Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 2/15 k. 32
  • Ingabe Uya Ezulwini Noma Esihogweni?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uya Ezulwini Noma Esihogweni?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 2/15 k. 32

Ingabe Uya Ezulwini Noma Esihogweni?

“UNAWO yini amathuba okuya ezulwini noma esihogweni?”

Ngokuyisisekelo, lokho kwabuzwa ingxenye ethile yamaMelika ekuhloleni kwamuva nje. I-Princeton Religion Research Center yakhipha imiphumela kuyi-Religion in America 1992-1993.

Wawuyophendula kanjani? Umngane wakho womshado noma abanye abathandekayo banawo yini amathuba okuya ezulwini lapho befa? Ucabanga ukuthi kungenzeka yini ukuba wena, noma bona, nigcine seniye esihogweni?

Lokhu kuhlola kwabonisa ukuthi amaphesenti angu-78 ayecabanga ukuthi ayemahle kakhulu amathuba awo okuya ezulwini, okungabantu abangaphezu kwalabo abaphendula kanjalo eminyakeni engaba ngu-40 edlule. Kuthiwani ngesihogo? Cishe amaphesenti angu-77 athi amathuba okuya lapho ayemancane kakhulu.

Ingabe izimpendulo zabo zazisekelwe olwazini oluqondile lweBhayibheli? Cishe abane kwabayishumi bayavuma ukuthi abasayi kakhulu ezinkonzweni zenkolo njengoba babenza eminyakeni emihlanu edlule. Amaphesenti angu-28 kuphela athi ayahlanganyela emaqenjini okutadisha iBhayibheli kwathi amaphesenti angu-27 athi ahlanganyela emakilasini emfundo yezenkolo.

Uma ulifunda ngokucophelela iBhayibheli, uyothola amaqiniso amangazayo. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lisho ngokusobala ukuthi uJesu waya “esihogweni” lapho efa, njengoba ezinye izinguqulo zeBhayibheli zikubeka. (IzEnzo 2:31, King James Version; “iHayidesi,” iBhayibheli Elivamile) IZwi likaNkulunkulu libonisa nokuthi iNkosi uDavide noJohane uMbhaphathizi abayanga ezulwini lapho befa. (Mathewu 11:11; IzEnzo 2:29) Amaqiniso lawo, akuyona nje imibono evela ekuhloleni okungokwenkolo.

Amanye amaqiniso angase akuthinte: IBhayibheli lifundisa ukuthi abaphostoli bakaJesu nenani elilinganiselwe labanye bayoyiswa ezulwini bayobusa noJesu. Nokho, iningi labantu asebefile lamane laya ethuneni elivamile lesintu. UNkulunkulu uyobavusa, abalethe ekuphileni emhlabeni benethemba lokuphila okugcwele, okujabulisayo, nokungenasiphelo epharadesi lasemhlabeni elibuyiselwe.

OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza ukuba uthole isisekelo esinokwethenjelwa salelothemba eBhayibhelini lakho siqu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela