini 31]
Garo Nalbandian