Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Izindaba Ezinhle Ezivela EMpumalanga Yurophu
ENSIMINI engokwasezulwini eMpumalanga Yurophu kwenzeka izinto eziningi ezijabulisayo. Okuvelele kwakuwumhlangano wezizwe zonke eZagreb, ngoAugust 16-18, 1991, lapho oFakazi abangu-7 300 bamukela ngemfudumalo abafowabo abavela ezizweni ezingu-15. Sekukonke, kwabakhona abangu-14 684. Kwakuwukubonakaliswa okumangalisayo kothando nobunye ezweni elikhungethwe iziyaluyalu!
OFakazi eMpumalanga Yurophu bamatasa batshela abanye izindaba ezinhle zoMbuso kaJehova, lowo abawuqaphelayo ukuthi uwukuphela kwethemba lokuthula kwangempela. Kwezinye izingxenye kuyinselele ngabo ukulondoloza ukuma kwabo kokungathathi-hlangothi. Nakuba kunjalo, ngokuvamile abantu bayalalela, futhi oFakazi babika okuhlangenwe nakho okuningi okuhle.
Kwelinye idolobhana intombazane eneminyaka engu-16 ubudala yezwa izindaba ezinhle kuFakazi kaJehova okuwukuphela kwakhe kulelodolobhana. Kwaqaliswa isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke, futhi ukwazisa kwayo ngeqiniso kwakhula. Inesifiso esikhulu sokutshela abanye ngezinto ezimangalisayo eyayizifundile, yazama ukukhuluma nefunda nabo esikoleni kodwa yahlangabezana nokuphikiswa nokugconwa. Omunye wabafunda nayo wayiphikisa ngokukhethekile kodwa wamangala futhi wahlatshwa umxhwele ukubekezela kwayo, ngoba lomfundi osemusha weBhayibheli akazange athukuthele naphezu kwakho konke lokho kwedelelwa. Kamuva, kwanikezwa ubufakazi obucace ngokwengeziwe kulentombazane, futhi yaqaphela ukuthi isimo sayo sengqondo sasingalungile. Kwaqaliswa isifundo seBhayibheli nayo, khona-ke umfundi wokuqala weBhayibheli nomngane wakhe omusha bazama ukuhlanganyela injabulo yabo nabanye, naphezu kokuphikiswa abazali babo, uthisha wabo, nabafunda nabo esikoleni.
Ngenxa yokufakaza kwabo, omunye futhi wabafunda nabo walamukela iqiniso. Manje base bebathathu ekilasini, futhi bobathathu babeyizibonelo ezinhle zokuzimisela ukusiza abanye nezokubonisa uthando phakathi kwabo. Khona-ke enye intombazane yazihlanganisa nabo.
Manje base bebane ebhentshini egcekeni lesikole lapho babexoxa khona ndawonye ngeBhayibheli. Futhi okwamangaza abaningi, isibalo sabo sakhula. Enye intombazane ekilasini, ithakazeliswe kakhulu ukuziphatha kwabo okuhle, yanquma ukuhlanganyela esifundweni seBhayibheli. Laba bobahlanu baqhubeka bemema abanye, abafundi, nothisha ukuba benze okufanayo. Nokho, lamantombazane aqhubeka ebhekana nokucindezela okukhulu okuvela kubazali bawo. Abazali bazama ngamandla ukuphoqa lamantombazane ukuba ayeke isifundo sawo seBhayibheli ngokucekela phansi izincwadi zawo nangokuwaphatha kabi.
Waba yini umphumela walokufakaza okwaqala nje ngomuntu oyedwa osemusha othakazelayo? Eyodwa yalamantombazane yabhapathizwa emhlanganweni wesigodi ngo-1990, futhi amanye amane emhlanganweni wesifunda entwasahlobo ka-1991. Lesi kwakuyisizathu senjabulo enkulu! Namuhla, wonke lamantombazane amahlanu akhonza njengamaphayona avamile! Edolobheni okwenzeka kulo lokhu, manje sekunabamemezeli abangu-11, abangu-8 babo basenkonzweni yobuphayona.
UJehova usekela futhi ubusisa oFakazi bakhe eMpumalanga Yurophu. Ngokucacile kunethuba elikhulu lokwanda kwabanhliziyo-ziqotho kulengxenye yomhlaba.