Ingabe Uyayihlonipha Indawo Yakho Yokukhulekela?
“Kusukela khona kanye ekuqaleni kwevangeli, amaKristu ayenendawo yawo ehlelekile neqondile yokukhulekela kwaphezulu.”—“Primitive Christianity,” by William Cave.
ABANTU bakaNkulunkulu bebelokhu bekujabulela ukuhlangana ndawonye ngenjongo yokukhulekela. Lokhu kwakuyiqiniso ekhulwini lokuqala njengoba kunjalo namanje. Abalobi bakuqala nezazi zenkolo, njengoLucian, uClement, uJustin Martyr, noTertullian, bonke bavuma ukuthi amaKristu ayenezindawo ezithile ayehlangana kuzo ukuze akhulekele ndawonye ngazo zonke izikhathi.
IBhayibheli liveza iphuzu elifanayo, linikeza izikhombo eziningi zemihlangano yasikhathi sonke eyayiqhutshwa amaqembu amaKristu. Lamaqembu ayaziwa ngokuthi amabandla. Lokhu kwakufaneleka ngoba igama elithi “ibandla” ezilimini zakuqala zeBhayibheli lisho iqembu labantu abahlangana ndawonye ngenjongo ethile noma umsebenzi.
Izindawo Zakuqala Zokukhulekela KobuKristu
Yini amaKristu ekhulu lokuqala ayeyenza lapho ehlangene ndawonye? IBhayibheli lichaza imihlangano eminingi enjalo futhi libonisa ukuthi ukufundisa kwakuyisici esibalulekile. (IzEnzo 2:42; 11:26; 1 Korinte 14:19, 26) Kwakuhlelwa izimiso zokufundisa, nezinkulumo, ukulandiswa kokuhlangenwe nakho okukhuthazayo, nokucatshangelwa ngokunakekela kwezincwadi ezivela endikimbeni ebusayo eJerusalema noma kumphostoli othile.
KuzEnzo 15:22-35, sifunda ukuthi ngemva kokuba kufundwe enye yezincwadi ezinjalo eqenjini lamaKristu e-Antiyokiya, uJuda noSila “[bakhuthaza, NW] abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa.” Okunye ukulandisa kubonisa ukuthi lapho uPawulu noBarnaba befika e-Antiyokiya “balibutha ibandla, balanda ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo.” Ukuthandaza kuJehova nakho kwakuyisici esibalulekile semihlangano yamaKristu.—IzEnzo 14:27.
Izindawo amabandla ekhulu lokuqala ayehlangana kuzo ngenjongo yokukhulekela zazingezona izakhiwo eziyinkimbinkimbi njengamasonto amaningi eLobukhowa namuhla. Ngokuyinhloko, amaKristu akuqala ayehlangana emakhaya. (Roma 16:5; 1 Korinte 16:19; Kolose 4:15; Filemoni 2) Ngokuvamile kwakusetshenziswa ikamelo eliphezulu lekhaya. Kwakusekamelweni eliphezulu lapho kwenzelwa khona iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Kwakusekamelweni eliphezulu futhi lapho abafundi abangu-120 bagcotshwa khona ngomoya ongcwele ngePentekoste.—Luka 22:11, 12, 19, 20; IzEnzo 1:13, 14; 2:1-4; 20:7, 9.
Namuhla, oFakazi BakaJehova balandela indlela eyamiswa ngabaphostoli. Basebenzisa izindawo zokuhlangana ezibizwa ngokuthi amaHholo OMbuso. Lapho bayaqeqeshwa njengabashumayeli bezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 24:14) EHholo LoMbuso, batadisha nemiBhalo, bathandaze, futhi bakhuthazane. Lokhu kuvumelana neseluleko seBhayibheli esikumaHeberu 10:24, 25: “Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.”
Ukusebenzisa Indawo Yethu Yokukhulekela Ngendlela Efanele
Ingabe uyawakhumbula amazwi omphostoli uPawulu athi: “UNkulunkulu kasiye owesiyaluyalu kepha ngowokuthula” nathi, “Konke makwenziwe ngemfanelo nangenhlelo”? Uma uhlola umongo walamazwi, uyothola ukuthi uPawulu wayekhuluma ngendlela imihlangano yobuKristu okumelwe iqhutshwe ngayo. Njengasesikhathini sabaphostoli, amaKristu namuhla ayaqiniseka ukuthi imihlangano yawo ifanelekile futhi ihlelekile.—1 Korinte 14:26-40.
INqabayokulinda yesiNgisi ka-October 15, 1969 yathi: “Isimo esingokomoya eHholo LoMbuso singokoqobo, sishukunyiswa isithakazelo soqobo ekukhulekeleni kweqiniso nasemyalweni weBhayibheli. Futhi indawo ezungezile ejabulisayo, engokwemvelo ehholweni ikhuthaza labo abakhona ukuba bangeneke futhi babe nobungane, bangavinjelwa ukuthula okuphoqelelwayo okuyimfihlakalo.” Yiqiniso, kuboniswa nokuqapha futhi ukuze ukusetshenziswa kweHholo LoMbuso ngaso sonke isikhathi kubonise inhlonipho nesizotha.
