Yenqaba Amaphupho Ezwe, Phishekela Izinto Ezingokoqobo ZoMbuso
“Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.”—MATHEWU 6:33.
1. Isiphi isixwayiso iZwi likaNkulunkulu elisinikezayo ngokuphathelene nenhliziyo engokomfanekiso, futhi iyiphi enye yezindlela eziyinhloko esikhohlisa ngayo?
“PHEZU kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.” (IzAga 4:23) Kungani kwakudingekile ngeNkosi ehlakaniphile uSolomoni ukuba inikeze lesixwayiso? Ngoba “inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi imbi.” (Jeremiya 17:9) Enye yezindlela eziyinhloko inhliziyo yethu engokomfanekiso engasikhohlisa ngazo ingokusibangela ukuba sizitike ngamaphupho ezwe. Kodwa ayini amaphupho? Ayimicabango engeyona engokoqobo, ukuphupha emini, ukuzulazula kwengqondo okungasho lutho. Lapho lokuphupha emini kuba amaphupho ezwe, akumane nje kube ukuchitha isikhathi kodwa futhi kuyalimaza kakhulu. Ngakho-ke, kumelwe sikwenqabe ngokuphelele. Eqinisweni, uma sikuzonda ukungabi-namthetho njengoba kwenza uJesu, siyoqaphela izinhliziyo zethu ukuba zingazitiki ngamaphupho ezwe.—Heberu 1:8, 9.
2. Ayini amaphupho ezwe, futhi kungani kufanele siwenqabe?
2 Kodwa ayini amaphupho ezwe? Angamaphupho awuphawu lwalelizwe elisemandleni kaSathane. Ngokuphathelene nalo, umphostoli uJohane wabhala: “Konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhukuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni.” (1 Johane 2:16; 5:19) Kungani amaKristu kumelwe enqabe amaphupho ezwe? Ngoba amaphupho anjalo ashukumisela izifiso zobugovu engqondweni nasenhliziyweni. Ukuphupha emini ngokwenza okungalungile empeleni kungaba ukulungiselela okwenzeka engqondweni ngalokho umuntu azokwenza ngokoqobo. Umfundi uJakobe uyasixwayisa: “Yilowo nalowo uyengwa ehuhwa ngezakhe izinkanuko, ehungwa; uma inkanuko isithathile, ibeletha isono; nesono sesiphelelisiwe sizala ukufa.”—Jakobe 1:14, 15.
Izibonelo Eziyisixwayiso
3. Indaba kabani enikeza isibonelo esiyinhloko esiyisixwayiso sokulimaza kwamaphupho obugovu?
3 Ake sicabangele izibonelo ezibonisa ukuthi kungani amaphupho ezwe kumelwe enqatshwe. Indaba kaSathane uDeveli inikeza isibonelo esiyinhloko sokulimala okungaba umphumela wokuzitika emaphusheni obugovu. Wavumela imizwa yokuzikhukhumeza ukuba ikhule enhliziyweni yakhe kwaze kwaba sezingeni lokuba ahahele isikhundla sikaJehova esiyingqayizivele njengoMbusi Wendawo Yonke futhi wafuna ukukhulekelwa. (Luka 4:5-8) Ingabe kwakuyiphupho elingenakuba ngokoqobo? Ngokuqinisekile kwakunjalo! Lokho kuyoboniswa ngokungenakungatshazwa lapho uSathane eboshwa iminyaka eyinkulungwane futhi ikakhulukazi lapho ephonswa “echibini lomlilo,” ukufa kwesibili.—IsAmbulo 20:1-3, 10.
4. USathane wamkhohlisa kanjani uEva?
4 Sinesinye isibonelo esiyisixwayiso endabeni yowesifazane wokuqala, uEva. Emizamweni kaSathane yokufeza isifiso sakhe, wayenga uEva ngokwakha iphupho engqondweni yakhe lokuthi uma edla isithelo esenqatshelwe, wayengeke afe kodwa wayeyoba njengoNkulunkulu, azi okuhle nokubi. Ingabe lelophupho lalingenakuba ngokoqobo, lingelobugovu? Ngempela kwakunjalo, njengoba singabona ekulahleni kukaJehova uEva nomyeni wakhe, uAdamu, lapho bequla icala. Ngenxa yalokho, balahlekelwa ilungelo lokuphila ePharadesi bona kanye nayo yonke inzalo yabo engaphelele.—Genesise 3:1-19; Roma 5:12.
