Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 11/1 kk. 21-22
  • Indoda Efundile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indoda Efundile
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umuntu WaseTarsu Ngendabuko
  • Isakhamuzi SaseRoma
  • Umbono Ofanele
  • “Ukujonga Emgomweni”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ungazithola Izibusiso ZoMbuso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • “Yizwani Ukuziphendulela Kwami”
    ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-50—KwabaseFilipi
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 11/1 kk. 21-22

Indoda Efundile

“BHEKANI ukubizwa kwenu-bazalwane: kababaningi abahlakaniphileyo ngokwenyama, kababaningi abanamandla, kababaningi abayizikhulu.” (1 Korinte 1:26) Njengoba lamazwi ebonisa, kunengozi ukugxila ekuhlakanipheni kwezwe noma ukuba nesikhundla esiphakeme kwezenhlalo. Izinto ezinjalo zingavimbela umuntu ekwamukeleni izindaba ezinhle.—IzAga 16:5; Marku 10:25.

Nakuba kunjalo, osukwini lukaPawulu abathile ababehlakaniphile ngokwenyama balamukela iqiniso, futhi omunye walaba kwakunguPawulu ngokwakhe. Efundile futhi ebonakala evela emkhayeni ovelele, uPawulu wayengumshumayeli wevangeli oshisekayo. Ngaleyondlela wabonisa ukuthi abanamalungelo kulelizwe bangamkhonza uJehova uma inhliziyo yabo ilungile. Bangasebenzisa ngisho namakhono abo emisebenzi enkonzweni kaJehova.—Luka 16:9.

Umuntu WaseTarsu Ngendabuko

UPawulu wazalelwa eTarsu, ‘umuzi ongesiwo ongenalo udumo,’ njengoba ayichaza kanjalo kamuva. (IzEnzo 21:39) Cishe kwakulapho lapho azuza khona ulwazi lwezilimi—ikakhulukazi ubungcweti besiGreki—olwaluwusizo emsebenzini wakhe wezithunywa zevangeli. Ukuphila eTarsu kwakungeke kuchaye uPawulu ezindleleni zamaJuda kuphela kodwa kwakuyomchaya nasemasikweni abeZizwe, okuhlangenwe nakho akusebenzisa eminyakeni eyalandela njengomphostoli wabezizwe. Wayekwazi ukuzwakalisa iqiniso ngendlela ababengayiqonda. (1 Korinte 9:21) Njengesibonelo, cabangela inkulumo yakhe kwabaseAthene elandiswa kuzEnzo isahluko 17. Lapho, wahlanganisa ngekhono izikhombo ezibhekisela enkolweni yabaseAthene ngisho nanengcaphuno yenye yezimbongi zabo entshumayelweni yakhe yeqiniso.

Isakhamuzi SaseRoma

UPawulu wayenenye inzuzo ayeyizuze ezweni. Wayeyisakhamuzi saseRoma, futhi nalokhu wakusebenzisa ekuthuthukiseni izindaba ezinhle. EFilipi, yena nabangane bakhe bashaywa futhi bafakwa etilongweni ngaphandle kokuthethwa kwecala. Kwakuwukwephula umthetho ukwenza lokhu esakhamuzini saseRoma, futhi lapho uPawulu eletha lokhu ekunakekeleni kweziphathimandla, zamvumela ukuba aqhubeke futhi akhonze ibandla ngaphambi kokuba aye endaweni elandelayo.—IzEnzo 16:37-40.

Kamuva, lapho ephambi koMbusi uFestu, uPawulu wasebenzisa kahle ukuba kwakhe yisakhamuzi saseRoma ukuze adlulisele icala lakhe kuKesari. Kanjalo, wavikela izindaba ezinhle phambi kwesiphathimandla esiphakeme kakhulu soMbuso waseRoma.—IzEnzo 25:11, 12; Filipi 1:7.

UPawulu wathola ukuqeqeshwa ngendlela engokoqobo kamuva okwabonakala kuwusizo. Wafundiswa ukwenza amatende, cishe uyise. Ngenxa yalokhu, wayengazigcina esenkonzweni lapho izindleko ziphansi. (IzEnzo 18:1-3) Futhi wathola imfundo ejulile yezenkolo. Wakhuliswa ‘njengomFarisi, indodana yabaFarisi.’ (IzEnzo 23:6) Empeleni, wafunda ngasezinyaweni zikaGamaliyeli, omunye wabafundisi bamaJuda ababevelele kakhulu. (IzEnzo 22:3) Imfundo enjalo, mhlawumbe namuhla engafaniswa nemfundo ephakeme yaseyunivesithi, isikisela ukuthi umkhaya wakubo wawuvelele kakhulu.

Umbono Ofanele

Isizinda sikaPawulu nokuqeqeshwa kwanikeza ikusasa eliqhakazile ebuJudeni. Wayengaphumelela kakhulu ebuJudeni. Nokho, lapho ekwamukela ukuthi uJesu wayenguMesiya, imigomo kaPawulu yashintsha. Lapho ebhalela abaseFilipi, wakhulumela kafushane ezinye zezinzuzo zakhe zangaphambili zezwe futhi wathi: “Lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu. Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami.”—Filipi 3:7, 8.

Lendoda efundile ayizange ibheke emuva ngokulangazelela lokho eyayingakwenza ngemfundo yayo yezwe; futhi ayizange isebenzise ‘ukufunda kwayo okuningi’ ekunqobeni abanye ngokubesabisa. (IzAga 26:24; 1 Korinte 2:1-4) Kunalokho, inokholo olugcwele kuJehova uNkulunkulu, yabhekisela emathembeni ayo angaphambili, ithi: “Ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili, ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.” (Filipi 3:13, 14) UPawulu wayezazisa izinto ezingokomoya.

Nakuba kunjalo, uPawulu wasebenzisa lokho kuqeqeshwa kwangaphambili enkonzweni kaJehova. Lapho ethi ngamaJuda, “ngiyabafakazela ukuthi bashisekela uNkulunkulu,” wayekhuluma ngokuhlangenwe nakho kwakhe siqu. (Roma 10:2) NjengomFarisi oshisekayo, ngokuqinisekile wayenentshiseko ngoNkulunkulu nangemiBhalo. Ngemva kokuba uPawulu ebe umKristu, intshiseko yakhe yabuswa ulwazi oluqondile, futhi wayengasebenzisela imfundo yakhe yangaphambili enjongweni yokulunga. Ngokwesibonelo, encwadini yamaHeberu wasebenzisa ulwazi lwakhe olujulile lomlando wamaIsrayeli nokukhulekela kwasethempelini ukuze abonise ukuphakama kwesimiso sobuKristu.

Namuhla abanye abahlakaniphile ngokwenyama nabo bayasabela ezindabeni ezinhle. Abantu abanazo zonke izinhlobo zezimfanelo zemfundo, kanye namalungu azo zonke izinhlobo zemisebenzi efundelwayo, baye bamukela iqiniso futhi basebenzisa ukuqeqeshwa kwabo kwangaphambili enkonzweni kaJehova. Nakuba kunjalo, kungakhathaliseki ukuthi iyini imfundo yabo yezwe, amaKristu awalahlekelwa umbono wokuthi izimfanelo ezibalulekile ezingokomoya. Lezi “izinto ezibaluleke kakhulu” ngoba zingasiholela ekuphileni okuphakade.—Filipi 1:10, NW.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela