Bheka Lokho UJehova Asenzele Khona!
“SASIHLALA sithandazela isenzakalo esinjalo,” kusho enye indoda. Enye yayivuka njalo ekuseni ngehora lesine ukuze ithandaze. Ithandazelani? “Ngithandazela ukuba ngolunye usuku sibe nenkululeko yokukhulekela uJehova ngokukhululekile,” isho. NgoJanuary 1992, lapho oFakazi BakaJehova eTopiya behlangana ndawonye eAddis Ababa ukuze babe nomhlangano wabo Wesigodi “Wabathandi Benkululeko,” kwakhanya ukuthi lemithandazo ethobekile, neqotho yayiphenduliwe.
Lowomhlangano wesigodi waseTopiya wawuwukubonakaliswa kwendlela izinto ezishintsha ngayo eAfrika. Eminyakeni yamuva abantu bakaJehova emazweni angu-13 baye bajabulela ukwamukela inkululeko engokomthetho lapho ngaphambili babevinjelwe khona noma bebekelwe imingcele. ETopiya, iminyaka engu-34 yokuvinjelwa okungokomthetho yaphela ngoNovember 11, 1991, lapho iziphathimandla zikahulumeni zibanikeza ukuqashelwa futhi bebhaliswa kabusha. Ngokushesha, oFakazi benza amalungiselelo okuba nomhlangano wezizwe. Nokho, ukubona isixuku sabangu-7 573 sihlangene eNkundleni yezemidlalo yeDolobha laseAddis Ababa kwakungaphezu kokucabanga okujabulisa kakhulu kwabo bonke. Ngabaningi balabo ababekhona, kwakusengathi bayaphupha. Ngokuphindaphindiwe babetshelana: “Mzalwane, bheka lokho uJehova uNkulunkulu wethu asenzele khona!”—Qhathanisa iIHubo 66:1-5; 126:1.
Ukuba kwabo ngaphansi kokuvinjelwa iminyaka engu-34 kwadala ezinye izinkinga ezazingalindelekile. Abaningi babengajwayelene nezingoma zoMbuso ezimnandi. Babezofunda kanjani ukuzihlabelela ngaphambi komhlangano wesigodi? Izingoma ezingamashumi amane, kuhlanganise nezingu-17 ezasetshenziswa esimisweni somhlangano wesigodi, zahunyushelwa olimini lwesiAmharic. Khona-ke, kwahlelwa iqembu elikhethekile labahlabeleli ukuze kuqoshwe lezingoma emakhasethini. Ibandla ngalinye enhloko-dolobha lamukela ikhophi yekhasethi, futhi ibandla lonke lalithatha imizuzu engu-30 ngaphambi nangemva kwemihlangano ukuze liprakthize lezingoma. Waba yini umphumela? Inkundla yayigcwele ukuhlabelela ngokusuka enhliziyweni yonke nangenjabulo phakathi nomhlangano wesigodi.
Ngenxa yokuphazamiseka engxenyeni engasempumalanga yezwe, umgwaqo oya enhloko-dolobha ovela eDiredawa waseHarar wavalwa. Okwakuwukuphela kwendlela yokuhamba uma uvela lapho kwakungendiza. Bengenakukwazi ukukhokhela izindleko zendiza, kodwa bezimisele ukuba semhlanganweni wesigodi, abazalwane abayisishiyagalombili eHarar baya esikhungweni sezempi futhi bacela indawo endizeni yombutho wezempi. Okwabamangaza ukuthi isicelo samukelwa. Banikezwa uhambo lwamahhala lokuya emhlanganweni wesigodi!
Ukubona imithandazo yabo iphendulwa kwaletha izinyembezi zenjabulo kulabazalwane baseTopiya, ababekhuthazelele ubunzima noshushiso eminyakeni engamashumi amathathu edlule futhi ababeboné ngisho nabangane babo bebulawelwa ukholo lwabo. Esinye isihambeli sathi: “Bengikhala kusukela ekuqaleni kwalomhlangano.” Esinye sathi: “Uma ubunamandla okufunda izinhliziyo, ubuzoyibona indlela engijabula ngayo.” Yebo, yeka isimangaliso uJehova asenzela laboFakazi abathembekile!—IHubo 66:16, 19.
Inkululeko Enkulu Ngokwengeziwe Entshonalanga Nasenkabeni YeAfrika
IBenin ingelinye izwe lapho umsebenzi wabantu bakaJehova uye waqashelwa khona ngokomthetho muva nje. Bazizwa kanjani oFakazi ngalokho? Esinye isikhulumi embuthanweni wobuKristu savuma: “Inkululeko yokukhulekela kulelizwe ngempela iyisipho esivela kuJehova.” Yebo, izikhonzi zikaJehova lapho zibonga ngokujulile ngokuthi manje zingajabulela inkululeko engenamingcele yokuhlangana ndawonye ekukhulekeleni nasekuxoxeni nomakhelwane bazo ngoMbuso kaJehova—inkululeko abaningi bethu abayithatha kalula.
Bazoyibonisa kanjani injabulo yabo? Isikhulumi esicashunwe ngenhla saveza indlela eyodwa lapho sithi: “Ukuhlanganyela kwethu emsebenzini wokushumayela—ikakhulukazi ukuya endlini ngendlu nezindaba ezinhle—kubonisa ukwazisa kwethu ngalenkululeko.” Lokhu ngokuqinisekile kuye kwaba njalo eBenin. Njengobufakazi, ake ubheke nje amanani amaphayona. Phakathi noJanuary 1990, okuyinyanga ukuvinjelwa okwathatha iminyaka engu-14 okwaqedwa ngayo, abamemezeli abangu-77 babehlanganyela enkonzweni yasikhathi sonke yesikhathi esigcwele. Eminyakeni emibili kamuva lelinani landa ngaphezu kokuphindwe kathathu, laba ngu-244!
Lokhu akusho ukuthi oFakazi eBenin babengematasa ngaphambi kokuba ukuvinjelwa kuqedwe. Empeleni, ukukhuthazela kwabo kwathonya ngokujulile esinye isikhulu sombutho wezempi esasabelwe ekamu abayiswa kulo lapho beboshwa. Njengoba ukuzimisela kwabo ukukhonza uJehova kwakuholela ekuboshweni njalo, lesikhulu sazithola sixhumana njalo nabo. Kodwa lokhu kwakumane nje kusikhumbuze ngezingxoxo zeBhayibheli ezijabulisayo esasibe nazo nabo ngaphambili lapho besajabulela inkululeko engokomthetho.
Ekugcineni, ukholo lwabo oluqinile lwavusa umuzwa wendlala engokomoya ngaphakathi kwaso. Savakashela amasonto ahlukahlukene namahlelo kodwa asikwazanga neze ukuyanelisa leyondlala. Kwakungemva kokuba ukuvinjelwa kuqediwe ngoJanuary 1990 kuphela lapho sasikwazi khona ukuxoxa ngeBhayibheli ngokukhululekile noFakazi futhi sithole impendulo esidingweni saso esingokomoya. Manje sesibhapathiziwe futhi sikhonza njengephayona. Ngandlela-thile, ushintsho lwaso lukhumbuza abazalwane baseBenin ngalokho okwenzeka kuSawulu waseTarsu: “Lowo okade esizingela useshumayela ukukholwa.”—Galathiya 1:23.
NgoDecember 1991, oFakazi BakaJehova kwelinye izwe eliseNtshonalanga yeAfrika, iNiger, babhaliswa njengenhlangano engokomthetho, futhi ukubekelwa imingcele emsebenzini wabo kwaqedwa. Nalapha futhi kwaba nokusabela kwenjabulo. Igatsha laseNigeria, elinakekela iNiger, libika ngokusabela okwaba khona komunye umhlangano wesigodi: “Ngemva kwenkulumo eyisihluthulelo emhlanganweni wesigodi waseMaradi ngoLwesihlanu, kwamenyezelwa kubazalwane ukuthi manje sesiqashelwa ngokomthetho eNiger. Bajabula kakhulu futhi bashaya izandla imizuzu ethile. Ekuphetheni kwesimiso, abazalwane babenokuningi kakhulu kokukusho, bangana omunye nomunye futhi bezijabulela izindaba ezinhle ezinjalo.” Singacabanga ngalesenzakalo, futhi siyajabula kanye nabo.
Bazoyisebenzisa kanjani abazalwane lapho inkululeko yabo entsha abasanda kuyithola? Omunye udade oyiphayona eNiger akangabazi ngempendulo yalowombuzo. Uyabhala: “Amaqiniso abonisa ukuthi ensimini yethu eNiger, labo abayophuma eBabiloni Elikhulu ngaphambi kwesiphelo baningi kakhulu. Njengobufakazi balokhu, ngiye ngakwazi ukubika izimpindelo ezisukela kwezingu-80 kuya kwezingu-85 inyanga ngayinye futhi ngiqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-13 noma ezingu-14, naphezu kweqiniso lokuthi ngiye ngadlulisela eziningi zezimpindelo zami kwabanye abamemezeli.” Lodade othembekile uyanezela: “Ngenxa yezinkinga zempilo yami, angikwazi ukwenza okuningi ngendlela ebengingathanda ngayo enkonzweni yasensimini, kodwa wonke umuntu wenza lokho angakwenza.”
ERwanda eseNkabeni yeAfrika, isimo soFakazi BakaJehova siye sashintsha ngokumangalisayo. NgoApril 1992 kwakhishwa incwadi ebonisa ukuthi ekugcineni base beyinhlangano engokomthetho. Lencwadi yemukelwa ngesonto leSikhumbuzo, futhi abamemezeli abangu-1 526 baseRwanda bajabula ukubona abangu-6 228 bekhona kulesenzakalo. Ingabe labazalwane bayobonisa injabulo nokwazisa kwabo ngomsebenzi owengeziwe ekumemezeleni izindaba ezinhle? Ngokuqinisekile! Phakathi naleyonyanga efanayo ka-April, abamemezeli bamabandla bafinyelela isilinganiso samahora angu-27,7 emsebenzini wokushumayela nesezimpindelo ezingu-17, beqhuba ngokwesilinganiso izifundo zeBhayibheli ezingu-2,4. Futhi amaphesenti angaba ngu-40 abo ayesohlotsheni oluthile lwenkonzo yesikhathi esigcwele.
Ukuqashelwa Ngokomthetho EAfrika Eseningizimu
Ezansi eAfrika eseningizimu, kuye kwajatshulelwa inkululeko entsha emazweni amabili amahle, iMozambique neAngola. EMozambique ukuqashelwa ngokomthetho kwagunyazwa ngoFebruary 1991. Njengoba isimo sasiba ngcono lapho, iWatch Tower Bible and Tract Society yathumela izithunywa zevangeli kulelozwe, elalenziwe inhlekelele yimpi yangaphakathi. Izithunywa zevangeli zathola umhlabathi ovundile. Izincwadi zeBhayibheli—ikakhulukazi incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo—zifunwa kakhulu. Esinye isithunywa sevangeli sibika ukuthi sahambisa izincwadi ezingu-50 ngesikhathi esingaphansi kwamahora amabili nengxenye.
Abantu abathakazelayo basabela ngokushesha. Isithunywa sevangeli savakashela ekhelini iNhlangano eyayilinikeziwe, futhi kwatholakala ukuthi kwakungelendoda yombutho wezempi. Kwaba nengxoxo ende nalendoda ngokwayo nezihlobo zayo ezimbili. Lapho kwenziwa impindelo, kwabuye kwaba nenye ingxoxo enezithelo ezinhle nalendoda kwabanye abahlanu. Khona-ke bonke bamukela isimemo sokuba khona enkulumweni yeningi naseSifundweni seNqabayokulinda—konke kwenzeka phakathi nezinsuku ezine kuphela.
EAngola oFakazi baye bajabulela inkululeko eyandayo eyafinyelela umvuthwandaba ngokuqashelwa ngokomthetho komsebenzi wabo ngoApril 1992. Bayisebenzisa kanjani inkululeko yabo eyengeziwe? Bahlanganyela enkonzweni yasensimini! Kunabamemezeli abacishe babe ngu-17 000 eAngola, futhi labo bamemezeli baqhuba izifundo zeBhayibheli ezicishe zibe ngu-60 000. Yeka ithuba elikhona lokwanda esikhathini esizayo!
Abasha Bahlanganyela Ekufakazeni
Kulamazwe lapho umsebenzi wokushumayela uye waqashelwa khona ngokomthetho, ngisho nabasha futhi abangakabhapathizwa babonisa ukwazisa kwabo ngokusebenza enkonzweni. ERiphabhuliki yaseCape Verde, lapho oFakazi BakaJehova baqashelwa khona ngokomthetho ngoNovember 1990, komunye umhlangano wesigodi intombazane eneminyaka engu-17 ubudala yasukuma yabonakalisa ukholo lwayo obala. Ngemva kokubhapathizwa, isivakashi esithile sabona isixuku siyikakile. Saya kuyo sayihalalisela futhi sabuza ukuthi sasingobani lesixuku. “Oh,” iphendula, “laba bayizifundo zami zeBhayibheli.” Yayiqhuba izifundo zeBhayibheli eziyisikhombisa, futhi zazilapho ziyihalalisela ekubhapathizweni kwayo. Kakade yase isifakile isicelo sayo sokukhonza njengephayona elisizayo futhi ibheke phambili ukufanelekela ukuba yiphayona elivamile ekugcineni.
Intombazane eneminyaka eyishumi ubudala eAngola yabuzwa ukuthi yayingummemezeli yini. Yaphendula: “Yebo.” Ingabe zikhona izifundo zeBhayibheli eyayiziqhuba? “Ngokuqinisekile.” Zingaki? “Ziyisikhombisa,” kuphendula lona oneminyaka eyishumi.
Encwadini yezEnzo sifunda ukuthi ngesinye isikhathi ekhulwini lokuqala leminyaka, “ibandla laba-nokuthula kulo lonke elaseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.” (IzEnzo 9:31) Sikhulekela ukuthi kubafowethu eAfrika, lena ngokufanayo kube yinkathi yokuthula. Sijabula kanye nabo njengoba bakheka, futhi sikhulekela ukuba umoya kaJehova ube nabo njengoba besebenzisa kahle inkululeko yabo ekusakazeni izindaba ezinhle futhi beqhubeka banda.
[Ibalazwe ekhasini 24]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Amazwe Lapho OFakazi BakaJehova Beye Baqashelwa Khona Ngokomthetho Noma Kwasuswa Imingcele Ababeyibekelwe
1. Gambia, December 1989
2. Benin, January 1990
3. IRiphabhuliki yaseCape Verde, November 1990
4. Mozambique, February 1991
5. Ghana, November 1991
6. Etopiya, November 1991
7. Congo, November 1991
8. Niger, December 1991
9. Togo, December 1991
10. Chad, January 1992
11. Kenya, March 1992
12. Angola, April 1992
13. Rwanda, April 1992
[Isithombe ekhasini 23]
EBenin ummemezeli woMbuso ugcwalisa amazwi kaMathewu 24:14 ngombhobho wakhe wokukhuluma
[Isithombe ekhasini 25]
Emazweni amaningi aseAfrika, amaKristu eqiniso ayisebenzisa kahle inkululeko yawo asanda kuyithola
[Isithombe ekhasini 26]
OFakazi abasha babonakalisa ukuzinikezela kwabo kuJehova ngobhapathizo lwamanzi