Ingabe Ungakwamukela Ukuvakashelwa?
Ngisho nakulelizwe elinezinkathazo, ungathola injabulo ngokuba nolwazi oluqondile lweBhayibheli ngoNkulunkulu, uMbuso wakhe, nenjongo yakhe emangalisayo ngesintu. Uma ungakwamukela ukwaziswa okwengeziwe noma ukuba kufike othile ezoqhuba isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala kanye nawe, siza ubhalele iWatch Tower, Private Bag 2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele elisekhasini 2.