Sebenzela Ukulondoloza Umkhaya Wakho Ungene Ezweni Elisha LikaNkulunkulu
“Wena-Jehova uyakubagcina, ubavikele kulesisizukulwane kuze kube-phakade.”—IHUBO 12:7.
1, 2. (a) Eminye imikhaya ithinteka kanjani ngaphansi kokucindezela kwezinsuku zokugcina? (b) Imikhaya engamaKristu ingakufuna kanjani ukusinda?
“NAMUHLA inhliziyo yami igcwele injabulo!” kubabaza omunye umdala ongumKristu ogama lakhe linguJohn. Siyini isizathu salokhu kwethaba? “Indodana yami eneminyaka engu-14 ubudala nendodakazi yami eneminyaka engu-12 babhapathiziwe,” elandisa. Kodwa injabulo yakhe ayiphelelanga lapho. “Bobabili indodana yami eneminyaka engu-17 nendodakazi yami eneminyaka engu-16 bebengamaphayona asizayo kulonyaka odlule,” enezela.
2 Imikhaya eminingi phakathi kwethu ithola imiphumela emihle efanayo njengoba isebenzisa izimiso zeBhayibheli. Nokho, eminye ibhekana nezinkinga. “Sinabantwana abahlanu,” kubhala omunye umbhangqwana ongamaKristu, “futhi kuye kwaba nzima ngokuqhubekayo ukusebenzelana nabo. Kakade sesilahlekelwe oyedwa waya kulesimiso esidala. Intsha yethu eyevé eshumini elinambili ibonakala iyinkundla eyinhloko yokuhlasela kukaSathane njengamanje.” Kukhona nemibhangqwana ebhekene nezinkinga zomshado ezingathi sína, ngezinye izikhathi eziholela ekuhlaleni ngokwehlukana noma esehlukanisweni. Noma kunjalo, imikhaya ehlakulela izimfanelo zobuKristu ingasinda ‘osizini olukhulu’ futhi ilondolozwe ingene ezweni elisha likaNkulunkulu elizayo. (Mathewu 24:21; 2 Petru 3:13) Khona-ke, yini ongayenza ukuze kuqinisekiswe ukuthi owakho umkhaya uyalondolozwa?
Ukuthuthukisa Ukukhulumisana
3, 4. (a) Ukukhulumisana kubaluleke kangakanani ekuphileni komkhaya, futhi kungani ngokuvamile kuphakama izinkinga ngokuphathelene nakho? (b) Kungani amadoda kufanele alwele ukuba izilaleli ezinhle?
3 Ukukhulumisana okuhle kuyisici esibaluleke kakhulu somkhaya ophile kahle; uma kuntuleka, ukucindezeleka kuyanda. “Lapho kungekho khona ukululekana, amasu ayachitheka,” kusho izAga 15:22. Ngokuthakazelisayo, umeluleki wabashadile uyabika: “Ukukhononda okuvame kakhulu engikuzwa kuvela kubafazi engibelulekayo yilokhu ‘Akangikhulumisi,’ nokuthi ‘Akangilaleli.’ Futhi lapho ngixoxa ngalokhu kukhononda nabayeni babo, abangilaleli nami.”
4 Yini ebangela ukuntuleka kokukhulumisana? Phakathi kokunye, amadoda nabesifazane bahlukile, futhi ngokuvamile banezindlela zokukhulumisana nabanye ezihluke ngokuphawulekayo. Esinye isihloko saphawula ukuthi indoda “ivame ukukhuluma ngokuqondile futhi ayilawulwa imizwelo” ezingxoxweni zayo, kuyilapho “[umfazi] udinga isilaleli esinozwela.” Uma lokhu kuyinkinga emshadweni wakho, sebenzela ukuthuthukisa isimo. Indoda engumKristu kungase kudingeke ikusebenzele kanzima ukuba isilaleli esihle. UJakobe uthi: “Yilowo nalowomuntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma.” (Jakobe 1:19) Funda ukugwema ukunikeza iziyalo, ukweluleka, noma ukushumayela lapho umkakho efuna nje ‘isihawu.’ (1 Petru 3:8) “Obamba amazwi akhe unokwazi,” kusho izAga 17:27.
