Ungalahlekelwa Injongo Yenkululeko Evela KuNkulunkulu
“Lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko.”—2 KORINTE 3:17.
1. Kungani uIsaya 65:13, 14 esebenza koFakazi BakaJehova?
UJEHOVA unguNkulunkulu wenkululeko. Futhi yeka isibusiso eyiso inkululeko evela kuNkulunkulu! Ngenxa yokuthi izinceku zakhe zinaleyonkululeko, lamazwi eNkosi Ephakeme uJehova ayasebenza kuzo: “Bhekani, izinceku zami ziyakudla, kepha nina niyakulamba; bhekani, izinceku zami ziyakuphuza, kepha nina niyakoma; bhekani, izinceku zami ziyakuthokoza, kepha nina niyakujabha; bhekani, izinceku zami ziyakujabula ngokwenama kwenhliziyo, kepha nina niyakuhewula ngokwaphuka komoya, nikhale ngobuhlungu benhliziyo.”—Isaya 65:13, 14.
2. Kungani abantu bakaJehova bechuma ngokomoya?
2 Abantu bakaNkulunkulu bajabulela lokuchuma okungokomoya ngoba baholwa umoya wakhe, noma amandla ayisiphekupheku. Umphostoli uPawulu wathi: “INkosi inguye uMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko.” (2 Korinte 3:17) Iyini injongo yenkululeko evela kuNkulunkulu? Futhi yini edingekayo kithina ukuze siyisebenzise ngokugcwele?
Inkululeko UNkulunkulu Anayo
3. UNkulunkulu unaluphi uhlobo lwenkululeko, futhi ngani?
3 UJehova kuphela onenkululeko ephelele. Asikho ezidalweni zakhe esingayibekela imingcele inkululeko yakhe ngoba unguNkulunkulu uMninimandla onke noMbusi wendawo yonke. Njengoba indoda ethembekile uJobe yasho, “ngubani ongamkhalima na? Ngubani ongasho kuye ukuthi: Wenzani na?” (Jobe 9:12) Ngokufanayo, inkosi yaseBabiloni uNebukadinesari yaphoqeka ukuba ivume: “Akakho ongavimbela isandla [sikaNkulunkulu], noma athi kuye: Wenzani na?”—Daniyeli 4:35.
4. UJehova uyigcina kanjani inkululeko yakhe ingaphakathi kwemingcele?
4 Nokho, izimiso zokulunga zakhe siqu uJehova zigcina leyonkululeko ephelele ingaphakathi kwemingcele ethile. Lokhu kwabonakala ngenkathi uAbrahama ebonisa ukukhathazeka ngezakhamuzi zaseSodoma futhi ebuza: “Umahluleli womhlaba wonke akayikwenza ukulunga na?” Ukusabela kukaNkulunkulu kwabonisa ukuthi uyawuqaphela umthwalo wemfanelo wokwenza okulungile. Wayengeke alibhubhise iSodoma ukuba zazikhona izakhamuzi ezilungile ezazisele kulo. (Genesise 18:22-33) UNkulunkulu futhi ugcina inkululeko yakhe ingaphakathi kwemingcele ngoba uthando lwakhe nokuhlakanipha kumenza ephuze ukuthukuthela futhi uyazithiba.—Isaya 42:14.
Ukulinganiselwa Kwenkululeko Yabantu
5. Iziphi ezinye zezici ezilinganisela inkululeko yabantu?
5 Nakuba uJehova enenkululeko ephelele, bonke abanye bangaphakathi kokulinganiselwa okuthile okumiswe isimo sabo esingokwemvelo, amakhono, nendawo abahlala kuyo, kuhlanganise nezici ezinjengesikhathi sokuphila samanje esilinganiselwe sabantu abanesono. UNkulunkulu wadala umuntu enenkululeko ephelele yokusebenza ngaphakathi kwendawo uJehova ayembekele yona. Kunezizathu eziningana zokuthi kungani inkululeko yomuntu ilinganiselwe, ingeyona ephelele.
6. Ukulandisa kuNkulunkulu kuhlobene ngani nenkululeko yethu?
6 Okokuqala, inkululeko yomuntu ilinganiselwe ngoba uNkulunkulu umuntu wamdalela ukuba akhonze injongo yaKhe. UJehova ‘ufanele ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba nguyena owadala izinto zonke, nangenxa yakhe zaba-khona zadalwa.’ (IsAmbulo 4:11) Ngakho umuntu kumelwe alandise kuMenzi wakhe, ngokufanelekile oye wenza imithetho abantu okumelwe babuswe yiyo. KwaIsrayeli wasendulo ngaphansi koMthetho kaMose, uNkulunkulu wayefuna ukuba babulawe labobantu abalisebenzisa kabi igama lakhe noma abephula umthetho weSabatha. (Eksodusi 20:7; 31:14, 15; Levitikusi 24:13-16; Numeri 15:32-36) Nakuba thina njengamaKristu singekho ngaphansi koMthetho, inkululeko yethu ilinganiselwe ngenxa yokuthi kumelwe silandise kuJehova, onguMahluleli, uMniki-mthetho, neNkosi yethu.—Isaya 33:22; Roma 14:12.
7, 8. (a) Imithetho yemvelo iyilinganisela kanjani inkululeko yabantu? (b) Imiphi eminye imithetho kaNkulunkulu elinganisela inkululeko yethu njengabantu?
7 Okwesibili, inkululeko yabantu ilinganiselwe ngenxa yemithetho kaNkulunkulu yemvelo. Ngokwesibonelo, ngenxa yomthetho wamandla adonsela phansi, umuntu ngeke agxume esakhiweni esiphakeme ngaphandle kokulimala noma ukufa. Ngokusobala, imithetho kaNkulunkulu yemvelo iyayilinganisela inkululeko yomuntu yokwenza izinto ezithile.
8 Okwesithathu, inkululeko yomuntu ilinganiselwe ngenxa yemithetho kaNkulunkulu ephathelene nokuziphatha. Ngokunokwenzeka kakhulu uye wakubona ukugcwaliseka kwalokho uPawulu abhala ngakho kweyabaseGalathiya 6:7, 8: “Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna. Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.” Ngokungenakuphikwa, imithetho kaJehova uNkulunkulu ephathelene nokuziphatha nayo iyayilinganisela inkululeko yethu, kodwa ukuyilalela kudingekile ngathi ukuze sizuze ukuphila.
9. Ukuba kwethu yingxenye yomphakathi kuyilinganisela kanjani inkululeko yethu?
9 Okwesine, inkululeko yomuntu ilinganiselwe ngenxa yokuthi umuntu uyingxenye yomphakathi wesintu. Ngakho, kufanele abe nenkululeko kuphela ngokwezinga engayiphazamisi ngayo ngokungafanele eyabanye. AmaKristu kumelwe azithobe ‘emagunyeni aphakeme’ kahulumeni, awalalele kuphela uma nje engafuni ukuba sephule imithetho kaNkulunkulu. (Roma 13:1, qhathanisa neNW; IzEnzo 5:29) Ngokwesibonelo, kufanele silalele imithetho ephathelene nokukhokhwa kwentela, ijubane esishayela ngalo imoto, nokunye. Iqiniso lokuthi kufanele silalele imithetho enjalo ‘kaKhesari’ libonisa ngokwengeziwe ukuthi inkululeko yethu evela uNkulunkulu ayiyona ephelele.—Marku 12:17; Roma 13:7.
Kungani Kuyinkululeko Elinganiselwe?
10, 11. Kungani uJehova anika abantu inkululeko elinganiselwe?
10 Kungani uNkulunkulu anika abantu inkululeko elinganiselwe? Esinye isizathu sasiwukuba uMdali abe nezidalwa ezihlakaniphile emhlabeni ezaziyomhlonipha futhi zimdumise ngamazwi nangokuziphatha kwazo okuhle. Abantu bangakwenza lokhu, kuyilapho izilwane zingeke. Izilwane, njengoba zilawulwa umzwelo wemvelo, azazi lutho ngokuziphatha. Inja ungayiqeqesha ukuba ingakuthathi okuthile, kodwa ngeke uyifundise ukungalungi kokweba. Njengoba izenzo zesilwane zahlelelwa ukulandela isimiso esithile, asikwazi nakancane ukwenza izinqumo eziletha udumo kuNkulunkulu, kuyilapho umuntu engazikhethela ngokukhululekile ukukhonza uMenzi wakhe ngenxa yothando nokwazisa.
11 UNkulunkulu futhi unikeza abantu lenkululeko ngokwenzuzo yabo nenjabulo. Bangasebenzisa inkululeko yabo elinganiselwe ngokusungula nokuqamba izinto, ukwenza okuhle nokuba nobambiswano. Abantu futhi banenkululeko yokuzikhethela ezindabeni ezinjengomsebenzi nendawo yokuhlala. Namuhla, izici zezomnotho nezombangazwe ngokuvamile ziyayilinganisela leyonkululeko yokuzikhethela, kodwa lokhu kungase kubangelwe ubugovu babantu, hhayi indlela uNkulunkulu ayedale ngayo isintu ekuqaleni.
12. Kungani abantu abaningi besebugqilini?
12 Nakuba uJehova anika abantu inkululeko enkulu, abaningi namuhla basebugqilini obukhungathekisayo. Kwenzekani? Umbhangqwana wokuqala ongabantu, uAdamu noEva, walahlekelwa injongo yenkululeko evela kuNkulunkulu. Beqela ngalé kwemingcele engokwaphezulu ngokuphathelene nenkululeko yabo futhi babekela inselele ilungelo likaNkulunkulu lokubusa phezu kwabo njengeNkosi Ephakeme, uJehova. (Genesise 3:1-7; Jeremiya 10:10; 50:31) Benganelisiwe ukusebenzisa inkululeko yabo ukuze badumise uNkulunkulu, bayisebenzisa ngobugovu ukuze bazinqumele ngokwabo lokho okulungile nalokho okungalungile, ngaleyondlela behlanganyela noSathane ekuhlubukeni kwakhe kuJehova. Nokho, kunokuba bathole inkululeko eyengeziwe, oAdamu noEva abonile baba ngaphansi kwemigoqo enezilingo nobugqila, ukuncipha kwenkululeko yabo, nokufa ekugcineni. Inzalo yabo yakuzuza njengefa lokhu kulahlekelwa yinkululeko. “Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu.” “Inkokhelo yesono ingukufa.”—Roma 3:23; 5:12; 6:23.
13. Kungani uSathane ekwazile ukugqilaza isintu?
13 Ngenxa yokuhlubuka kwase-Edene, uAdamu nenzalo yakhe baba futhi sebugqilini bukaSathane uDeveli. Phela, “izwe lonke lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19, NW) Ngamandla nekhono eliphakeme likaSathane okwenze wakwazi ukuyenga futhi wenza sonke isintu izigqila ezihlukanisiwe noNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, abantu abanobugovu baye babusa abanye abantu kwaba ukulimala kwabo. (UmShumayeli 8:9) Ngakho-ke, isintu sisonke manje sisebugqilini besono nokufa, ebugqilini bukaSathane namademoni akhe, nasebugqilini bezimiso zezwe zezombangazwe, ezomnotho, nezenkolo.
Inkululeko Yeqiniso Yenziwe Yatholakala
14. Ithemba lesintu lenkululeko yeqiniso lihlangene nani?
14 Ukuzuza inkululeko esonweni, ekufeni, nakuSathane nezwe lakhe kuhlangene nokuzimisela kukaNkulunkulu ukuxazulula impikiswano ephathelene nokufaneleka kobukhosi bakhe siqu bendawo yonke. Ngenxa yokuthi uSathane waphakamisa lempikiswano, uJehova uye wamvumela ukuba ahlale ekhona, njengoba noFaro amvumela ukuba abe khona okwesikhashana. Lokhu kungenjongo yokuba uJehova abonise amandla akhe ngokugcwele futhi igama lakhe limenyezelwe emhlabeni wonke. (Eksodusi 9:15, 16) Ngokushesha uNkulunkulu uzozilwela njengeNkosi Yendawo Yonke futhi ahlanze igama lakhe elingcwele ngokususa isihlamba esilethwe kulo ukuhlubuka kukaSathane, uAdamu, noEva. Ngaleyondlela, labo abesaba uJehova bayokhululwa ebugqilini besono nokufa futhi bayongeniswa ezweni elisha lenkululeko evela kuNkulunkulu.—Roma 8:19-23.
15. UJesu wafeza yiphi indima ekubuyiselweni kwenkululeko esintwini?
15 Ukuze abuyisele inkululeko esintwini, uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe emhlabeni njengomuntu. Ngokunikela ngokuphila kwayo kobuntu okuphelele ngokuzithandela, iNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, yalungiselela umhlatshelo wesihlengo, isisekelo sokukhulula isintu. (Mathewu 20:28) Futhi yamemezela isigijimi senkululeko. Ekuqaleni kwenkonzo yayo, yasebenzisa lamazwi kuyo ngokwayo: “UMoya kaJehova uphezu kwami, ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa kweziboshwa itilongo.”—Isaya 61:1; Luka 4:16-21.
16. Iziphi izinyathelo ezathathwa amaJuda ekhulu lokuqala leminyaka ukuze azuze inkululeko yeqiniso?
16 Abantu babeyoyizuza kanjani leyonkululeko? UJesu wathi: “Uma nihlala ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” Ngakho, abalandeli bakaJesu baye bajabulela inkululeko engokomoya. (Johane 8:31, 32, 36) Ngaphezu kwalokho, uJesu watshela umbusi ongumRoma uPontiyu Pilatu: “Ngizalelwe lokho, ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.” (Johane 18:37) AmaJuda emukela iqiniso elashunyayelwa futhi labonakaliswa uJesu aphenduka ezonweni zawo, alungisa inkambo yawo yokona, aziletha kuJehova, futhi abhapathizwa njengoba noJesu abhapathizwa. (Mathewu 3:13-17; IzEnzo 3:19) Ngalendlela ajabulela inkululeko elinganiselwe evela kuNkulunkulu.
17. Kungani uJehova enika izinceku zakhe inkululeko?
17 UJehova unikeza izinceku zakhe ezithembekile inkululeko ngokuyinhloko ukuze kulwelwe ubukhosi bakhe siqu kodwa futhi nangokwenzuzo yazo. Wakhulula amaIsrayeli ebugqilini baseGibithe ukuze amkhazimulise njengombuso wabapristi, ofakazi bakhe. (Eksodusi 19:5, 6; Isaya 43:10-12) Ngokufanayo, uJehova wakhipha abantu bakhe ebugqilini baseBabiloni ngokuyinhloko ukuze bakhe ithempeli lakhe kabusha futhi babuyisele ukukhulekela kweqiniso. (Ezra 1:2-4) Lapho abathunjwa bekhathalela ukunethezeka kwabo siqu ngokwezinto ezibonakalayo, uJehova wathumela abaprofethi bakhe oHagayi noZakariya ukuba babakhumbuze ngezibopho zabo phambi kukaNkulunkulu. Ngaleyondlela ukuba nombono oqondile ngenkululeko yabo kwaphumela ekupheleni kwethempeli, ekukhazinyulisweni kukaNkulunkulu, ekunethezekeni nasenhlala-kahleni yabantu bakhe.
Ukungalahlekelwa Injongo Yenkululeko Evela KuNkulunkulu
18. Kungani kungase kushiwo ukuthi izinceku zikaJehova zosuku lwanamuhla azilahlekelwanga injongo yenkululeko yazo evela kuNkulunkulu?
18 Kuthiwani ngezinceku zikaNkulunkulu zosuku lwanamuhla? Njengenhlangano, azizange zilahlekelwe injongo yenkululeko yazo evela kuNkulunkulu. Ngawo-1870 zaqala ukugqashula emangeni obuBabiloni nokujabulela inkululeko yobuKristu eyandisiwe. Lokhu kwakuwukuvumelana nezAga 4:18, ezithi: “Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube-semini.” Kodwa, njengoba abantu bakaNkulunkulu bathunjelwa eBabiloni isikhathi esithile, ngo-1918 izinceku zikaJehova zaba sebugqilini beBabiloni Elikhulu ngokwezinga elithile. (IsAmbulo 17:1, 2, 5) Amalungu alowombuso wezwe wenkolo yamanga ajabula ngenkathi ‘ofakazi ababili’ abangokomfanekiso belele ekufeni okungokomoya. Kodwa ngomusa kaNkulunkulu ongazifanele, ngo-1919 izinceku zakhe ezigcotshiwe zavuseleleka, zikhululiwe ngokomoya. (IsAmbulo 11:3, 7-11) Zisebenzisa inkululeko yazo evela kuNkulunkulu, zaba ofakazi abashisekayo boPhezukonke. Ngakho-ke, yeka ukuthi kwakufaneleka kanjani ukuthi ngo-1931, zamukele ngenjabulo igama elithi oFakazi BakaJehova! (Isaya 43:10-12) Ikakhulukazi kusukela ngo-1935 izinceku ezigcotshiwe ziye zajoyinwa “isixuku esikhulu” esinethemba lokuzuza ukuphila okuphakade emhlabeni. Naso futhi asilahlekelwa yinjongo yenkululeko yaso evela kuNkulunkulu.—IsAmbulo 7:9-17.
19, 20. (a) Iyiphi enye indlela ephawulekayo abantu bakaJehova abayisebenzise kahle ngayo inkululeko yabo evela kuNkulunkulu? (b) Kungayiphi enye indlela ephawulekayo oFakazi BakaJehova abayisebenzisa kahle ngayo inkululeko uNkulunkulu abanike yona?
19 Abantu bakaJehova bayisebenzisa ngezindlela ezimbili eziphawuleka ngokukhethekile inkululeko yabo evela kuNkulunkulu. Okokuqala, bayisebenzisela ukuphishekela inkambo elungile. (1 Petru 2:16) Futhi yeka idumela elihle abanalo! Ngokwesibonelo, indoda ethile yake yangena eHholo LoMbuso eZurich, eSwitzerland, futhi yathi ifuna ukuba ngomunye woFakazi BakaJehova. Lapho ibuzwa isizathu, yathi udadewabo wayenguFakazi futhi wayesusiwe ngenxa yokuziphatha okubi. Yathi: ‘Yilenhlangano engifuna ukuzihlanganisa nayo—inhlangano engakubekezeleli ukuziphatha okubi.’ Ngesizathu esihle iNew Catholic Encyclopedia iye yaphawula ukuthi oFakazi BakaJehova baye bazuza idumela lokuba “elinye lamaqembu aziphatha kahle kakhulu emhlabeni.”
20 OFakazi BakaJehova futhi basebenzisa inkululeko yabo evela kuNkulunkulu ngokufeza ukuthunywa kwabo kokushumayela izindaba ezinhle, njengoba kwenza uJesu. (Mathewu 4:17) Ngezwi lomlomo nangamakhasi abhaliwe, ngokuqondile nangokwethukela, bamemezela ngoMbuso kaJehova. Ngokwenza kanjalo bazizuzisa kakhulu ngokuqinisa ukholo lwabo nangokwenza ithemba labo ligqame. Ngaphezu kwalokho, lomsebenzi usiza ekusindiseni bona nalabo ababalalelayo. (1 Thimothewu 4:16) Ngokuphathelene nalomsebenzi, incwadi ethi Dynamic Religious Movements ithi: “Kungaba nzima ukuthola amalungu anoma iliphi iqembu asebenza ngokuzikhandla okungaka enkolweni yawo njengoFakazi.”
21. Ibuphi ubufakazi obukhona bokuthi uJehova ubusisa inkonzo yabantu bakhe?
21 Yeka indlela uJehova asibusisa ngayo ngokufeza injongo yenkululeko yethu evela kuNkulunkulu! Lokhu kungabonakala embikweni wenkonzo yasensimini wangonyaka odlule—inani eliphakeme labamemezeli boMbuso abangaphezu kwezigidi ezine, nabangaphezu kwezigidi eziyishumi ababekhona eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu. Kokunye ukuhlola, i-Ireland yaba namanani aphakeme abamemezeli alandelanayo angu-29; iMexico yaba namanani aphakeme angu-78 ezinyangeni ezingu-80; futhi iJapane yaba namanani aphakeme angu-153 elandelana!
Yisebenzise Kahle Inkululeko Yakho Evela KuNkulunkulu
22. Iyini injongo yeminye yemibuzo ekwenza ucabange esingazibuza yona?
22 Uma ungomunye woFakazi BakaJehova abazinikezele, ingabe uyisebenzisa kahle inkululeko uNkulunkulu akunike yona? Ngamunye angenza kahle ukuzibuza: ‘Ingabe ngiyacophelela ekusebenziseni inkululeko yami evela kuNkulunkulu ukuze ngigweme ukukhubekisa noma ubani ngokuziphatha okungalungile? Ingabe ngiyayilalela imithetho kaKesari ngenxa kanembeza, nakuba ngibeka imithetho kaNkulunkulu kuqala? Ingabe ngibambisana ngokugcwele nabadala bebandla? Ingabe ngiyisebenzisa ngokugcwele inkululeko yami evela kuNkulunkulu ekushumayeleni izindaba ezinhle? Ingabe ‘ngivame njalo emsebenzini weNkosi’? Ingabe ngiphishekela ngentshiseko umsebenzi wokuziphilisa kuyilapho kufanele ngisebenzise inkululeko yami evela kuNkulunkulu kangcono ngokwandisa inkonzo yami, ukulwela ukufanelekela umthwalo wemfanelo owengeziwe ebandleni noma inkonzo yesikhathi esigcwele?’ —1 Korinte 15:58.
23. Yini okufanele siyenze ukuze singalahlekelwa injongo yenkululeko yethu evela kuNkulunkulu?
23 Kwangathi sonke ‘singezwa sibone ukuthi uJehova muhle.’ (IHubo 34:8) Masithembele kuye, sivumelane nemithetho yakhe, futhi sikhazimulise igama lakhe elingcwele ngokumemezela ngoMbuso wakhe ngentshiseko. Khumbula ukuthi labo ‘abahlwanyela kakhulu bayovuna kakhulu.’ (2 Korinte 9:6) Ngakho-ke, masinikele kuJehova inkonzo yenhliziyo yonke futhi sibonise ukuthi asilahlekelwanga injongo yenkululeko yethu evela kuNkulunkulu.
Ungaphendula Uthini?
◻ UNkulunkulu unahlobo luni lwenkululeko?
◻ Inkululeko yabantu inakuphi ukulinganiselwa?
◻ Inkululeko yeqiniso yenziwa kanjani yaba nokwenzeka?
◻ Yini okumelwe siyenze ukuze sigweme ukulahlekelwa injongo yenkululeko evela kuNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 9]
Inkululeko yabantu ilinganiselwe izici ezinjengomthetho wamandla adonsela phansi