ELobukholwa liye labonisa ukuntula inhlonipho okukhulu kulokhu. Ezinye izinhlangano zenkolo zisebenzisa izindawo zazo zokukhulekela njengezikhungo zomphakathi zokuzilibazisa. Zinamakhonsathi omculo wenkolo we-rock adlala ngokoqobo esiteji, amakamelo okuphakamisa izinsimbi, amatafula okudlalelwa kuwo amabhola asetafuleni, izinkulisa, nezindlu zama-cinema. Elinye isonto lalinomdlalo we-wrestling njengengxenye yesimiso salo. Lokhu akuvumelani nakancane nesibonelo esabekwa ngabaphostoli.
Uma elinye lamabandla ekhulu lokuqala laliziphatha ngokungafanele, isiqondiso sasifaneleka. Ngokwesibonelo, abanye ebandleni lobuKristu eKorinte babesebenzisa ukugujwa kweSidlo SeNkosi Sakusihlwa njengethuba lokudla nokuphuza. Babeza nokudla kwabo kwakusihlwa ukuze badle ngaphambi noma phakathi nalomhlangano, abanye baze ngisho badle futhi baphuze ngokweqile. Lokhu kwakungafaneleki ngempela. Umphostoli uPawulu wababhalela: “Kanti aninazindlu yini zokudlela nokuphuzela na?”—1 Korinte 11:20-29.
Ngokuvumelana neseluleko sikaPawulu, oFakazi BakaJehova balwela ukunakekela izindaba zomuntu siqu emakhaya noma kwenye indawo kunaseHholo LoMbuso. Yiqiniso, imihlangano yethu yasikhathi sonke isinikeza ithuba elikahle lokubona abangane abaningi ngesikhathi esisodwa. Nokho, iHholo LoMbuso linikezelwa kuJehova, ngakho kumelwe lisetshenziselwe ukukhulekelwa kwakhe kuphela. Asikusebenzisi kabi ukuba khona kwethu lapho ukuze siphishekele izindaba zebhizinisi noma sinakekele izindaba zomuntu siqu zezimali.
Ngaphezu kwalokho, amabandla awawasebenzisi amaHholo OMbuso ngenjongo yokuzilibazisa, yemisebenzi yokuqoqa imali, noma yezinkonzo zezenhlalo, njengokunakekela abantwana. Zikhona ezinye izindawo lapho umuntu enganakekela khona izindaba ezinjalo zomuntu siqu nezebhizinisi.
Abadala kwelinye iHholo LoMbuso baphawula ukuthi amalungu ebandla ayenomkhuba wokuboleka nokuphindisela izinto ezibolekiwe emihlanganweni. Futhi, ayenomkhuba wokushintshisana ngamafilimu asemakhasethini e-video eHholo LoMbuso. Nakuba lesenzo kwakungesona esezentengiselwano, abadala bawasiza ukuba abone ukuhlakanipha kokunakekela lezizindaba emakhaya noma nini lapho kungenzeka.
Ukuze kugwenywe izimo ezinganikeza umbono ophambene futhi kuqinisekwe ukuthi iHholo LoMbuso lisetshenziswa ngokufanele, ngamunye kufanele azibuze: ‘Ingabe zikhona izindaba zomuntu siqu ebengizinakekela eHholo LoMbuso ezinganakekelwa ekhaya?’ Ngokwesibonelo, lapho kuhlelelwa ukuyongcebeleka noma eminye imibuthano yokuzilibazisa, bekungeke yini kube okungcono ukuxoxa ngamalungiselelo anjalo ekhaya? Ingabe besingalusebenzisa ucingo noma sivakashele emakhaya alabo esifisa ukuthintana nabo? Sisebenzisa amazwi kaPawulu, singathi: ‘Ngokuqinisekile sinazo izindlu zokunakekela izindaba ezinjalo, akunjalo?’
Isikhathi Esimisiwe Nendawo Yokukhulekela UJehova
IBhayibheli kumShumayeli 3:1 lithi: “Konke kunesikhathi sakho, yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.” Lapho sisemihlanganweni yebandla eHholo LoMbuso, singagxilisa ukunakekela kwethu ngokugcwele ezindabeni ezihlobene nenkonzo yobuKristu. Kuyisikhathi esimisiwe sokukhulekela uJehova.
Umfowabo kaJesu ngomzali oyedwa uJakobe wanikeza iseluleko ngokumelene nokubonisa ukukhetha ngaphakathi ebandleni lobuKristu. (Jakobe 2:1-9) Singasisebenzisa kanjani leseluleko emaHholo ethu oMbuso? Isimo sokukhetha singabonakala lapho ukudluliswa kwezimemo ezibhaliwe zemibuthano kwenziwa lapho. Kwelinye ibandla kwakuwumkhuba ukufaka izimemo ezinjalo ezikhwameni zezincwadi noma emaBhayibhelini alabo abakhona. Yiqiniso, lokhu kulula kakhulu kunokuthumela izimemo ngeposi noma ukuziyisa ekhaya ngalinye. Nokho, bazizwa kanjani labo abangazitholi izimemo ngemva kokuzibona zidluliselwa kwabanye abantu? Ingabe lokhu bekungabonisa ukukhetha?
Yiqiniso, akumelwe kube nomthetho onzima wokuthi akekho onganikeza omunye umlayezo womuntu siqu noma iphasela lapho beseHholo LoMbuso; futhi akukubi ukukhuluma ngezindaba noma izenzakalo zansuku zonke eHholo LoMbuso, ukumemela othile ekhaya lakho, noma ukucela othile ukuba ahlanganyele nawe ekuzilibaziseni okuthile. Kodwa lokhu akufanele kuvame futhi kufanele kwenziwe ngokuqapha nangendlela engabonakali. Amalungiselelo omuntu siqu akufanele neze aphazamise injongo yangempela yokuba kwethu ndawonye eHholo LoMbuso, okungukuthi, ukondliwa ngokomoya.—Mathewu 6:33; Filipi 1:10.
Amadoda Abeka Isibonelo
Abadala nezinceku ezikhonzayo ngentshiseko babeka isibonelo ekuboniseni inhlonipho ngeHholo LoMbuso. Ngokuvamile kunomdala oyedwa noma ababili nezinceku ezikhonzayo ezabelwe ukuba ziqondise izindaba eziphathelene nokugcinwa kweHholo LoMbuso. Lapho amabandla angaphezu kwelilodwa esebenzisa ihholo elilodwa, ikomiti yabadala yengamela lezindaba.
Nakuba abathile babelwe ngokukhethekile ukuba banakekele izindaba ezinjalo, zonke izinceku ezikhonzayo nabadala kufanele babonise isithakazelo esiqotho ngehholo. Bayaqaphela ukuthi iHholo LoMbuso liye lanikezelwa kuJehova futhi lisetshenziselwa ukukhulekelwa kwakhe.
Abadala akufanele bahlehlise izinto lapho kunesidingo sokuzilungisa. (2 IziKronike 24:5, 13; 29:3; 34:8; Nehemiya 10:39; 13:11) Kwamanye amabandla kwenziwa ukuhlolwa kweHholo LoMbuso kwasikhathi sonke ukuze kunakekelwe ngokushesha noma yikuphi ukulungisa okudingekayo. Izinhlu zempahla etholakalayo ziyagcinwa ukuze kuqinisekwe ukuthi impahla edingekayo ikhona futhi ibekwe endaweni okungeneka kalula kuyo. Uma kunendawo elungiselelwe ukugcina izinto zokusebenza, amathuluzi, nezinto zokuhlanza, bonke abadala nezinceku ezikhonzayo kufanele babonise isithakazelo esimweni sayo, beqiniseka ukuthi igcinwa icocekile. Labo abasebenza emakhabetheni kamagazini nezincwadi bangabonisa isithakazelo sabo ngokuqikelela ukuthi amabhokisi angenalutho awalingcolisi ihholo.
Ngokubeka isibonelo, abadala nezinceku ezikhonzayo bangasiza lonke ibandla ukuba libonise intshiseko ngeHholo LoMbuso. (Heberu 13:7) Bonke bangabonisa inhlonipho efanelekile ngokuba nengxenye ekuhlanzeni ihholo nangokubonisa isithakazelo esiqotho ekubukekeni kwalo.
UJesu wathi kuMathewu 18:20: “Lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.” Yebo, uJesu unesithakazelo kulokho esikwenzayo lapho sihlangene ndawonye ngenjongo yokukhulekela uJehova. Lokhu kuhlanganisa noma yimiphi imihlangano eqhutshelwa emakhaya nemihlangano emikhulu njengemihlangano yesigodi noma yesifunda.
Ngezigidi zoFakazi BakaJehova, ayikho indawo eziyithanda kakhulu kunendawo yazo yokukhulekela kwasikhathi sonke, iHholo LoMbuso. Zibonisa inhlonipho efanelekile ngaleyondawo. Zibonisa umoya wenkuthalo ekuyinakekeleni, futhi ngaso sonke isikhathi zilwela ukuyisebenzisa ngendlela efanelekile. Kwangathi nawe ungalandela iseluleko esinikezwa nguJehova ngokwakhe: “Gcina unyawo lwakho, lapho uya endlini kaNkulunkulu.”—UmShumayeli 5:1.