Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 3/1 k. 22
  • UJehova Uvuza Osemusha Othembekile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJehova Uvuza Osemusha Othembekile
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufakaza Kuthela Izithelo Ekhaya Nasesikoleni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Uyamsiza Yini Umntanakho Ukuba Akhethe UJehova?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Lingisa UJehova Lapho Uqeqesha Izingane Zakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Basha—Niyazithinta Izinhliziyo Zabazali Benu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 3/1 k. 22

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

UJehova Uvuza Osemusha Othembekile

INTSHA ethembekile iyigugu kakhulu emehlweni kaJehova. Okuhlangenwe nakho okulandelayo kwensizwa ethembekile kufanele kukhuthaze enye intsha ukuba igcine ubuqotho bayo njengoba ikhonza uJehova.

EArgentina umfana oneminyaka engu-11 nomfowabo omncane batadisha incwadi ethi IQiniso eliholela ekuphileni okuPhakade nogogo wabo. Ngokushesha, abazali balabafana babonisa ukuphikisa, futhi babenqabela ukuba baye emihlanganweni eHholo LoMbuso. Ukuze babekhona emihlanganweni, okwesikhathi esithile, labafana babephuma ngefasitele lasendlini yokugezela, bagxumele evulandi, bacace umthangala beqele egcekeni lakwamakhelwane baze bayofika eHholo LoMbuso. Khona-ke, othile watshela unina ukuthi babeya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Unina wabasongela ngokubashaya, futhi lokho kwamethusa umfana omncane, owabe eseyeka ukutadisha. Kodwa omdala waphikelela. Wakwazi ukuya emihlanganweni abazali bakhe bengazi iminyaka emihlanu.

Lapho eseneminyaka engu-16 ubudala, wafuna ukwenza isifundo esithile esikoleni esiphakeme esasingekho edolobheni lakubo. Ukungabikho ekhaya kwakuzomnika inkululeko eyengeziwe yokuphishekela iqiniso. Abazali bakhe bamvumela ukuba ahambe, futhi konke kwahamba kahle izinyanga ezintathu. Khona-ke uthisha-nhloko watshela abazali bakhe ukuthi indodana yabo yayingalikhulekeli ifulege noma icule ingoma yesizwe. Phambi kwezilaleli okwakukhona kuzo uthisha-nhloko, abazali bakhe, unobhala, ummeli, nawoprofesa abayishumi, lensizwa yakwazi ukunikeza ubufakazi obuhle kakhulu bokuthi kungani yayingenakwenza lezizenzo ngenxa kanembeza. (Eksodusi 20:4, 5) Abazali babethukuthele bethelwa ngamanzi. Unina wathola ivolovolo, ezimisele ukuyodubula ugogo, okunguyena ayembheka njengonecala. Kodwa wehluleka ukumthola eyedwa.

Kamuva, ngemva kokucetshiswa umngane walowomkhaya nangemvume kathisha-nhloko wesikole, abazali banquma ukuyisa lona osemusha emtholampilo wabagula ngengqondo, becabanga ukuthi ukwelashwa ngokwengqondo kwakuzomehlukanisa nokholo lwakhe. Izisebenzi zasemtholampilo zahamba naye ngemoto ibanga elingamakhilomitha angu-100 futhi zamjova ngezilinganiso ezinkulu zeinsulin nangezinye izidakamizwa kuze kube yilapho esequlekile. Lapho ephaphama, wayesuke esedungeke ingqondo ngokuphelele, engazi muntu, futhi kwase kungathi unesifo sokukhohlwa. Ngemva kokumhlolisisa izikhathi eziningi odokotela abatholanga nanoma yikuphi kuphazamiseka ngokwengqondo kuyena. Kodwa umtholampilo waqhubeka nokwelapha kwawo. Lapho ephaphama, lomfana wayethandaza ngokungaphezi kuJehova ukuba angamshiyi futhi ecela kuye amandla okukhuthazela. UJehova wamvikela, futhi ekugcineni wadedelwa emtholampilo.

Ngesinye isikhathi uthisha-nhloko wabuza lensizwa ukuthi yayisizimisele yini ukuhlehla. Lapho iphika, uthisha-nhloko watshela abazali bayo ukuba bayiphindisele emtholampilo ngoba yayisisangene kakhulu kunakuqala. Abazali bayo bayisa emzini oqashisayo futhi batshela umphathikazi walendawo ukuba aqikelele ukuthi yayingayi emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Ngemva kokuba abazali sebehambile, yeka ukuthi lomfana wamangala kanjani! Abanikazi balomuzi oqashisayo babengoFakazi BakaJehova! Ekugcineni abazali bakhe bamyekisa ukwelashelwa isifo sengqondo, beqiniseka ngokuthi odokotela babebakhohlisile. Phakathi naleyonkathi iNkantolo Enkulu yaseArgentina yenza isiphakamiso sokuthi izingane zoFakazi BakaJehova zazingeke zisaxoshwa esikoleni ngenxa yokungalikhulekeli ifulege.

Ingabe loluvivinyo lwamzuzisa lona osemusha? Yebo. Uthi: “Ngakwazi ukunikeza ubufakazi obengeziwe kodokotela, oprofesa, engifunda nabo, abazali, nezihlobo, eqinisweni, kulo lonke idolobha. Abazali bami sebethambathambile manje futhi sebenombono ongcono ngoFakazi. Manje, uma ngibheka emuva esikhathini sokukhula kwami, ngibona indlela amangalisa futhi anothando ngayo uNkulunkulu wethu ekunakekeleni umuntu ohlala ethembekile kuye. Kunjengoba nje umhubi asho kumaHubo 27:10: ‘Ubaba nomame bangishiyile, kodwa uJehova uzakungamukela.’”

Lensizwa manje isineminyaka engu-23 ubudala, ishadile, futhi ikhuthele enkonzweni kaJehova. Ngempela, amandla kaJehova asekelayo awanamingcele.—IHubo 55:22.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela