Iziqhingi ZoLwandlekazi I-Indian Zizwa Izindaba Ezinhle
IZIQHINGI iRodrigues, iMauritius, iRéunion, iSeychelles, iMayotte, neComoros, zimi njengocezu lwesiyingi enyakatho yeMadagascar futhi zendlaleke ibanga elingamakhilomitha-skwele ayizigidi ezingaphezu kuka-3,9 entshonalanga yoLwandlekazi i-Indian. Nakuba zihlanganisa indawo enkulu kangaka, leziqhingi zizonke zinendawo eyizwe engamakhilomitha-skwele acishe abe ngu-7 300 kuphela. Njengoba zinezakhamuzi eziyizigidi ezingu-2,3, ziphakathi kweziqhingi eziminyene kakhulu emhlabeni.
Lelinani lezakhamuzi lihlanganisa noFakazi BakaJehova abacishe babe ngu-2 900, abasebenza ngenkuthalo ukuba bashumayele izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kwabahlala eziqhingini. Njengoba bengabodwa, laboFakazi bakwazisa ngokukhethekile ukuvakashelwa ababonisi abajikelezayo kanye nemihlangano yaminyaka yonke ehlelwa yihhovisi legatsha leWatch Tower Society eVacoas, eMauritius. Lezi yizikhathi abangakujabulela ngazo ngempela lokho okushiwo amazwi kaIsaya 42:10: “Mhubeleni uJehova ihubo elisha, nodumo lwakhe, kusukela emikhawulweni yomhlaba, nina enehlela elwandle nakho konke okukulo, nina-ziqhingi nabakhileyo kuzo.”
Muva nje, abameleli abavela ehhovisi legatsha baya eziqhingini ukuze bavakashele amabandla futhi baqhube uchungechunge lwaminyaka yonke lwemihlangano ekhethekile yosuku olulodwa, eyayinesihloko esithi “Yibani-ngcwele Kukho Konke Ukuziphatha Kwenu,” esisekelwe kweyoku-1 Petru 1:15. (NW) Ukuze kuhlanganiswe indawo enkulu yolwandle, kwakuhanjwa ikakhulukazi emoyeni—ngezinye izikhathi ngezindiza ezinkulu zesimanje kodwa ngokuvamile kuhanjwa ngezindiza ezincane ezihanjiswa uphephela. Imikhumbi kaseyili nezikebhe ezincane ezihanjiswa ngoseyili nakho kwakusetshenziswa. Hamba kanye nathi, futhi ubone indlela iziqhingi ezisoLwandlekazini i-Indian ekude ezizwa ngayo izindaba ezinhle!
Indawo Yokuqala Esima Kuyo—IRodrigues
Ngemva kohambo ngendiza oluyihora nengxenye ukusuka eMauritius, sabona amatshe ecoral. Aphawula unqenqema lwechweba elikhulu elizungeze izwe elincane elisoLwandlekazini i-Indian. Lena yindawo yokuqala esima kuyo, isiqhingi saseRodrigues.
Isikhumulo sezindiza sakhiwe endaweni engenele olwandle eyakhiwa amatshe ecoral, ebizwa ngokuthi iPoint Coraille. Kulendawo icoral iwugqinsi kangangokuba ingasikwa ngesaha yenziwe izitini ezinkulu ezingasetshenziswa ekwakheni izakhiwo. Ibhasi elincane liyasithatha lihamba ngendlela encane, emazombezombe lisuka esikhumulweni sezindiza liya edolobheni elikhulu iPort Mathurin. Kwenye indawo, sikwazi ukubona ngaphesheya kwesiqhingi amatshe ecoral akude, ichweba eliluhlaza njengesibhakabhaka, nogu lolwandle olunamadwala. Njengoba inkathi yezimvula isanda kuphela, amaqele ambozwe utshani obukhulu, obuthambile futhi anezinkomo, izimvu, nezimbuzi ezigqagqene eziklabile.
IHholo LoMbuso elincane, elihlanzekile elisenkabeni yePort Mathurin liyindawo esizoqhubela kuyo umhlangano wethu okhethekile wosuku olulodwa. Umsebenzi eRodrigues waqala ngo-1964. Manje, phakathi kwezakhamuzi ezingu-37 000, kunabamemezeli bezindaba ezinhle abangu-36. Yeka injabulo okuyiyo ukubona kukhona abantu abangu-53 nensizwa eneminyaka engu-18 ubudala ibhapathizwa. Unina, nakuba engakwazi ukufunda noma ukubhala, wamukela iqiniso ngo-1969, futhi uye waqhubeka ekhonza uJehova naphezu kokuphikisa komkhaya. Manje ababili kubantwana bakhe bazinikezele kuJehova.
Ngemva komhlangano, sichitha isonto elilodwa sishumayela kulesiqhingi. Sikhuluma ulimi lwethu lwesiCreole saseMauritius, njengoba luwulimi olukhulunywayo nalapha eRodrigues. Sigibela ibhasi bese sihamba ngezinyawo ukuze sifike ensimini yethu—isigodi esiluhlaza esendlalekile sisuka emgwaqweni osenkangala size sifike ezansi olwandle. Yeka umbukwane omangalisayo—ichweba eliluhlaza, amatshe amhlophe ecoral, nolwandlekazi oluluhlaza njengesibhakabhaka olungasemuva! Sishukunyiswe umoya omnandi, ongangcolile, siba ngabakulungele ukuhamba.
Sihamba ngemizila emincane edabula emasimini bese siwela umfudlana oyixhaphozi ukuze sifinyelele amakhaya amaningi amancane akulesigodi. Samukelwa ngokufudumele ekhaya ngalinye futhi siyakwazi ukuxoxa nabaninikhaya ngezibusiso zoMbuso ezizoza ngakushesha. Kungakabi isikhathi eside sesifinyelele ezansi kulesigodi, futhi sekuyisikhathi sokuya ekhaya. Lokhu kusho ukuphinda sinyuke umqansa bese sihamba ngezinyawo amahora amaningi, kodwa umoya wokungenisa izihambi wabantu bakulendawo uyasisiza—kuqhamuka abathi masigibele ngemuva evenini.
Ngemva kwalolohambo olukhathalisayo, sijabulela ukubuyela eKhaya LaseBethel elihle eVacoas. Kuhlelwe izinsuku ezimbili zemihlangano ekhethekile ezoba seHholo Lomphakathi. Ngosuku lokuqala, kuza abantu abangu-760. Bavela engxenyeni yamabandla angu-12 akulesiqhingi. Ngosuku olulandelayo, sihlanganyela isimiso esifanayo nabantu abangu-786 abavela kulana amanye amabandla ayisithupha. Ngempela-sonto, kubhapathizwa abantu abane abasanda kuthakazela. Kunamaphayona akhethekile angu-30 navamile angu-50 anengxenye ekuletheni izindaba ezinhle kubantu abahlala kulesiqhingi.
Iziqhingi Ezikude ZaseSeychelle
Ngokushesha sekuyisikhathi sokuba siphinde sithathe indiza, siqonde ngqó enyakatho ibanga elingamakhilomitha angaphezu kuka-1 600 phezu kwesithabathaba solwandle siya esiqhingini saseMahé kwezaseSeychelles, esibizwa ngokuthi iZil Elwannyen Sesel ngesiCreole, okusho ukuthi “Iziqhingi Ezikude ZaseSeychelle.” Ngenxa yebanga elide, ihhovisi legatsha lingahlelela loluhambo kabili kuphela ngonyaka. Umhlangano okhethekile wosuku olulodwa nomhlangano wesifunda iqhutshwa ngezinsuku ezintathu ezilandelanayo entwasahlobo. Umhlangano wesigodi uqhutshwa kamuva onyakeni. Manje phakathi no-October, silapha nje size emhlanganweni wesigodi, ozolandelwa ukuhambela okuthatha isonto elilodwa ebandleni. Nalapha futhi singalusebenzisa ulimi lwethu lwesiCreole saseMauritius.