5. Yini eyabangela ukuwa kwamadodana athile kaNkulunkulu ayizingelosi, futhi kwaba namuphi umphumela kuwo?
5 Sinesibonelo esiyisixwayiso futhi samadodana athile kaNkulunkulu ayizingelosi. (Genesise 6:1-4) Kunokuba aneliswe yizibusiso ayezijabulela ngokuba khona kukaJehova ezulwini, aphupha ngabesifazane emhlabeni nangendlela okwakuyojabulisa ngayo ukuba nobuhlobo bobulili nabo. Ngenxa yokwenza ngokuvumelana nalamaphupho, izingelosi ezingalalelanga manje zigcinwe ebumnyameni obungokomoya beTartarus, zilindele ukubhujiswa kwazo ekupheleni kokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane kukaJesu Kristu.—2 Petru 2:4; Juda 6; IsAmbulo 20:10.
Yenqaba Amaphupho Ezwe
6, 7. Kungani amaphupho ezwe aphathelene nengcebo yezinto ezibonakalayo elimaza futhi eyinkohliso?
6 Manje ake sicabangele elinye lamaphupho avame kakhulu nayingozi akhuthazwa uSathane. Ngazo zonke izinhlobo zemithombo yezindaba, silingelwa ukuba sizitike ngamaphupho ezwe. Ngokuvamile abangelwa ukuhahela ingcebo. Khona ngokwakho, akukho okungalungile ngokuba nengcebo. UAbrahama owesaba uNkulunkulu, uJobe, neNkosi uDavide babecebe kakhulu, kodwa babengayihaheli ingcebo yezinto ezibonakalayo. Amaphupho okuthanda izinto ezibonakalayo ashukumisela abantu ukuba basebenze ngokuzikhandla iminyaka eminingi ukuze bathole ingcebo. Amaphupho anjalo futhi ababangela ukuba bazitike kuzo zonke izinhlobo zokugembula, njengokubhejela amahashi nokuthenga amathikithi emidlalo yokugembula. Masingavumeli noma yimaphi amaphupho aphathelene nengcebo. Uma sicabanga ukuthi ingcebo yezinto ezibonakalayo iyonikeza ukulondeka, masicabangele lesisaga esingokoqobo: “Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kepha ukulunga kophula ekufeni.” (IzAga 11:4) Ngempela, ingcebo yezinto ezibonakalayo ngeke isize ngalutho ekusindeni “osizini olukhulu.”—Mathewu 24:21; IsAmbulo 7:9, 14.
7 Ingcebo yezinto ezibonakalayo ingasikhohlisa kalula. Kungakho sitshelwa: “Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla; injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.” (IzAga 18:11) Yebo, “emicabangweni yaso” kuphela, ngoba ingcebo yezinto ezibonakalayo inikeza isivikelo esincane ngezikhathi zokwehla kwamandla emali okungalawuleki, ukuwa komnotho, izinxushunxushu zombangazwe, noma ukugula okubulalayo. UJesu Kristu waxwayisa ngobuwula bokubeka ithemba lethu engcebweni yezinto ezibonakalayo. (Luka 12:13-21) Futhi sinalamazwi esixwayiso omphostoli uPawulu: “Ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.”—1 Thimothewu 6:10.
8. Avame kangakanani amaphupho ezwe aphathelene nobulili, futhi abangela ziphi izingozi?
8 Amanye amaphupho ahlobene nobulili obungemthetho. Izinga isimo somuntu esinesono esithanda ngalo ukugxila emaphusheni angokobulili singabonakala ekuthandweni kokungcola okukhulunywayo okutholakala ngokushaya izinombolo ezithile zocingo bese ulalela izinkulumo ezingcolile zobulili. EUnited States, uhlelo lokulalela izinkulumo ezingcolile zobulili ocingweni luyibhizinisi elenza izigidigidi zamaRandi. Uma besingavumela izingqondo zethu ukuba zigxile ekucabangeni ngobulili obungemthetho, besingeke yini sibe abazenzisi, ababonakala nje sengathi bangamaKristu ahlanzekile? Futhi ingabe ayikho yini ingozi yokuthi amaphupho anjalo angase aholele ebuhlotsheni bokuziphatha okubi? Lokhu kuye kwenzeka futhi kuye kwaphumela ekubeni abathile basuswe ekuhlanganyeleni ebandleni lobuKristu ngenxa yokufeba noma ukuphinga. Uma sicabangela amazwi kaJesu akuMathewu 5:27, 28, ingabe bonke labo abazitika ngokuphikelelayo emaphusheni anjalo abanalo yini icala lokuphinga ezinhliziyweni zabo?
