Ukwazisa Isipho Esiyigugu Sokuphila
UKUPHILA—yeka ukuthi kuyinto eyigugu kangakanani! Ngaphandle kwakho akukho esingakwenza. Uma nje kulahlekile, akunakubuyiselwa nganoma yimiphi imizamo yomuntu. Uma ukuphila kwethu kusengozini, senza konke esingase sikwenze ukuze sikulondoloze. Phela, abanye baze bafune ngisho nosizo olungaphezu kolomuntu lapho becindezelekile!
Sikhunjuzwa ngokulandisa kweBhayibheli okuphathelene nomkhumbi owazunywa isiphepho esinamandla olwandle. Lapho nje usuzophahlazeka, “amatilosi esaba, akhala, kwaba-yilelo nalelo kunkulunkulu walo.” Kamuva, bonke bakhala kuNkulunkulu weqiniso: “Siyakuncenga [Jehova, NW]: masingabhubhi.” Ukulandisa kweBhayibheli kuqhubeka kuthi: “Aphonsa elwandle impahla ebisemkhunjini ukuba ube-lula kubo.”—Jona 1:4-6, 14; qhathanisa nezEnzo 27:18, 19.
Lawomatilosi ayezimisele ngisho nokudela izinto ezibonakalayo ayezazisa kakhulu ezama ukulondoloza ukuphila kwawo. Singabuye sibe nazo izinto ezibonakalayo—kodwa hhayi ukuphila. Futhi ngenxa yokuthi ngokwemvelo siyakwazisa ukuphila kwethu, siyayibalekela ingozi. Imizimba yethu siyayondla, siyembathise, futhi siyinakekele. Sifuna ukwelashwa lapho sigula.
Nokho, uMuphi wokuphila ufuna okwengeziwe kithi kunokumane nje silandele imizwelo yethu engokwemvelo yokuzivikela. Khumbula, ukuphila kuyisipho esiyigugu, futhi kuvela kuMuntu obaluleke kakhulu endaweni yonke. Ngenxa yokuba nokwazisa okuqotho ngoMuphi nangesipho, akufanele yini sikwazise ukuphila? Futhi ingabe lokho akuhlanganisi ukukhathalela ukuphila kwabanye?
Khona-ke, akufanele kusimangaze ukuthi uMthetho uJehova uNkulunkulu awunika isizwe sakwaIsrayeli wawuhlanganisa imiyalo eyayihloselwe ukuvikela ukuphila kanye nempilo yabanye. (Eksodusi 21:29; Duteronomi 22:8) Ngokufanayo namuhla amaKristu kufanele akhathalele ukuphepha. Ngokwesibonelo, uma unabantwana ekhaya lakho, ingabe ngokunganaki uzibeka lapho zingafinyeleleka kalula izinto ezinjengobuhlalu, ophini, noma izinto ezicijile ezingamlimaza kakhulu umntwana odlala ngazo noma azigwinye engazi? Ingabe amakhemikhali anengozi nemithi uyigcina lapho abantwana bengenakuyifinyelela khona? Uma kuchitheke amanzi, ingabe uyashesha ukuwesula ukuze uvimbele ingozi? Ingabe uyaqikelela ukuba izinto zikagesi ezonakele zilungiswa ngokushesha? Ingabe imoto yakho uyinakekela njalo? Ingabe ushayela ngendlela ephephile? Uma ukwazisa ngempela ukuba yigugu kokuphila, uyoshukumiseleka ukuba uthathe izinyathelo zokuphepha ezinengqondo kulezici nezinye ezifanayo.
Nokho, kuyadabukisa ukusho ukuthi, abanye abakwazisi nokukwazisa ukuphila kwabo siqu. Ngokwesibonelo, ubani namuhla ongazi ukuthi ukubhema ugwayi kuyingozi? Nokho, izigidi zabantu zigqilazwe yilomkhuba, kuyilapho impilo yabo iwohloka isikhathi ngasinye lapho behogela intuthu ewushevu. Abanye basebenzisa kabi izidakamizwa, abanye basebenzisa kabi utshwala, konke okuyizinto ezibalimazayo. Ingculaza iyisifo esibulalayo esingenalo ikhambi elaziwayo. Kodwa abaningi bebengakugwema ukuba nalesifo ukuba bebegweme ukuziphatha okubi ngokobulili, ukusebenzisa kabi izinhlobo ezithile zezidakamizwa, kanye nokumpontshelwa igazi. Yeka ukuntuleka okudabukisayo kokwazisa ngokuphila!—Roma 1:26, 27; 2 Korinte 7:1.
Ushintsho Lungenzeka!
Labo abazisa uMdali wabo oMuhle, uJehova, banesizathu esinamandla sokubheka ukuphila njengokuyigugu. Ukuphila kuyisipho sakhe esingcwele. Ngakho-ke bazimisele ukwenza noma yiluphi ushintsho oludingekayo ukuze bakuphathe njengesipho saphezulu. Cabangela okuhlangenwe nakho kukaKwaku, onguthisha eGhana. Njengoba ayengumlutha wotshwala ongenandaba, wayedlala ngokuphila kwakhe.
UKwaku uyakhumbula: “Ngazama ukuphoqa umkami ukuba angihloniphe, ngokuvamile okwakuholela ezimpikiswaneni ezishubile kanye nasezimpini, ikakhulukazi lapho ngidakiwe. Ngenxa yokuzitika ngokweqile ngotshwala, ngangihlala ngingenamali, futhi ngokuvamile ngangehluleka ukuba nemali yokondla umkhaya. Ngokuqondakalayo, lokhu kwakumcasula kakhulu umkami. Lapho nje ngiphelelwe imali (futhi lokhu kwakwenzeka njalo), ngangenza noma yini engangingase ngiyenze ukuze ngisekele umkhuba wami. Ngesinye isikhathi ngaze ngafinyelela ezingeni lokuba ngiyisebenzisele izinjongo zami imali engangiyiqoqe kubafundi ngenjongo yokubabhalisela ukuhlolwa. Ngahamba ngayozitika ngotshwala futhi ngathengela nabangane bami engangiphuza nabo. Ngokushesha lwafika usuku lokuba ngilandise. Ukuba uthisha-nhloko wesikole engingafundisa kuso akazange angenele ngokushesha, ngangiyolahlekelwa umsebenzi.
“Ukuphila kwami kwakuxovekile. Nganginamahloni, kodwa ngokushesha ngawanqoba. Ngase ngiqala ukuba nemicabango yokuzibulala ngoba nganginomuzwa wokuba yisehluleki ekuphileni. Noma kunjalo, ngehluleka ukugqashula ekubeni umlutha wotshwala. Kodwa lapho ngolunye usuku ngisenkantini ngilwa ngenxa yobudakwa futhi ngigwazwa, kwangicacela ngokudabukisayo ukuthi uthando lwami ngotshwala ngolunye usuku lwaluyongilahlekisela ukuphila.
“Phakathi nalesosikhathi, ngezikhathi ezithile oFakazi BakaJehova babefika emzini wethu, bezama ukusenza sibe nesithakazelo eBhayibhelini. Mina nomkami sasibabalekela njalo ngoba sasicabanga ukuthi bayisicefe. Nokho, ngolunye usuku, ngibahawukela nganquma ukubalalela. Isifundo seBhayibheli ngokushesha sangenza ngaqaphela ithemba elimangalisayo lokuphila phakade esimisweni esisha sikaNkulunkulu. Lapho ngilifunda ngokwengeziwe iBhayibheli ngisizwa oFakazi BakaJehova, kwaya kujula ukwazisa kwami ngoJehova njengoMniki-Kuphila wethu nangesipho sakhe sokuphila, futhi ngangihlabeka umxhwele ngokwengeziwe ngokusebenziseka kweseluleko seBhayibheli. Lokhu kwangikhuthaza ngokwengeziwe ukuba ngihlanze ukuphila kwami. Lokhu kwakungelula, njengoba kwakumelwe ngilwisane ngokuqhubekayo notshwala kanye nabangane bami bakudala. UJehova, uMuzwi womkhuleko, wabona ukuzimisela okusenhliziyweni yami futhi wangizwa.a
“Umkami, nakuba engeyena omunye woFakazi BakaJehova, manje useyangihlonipha mina kanye nenkolo yami ngenxa yoshintsho olukhulu alubona ekuphileni kwami nasebuhlotsheni bethu bomshado. Omakhelwane bethu akusadingeki bangenele ekulweni nomkami. Ngiyakwazisa ukuthula kwengqondo esengikujabulela manje. Ngokuqinisekile, ukuqaphela ukuthi uJehova uNkulunkulu unguMniki-Kuphila wethu, ukwamukela umbono wakhe ngokuba yigugu kokuphila, kanye nokulalela iziyalezo zakhe ngendlela okumelwe siphile ngayo kuwukuphela kwendlela yokuphila.”
Isipho SikaNkulunkulu Sokuphila Okuphakade
Izinkulungwane zabantu, njengoKwaku, ziye zasizwa oFakazi BakaJehova ukuba ‘zembathe umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.’ (Efesu 4:24) Azazisi ukuphila kwamanje kuphela kodwa futhi nethemba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi. IBhayibheli lithembisa ukuthi ePharadesi eliyokwenziwa uNkulunkulu, akekho kwabakhe emhlabeni oyophinde ahlushwe iphango lendlala, ngoba “uJehova-Sebawoti uyakwenzela abantu bonke idili lokukhulupheleyo.”—Isaya 25:6.
