Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukuhlanganisa Insimu Engabelwe EParaguay Kuletha Izithelo
IGATSHA leWatch Tower Society laseParaguay lisiqaphela ngokugcwele isidingo sokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kuyo yonke insimu yalo. (IzEnzo 1:8) Lesi isikhathi sokuba bonke bafunde ngoMbuso futhi bakhonze uJehova ngaphambi kokuba alethe isiphelo kulesimiso esibi ‘osizini olukhulu’ oluzayo. (Mathewu 24:21, 22) Okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa lokho okwenziwayo ukuze kusizwe abantu emasimini angabelwe. Igatsha liyabika:
Kwenziwa amalungiselelo okuhlanganisa yonke insimu engabelwe ngamaphayona akhethekile esikhashana. Phakathi nezinyanga uNovember kuya kuJanuary onyakeni wenkonzo ka-1990, abazalwane nodade abangu-39 bahlanganisa ingqikithi yamadolobha namadolobhana ayikhulu lapho abamemezeli boMbuso bengakabikho khona. Bakwazi ukusakaza izincwadi ezingu-6 119, izincwajana ezingu-4 262, nomagazini abangu-5 144. Njengomphumela walomsebenzi, kwakhiwa amaqembu amasha abamemezeli.
◻ Owesifazane othile wemukela kudade oyiphayona osebenza ensimini engabelwe incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Leliphayona lasikisela ukuqhuba isifundo seBhayibheli naye, futhi wavuma ngenjabulo. Lapho leliphayona liphindela, kwakungeyona lenkosikazi kuphela eyayilindile kodwa nomyeni wayo nabantwana babo abayishumi. Ekuhambeleni okulandelayo, umkhaya kanye nabangane bawo nomakhelwane babelungele isifundo seBhayibheli! Lona wesifazane wayebamemile, ethi isifundo sasisihle kakhulu futhi ithemba nezibusiso uJehova akunikezayo kwakumangalisa. Lokhu kwakungokuthile ayengakaze akutshelwe muntu ngaphambili, ngakho waba nomuzwa wokuthi abangane bakhe nomakhelwane nabo kwakufanele bazizwe lezindaba ezinhle.
Isikhathi ngasinye leliphayona liqhuba lesifundo, kwakunabaningi ababebakhona kangangokuthi kwakubonakala sengathi yibandla elincane. Labantu abathakazelayo babebuza imibuzo eminingi futhi behlanganyela esifundweni. Lapho leliphayona lichaza ukuthi uma lensimu isisetshenziwe, kuyodingeka lona nabangane balo baqhubekele endaweni entsha, lona wesifazane wabuza ngokukhathazeka ukuthi kwakuyokwenzekani ngabo. Kwenziwa amalungiselelo nabazalwane basebandleni eliseduze ukuba baqhubeke nesifundo. Manje amaphayona akhethekile aye abelwa ukuba asize labantu abathakazelayo, abanjengezimvu.
◻ Njengoba ehamba indlu ngendlu kwenye insimu engabelwe, udade oyiphayona wathola indoda eyayithole incwadi ethi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade eminyakeni eyishumi ngaphambili. Kusukela ngalesosikhathi ayiphindanga yaxhumana noFakazi BakaJehova. Nokho, yayazi ukuthi uJehova, lowo eyayimbiza ngokuthi uJehova wamabutho, uwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso nokuthi nguYena yedwa ofanele ukukhulekelwa. Izithathela yona isinyathelo, yayikade ikhuluma ngoJehova kunoma ubani emaziyo. Eqinisweni, isonto ngalinye yayihamba amakhilomitha amathathu iyovakashela umbhangqwana othakazelayo ukuze ikhulume nawo ngoNkulunkulu, ngoba njengoba yakubeka, ‘Uma ngiyeka ukubavakashela, bayomkhohlwa uJehova.’ Ngaphezu kwalombhanqwana oshadile, kwakunabanye abacishe babe yishumi ababefuna isifundo seBhayibheli—ngenxa nje yokuthi lomuntu othakazelayo wayebashumayezile.
Ngokuphawulekayo, ezinsukwini ezimbalwa nje ngaphambi kokuba leliphayona lifike kuyo, yona lendoda ayimvumelanga umpristi wendawo nodwendwe lwakhe ukuba bangene endlini nesithombe sencasakazi, ichaza ukuthi yayingakholelwa ezithombeni. Umpristi wayethukuthele egane unwabu. Ngalobobusuku lendoda yathandazela usizo kuJehova. Ngakho cabanga indlela eyajabula ngayo lapho leliphayona lifika! Ngokushesha kwenziwa amalungiselelo esifundo seBhayibheli esihlelekile, futhi lendoda iyaqhubeka ithuthuka ekuhlanganyeleni nenhlangano engokwasezulwini.
Ngokuqinisekile, uJehova uyawubusisa umsebenzi wokubutha eParaguay njengoba abazalwane belwela ukunikeza ubufakazi obugcwele kulamasimu angabelwe.—Mathewu 24:14.