Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Iqiniso LeBhayibheli Liletha Ubunye Bomkhaya Nenjabulo
UMBHANGQWANA oshadile eNdiya owawungamalunga esonto leLobukholwa wawuxabana njalo. Indoda yayimshaya njalo umkayo. Bake bazama ngisho nokubulalana! Kwesinye isehlakalo owesifazane wabilisa ighee (ibhotela elicwengiwe) wase eyiletha endodeni yakhe ngokungathi uletha itiye kodwa wayithela ngayo ebusweni. Ekugcineni, owesifazane wanquma ukuzibulala.
Ingabe kukhona yini okuthile okwakungaletha ubunye nenjabulo kulombhangqwana? Abaningi babengathi akukho. Kodwa ngaphambi kokuzibulala, owesifazane wavakashela indodakazi yakhe nomkhwenyana wayo. Babenesifundo seBhayibheli noFakazi BakaJehova. Wanquma ukulalela, futhi inhliziyo yakhe yashukunyiswa kakhulu yilokho akuzwa. Ngemva kwesifundo, watshela oFakazi ngezinkinga zakhe. Bambonisa ngokuvela eBhayibhelini ukuthi ngempela yayiyini imithwalo yakhe yemfanelo njengomfazi. Nendoda yathintwa futhi kwaqalwa nayo isifundo seBhayibheli. Waba yini umphumela? Ngokuthi bobabili indoda nomfazi basebenzise izimiso zeBhayibheli, izinkinga zomkhaya wabo zanqotshwa. Manje lombhangqwana usuye wathuthukela ezingeni lokunikezela ukuphila kwawo kuJehova, futhi usuye wabhapathizwa.
Eminye imibhangqwana engenakubalwa iye yathola ukuthi iZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe linalo ikhambi ezinkingeni zomkhaya. Ngokusebenzisa iseluleko salo, njengaleso esitholakala kweyabaseKolose 3:12-14 nakweyabase-Efesu isahluko sesi-5, iyazinqoba lezinkinga futhi izuze ubunye nenjabulo.
□ Esinye isibonelo sendlela iqiniso leBhayibheli elingahlanganisa ngayo umkhaya sivela eLebanon. Ngo-1973 omunye woFakazi BakaJehova waqala isifundo seBhayibheli nomkhaya edolobhaneni elincane. Amantombazane amabili, andawonye, avela emzini engumakhelwane nawo ahlanganyela esifundweni. Kodwa lapho umpristi wendawo ephikisana nesifundo, umkhaya wasiyeka. Amantombazane amabili aqhubeka nokufunda ngeposi, esebenzisa ikheli lomkamfowabo. Ngemva kokutadisha izincwadi ezivela kuFakazi, ayezinikeza umkafowabo ukuba azifunde, nakuba indoda yakhe manje yase iphikisa. Lapho enemibuzo, ayebuza uFakazi ngeposi.
Nokho, umfowabo waqhubeka nokuphikisa kwakhe. Wadabula izincwadi zeBhayibheli lezo odadewabo kanye nomkakhe ababenazo washisa ngisho namaBhayibheli abo. Kodwa naphezu kokushushiswa kanzima umkhaya, umpristi, nabanye kulelodolobhana amantombazane aqhubeka nokufunda. Ngesikhathi esifanelekile, abhapathizwa. Ezinye izihlobo nazo zaqala ukutadisha iBhayibheli futhi zabhapathizwa. Umfowabo wamantombazane amabili owayephikisa naye wafunda iqiniso futhi wabhapathizwa. Manje ukhonza njengenceku ekhonzayo ebandleni, futhi uvame ukuba iphayona elisizayo njalo. Ekupheleni kuka-1985, amalunga angama-23 alomkhaya ayesefunde iqiniso futhi ayesebhapathiziwe!
Yeka indlela labodade ababili abajabula ngayo ngokunamathela eqinisweni naphezu kokuphikisa! Yeka indlela okuyinjabulo ngayo ngabo ukubona ubunye nenjabulo yomkhaya wakubo ngenxa yokwamukela kwabo iqiniso leBhayibheli! Kuqinisekisa amazwi omhubi lapho ethi: “Babusisiwe [“bayajabula,” NW] abantu abaNkulunkulu wabo unguJehova!”—IHubo 144:15.
□ Okunye okuhlangenwe nakho futhi kuvela eNew York City, eU.S.A. Lomuntu waqala ukusebenzisa imilaliso lapho eneminyaka eyi-13 ubudala futhi waba umlutha kangangokuthi wayengasakwazi ngisho nokudla engakayibhemi insangu! Umkhuba wakhe wecocaine wawumlahlekisela ama-R200 ngosuku, futhi njalo lapho edayisa imilaliso wayephatha izibhamu ezimbili ezincane. Washada futhi waba ubaba wezingane ezine. Lapho umkakhe eba omunye woFakazi BakaJehova, wamphikisa. Kodwa ekugcineni yamcasula indlela yakhe yokuphila yokulutheka “nokwehla enyuka emigwaqweni,” ephinga.
Ngesikhuthazo sasikhathi-sonke esivela kumkakhe nosizo lothando oluvela kwabadala, esikhathini esingangonyaka ngemva kokubhapathizwa komkakhe wavuma ukutadisha iBhayibheli. Lokhu kwamsiza ukuba abhekane nezinkinga eziyinhloko zokuyeka imilaliso kuhlanganise nokuba nemibono engekho. Wathuthuka kwaze kwaba sezingeni lokubhapathizwa futhi manje unenjabulo yokubona umkhaya wakhe unobunye obujabulisayo nezingane zakhe ezine zithuthuka eqinisweni. Enomsebenzi oqondile neholo elihle, yena nomkakhe babheke phambili ekuhlanganyeleni enkonzweni yamaphayona asizayo.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 21]
“Babusisiwe [“bayajabula,” NW] abantu abaNkulunkulu wabo unguJehova.”—IHubo 144:15