Njengamanje, ukuphila, nakuba kuyisipho esimangalisayo, kungokwesikhashana. Wonke umuntu ubhekene nokufa, futhi yeka ukuthi ukufa kuyigalelo elibuhlungu kanjani! Ukubona othile omthandayo enyamalala kwabaphilayo eya ethuneni elithulile kubangela ukucindezeleka okukhulu, uma sisho okumbalwa. Kodwa ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, obuswa uKristu, isithembiso sikaJehova siyogcwaliseka: “Ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”—IsAmbulo 21:4.
Ngalesosikhathi isipho sokuphila siyokwandiswa ngendlela emangalisayo. Abasinde osizini lokugcina kulomhlaba bayothola ukuphila okugcwele. Bese kuthi, ngokuvuswa kwabafileyo, ukubuyiselwa ekuphileni, uJehova uNkulunkulu abuyisele isipho sakhe esiyigugu kulabo abalele ekufeni. (Johane 5:24, 28, 29) Lokhu kuyosho ukubuya kwabathandekayo abafile kanye nabantu bakudala ababesaba uNkulunkulu!
Ingabe konke lokhu kuzwakala kungenakwenzeka? Cha, ngoba “akukho-lutho olungenzeke kuNkulunkulu.”—Luka 1:37; qhathanisa noJobe 42:2.
Ngaphezu kwalokho, uJehova uNkulunkulu ngokwakhe uye wanikeza isintu isiqinisekiso sokuthi konke lokhu kuyokwenzeka. Kanjani? Ngokudela lowo amthandayo, iNdodana yakhe ethandekayo, uJesu Kristu, ukuba isihlenge esonweni nasekufeni. AmaRoma 8:32 ayasiqinisekisa: “Yena [uJehova uNkulunkulu] ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, kungaba-kanjani ukuba angasiphi konke kanye nayo na?” IBhayibheli lisitshela ukuthi lokhu kuyohlanganisa ukuhlanzwa kwesintu ekuwohlokeni kokuziphatha kanye nokususwa kwalo lonke uhlobo lokungabi nabulungisa, ubugebengu, kanye nobudlova. (Isaya 11:9) Ukuphila ngeke kusabhekwa njengento ewubala.
Ngisho namanje, ngaphansi kwezimo zokungapheleli, ukuphila kungajabulisa kakhulu. Ngubani ongalijabuleli iphunga lokudla eliconsisa amathe, ukuzwa umoya opholile ngosuku olufudumele, ukubona intaba enhle, ukushona kwelanga okuhle kakhulu, umfula ogeleza ngokuthula, izimbali ezinemibala ehlaba umxhwele, ukukhala komculo omtoti, noma ingoma yezinyoni? Ake uthi ukuhlaba ikhefu. Cabanga, kwakuyoba njani ukujabulela izinto ezinjalo phakade?
Khona-ke, ingabe kunengqondo ukulahla ilungelo eliyigugu lokuphila phakade ngenxa yanoma iyiphi injabulo yesikhashana enganikezwa yinkambo yokuphila engenangqondo, yokuzitika? (Qhathanisa namaHeberu 11:25.) Ngokuhlakanipha, iBhayibheli lisinxusa ukuba ‘ngesikhathi esisele sokuphila kwethu, singabe sisaphila ngezinkanuko zabantu kodwa ngentando kaNkulunkulu.’ (1 Petru 4:2) Sikukhuthaza ngobuqotho, yebo, siyakunxusa, ukuba wenze kanjalo ngokufunda iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, nangokusebenzisa izinto ozifundayo. (Johane 13:17) Kanjalo uyoba nobuhlobo obuhle noJehova, uNkulunkulu ochichimayo ngobuhle nangesihe, ongakuvuza ngokuphila okuphakade!
[Umbhalo waphansi]
a Ukwelulama ekubeni umlutha wotshwala kungumsebenzi onzima, ngokuvamile odinga usizo lwezobuchwepheshe. Bheka umagazini wethu ongumngane walona, iPhaphama! kaMay 22, 1992, ukuze uthole ukwaziswa okuwusizo ngalendaba.
[Isithombe ekhasini 5]
Ingabe indlela ophila ngayo ibonisa ukwazisa ngokuphila?
[Isithombe ekhasini 7]
Izwe elisha likaNkulunkulu liyosenza sizijabulele phakade izinjabulo zokuphila!