Ukushumayela EMaputo—Inhlokodolobha Ehlaba Umxhwele YaseMozambique!
Ngo-1991, oFakazi BakaJehova baqashelwa ngokomthetho eMozambique. Kusukela ngalesosikhathi ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu bekulokhu kuthuthuka ngendlela emangalisayo kulelizwe elisendaweni eshisayo ogwini oluseningizimu-mpumalanga yeAfrika. Okulandelayo, ukulandisa ngendlela oFakazi BakaJehova abenza ngayo umsebenzi wabo wokufundisa ngeBhayibheli eMozambique, ikakhulukazi ezindaweni ezizungeze iMaputo, inhlokodolobha.
NJENGOBA isimo sezulu sakhona sithonywa uLwandlekazi olufudumele i-Indian, iMozambique inesimo sezulu esicwathile. Amabhishi amahle ahlotshiswe imithi yesundu kanye namatshe ecoral kugudle ugu. Itheku elikhulu elinamanzi ambozekile liseningizimu yalelizwe—indawo efanelekayo yenhlokodolobha yalo, iMaputo.
Nokho, ubuhle nokuthula kwalelizwe, buyakuphikisa ubudlova bomlando walo. Emakhulwini amaningi eminyaka lazabalaza kanzima ngaphansi kokubuswa imibuso yakwamanye amazwe, okokuqala labuswa ama-Arabhu kwase kuba amaPutukezi. AmaPutukezi eza ngokuvunyelwa iSonto LamaKatolika ukuba azophanga izwe ingcebo yalo—uphondo lwendlovu, igolide, nezigqila. Ekugcineni, ngemva kwamakhulu eminyaka okucindezela kokubuswa kwamakoloni, kwagqashuka impi yangaphakathi eshisayo eyaholela ekutholeni uzibuse ngo-1975. Ngeshwa, lolushintsho aluzange lwenze ukuphila kube okulondeke ngokwengeziwe, njengoba izwe lakhungathwa impi yangaphakathi, eyaphumela ekuhluphekeni okukhulu kwabantu, ikakhulukazi ezakhamuzini ezingenacala zasemaphandleni.
IMaputo, Inhlokodolobha
Eshumini leminyaka eledlule, izinkulungwane zabantu baseMozambique ziye zabalekela emadolobheni amakhulu namancane anokuphepha okusesilinganisweni. Lokhu kuphawuleka ngokukhethekile eMaputo, lapho ingxubevange yezakhiwo ezingavamile zamaPutukezi nezaseAfrika ezimibalabala kunikeza khona isimo esiphilayo kulelidolobha. Lapho uzihambela nje emigwaqweni ebanzi, enemithi eshaye uhele yaseMaputo namuhla, into yokuqala oyoyiphawula izixuku zabantu ziphithizela zenza imisebenzi yazo yansuku zonke. Kodwa kukhona umehluko. “Naphezu kokuminyana nobunzima bokuphila kwansuku zonke, abantu bahlala bekulungele ukubonisa ubungane,” kuphawula uRodrigo, isithunywa sevangeli esiseMaputo. “Akwenzeki nakancane ukuba uthole abantu abaluhlaza!” Yebo, abantu baseMozambique baziwa ngokuba abantu abenza izinto ngokuzithandela futhi abanobungane.
Yebo, njengoba kunjalo ngezingxenye eziningi zaseAfrika, indawo evamile yokuhlangana nabantu kusemakethe yendawo. Ukuze uye lapho ungagibela iChapa 100, igama elisetshenziswa kulendawo lamaloli amaningi alayisha abantu asetshenziselwa ukuthutha umphakathi. Njengokuvamile, baningi abantu ababonakala bekotele ngaphandle elolini kunabangaphakathi. Mhlawumbe kungcono ukuba uzihambele ngezinyawo.
