Ukuphila—Isipho Esivela KuNkulunkulu
AMAHORA angamashumi amabili nane ngosuku, izinhliziyo zethu zimpompa igazi eliyigugu emizimbeni yethu. Siyalala, futhi amaphaphu ethu ayaqhubeka enwebeka futhi ebohla. Sidla ukudla, futhi lokudla ngokuzenzekelayo kuyagayeka. Konke lokhu kwenzeka nsuku zonke, kukuncane esikwenzayo noma kungekho kwanhlobo. Lezinqubo ezingaqondakali nezimangalisayo, ezithathwa kalula nje, ziyingxenye yesipho esisibiza ngokuthi ukuphila. Ngandlela-thile siyisipho okungathiwa siyamangalisa.
Cabangela inqubo yokukhulelwa komuntu neyokuzala. Nakuba umzimba ngokuvamile usenqaba isicubu esingesona esawo, isibeletho siyalamukela iqanda eselihlangene nesidoda. Kunokuba senqabe lombungu okhulayo njengesicubu esingesona esalowomzimba, siyawondla futhi siwuvikele kuze kube yilapho usulungele ukuphuma usungumntwana. Ukuba isibeletho besingenalo ikhono lokuchezuka okubalulekile emthethweni wokwenqaba isicubu esingesona esomzimba, ukuzalwa komuntu bekuyoba okungenakwenzeka.
Nakuba kunjalo, ukuphila komntwana osanda kuzalwa bekuyoba kufushane ukuba bekungengenxa yesenzakalo esithile esenzeka esibelethweni lapho umbungu unezinyanga ezicishe zibe zine kuphela ubudala. Ngalesosikhathi uqala ukuncela isithupha, ujwayeze imisipha okuyothi kamuva iwenze ukwazi ukuncela amabele kanina. Lenkinga imane nje ingenye yeziningi ezisho ukufa nokuphila ezixazululwa esikhathini eside ngaphambi kokuzalwa komntwana.
Lapho umbungu usesibelethweni, kuba nembobo olwelwesini olungaphandle lwenhliziyo yawo. Nokho, lembobo ngokuzenzekelayo iyavaleka lapho umntwana ezalwa. Ngaphezu kwalokho, umthambo omkhulu wegazi odlula ngasemaphashini lapho umbungu usesesibelethweni ngokuzenzekelayo uyafinyela lapho umntwana ezalwa; igazi manje liya ngokuqondile emaphashini, lapho lithola khona umoya-mpilo njengoba umntwana eqala ukuphefumula.
Konke lokhu kumane nje kuyisiqalo. Kukho konke ukuphila, uchungechunge lwezimiso eziklanywe ngendlela esezingeni eliphezulu (njengesimiso sokuphefumula, sokujikeleza kwegazi, semizwa, kanye nesezindlala) luyokwenza imisebenzi yalo futhi lubambisane ngendlela ephumelelayo umuntu angenakuyiqonda—ukuze lusekele ukuphila. Akumangalisi ukuthi umlobi wasendulo ekhuluma noNkulunkulu wathi: “Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa; umphefumulo wami uyakwazi kahle.”—IHubo 139:14.
Ngokusobala, umlobi walawomazwi amahle wayengakholelwa ukuthi ukuphila kumane kuyinto eyaba khona ngokuzenzekelayo, ngokuziphendukela kwemvelo noma ngengozi. Ukuba bekunjalo, besingeke sibe nezibopho zangempela noma imithwalo yemfanelo ngokuqondene nendlela okufanele sisebenzise ngayo ukuphila kwethu. Nokho, izinqubo eziyisisekelo zokuphila zibonisa ngokucacile ukuthi zaklanywa, futhi umklamo udinga umklami. IBhayibheli libeka lesimiso: “Ngokuba yileyondlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu.” (Heberu 3:4) Ngakho-ke kubalulekile ‘ukwazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu; nguye osenzileyo akuthina.’ (IHubo 100:3) Yebo, ukuphila akuvelanga nje ngengozi enomusa; kuyisipho esivela kuNkulunkulu ngokwakhe.—IHubo 36:9.
Ngenxa yalokhu, yiziphi izibopho esinazo ngokuqondene noMuphi wokuphila? Ulindele ukuba sikusebenzise kanjani ukuphila kwethu? Lemibuzo kanye neminye ehlobene nayo izocatshangelwa esihlokweni esilandelayo.