9. Isiphi iseluleko esihle esiqukethwe imiBhalo sokusixwayisa ngamaphupho ezwe?
9 Ukuze silwe nokuthambekela kwezinhliziyo zethu ezinesono kokuzitika emaphusheni anjalo, kudingeka sikhumbule isixwayiso sikaPawulu: “Akukho-nto edaliweyo engabonakali phambi [kukaNkulunkulu], kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.” (Heberu 4:13) Ngazo zonke izikhathi kufanele sifune ukuba njengoMose, ‘owakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.’ (Heberu 11:27) Yebo, kumelwe siqhubeke sizitshela ukuthi amaphupho ezwe ayenyanyeka kuJehova futhi angaphumela nje ekubeni sizilimaze. Kumelwe sikukhathalele ukuhlakulela zonke izithelo zomoya kaNkulunkulu, ikakhulukazi ukuzithiba, ngoba asinakulibalekela iqiniso lokuthi uma sihlwanyelela inyama, siyovuna ukonakala kuyo inyama.—Galathiya 5:22, 23; 6:7, 8.
Izinto Ezingokoqobo ZoMbuso
10, 11. (a) Imaphi amaqiniso abonisa ukuba ngokoqobo koMdali? (b) Ibuphi ubufakazi obukhona bokuthi iBhayibheli ngempela liyiZwi likaNkulunkulu? (c) Ibuphi ubufakazi obukhona bokuba ngokoqobo kweNkosi yoMbuso kaNkulunkulu?
10 Indlela engcono kakhulu yokwenqaba amaphupho ezwe ingokuqhubeka siphishekela izinto ezingokoqobo zoMbuso. Izinto ezingokoqobo zoMbuso ezivezwa uNkulunkulu zehluke ngendlela emangalisayo emaphusheni ezwe. Ingabe uNkulunkulu ungokuthile okungokoqobo? Akukho kungabaza ngokuba khona kwakhe. Indalo ebonakalayo iyalifakazela leloqiniso. (Roma 1:20) Sikhunjuzwa lokho okwashiwo eminyakeni engaphezu kwekhulu eyedlule encwadini ethi The Divine Plan of the Ages, eyakhishwa yiWatch Tower Society. Yathi: “Lowo ongabheka esibhakabhakeni ngesibonakude, noma ngisho nangeso lakhe elingokwemvelo kuphela, futhi abone lapho ubukhulu bendalo, ukuma kwayo okulingana kahle, ubuhle, ukuhleleka, ukuvumelana nokwehluka, kodwa angabaze ukuthi uMdali walezinto mkhulu kakhulu kunaye kokubili ngokuhlakanipha nangamandla, noma ongacabanga okwesikhashana ukuthi ukuhleleka okunjalo kwavela ngenhlanhla, ngaphandle koMdali, uye walahlekelwa noma wadebeselela ikhono lokucabanga ngezinga elikhulu kangangokuba angabhekwa ngokufanelekile njengalowo iBhayibheli elimbiza ngokuthi, isiwula (umuntu odebeselela noma ontula ukucabanga).”—IHubo 14:1.
11 Konke okuphathelene noMbuso sikufunda eBhayibhelini Elingcwele. Ingabe iBhayibheli ngempela liyiZwi likaNkulunkulu elilotshiwe? Liyilo isibili, njengoba kungabonakala ekuvumelaneni kwalo, ukunemba kwalo okungokwesayensi, namandla alo okuguqula ukuphila kwabantu futhi ikakhulukazi ngokugcwaliseka kweziprofetho zalo.a Kuthiwani ngeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uJesu Kristu? Ingabe wayekhona ngempela? Ukulandisa kwamaVangeli kanye nezincwadi eziphefumlelwe ngokwaphezulu zemiBhalo YamaKristu YesiGreki kukufakazela ngokucacile nangokushukumisayo ukuba ngokomlando kukaJesu Kristu. Ngokuphathelene nokuba ngokomlando kukaJesu, kukhona futhi nobufakazi beTalmud yamaJuda, ebhekisela kuye njengomuntu. Kunjalo nangezazi-mlando ezingamaJuda nezingamaRoma zekhulu lokuqala leminyaka C.E.
12, 13. Imaphi amaqiniso afakazela ukuba ngokoqobo koMbuso kaNkulunkulu?