Abantu baseMozambique bangabantu abaphikelelayo kwezebhizinisi. Umuntu ovakashele eMaputo ngokungangabazeki uyophawula indlela ababaningi ngayo abazisebenzayo ngokumisa izinqwatshana zezinto onqenqemeni lwendlela nasemajikeni omgwaqo. Ingabe ungathanda ukuthenga izithelo ezisezintsha, imifino, amakhambi, noma izinongo? Kukhona okuningi ngokwanele kwawo wonke umuntu. Kuthiwani ngezinkukhu eziphilayo, amantongomane ecashew, noma imihlanga ongakha ngayo indlu yakho? Akukho okuhluphayo, futhi yonke into yenziwa ngomoya wobungane. Kukhona nezinkonzo ezinjengokupholishelwa izicathulo zakho noma ukuwashelwa imoto yakho. Esebenzisa umgoqo wensimbi oshisayo kanye nepulasitiki, umfana omncane uyokugxobela ngisho namafomu akho omsebenzi ayigugu awenze anamathelane.
Empeleni, akukhona konke ukuhweba kwasemgwaqweni okusemthethweni. Nokho kuyenziwa. Abathengisi abangomahamba-nendlwana abangekho emthethweni babizwa ngokuthi amadumba nenge, okusho ukuthi “thembela ezinyaweni zakho.” Lokhu ngokungangabazeki kungenxa yokuthi lapho iziphathimandla zifika ukuzohlola, ukukwazi ukugijima kubalulekile ukuze ibhizinisi labo elingaqinisekile lisinde.
Sizwa ngephunga, kumelwe ukuba sesisondela emakethe ethengisa inhlanzi! Usuku ngalunye ntambama kakhulu, osebeni lwamabhishi aseCosta do Sol, kuba nesiphithiphithi sabazothenga bezungeza izikebhe zokudoba njengoba ziletha ezikubambile olwandle ngalolosuku. Ngaphezu kwezinhlanzi ezinhlobonhlobo nezinobukhulu obuhlukahlukene, kukhona izinkalankala, amalobster, yebo namaprawn aseMozambique athandwayo. Nokho, ungase ube nesithakazelo kolunye uhlobo lokudoba olwenziwayo eMaputo nasezindaweni eziyizungezile.
“Abadobi Babantu”
Kusukela bathola ukuqashelwa okungokomthetho eMozambique, oFakazi BakaJehova baye bathola ukusabela okuhle emphakathini. Enye indoda yazwakalisa ukwazisa kwayo ngokuthi: “ELondon ngiye ngabona abaningi benu emigwaqweni. Eqinisweni, nomaphi lapho engike ngaya khona, ngiye ngababona oFakazi BakaJehova. Manje kungenza ngizizwe ngijabulile ukunibona nalapha.”
Uma ukwamukelwa kwamaBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ngesiPutukezi nangesiTsonga, okuyizilimi zendawo, kuyisikhombo sokuthile, khona-ke laba ngempela abantu abathambekele ezintweni ezingokomoya. UPaula, esinye isithunywa sevangeli, ubika ukuthi ngesikhathi esivamile sangoMgqibelo ekuseni, kuyinto eyenzekayo ukuhambisa omagazini abangaphezulu kakhulu kuka-50 ezitolo, noma emakethe enkulu. Incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo ibonakala ithandwa kakhulu. Intsha eningi iye yasuka ezindaweni zakubo noma yaba yizintandane ngenxa yempi, futhi ibonakala izazisa izindinganiso nesiqondiso okunikezwa yilencwadi.
Ngendlela yaseAfrika ngempela yokungavimbeli muntu, amaqembu amakhulu abantu abathakazelayo aqoqana azungeze isithunywa sevangeli ukuze ezwe ukuthi sithini. Ukuhlangana okunjalo onqenqemeni lomgwaqo ngokuvamile kukhula kube izingxoxo eziphilayo ezingokomBhalo. Omunye udade ukhumbula okuhlangenwe nakho okuthakazelisayo.
“Ngesinye isikhathi ngifakaza emgwaqweni, ngethuka lapho iveni yamasosha ibopha amasondo izokuma eduze kwami. Isosha eliselisha lamemeza ababeme kanye nami: ‘Heyi nina, tshelani leyontokazi ukuba ize lapha.’ Lapho ngiya kulo, ubuso balelisosha bancibilika lamomotheka njengoba lalithi: ‘Nina ningabantu abahle. Siyajabula ngokunibona lapha. Ngikholwa ukuthi unayo incwadi ekhuluma ngentsha. Ngingathanda ukuthola eyodwa nami.’ Ngaphendula ngathi anginayo, kodwa ngaliqinisekisa ngokuthi lapho nje sezikhona esitokweni, ngangizolilethela eyodwa ekhaya lalo.”
Indawo Yokugcina Izincwadi Ezithunyelwayo
Ukuze lihlangabezane nesidingo esandayo sezincwadi, ihhovisi legatsha leWatch Tower Society laseNingizimu Afrika lithumela izincwadi endaweni yokugcina izincwadi eseMaputo njalo ngemva kwamasonto amabili. UManuel, isithunywa sevangeli, unakekela lendawo futhi unomthwalo wemfanelo wokuhlela ukusakazwa kwezincwadi.
Ngolunye usuku ekuseni kwangena indoda esiyevile eminyakeni engamashumi amane izihambela nje futhi yabuza ukuthi ngeyani lendawo. UManuel waphendula ngokuthi lena indawo yokugcina izincwadi zeBhayibheli. Lendoda yaphuma, kodwa ngokushesha yaphinde yabuya.
“Uthé lezi izincwadi zeBhayibheli, akunjalo?” ibuza.
“Yebo, kunjalo,” kuphendula uManuel.
“Ngezayiphi inhlangano?” kubuza indoda.
“NgeyoFakazi BakaJehova,” kuphendula uManuel, enezela, “Senza ukuba amabandla ethu akulendawo ahlale enesitoko salezincwadi.”
“Oh, oFakazi BakaJehova!” Ubuso balendoda bagcwala injabulo. “Kunokuningi kakhulu engikuthandayo ngani. Kodwa ngesikhathi esifanayo, kukhona engingakuthandi ngani.”
“Yini-ke oyithandayo ngathi?” kubuza uManuel ngokuhlakanipha.
“Ngithanda izincwadi ezithakazelisayo nezifundisayo enizenzayo,” kuchaza lendoda. “Engingakuthandi ukuthi angikwazi ukuzithola ngokwanele. Ngeke ukholwe ukuthi sizilambele kanjani izincwadi ezinjengalezi zenu lapha eMaputo.” Khona-ke yakhipha uhlu olubhaliwe lwezincwadi zeWatch Tower Society, luhlanganisa nomagazini abaningi abadala beNqabayokulinda nePhaphama!, eyayingabatholanga.
“Ngihlala ngiphethe loluhlu,” itshela uManuel. “Noma nini lapho ngihlangana noFakazi BakaJehova, ngizama ukuthola noma iziphi izincwadi abanazo. Uma ungangisiza ukuba ngithole lokhu okulapha kuloluhlu lwami, ngizimisele ukukhokha imali eshisiwe.”
Kwalandela ingxoxo. UManuel wathola ukuthi lendoda yaqala ukuthintana noFakazi BakaJehova phakathi nawo-1950 lapho ifunda incwadi ethi Creation. Kodwa njengoba umsebenzi woFakazi BakaJehova wawuvinjelwe ngaphansi kukahulumeni wamaPutukezi, incane intuthuko eyenziwa.
Lapho ngokulandelayo evakashela lendoda ehhovisi layo, uManuel waphawula ukuthi zonke izincwadi zeWatch Tower eyayinazo zazisongwe ngepulasitiki futhi zibekwe kahle. UManuel wakwazi ukunikeza lendoda izincwadi eyayizidinga ukuze iphelelise iqoqo layo, futhi wahlela ukuba ayiqhubele isifundo seBhayibheli kanye nomkhaya wayo.
