Okungaphezu Nje Kwezinsika Ezikhangayo
Izivakashi zikhangwa izinsika ezisoLwandle iMeditherra eKesariya, isikhumulo semikhumbi sasendulo esisogwini lwakwaIsrayeli. UHerode OmKhulu wakha lesikhumulo semikhumbi futhi wabiza lelodolobha ngoKesari Awugustu.
Abavubukuli baye bemba ingxenye enkulu yalelodolobha, kuhlanganise nenkundla yalo enkulu yemidlalo. Baye bangena ngisho nangaphansi kwamanzi ukuze bathole ukuthi lesikhumulo sasakhiwe kanjani kulolugu olunesihlabathi.
INew York Times (January 8, 1991) yabika ngokutholakala kwezinsika emanxiweni esigodlo ekuqaleni esasingene olwandle. Lezinsika zikhethekile ngoba imibhalo elotshwe kuzo ibala nabanye ababusi abangamaRoma ababengaziwa ngaphambili. “Umqondisi” wemikhumbi naye uphawuliwe, “okungumbhalo wokuqala oke watholakala okhuluma ngalesikhumulo.”
Abafundi beBhayibheli bayazi ukuthi umphostoli uPawulu weza ngomkhumbi kulesikhumulo ekuphetheni kohambo lwakhe lwesibili lwezithunywa zevangeli. Lapha wahlala noFilipi umvangeli, futhi okuhlangenwe nakho kwakhe kumelwe ukuba kwabakhuthaza kakhulu abafundi. (IzEnzo 18:21, 22; 21:7, 8, 16) Singafunda okuningi kwalokhu okuhlangenwe nakho okujabulisayo encwadini yeBhayibheli yezEnzo Zabaphostoli.
Ngakho lezinsika ezigudla ugu azizona nje izinsalela ezingokomlando ezingasho lutho. Zikhumbuza amaKristu ngabafowabo bokuqala, abasakaza ngenkuthalo izindaba ezinhle ezikhumulweni bengayeki ‘kwaze kwaba sekugcineni komhlaba.’—IzEnzo 1:8.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
Garo Nalbandian