12 Kuthiwani ngokuba ngokoqobo koMbuso ngokwawo? ELobukholwa aliwunaki nhlobo, njengoba kubonakala kulokukhononda kwelungu elivelele laseHabe: “Ngokuqinisekile sekuyiminyaka engaphezu kwamashumi amathathu kusukela ngalalela umfundisi ezama ukuchazela abantu bakhe ukuba ngokoqobo koMbuso kubo.” Nokho, ukungcweliswa kwegama likaJehova ngoMbuso kuyisihloko seZwi lakhe. UNkulunkulu ngokwakhe wenza isithembiso sokuqala soMbuso, ethi: “Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.” (Genesise 3:15) UMbuso wafanekiselwa isizwe sakwaIsrayeli, ikakhulukazi phakathi nokubusa kweNkosi uSolomoni. (IHubo 72) Ngaphezu kwalokho, uMbuso wawuyisihloko sentshumayelo kaJesu. (Mathewu 4:17) Wawuqokomisa kweminingi yemifanekiso yakhe, njengaleyo ekuMathewu isahluko 13. UJesu wasitshela ukuba sithandazele uMbuso futhi siqhubeke siwufuna kuqala. (Mathewu 6:9, 10, 33) Eqinisweni, uMbuso kaNkulunkulu kukhulunywa ngawo izikhathi ezicishe zibe ngu-150 emiBhalweni YamaKristu YesiGreki.
13 UMbuso unguhulumeni ongokoqobo, onamandla negunya, futhi uyogcwalisa wonke amathemba afanele. Unohlu lwemithetho, etholakala eBhayibhelini. UMbuso kakade usuye wenza izinto eziningi zaba ngokoqobo. Unezikhonzi zawo ezithembekile—oFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-4 000 000. Emazweni angu-211 bashumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, ekugcwalisekeni kukaMathewu 24:14. Phakathi nonyaka wabo wenkonzo ka-1991, basebenza amahora angu-951 870 021 beshumayela isigijimi soMbuso. Lomsebenzi uveza imiphumela ephathekayo, ehlala njalo njengoba izixuku zifunda “ulimi oluhlanzekile” lweqiniso leBhayibheli.—Zefaniya 3:9, qhathanisa neNW.
Ukuphishekela Izinto Ezingokoqobo ZoMbuso
14. Singakuqinisa kanjani ukwazisa kwethu ngokuba ngokoqobo koMbuso?
14 Khona-ke, singaziphishekela kanjani izinto ezingokoqobo zoMbuso? Ithemba lethu kufanele lisekelwe ngokuqinile ekuqinisekeni okunamandla. Izwe elisha elithenjiswe nguNkulunkulu kumelwe libe ngokoqobo kithi. (2 Petru 3:13) Futhi kumelwe sibe nokholo esithembisweni sokuthi uNkulunkulu ‘uyokwesula izinyembezi zonke emehlweni [ethu]; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona.’ (IsAmbulo 21:4) Singaqiniseka kanjani ukuthi lokhu akulona iphupho? Kumelwe nakanjani ukuba kugcwaliseke ngesikhathi esifanele sikaNkulunkulu, ngoba akunakwenzeka ngaye ukuba aqambe amanga. (Thithu 1:1, 2; Heberu 6:18) Kudingeka sizindle ngalezozithembiso. Ukuzibona ngeso lengqondo sisezweni elisha likaNkulunkulu futhi sijabulela izibusiso zalo akulona iphupho elingenakuba ngokoqobo kodwa kunikeza ubufakazi bokuba nokholo. Njengoba uPawulu aluchaza, ‘[ukholo] lungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, luyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.’ (Heberu 11:1) Masiqinise ukholo lwethu ngokuzondla njalo ngeZwi likaNkulunkulu nangezincwadi zobuKristu ezisisiza ukuba siliqonde futhi silisebenzise. Futhi lapho sinikela isikhathi esengeziwe ekutsheleni abanye ngoMbuso, ngendlela ehleliwe nangokwethukela, kuba yilapho siqinisa khona ukholo lwethu ngokwengeziwe futhi senza ukuthembela kwethu kuwo kukhanye.
15. Isiphi isibopho esinaso ngokuphathelene nenkonzo yobuKristu?
15 Kudingeka futhi sisebenze ngokuvumelana nezinto ezingokoqobo zoMbuso ngokuthuthukisa izinga lenkonzo yethu. Njengoba kusenokuningi okumelwe kwenziwe, singakwenza kanjani lokhu? (Mathewu 9:37, 38) Isisho esithi umuntu ufunda aze afe siyiqiniso. Kungakhathaliseki ukuthi sineminyaka engakanani sihlanganyela emsebenzini wokufakaza, singathuthuka. Ngokuba nekhono ngokwengeziwe ekuphatheni iZwi likaNkulunkulu, sikwazi kangcono ukusiza abanye ukuba bezwe izwi leNkosi, uJesu Kristu. (Qhathanisa noJohane 10:16.) Lapho sicabanga ngokuthi isiphetho saphakade sabantu sihilelekile, kufanele sifune ukuyihlanganisa ngokungashwampuluzi insimu yethu ukuze sibanike amathuba aphindaphindiwe okubonisa ukuthi bami kuphi, ‘njengezimvu’ noma ‘njengezimbuzi.’ (Mathewu 25:31-46) Yebo, lokho kusho ukugcina imibhalo eqondile yalabo abangekho ekhaya futhi ikakhulukazi yalabo abanesithakazelo esigijimini soMbuso.