Konke lokhu kutshala nokunisela okungokomoya sekuqala ukuthela izithelo eziningi njengoba uNkulunkulu eqhubeka ‘ekhulisa.’ Kunezimpawu ezinkulu zokuthi isivuno sabantu abanezinhliziyo ezinhle sizothela izithelo eziyinala eMozambique!—1 Korinte 3:6; Johane 4:36.
Intuthuko Engokwasezulwini Naphezu Kwezithiyo
Namuhla, kunamabandla angaphezu kuka-50 edolobheni laseMaputo nasezindaweni ezilizungezile. Nokho, akukho ngisho neHholo LoMbuso elilodwa loFakazi BakaJehova. Kungani kunjalo? Ngenxa yesimo esibi sezomnotho, amabandla awazange akwazi ukwakha ngisho nakuba ayenayo indawo yakwakha iminyaka eminingi.a
Nokho, izithiyo ezinjalo aziyivimbeli intuthuko. Njengamanje kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingaphezu kuka-5 000 engxenyeni engaseningizimu yeMozambique. Isidingo sabafuna ukufunda sikhulu kangangokuba kumelwe kuhlelwe izinto ezithile eziza kuqala. Uma umuntu ecela ukufundelwa, ngokuvamile kumane kuthathwe ngokuthi uyoba khona kuyo yonke imihlangano yebandla.
Elinye ibandla elisendaweni enemikhukhu muva nje laba nabangu-189 emihlanganweni yangeSonto ngisho nakuba linabamemezeli bezindaba ezinhle abangu-71 kuphela. Leliqembu elikhulu lihlanganela endaweni evulekile egcekeni lekhaya elithile. Lendawo ibiyelwe ngokhethe nangothango lomhlanga ukuze ingabi sobala. Ngaphambi komhlangano ngamunye, lendawo iyashanelwa ihlanzeke, futhi ingxenye enkulu yezilaleli, kuhlanganise nabantu abaningi abadala, ihlala phansi emacansini. Yeka indlela abasilalelisisa ngokucophelela ngayo isimiso! Njengoba abaningi abasha bengenayo INqabayokulinda abangabheka kuyo njengoba kufundwa, bafunda ukulalelisisa lapho kufundwa izigaba, futhi izandla eziningi ziyaphakama lapho umqhubi ebuza imibuzo.
Elinye ibandla elinabamemezeli abangu-59 njalo liba nabangaphezu kuka-140 ababa khona. Ngokuvamile bahlanganela endaweni evulekile ephakeme yayisiba isicaba. Kodwa lapho izulu lina, ibandla ligcwala emagunjini amabili endlu encane. Izilaleli ezengeziwe ezifikayo ziqala ukuhlala ephasishini, ekhishini, nakuvulandi. Nalapha futhi, umuntu ngokungangabazeki uyophawula ukwazisa nokulalelisisa njengoba bonke, kuhlanganisa nentsha eningi, belalelisisa isimiso ngokucophelela.
Akukho lapho ithuba lokwanda kwesikhathi esizayo eMozambique libonakala khona ngokusobala kakhulu kunasemihlanganweni yesifunda. Muva nje kwaqhutshwa umhlangano wesifunda enkundleni endala yomdlalo wokulwa nenkunzi yenkomo esenkabeni yedolobha. Ingabe ungacabanga ngokumangala abamemezeli abalinganiselwa ku-3 000 ababa nakho lapho abangaphezu kuka-10 000 beba khona ezimisweni?
“Ukuvuna Kukhulu”
Okuhlangenwe nakho okunjalo kubonisa ngokucacile ukuthi kusenomsebenzi omningi okusamelwe wenziwe eMozambique. Amanye amabandla aye aqala muva nje ukuthola ukuhanjelwa kwawo kokuqala umbonisi ojikelezayo othunyelwe yihhovisi legatsha. Athola usizo aludinga kakhulu lokuwasiza ukuba asebenzise izinqubo ezifanele ezingokwenhlangano emabandleni.
