Ukukhanya Njengezinkanyiso Ezweni
EZWENI elonakaliswe izigwegwe nokuphendukezelwa kokuziphatha, amaKristu eqiniso emhlabeni wonke kumelwe abe imithombo yokukhanya. Kumelwe abe yizinkanyiso ezweni elimnyama. (Filipi 2:15) Izinkulungwane eziningi zizimisele ukwenza lokhu njengamaphayona, noma abashumayeli besikhathi esigcwele. Inani elikhulu labo liye lachitha iminyaka eminingi kulenkonzo futhi liye lavuzwa ngokubona abantu bazo zonke izinhlobo benza izinguquko ekuphileni kwabo ukuze babe abafundi bakaJesu Kristu beqiniso.—Mathewu 28:19.
Ukuze bakhuthaze lamaphayona ukuba aqhubeke kulenkonzo engcwele futhi athuthuke emakhonweni awo okufundisa, oFakazi BakaJehova baye bahlela iSikole Senkonzo Samaphayona. Siyimfundo yezinsuku eziyishumi esekelwe eBhayibhelini eklanyelwe ukusiza amaphayona ezicini ezintathu: ukuhamba noJehova njengabafundi bakaJesu Kristu; ukuchichima ngothando ngayo yonke inhlangano yabazalwane; ukukhanya njengezinkanyiso ezweni.
ISikole Samaphayona ECentral African Republic
EBangui, inhloko-dolobha yaseCentral African Republic, abafundi abangu-48 nabafundisi ababili bahlangana ngoAugust ka-1991. Labafundi kwakumelwe bamukele iziyalo nokusikisela okuwusizo ngomsebenzi wabo. Yini eyayithakazelisa kangaka ngekilasi laseBangui?
Phakathi kokunye, abangu-21 babafundi babesafunda isikole. Nakuba besafunda, bakwazi ukuhlelela inkonzo yamaphayona avamile. Basebenzisa izinyanga zabo zamaholide, izimpela-sonto zabo ezikhululekile, kanye nezikhathi zantambama ukuze bashumayele futhi bafundise.
Labantu abasebasha baye babona ukubaluleka kokukhonza uMdali wabo manje. (UmShumayeli 12:1; qhathanisa neyoku-1 Korinte 7:29.) Okwakuphawuleka iqiniso lokuthi abangu-12 babo babenabazali abangakholwa. Emakhaya babebodwa eqinisweni. Abafana ababili abasebasha, umuntu nomfowabo, baphoqwa ubaba wabo ukuba bashiye ikhaya ngenxa yokholo lwabo. Umbhangqwana othile osemusha ebandleni wabamukela labafana ababili ekhaya lawo.
Indaba yayihlukile ngoMichée noSulamithe Kaleb. Bobabili bangamaphayona futhi basafunda, kodwa abazali babo bangoFakazi BakaJehova. Eqinisweni, ubaba wabo wayengumfundi ekilasini elifanayo!
Amabandla aseBangui nawo ahlanganyela esikoleni, kodwa ngendlela ehlukile. Anakekela izidingo zezinto ezibonakalayo, njengokudla. Imali, kanye nezinkukhu, ushukela, irayisi, nemanioc kwanikelwa ukuze kondliwe ikilasi.
Amabandla aseduze ahlela amaqembu asekhishini ukuze alungiselele ukudla okulula kodwa okunambithekayo. ICentral African Republic yaziwa ngengunza, isidlo esaziswa yiwo wonke umuntu. Indlela yokuyenza? Amaqabunga emanioc, uwoyela wesundu, ohanyanisi, igarlic eningi, izigaxa zebhotela lamantongomane, nesineke ukuze iphekisiseke. Iqembu ngalinye lalinendlela yalo ekhethekile yokuyilungiselela. Yaba impumelelo enkulu; akekho owayengayenqaba.
Kwaqhutshwa amanye amakilasi amabili ngaphandle kweBangui, elilodwa eBouar nelinye eBambari, kwenza ingqikithi yabafundi yaba ngu-68. Phakathi neminyaka emibili edlule, iCentral African Republic ibe nokwanda kwenani lamaphayona. Phakathi noJanuary 1992 kwakunamaphayona avamile angu-149 namaphayona akhethekile angu-17 kanye namaphayona asizayo angu-78. Lokhu kuye kwaholela emsebenzini owandisiwe kulo lonke izwe namanani amasha aphakeme abamemezeli, amahora, izimpindelo, nezifundo zeBhayibheli. Lapho kunezisebenzi ezengeziwe, isivuno siyanda.—Isaya 60:21, 22; Mathewu 9:37, 38.
Sibonga uJehova uNkulunkulu ngenxa yalamalungiselelo nenhlangano yakhe yasemhlabeni ngenxa yokuhlela lamakilasi. Asiza abafundi nabafundisi ngokufanayo ukuba bakhanye njengezinkanyiso kulelizwe elimnyama.
[Isithombe ekhasini 24]
Abafundi abangamashumi amabili nanye besikole samaphayona abasafunda esikoleni esiphakeme
[Isithombe ekhasini 25]
Labafana ababili kwadingeka bashiye ikhaya ngenxa yeqiniso