Qhubeka Uphishekela UMbuso
16. Obani abaye babeka isibonelo esihle ekuphishekeleni izinto ezingokoqobo zoMbuso, futhi ‘bawuphanga’ kanjani uMbuso?
16 Kudingeka umzamo oqotho ukuze uqhubeke uphishekela izinto ezingokoqobo zoMbuso. Ingabe asisikhuthazi yini isibonelo sentshiseko samaKristu agcotshiwe asasele? Ebelokhu ephishekela izinto ezingokoqobo zoMbuso amashumi amaningi eminyaka. Lokhu kuphishekela kwachazwa emazwini kaJesu: “Kusukela emihleni kaJohane uMbhapathizi kuze kube-manje umbuso wezulu uyafuzulwa, nabafuzulayo bayawuphanga.” (Mathewu 11:12) Lapha akuvezwa umqondo wezitha eziphanga uMbuso. Kunalokho, lokhu kuphathelene nomsebenzi walabo abalindele uMbuso. Esinye isazi seBhayibheli sathi: “Ngalendlela kuchazwa leyontshiseko, ukulwela okungenakuvinjwa nokuzabalazela umbuso ozayo wobuMesiya.” Abagcotshiwe baye benza konke okusemandleni ekwenzeni uMbuso ube ngowabo. Kudingeka imizamo efanayo yentshiseko ‘ngezinye izimvu’ ukuze zifanelekele ukuba izikhonzi zasemhlabeni zoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini.—Johane 10:16.
17. Siyoba yini isimo salabo abaphishekela amaphupho ezwe?
17 Yiqiniso, siphila enkathini ekhethekile yethuba. Labo abaphishekela amaphupho ezwe ngolunye usuku bayophaphanyiswa yiqiniso elibuhlungu. Isimo sabo sichazwa kahle kulamazwi: “Kuyakuba-njengolambileyo ephupha ukuthi uyadla, kepha evuka usenephango, noma njengo[wo]mileyo ephupha ukuthi uyaphuza, kepha evuka uyethile, womile.” (Isaya 29:8) Ngokuqinisekile, amaphupho ezwe awasoze enze umuntu aneliswe futhi ajabule.
18. Ngenxa yokuba ngokoqobo koMbuso, iyiphi inkambo okufanele siyiphishekele, sinombono waliphi ithemba?
18 UMbuso kaJehova uyinto engokoqobo. Uyabusa ngokoqobo, kuyilapho lesimiso esibi sezinto sibhekene nokubhujiswa okuzayo, nokwaphakade. Ngakho-ke, sithathe ngokungathi sína iseluleko sikaPawulu: “Masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde.” (1 Thesalonika 5:6) Kwangathi singagcina izinhliziyo zethu nezingqondo zigxiliswe ezintweni ezingokoqobo zoMbuso futhi kanjalo sijabulele izibusiso zaphakade. Futhi kwangathi kungaba isabelo sethu ukuzwa iNkosi yalowoMbuso ithi kithi: “Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.”—Mathewu 25:34.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? enyatheliswa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Ayini amaphupho ezwe, futhi kungani kufanele siwenqabe?
◻ Iziphi izibonelo ezibonisa ubuwula bokuzitika emaphusheni ezwe?
◻ Imaphi amaqiniso abonisa ukuba ngokoqobo koMdali, iZwi lakhe elilotshiwe, uJesu Kristu, kanye noMbuso?
◻ Singaluqinisa kanjani ukholo lwethu ezintweni ezingokoqobo zoMbuso?
[Isithombe ekhasini 15]
Amaphupho ezwe ngokuvamile abangelwa ukuhahela ingcebo yezinto ezibonakalayo
[Isithombe ekhasini 16]
Ukushumayela izindaba ezinhle kungenye indlela yokuphishekela izinto ezingokoqobo zoMbuso
[Isithombe ekhasini 17
Ingabe uphishekela izinto ezingokoqobo zoMbuso ngokutadisha ngenkuthalo iZwi likaNkulunkulu?