Amabandla akwazisa kakhulu futhi nokufika kwezithunywa zevangeli zaseGileyadi muva nje. UFrancisco, umdala waseMaputo, uyaphawula: “Lokhu kusho intuthuko enkulu kithina. Sasinayo intshiseko. Sasinalo uthando. Kodwa, sasintula ukwaziswa kwamuva okuphathelene nezinto eziningi ezingokwenhlangano. Esikudinga ngempela ukuba sibe nothile onokuhlangenwe nakho kokuzibonela ukuba asifundise indlela izinto okumelwe zenziwe ngayo. Manje, sijabula kakhulu ngokuba izithunywa zevangeli zibe kanye nathi.”
Izithunywa zevangeli ngokwazo ziyajabula ngokuba zikhonze abafowabo. UHans, owabelwa muva nje eMozambique ngemva kokukhonza iminyaka engu-20 eBrazil, ukubeka ngamafuphi ngalendlela: “Ukusebenza ensimini yaseMozambique kuyilungelo elikhulu! Siyezwa ukuthi sisonqenqemeni lokwanda okukhulu lapha. Kunomsebenzi omningi kakhulu okumelwe wenziwe. Sisengasebenzisa ezinye izithunywa zevangeli ezingu-10 noma ezingu-20 eMaputo kuphela.”
Ukwanda komsebenzi ongokwasezulwini manje okwenzekayo eMozambique kukhumbuza umuntu amazwi kaJesu aphuthumayo: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana; ngakho-ke nxusani eNkosini yokuvuna ukuba ithume izisebenzi, ziye ekuvuneni kwayo.” (Mathewu 9:37, 38) Kunezizathu eziningi zokukholelwa ukuthi uJehova uyosiphendula lesosicelo esiphuthumayo ngenxa yezinceku zakhe eziseMozambique.
Izinkulungwane zoFakazi BakaJehova zachitha iminyaka engu-12 noma ngaphezulu ezikhungweni zeziboshwa ezisenyakatho-ntshonalanga yeMozambique. Lapho abanye babo muva nje bebuyela eMaputo, okuwukuphela kwempahla yezinto ezibonakalayo ababenayo kwakuyisiqeshana sendwangu yokuzisonga okhalweni. Ababenakho kuyinala kwakuwukholo! Iminikelo yokupha yokudla nezingubo zokugqoka evela koFakazi abakanye nabo abasemazweni angomakhelwane yabasiza ukuba baqale kabusha ekuphileni.
[Umbhalo waphansi]
a Uma umuntu enenhlanhla ukuba athole umsebenzi lapha, imali ayiholayo isukela ku-R55 kuya ku-R85 ngenyanga.
[Isithombe ekhasini 23]
Amabandla ajabulela amanani amahle abezayo ngenxa yokufakaza kobuKristu ngeMigqibelo ekuseni
[Izithombe ekhasini 24]
Lona uJaimito oneminyaka emihlanu ubudala. Wazalelwa ekamu leziboshwa. Namuhla, abazali bakaJaimito bajabulela ukuphinda babe seMaputo. Isonto ngalinye uFrancisco, uyise kaJaimito, uqoqela wonke umkhaya wakhe ndawonye ukuze ube nesifundo seBhayibheli. Bobabili abazali basebenzisa isikhathi esiningi beqeqesha izingane zabo ukuba zibe abafundisi abaphumelelayo enkonzweni yasensimini. UJaimito uyakujabulela ukuhambisa izincwadi emakethe enkulu yomphakathi
[Isithombe ekhasini 25]
Iqiniso lokuthi amabandla awanawo amaHholo OMbuso angawasebenzisa aliyivimbi intuthuko yawo. Ezimweni eziningi, abangaphezu kwenani labamemezeli eliphindwe kabili baba khona emihlanganweni