5. Iziphi ezinye izindlela amadoda angathuthuka ngazo ekuvezeni imicabango nemizwa yawo?
5 Ngakolunye uhlangothi, ‘kunesikhathi sokukhuluma,’ futhi kungase kudingeke ukuba ufunde ukuyiveza kakhudlwana imicabango nemizwa yakho. (UmShumayeli 3:7) Ngokwesibonelo, ingabe kulula ukumtusa umkakho ngemisebenzi yakhe? (IzAga 31:28) Ingabe uzibonakalisa ungobongayo ngenxa yomsebenzi onzima awenzayo ekukusekeleni nasekunakekeleni indlu? (Qhathanisa neyabaseKolose 3:15.) Noma mhlawumbe kudingeka uthuthuke ‘ekubonakaliseni uthando’ ngamazwi. (IsiHlabelelo SeziHlabelelo 1:2, NW) Ukwenza kanjalo kungase kubonakale kunzima kuwe ekuqaleni, kodwa kungafeza okukhulu kakhulu ekwenzeni umkakho azizwe eqiniseka ngothando lwakho ngaye.
6. Yini abafazi abangayenza ukuze bathuthukise ukukhulumisana komkhaya?
6 Kuthiwani ngabafazi abangamaKristu? Omunye umfazi ucashunwa ethi umyeni wakhe uyazi ukuthi uyamazisa, ngakho akudingekile ngaye ukuba amtshele. Nokho, amadoda nawo ayajabula uma aziswa, enconywa, futhi etuswa. (IzAga 12:8, qhathanisa neNW.) Ingabe kudingeka uyiveze kakhudlwana imizwa yakho kulendaba? Ngakolunye uhlangothi, mhlawumbe kudingeka unakekele kakhulu indlela olalela ngayo. Uma umyeni wakho ekuthola kunzima ukuxoxa ngokukhululekile ngezinkinga zakhe, izinto azesabayo, noma ezimkhathazayo, ingabe uye wafunda indlela yokumenza akhulume, ngomusa nangobuhlakani?
7. Yini engase ibangele ukuba kuqubuke izingxabano emshadweni, futhi zingavinjelwa kanjani?
7 Yebo, ngisho nemibhangqwana ngokuvamile eqhuba kahle ingase ngezinye izikhathi ibhekane nokungaphumeleli ekukhulumisaneni. Imizwelo ingase ibe namandla ngaphezu kokusebenzisa ingqondo ngokuhluzekile, noma ingxoxo ezolileyo ingase ishintshe ngokushesha ibe impikiswano evuthayo. (IzAga 15:1) “Sonke siyakhubeka ngokuningi”; nokho, ukuxabana kwabantu abashadile akusho ukuphela komshado. (Jakobe 3:2) Kodwa ‘umsindo nokuhlambalaza’ akufanelekile futhi kuyabubhubhisa noma ibuphi ubuhlobo. (Efesu 4:31) Sheshani ukwenza ukuthula lapho niye nakhipha amazwi ahlabayo. (Mathewu 5:23, 24) Izingxabano ngokuvamile zingavinjelwa kwasekuqaleni uma nobabili nisebenzisa amazwi kaPawulu akweyabase-Efesu 4:26: “Ilanga malingashoni nisathukuthele.” Yebo, khulumani ngezinkinga lapho zisezincane futhi zisengasingathwa; ningalindi kuze kube yilapho imizwelo yenu isifinyelele iqophelo lokuba iqhume. Ukusebenzisa imizuzu embalwa usuku ngalunye nixoxa ngezinto ezinikhathazayo kungase kufeze okukhulu ekuthuthukiseni ukukhulumisana futhi kuvimbele ukungezwani.
‘Ukuqondisa KukaJehova’
8. Kungani enye intsha ingase ihlehle eqinisweni?
8 Kubonakala sengathi abanye abazali banelisekile ngokuvumela abantwana babo ukuba balandele nje. Abantwana baba khona emihlanganweni futhi babe nengxenye ethile enkonzweni yasensimini, kodwa ngokuvamile abakazakheli ubuhlobo bomuntu siqu noNkulunkulu. Ngokuhamba kwesikhathi, “inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo” ingase iholele eningi intsha enjalo kude neqiniso. (1 Johane 2:16) Yeka ukuthi kungaba okudabukisa kanjani ngabazali ukuba bona basinde eArmagedoni kodwa ngenxa yokudebesela kwesikhathi esidlule bashiye abantwana babo ngemuva benjengezinkubela zempi!
9, 10. (a) Ukukhulisa abantwana ‘ngokuyala nangokuqondisa kukaJehova’ kuhilelani? (b) Kungani kubalulekile ukuvumela abantwana baveze imizwa yabo ngokukhululekile?
9 Ngakho uPawulu wabhala: “Nani-boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa [kukaJehova].” (Efesu 6:4) Ukuze wenze kanjalo, kumelwe ukuba wena ngokwakho ujwayelane kahle nezindinganiso zikaJehova. Kumelwe ubeke isibonelo esifanele uma kuziwa ezintweni ezinjengokukhetha kwakho okokuzilibazisa, isifundo somuntu siqu, ukuba khona emihlanganweni, nenkonzo yasensimini. Amazwi kaPawulu futhi asikisela ukuthi umzali kumelwe (1) abe umqaphi ophapheme wabantwana bakhe nokuba (2) alondoloze ukukhulumisana okuhle nabo. Kungalesosikhathi kuphela lapho uyokwazi khona ukuthi kukuphi lapho bedinga khona ‘ukuqondiswa.’
10 Kungokwemvelo ngentsha eyevé eshumini elinambili ukulwela ukuba nesilinganiso esithile sokuzibusa. Nokho, kumelwe uqaphele izimpawu ezibonisa ngokucacile ithonya lezwe enkulumweni yabo, ekucabangeni, ekugqokeni nasekuzilungiseni, nasohlotsheni lwabangane ababakhethayo. Ubaba ohlakaniphile wakhuluma njengoba kulotshwe kuzAga 23:26: “Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho.” Ingabe abantwana bakho bazizwa bekhululekile ukuhlanganyela nawe imibono nemizwa yabo? Lapho abantwana bengesabi ukujeziswa ngokusheshayo, bangase bathambekele kakhudlwana ekwambuleni indlela abazizwa ngayo ngempela ngezinto ezinjengemisebenzi yangemva kwesikole, ukuphola, imfundo ephakeme, noma iqiniso leBhayibheli ngokwalo.
11, 12. (a) Izikhathi zokudla zingasetshenziswa kanjani ngenjongo yokuthuthukisa ukukhulumisana komkhaya? (b) Yini engase ibe umphumela wemizamo ephikelelayo yomzali yokuthuthukisa ukukhulumisana nabantwana bakhe?
11 Emazweni amaningi kuyinto ejwayelekile ukuba imikhaya idle ndawonye. Ngakho isidlo esikhulu sosuku singanikeza ithuba elihle ngawo wonke amalungu omkhaya ukuba ahlanganyele engxoxweni eyakhayo. Ngokuvamile isidlo somkhaya siminyaniswa iTV nezinye iziphazamiso. Nokho, amahora amaningi abantwana bakho baye baba yizithunjwa ezingokoqobo esikoleni futhi bavulekela ekucabangeni kwezwe. Izikhathi zokudla ziyisikhathi esihle sokukhulumisana nabantwana bakho. “Sisebenzisa izikhathi zokudla ukuze sikhulume ngezinto ezenzeke phakathi nosuku,” kusho omunye umzali. Noma kunjalo, izikhathi zokudla akudingekile zibe izikhathi zokuyala ezibangela amahloni noma zokuphenya abantwana ngemibuzo. Gcina lesikhathi singesokukhululeka futhi sijabulisa!
12 Ukwenza abantwana bakhulume nawe ngokukhululekile kuyinselele futhi kungase kudinge isineke esikhulu. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi ungase ubone imiphumela ejabulisayo. “Indodana yethu eneminyaka engu-14 ibicindezelekile futhi inamahloni,” kukhumbula omunye umama okhathazekile. “Ngemithandazo yethu nangokuphikelela, isiqala ukukhululeka nokukhuluma!”
Isifundo Somkhaya Esakhayo
13. Kungani kubaluleke kangaka ukusheshe uqale ukuqeqesha abantwana, futhi kungenziwa kanjani?
13 ‘Ukuqondisa’ kuhlanganisa nemfundo ehlelekile ngeZwi likaNkulunkulu. NjengakuThimothewu, ukuqeqeshwa okunjalo kufanele kuqale “kusukela ebuntwaneni.” (2 Thimothewu 3:15) Ukuqeqesha kusukela ebuntwaneni kwenza abantwana baqine ukuze babhekane novivinyo lokholo olungase luvele phakathi neminyaka yesikole—ukugubha izinsuku zokuzalwa, imikhosi yokushisekela ubuzwe, noma amaholide enkolo. Ngaphandle kokulungiselelwa uvivinyo olunjalo, ukholo lomntwana lungase lubhidlizwe. Ngakho wasebenzise ngokunenzuzo amathuluzi iWatch Tower Society eye yawalungiselela abantwana abancane, anjengencwadi ethi Ukulalela UMfundisi oMkhulu nethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli.a
14. Isifundo somkhaya singalondolozwa kanjani singesiqhutshwa njalo, futhi yini oye wayenza ukuze nibe nesifundo somkhaya esiqhutshwa njalo?
14 Esinye isici esidinga ukunakekelwa isifundo somkhaya, esingase siwele kalula ekubeni singaqhutshwa njalo noma sibe indaba engathakazelisi, ebandayo ekhathazayo kokubili kubazali nakubantwana. Ungasithuthukisa kanjani isimo? Okokuqala, kumelwe ‘uthengisise isikhathi’ sesifundo, ungavumeli ukuba siminyaniswe imidlalo yeTV noma ezinye iziphazamiso. (Efesu 5:15-17) “Sasinenkinga ekugcineni isifundo sethu somkhaya siqhutshwa njalo,” kuvuma enye inhloko yomkhaya. “Sazama izikhathi ezihlukahlukene saze sathola isikhathi santambama kakhulu esasisivumela kahle. Manje isifundo sethu somkhaya siqhutshwa njalo.”
15. Ungasenza kanjani isifundo somkhaya wakho sivumelane nezidingo zomkhaya wakho?
15 Ngokulandelayo, cabangela izidingo ezikhethekile zomkhaya wakho. Imikhaya eminingi ijabulela ukulungiselela ndawonye isifundo seNqabayokulinda samasonto onke. Nokho, njalo ngezikhathi ezithile, umkhaya wakho ungase ube nezindaba ezithile ezidinga ukuxoxwa, kuhlanganise nezinkinga okubhekanwa nazo esikoleni. Incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo kanye nezihloko zeNqabayokulinda nezePhaphama! zingahlangabezana nalesidingo. “Uma siphawula noma isiphi isimo sengqondo kubafana bethu esidinga ukulungiswa,” kusho ubaba othile, “sigxila kuleso sahluko esisikhulumelayo encwadini ethi Intsha Iyabuza.” Umkakhe uyanezela: “Sizama ukuba abazivumelanisa nezimo. Uma kunokuthile esikuhlelele isifundo sethu, bese kuphakama isidingo sokuxoxa ngokuthile okuhlukile, khona-ke siyashintsha kuye ngokwalesosidingo.”
16. (a) Ungaqiniseka kanjani ukuthi abantwana bakho bayakuqonda lokho abakufundayo? (b) Yini ngokuvamile okufanele igwenywe lapho kuqhutshwa isifundo somkhaya?
16 Ungaqiniseka kanjani ukuthi abantwana bakho bayakuqonda ngempela lokho abakufundayo? UMfundisi Omkhulu, uJesu, wabuza imibuzo efuna imibono enjengokuthi, “Ucabangani?” (Mathewu 17:25 NW) Ngokwenza okufanayo, zama ukuthola ukuthi yini ngempela ecatshangwa abantwana bakho. Khuthaza umntwana ngamunye ukuba aphendule ngamazwi akhe siqu. Yebo, uma usabele ngamawala ngolaka noma ngokwethuka emazwini abo aqotho, bangase bakungabaze ukuphinde bakhulume nawe ngokukhululekile ngokulandelayo. Ngakho zola. Gwema ukwenza isifundo somkhaya sibe inkundla yokujezisa. Kufanele sibe esijabulisayo, esakhayo. “Uma ngithola ukuthi omunye wabantwana bami unenkinga,” kusho omunye ubaba, “Ngiyobhekana nayo ngesinye isikhathi.” “Uma kuboniswana nomntwana eyedwa,” kunezela umama, “umntwana akabi namahloni kangako futhi uthambekela ekubeni akhulume ngokukhululeke ngokwengeziwe kunalapho elulekwa phakathi nesifundo somkhaya.”
17. Yini engenziwa ukuze isifundo somkhaya sibe esithakazelisayo, futhi yini eye yasebenza kahle ngomkhaya wakho?
17 Ukwenza ukuba abantwana bahlanganyele esifundweni somkhaya kungaba inselele, ikakhulukazi uma usebenzelana nabantwana bobudala obuhlukahlukene. Abantwana abasebancane kakhudlwana bangase bangazinzi, bayobayobe, noma babonise ukungakwazi ukugxilisa ingqondo isikhathi eside. Yini ongayenza? Zama ukugcina umoya wesifundo ungokhululekile. Uma abantwana bakho bengakwazi ukugxilisa ingqondo isikhathi eside, zamani ukwenza izikhathi zokufunda zibe zimfushane kodwa kube kaningi. Kuyasiza futhi uma ushiseka. “Oholayo, ngenkuthalo.” (Roma 12:8) Gcina wonke umuntu ehilelekile. Abantwana abancane bangase bakwazi ukukhulumela imifanekiso noma ukuphendula imibuzo elula. Abevé eshumini elinambili bangase bacelwe ukuba benze ukucwaninga okwengeziwe noma ukuba babonise ukuthi indaba okuxoxwa ngayo isebenza kanjani ngokoqobo.
18. Abazali bangaligxilisa kanjani iZwi likaNkulunkulu ngazo zonke izikhathi, futhi kube namuphi umphumela?
18 Nokho, ungalinganiseli imfundo engokomoya ehoreni elilodwa ngesonto. Gxilisa iZwi likaNkulunkulu kubantwana bakho ngazo zonke izikhathi. (Duteronomi 6:7) Zinike isikhathi sokubalalela. Bayale futhi ubaduduze uma kudingekile. (Qhathanisa neyoku-1 Thesalonika 2:11.) Yiba nesihawu futhi ube nobubele. (IHubo 103:13; Malaki 3:17, NW) Ngokwenza kanjalo, ‘uyothola intokozo’ kubantwana bakho futhi usekele ukulondolozwa kwabo bangene ezweni elisha likaNkulunkulu.—IzAga 29:17.
‘Isikhathi Sokuhleka’
19, 20. (a) Ukuzijabulisa kunayiphi indima ekuphileni komkhaya? (b) Iziphi ezinye izindlela abazali abangase bahlelele ngazo umkhaya wabo ukuzijabulisa?
19 ‘Kunesikhathi sokuhleka nesikhathi sokusina.’ (UmShumayeli 3:4) Igama lesiHeberu elisho “ukuhleka” lingase futhi lihunyushwe ngezinkulumo ezinjengokuthi “gubha,” “dlala,” noma ngisho nokuthi “iba nesikhathi esimnandi.” (2 Samuweli 6:21, NW; Jobe 41:5; AbaHluleli 16:25; Eksodusi 32:6, NW; Genesise 26:8, NW) Ukudlala kungafeza injongo ezuzisayo, futhi kubalulekile kubantwana nasentsheni. Ezikhathini zeBhayibheli abazali babehlelela imikhaya yabo okokuzilibazisa nokokuzijabulisa. (Qhathanisa noLuka 15:25.) Ingabe wenza okufanayo?
20 “Siwasebenzisa ngokunenzuzo amapaki kawonk’ uwonke,” kusho indoda ethile engumKristu. “Siye simeme abanye babazalwane abasebancane futhi sibe nomdlalo webhola nepikiniki. Baba nesikhathi esimnandi futhi bajabulele ubungane obunempilo.” Omunye umzali uyanezela: “Sihlela izinto okumelwe sizenze nabafana bethu. Siyahamba siyobhukuda, sidlale ibhola, siye eholidini. Kodwa sigcina ukuzilibazisa kusendaweni yako efanele. Ngiyasigcizelela isidingo sokulondoloza ukulinganisela.” Ukuzijabulisa okunempilo, okunjengemibuthano efanelekayo noma uhambo lokuya emazoo naseminyuziyamu, kungase kufeze okwengeziwe ekuvimbeleni umntwana ukuba akhangwe izinjabulo zezwe.
21. Abazali bangabavimbela kanjani abantwana babo ekubeni nomuzwa wokuthi bancishwa okuthile ngenxa yokungawagubhi amaholide ezwe?
21 Kubalulekile futhi ukuba abantwana bakho bangazizwa bencishwe okuthile ngoba bengagubhi izinsuku zokuzalwa noma amaholide angewona awobuKristu. Ngokuhlela okuthile okwenzayo, bangase babheke phambili ezikhathini eziningi ezijabulisayo phakathi nawo wonke unyaka. Phela, umzali omuhle akadingi iholide elithile njalo njengebhaxa lokubonisa uthando lwakhe ngezinto ezibonakalayo. NjengoYise onothando wasezulwini, ‘uyazi ukuthi angabapha kanjani izipho ezinhle abantwana bakhe’—ngokuzenzakalelayo.—Mathewu 7:11.
Ukulondolozela Umkhaya Wakho Ikusasa Eliphakade
22, 23. (a) Njengoba usizi olukhulu lusondela, yini imikhaya eyesaba eNkulunkulu engaqinisekiswa ngayo? (b) Yini imikhaya engayenza ekusebenzeleni ukulondolozwa kwayo ingene ezweni elisha likaNkulunkulu?
22 Umhubi wathandaza: “Wena-Jehova uyakubagcina, ubavikele kulesisizukulwane kuze kube-phakade.” (IHubo 12:7) Ukucindezela okuvela kuSathane kuzokwanda nakanjani—ikakhulukazi emikhayeni yoFakazi BakaJehova. Nokho, kungenzeka ukumelana nalokuhlasela okwanda njalo. Ngosizo lukaJehova nangokuzimisela ngokunamandla nokusebenza kanzima kwamadoda, abafazi, nabantwana, imikhaya—kuhlanganise nomkhaya wakho—ingaba nethemba lokulondolozwa iphila phakathi nosizi olukhulu.
23 Madoda nabafazi, lethani ukuthula nokuzwana emshadweni wenu ngokufeza indima yenu eniyinikezwe uNkulunkulu. Bazali, qhubekani nibekela abantwana benu isibonelo esifanele, nithengisisa isikhathi sokubanikeza ukuqeqeshwa nokuyalwa abakudinga kakhulu kangaka. Xoxani nabo. Balaleleni. Ukuphila kwabo kusengozini! Bantwana, lalelani abazali benu futhi nibathobele. Ngosizo lukaJehova ningaphumelela futhi nizilondolozele ikusasa eliphakade ezweni elisha likaNkulunkulu elizayo.
[Umbhalo waphansi]
a Amakhasethi nawo ayatholakala ngezinye izilimi.
Ingabe Uyakhumbula?
◻ Amadoda nabafazi bangakuthuthukisa kanjani ukukhulumisana kwabo?
◻ Abazali bangabakhulisa kanjani abantwana babo ‘ngokuqondisa kukaJehova’? (Efesu 6:4)
◻ Iziphi ezinye izindlela zokwenza isifundo somkhaya sibe esakhayo nesithakazelisa ngokwengeziwe?
◻ Yini abazali abangase bayenze ekulungiseleleni ukuzijabulisa nokuzilibazisa kwemikhaya yabo?
[Ibhokisi ekhasini 16]
Umculo—Ithonya Elinamandla
Umlobi wencwadi ethile ephathelene nokukhulisa abantwana uthi: “Uma bengingase ngime phambi kwezilaleli . . . futhi ngikhuthaze imicimbi yokuphuza, ukudakwa umlaliso wecocaine, insangu, noma yimuphi omunye wemilaliso edunga ingqondo, zaziyongigqolozela zishaqekile. . . . [Nokho] abazali ngokuvamile banika abantwana babo imali yokuthenga amarekhodi noma amakhasethi azikhuthaza obala lezozinto.” (Raising Positive Kids in a Negative World, kaZig Ziglar) Ngokwesibonelo, eUnited States izosha zomculo werap eziphindaphindwayo ezikhuluma ingcaca ngobulili ziculwa intsha eningi. Ingabe uyabasiza abantwana bakho ukuba babe abakhethayo emculweni abawuthandayo ukuze bagweme izingibe ezinjalo zobudemoni?
[Isithombe ekhasini 15]
Izikhathi zokudla zingaba izikhathi ezijabulisayo ezithuthukisa ubunye bomkhaya nokukhulumisana