Ngemva Kokudlula EBuchenwald Ngathola Iqiniso
NGAKHULELA eGrenoble, eFrance, ngawo-1930. Uthisha owayengifundisa ulimi lwesiJalimane, owayengumFulentshi, wayengumNazi oshisekayo. Esikoleni wayevame ukuphikelela ngokuthi isiJalimane sasiyoba “wusizo” ngolunye usuku. Nokho, iningi lothisha bethu, ababelwile eMpini Yezwe I, babekhathazekile ngokudlondlobala kobuNazi eJalimane. Nami ngazizwa ngikhathazekile njengoba kwakuya kuba sobala ukuthi impi yayisondela.
Ngo-1940, ekuqaleni kweMpi Yezwe II, umalume wami engimthandayo wafela empini eyayishisa kakhulu emfuleni iSomme. Ngadabuka kakhulu kodwa ngangisemncane kakhulu ukuba ngingabhalisa eButhweni LamaFulentshi. Nokho, eminyakeni emithathu kamuva, ngenkathi iFrance ilawulwa amaJalimane, nganikezwa ithuba lokusebenzisa amakhono ami okuba umdwebi wamapulani eNhlanganweni Yomzabalazo YamaFulentshi. Ngangichwepheshile ekukopisheni amasiginesha futhi ngasebenza nasekwenzeni izigxivizo zamaJalimane zomgunyathi. Nganeliseka kakhulu ekulweni namabutho esitha asilawulayo ngalendlela kangangokuba imibono yobuKhomanisi yawozakwethu yayingabalulekile kangako kimina ngalesosikhathi.
Ukuboshwa
NgoNovember 11, 1943, iNhlangano yethu yoMzabalazo yanxusa ukuba kumashwe ukuze kukhunjulwe isivumelwano sokuthula seMpi Yezwe I. Kodwa onogada bamaFulentshi abahamba ngezimoto babelivalile ibhuloho eliwelela endaweni yokukhumbula impi, futhi basikhuthaza ukuba siphindele emakhaya. Kunalokho sanquma ukumasha siqhubekele kwesinye isakhiwo sokukhumbula impi esingaphakathi edolobheni. Kodwa sakhohlwa into eyodwa. Lesosakhiwo sasiseduze namahhovisi amaGestapo.
Ngokushesha iqembu lethu lase lizungezwe amasosha ahlomile, asiklelisa odongeni. Ngenkathi amasosha esisusa lapho, athola amavolovolo amaningana phansi. Njengoba kungekho muntu owayezimisele ukuvuma elakhe, amasosha akhulula abesifazane kuphela nentsha eneminyaka esukela ku-16 kwehle. Ngakho, ngaboshwa ngineminyaka engu-18, kanye nezinye iziboshwa ezingu-450. Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, sadluliselwa ekamu lesikhashana eduze naseCompiègne, enyakatho yeFrance.
Endleleni Eya EJalimane
NgoJanuary 17, 1944, ngokokuqala ngqá—nakuba kwakungekhona okokugcina—ngahlangana namasosha amaJalimane azigqoko zawo zazihlotshiswe ngeswastika kwesobunxele nesifushaniso esithi SS (Schutzstaffel) kwesokudla. Abutha amakhulu eziboshwa, futhi kwadingeka sihambe ngezinyawo silibangise esiteshini saseCompiègne. Sasikhahlelwa ngokoqobo singeniswa ezinqoleni zakwaloliwe ezifana namabhokisi. Enqoleni engangikuyo iyodwa, kwakuneziboshwa ezingu-125. Izinsuku ezintathu nobusuku obubili, asizange sidle noma siphuze lutho. Emahoreni ambalwa nje, labo ababuthaka base beziwele kakade futhi begxotshwa ngezinyawo. Ezinsukwini ezimbili kamuva safika eBuchenwald, eduze kwaseWeimar, phakathi impela neJalimane.
Ngemva kokugezwa ngemithi esusa amagciwane nokugundwa ikhanda, ngabhaliswa ngenombolo engu-41 101 futhi ngafakwa ngaphansi kohlu oluthi “Iphekula LamaKhomanisi.” Phakathi nenkathi yokuhlukaniswa nabanye, ngahlangana nomfundisi waseDominican uMichel Riquet, ngemva kwempi owaduma ngezintshumayelo zakhe eSontweni Elikhulu LaseNotre Dame, eParis. Sinezinye izinsizwa ezingontanga, ngambuza ukuthi kungani uNkulunkulu ayevumela izinto ezinyantisa kangaka. Waphendula: “Kumelwe udlule ekuhluphekeni okuningi ukuze ufanelekele ukuya ezulwini.”
Ukuphila Kwansuku Zonke
Wonke umuntu owayesezitokisini ezingu-61 kwakumelwe avuke njalo cishe sekugamenxe ihora lesine ekuseni. Sasiphuma sihlutshulwe izingubo kwesingenhla futhi ngokuvamile kwakudingeka siphohloze iqhwa emanzini ukuze sigeze. Kungakhathaliseki ukuthi uyaphila noma uyagula, wonke umuntu kwakudingeka akwenze. Kwakulandela ukwabiwa kwesinkwa—kusukela kumagremu angu-200 kuya ku-300 ngosuku esinkwa esinganambitheki, esithiwe shazi nje ngebhotela nokuthile okuthi akufane nojamu. Ngo-5:30 ekuseni, wonke umuntu wayebuthana ukuze kubizwe amagama abakhona. Yeka ukuthi kwakungokuhlangenwe nakho okubuhlungu kanjani ukuphuma nalabo ababefe ebusuku sibabelethile! Iphunga elibi lentuthu njengoba izidumbu zazisha lalisikhumbuza abahlobo bethu. Sasifikelwa imizwa yosizi, ukuphelelwa ithemba, nenzondo, ngoba sasazi ukuthi nathi kalula nje sasingaphetha kanjalo.
Umsebenzi wami eBAU II Kommando wawuhlanganisa ukumba imisele ngaphandle kwesizathu. Uma nje siqeda ukumba umsele ojule ngamamitha amabili kwakudingeka siphinde siwugqibe kahle futhi. Umsebenzi wawuqala ngo-6:00 ekuseni, kube nekhefu lesigamu sehora emini, okwakuthi emva kwalo siqhubeke nomsebenzi kuze kube u-7:00 kusihlwa. Ukubizwa kwamagama kwakusihlwa ngokuvamile kwakuba sengathi akunakuphela. Lapho nje kwakufe amaJalimane amaningi empini yamaRashiya, lokhu kubizwa kwamagama kwakungaqhubeka kuze kube phakathi kwamabili.
Iqembu Elihlukile
Noma ubani owayezama ukweqa ekamu wayebonakala kalula ngoba sonke sasingagundiwe kahle. Sasigundwa umugqa ohamba okhakhayini noma emaceleni. Nokho, kunezinye iziboshwa ezazigundwe ngokuvamile. Zazingobani? Owayesiphethe esitokisini sethu walenelisa ilukuluku lethu lokwazi. “ZingamaBibelforscher (abaFundi BeBhayibheli),” esho. “Kodwa abaFundi BeBhayibheli babezokwenzani ekamu lokuhlushwa?” ngizibuza. “Balapha ngenxa yokuthi bakhulekela uJehova,” ngitshelwa. UJehova! Ngangiqala ngqá ukuzwa igama likaNkulunkulu.
Ekugcineni ngazi okwengeziwe ngalabaFundi BeBhayibheli. Iningi labo kwakungamaJalimane. Abanye babo babefakwe emakamu okuhlushwa kusukela maphakathi nawo-1930 ngenxa yokwenqaba ukulalela uHitler. Babengase bakhululwe, kodwa benqaba ukuhlehla. AmaSS ayebasebenzisa njengabagundi bezinwele bawo siqu, futhi babenikezwa imisebenzi ekhethekile edinga izisebenzi ezithembekile, njengokusebenza ezikhundleni zokuqondisa. Okwasihlaba umxhwele kakhulu kwakuyisizotha sabo, ukungabi nayo kwanhlobo inzondo noma umoya wokukhonona nokuziphindiselela. Ngangingakuqondi. Ngeshwa, ngalesosikhathi ngangingasazi kahle isiJalimane ukuze ngixoxe nabo.
Isitimela Sokufa
Njengoba amaZwe Asizanayo ayeza nganeno, iziboshwa zazithunyelwa emakamu akude phakathi nezwe, kodwa lamakamu ayeseminyene kakhulu. Ekuseni ngoApril 6, 1945, amaSS athatha abangu-5 000 bethu, futhi asiphoqelela ukuba sihambe indlela engamakhilomitha ayisishiyagalolunye ngezinyawo silibangise eWeimar. Labo ababehluleka ukuqhubeka nohambo babedutshulwa ngonya entanyeni. Lapho ekugcineni sifika esiteshini saseWeimar, sagibela ezinqoleni zesitimela esithwala impahla ezivulekile, isitimela sabe sesiyasuka. Izinsuku ezingu-20 sagudluzela njalo sisuka kwesinye isiteshi siya kwesinye sidabula elaseJalimane saze sayongena eCzechoslovakia.
Ngolunye usuku ekuseni, enye ingxenye yesitimela sethu yakhishelwa eceleni. Amasosha alungisa izibhamu ezingontuluntulu, avula iminyango yenye inqola, ase ebulala zonke iziboshwa zaseRashiya ezaziphakathi. Isizathu? Iziboshwa ezingaba yishumi nambili zazibulele onogada bazo zase zeqa ebusuku. Ngisho nanamuhla ngisalibona ngeso lengqondo igazi ligeleza enqoleni futhi lehlela kujantshi.
Ekugcineni, isitimela safika eDachau, lapho ezinsukwini ezimbili kamuva sakhululwa khona iButho LaseMelika. Phakathi nalo lonke uhambo lwezinsuku ezingu-20, ukuphela kokudla esasinakho kwakungamazambane ambalwa aluhlaza namanzi. Sasiqale uhambo singu-5 000, kodwa bangu-800 kuphela abasinda. Abanye abaningi bafa ezinsukwini ezalandela. Mina ngangichithe ingxenye enkulu yohambo ngihlezi phezu kwesidumbu.
Isinyathelo Esisha
Ngemva kokukhululwa kwami okwabonakala kunengqondo kuphela kwakuwukusekela ngenkuthalo iNhlangano YamaKhomanisi YamaFulentshi, njengoba ngangiye ngasondelana eduze namaningi amalungu ayo—kuhlanganise navelele—eBuchenwald. Ngaba umsizi kanobhala weqembu elincane lalenhlangano eGrenoble futhi ngakhuthazwa ukuba ngiyothatha izifundo zezikhulu eziphakeme eParis.
Nokho, ngokushesha ngadumazeka. NgoNovember 11, 1945, samenywa ukuba sihlanganyele ekumasheni eParis. Ucamarade owayephethe iqembu lethu wayekade enikezwe isamba esithile semali yezindawo zethu zokuhlala, kodwa wayengabonakali ezimisele ukuyisebenzisa ngokwenzuzo yethu. Sabopheka ukuba simkhumbuze ngezimiso zokwethembeka nobungane okwakuthiwa kufanele zisihlanganise. Ngaqaphela futhi ukuthi amadoda amaningi avelele engangiwazi ayengenalo kwanhlobo ikhambi lezinkinga zezwe. Ngaphezu kwalokho, ngokuvamile ayengakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu, kanti mina ngangikholelwa kuNkulunkulu.
Kamuva ngathuthela eLyons, lapho engaqhubeka khona nokusebenza njengomdwebi wamapulani. Ngo-1954, ngavakashelwa oFakazi BakaJehova ababili, futhi ngenza isikhokhelo sikamagazini wePhaphama! Ezinsukwini ezimbili kamuva, indoda ethile yangivakashela inomunye wabesifazane ababekade befike kwami. Ngokushesha mina nomkami saqaphela ukuthi sasinesithakazelo ezintweni ezingokomoya.
Phakathi nezingxoxo ezalandela, ngakhumbula amaBibelforscher eBuchenwald ayethembeke kakhulu okholweni lwawo. Kulapho ngaqaphela khona ukuthi lamaBibelforscher noFakazi BakaJehova kwakungabantu abafanayo. Ngosizo lwesifundo seBhayibheli, mina nomkami sathatha ukuma kwethu ngakuJehova futhi sabhapathizwa ngoApril 1955.
Ngisakukhumbula kahle konke njengokungathi kwenzeke izolo. Angizizwa kabi ngalokho okwenzeka kimi esikhathini esidlule. Kuye kwangiqinisa futhi kwangisiza ukuba ngibone ukuthi ohulumeni balelizwe abanakungenzela lutho. Nakuba okuhlangenwe nakho komuntu siqu kungasiza abanye ngezinga elithile, bengingajabula uma okwami kungasiza nje abantu abasha ukuba babubone ubuzenzisi balelizwe futhi ngaleyondlela bafune izindinganiso ezinhle, ezilungile ebuKristwini beqiniso, njengoba zafundiswa uJesu.
Namuhla, ukuhlupheka nokungabikho kobulungisa kuyingxenye yokuphila kwansuku zonke. NjengamaBibelforscher emakamu okuhlushwa, nami ngibheke phambili ezweni elingcono elizayo, lapho kuyochuma khona uthando lobuzalwane nobulungisa esikhundleni sobudlova nokushisekela imibono eyize kobuhlanya. Okwamanje, ngizama ukukhonza uNkulunkulu noKristu ngangokusemandleni ami njengomdala ebandleni lobuKristu, kanye nomkami, abantwana, nabazukulu. (IHubo 112:7, 8)—Njengoba ilandiswa nguRené Séglat.
[Izithombe ekhasini 28]
Ngenhla: Ukubizwa kwamagama ekamu
Kwesobunxele: Isango lokungena eBuchenwald. Umbhalo oqoshiwe ufundeka kanje: “Wonke umuntu uthola okumfanele”
[Izithombe ekhasini 29]
Ngenhla: Indawo yokushisa izidumbu eBuchenwald
Kwesokunxele: Iziboshwa eziyishumi nesithupha emgqeni ngamunye