Abazalwane abavela eziqhingini eziseduze zasePraslin naseLa Digue kakade sebefikile. Yeka indlela okuhlaba ngayo umxhwele ukuba kube khona abamelele izizwe ezingu-12! Indawo umhlangano ozoba kuyo yiHholo LoMbuso lendawo, igalaji elikhulu elalungiswa elingasemuva kwekhaya lomunye woFakazi. Njengoba kungabazalwane abayisithupha kuphela, kuhlanganise nezivakashi, abafanelekela ukuba nengxenye esimisweni, abanye baba nelungelo lokunikeza izinkulumo eziningana phakathi nezinsuku ezine. Abamemezeli abangu-81 bahlabeka umxhwele ngokubona kukhona abangu-216 ngosuku lokugcina lomhlangano.
Ngemva komhlangano, sihamba ngesikebhe esincane siya ePraslin, amakhilomitha angu-40 enyakatho-mpumalanga yeMahé. Lesikebhe esingamamitha angu-18 senziwe ngokhuni lomuthi othiwa itacamahac. Lesikebhe esihamba kamnandi singathwala abagibeli abangu-50 kanye nomthwalo ongamathani acishe abe ngu-36. Njengoba silishiya itheku laseMahé futhi sibhekisa ingaphambili lesikebhe sethu ngasemngceleni wePraslin obonakala kude emkhathizwe, siyakuzwa ukusunduza kwenjini ehanjiswa amafutha isizwa oseyili abamhlophe bebhakuza ezinsikeni ezimbili zesikebhe.
Amahora amabili nengxenye kamuva, sizungeza inhlonhlo enamadwala ukuze singene emanzini azolile eTheku elihle iSt. Anne. Lapho sinyathela endaweni ende okwehlelwa kuyo, sibona abafowethu belindile. Kunabamemezeli abangu-13 kulesiqhingi esincane, futhi izivakashi ezingu-8 zazivela kwezinye izingxenye. Ngakho kujabulisa kakhulu ukubona ihholo elincane ligcwele abantu abangu-39 bezolalela inkulumo ekhethekile. Yeka ukuthi kunethuba elihle kanjani lokwanda!
Ngenkathi siselapha ePraslin, kumelwe sivakashele iVallée de Mai enhle. Leli yikhaya lomuthi wesundu othiwa iCoco-de-mer, othela inhlamvu enkulu kunazo zonke emhlabeni, ngayinye enesisindo esifinyelela kumakilogremu angu-20. Ethunzini elipholile eliluhlaza lehlathi, sibona lamasundu kuzo zonke izigaba zokukhula kwawo. Umbhalo ongokomthetho ochazayo uthi umuthi owawumude kunayo yonke wawungamamitha angu-31 ukuphakama ngenkathi owagcina ngayo ukukalwa ngo-1968. Eminye yalemithi emide kulinganiselwa ukuthi ineminyaka engu-800 ubudala. Kuthatha iminyaka engu-25 ngaphambi kokuba umuthi uqale ukuthela izithelo kanye neminyaka engu-7 ukuba intongomane livuthwe. Kungakho lencwajana ixwayisa: “Thatha izithombe kuphela, ushiye izinyathelo kuphela”!
Ngehora lesikhombisa ekuseni ngosuku olulandelayo, sihamba ngesikebhe siye esiqhingini esincane saseLa Digue. Izikebhe eziningi ezincane zimi zingamaqoqo zizungeze indawo okwehlelwa kuyo. Ziyindlela yokuxhumana phakathi kwezakhamuzi ezingu-2 000 kanye nezwe elingaphandle. Sihlangatshezwa umbhangqwana osukhulile waseSwitzerland osuye waba kuleziqhingi kusukela ngo-1975. Kunokuba sigibele “itekisi” eliyikalishi lezinkomo, sihamba ngezinyawo sigudle ulwandle olunamatshe egranite abomvana akhangayo aseze aba bushelelezi ngenxa yolwandle nemvula. Ngemva kokudla kwasekuseni okudlelwa ngaphandle, siyahamba sidabula esiqiwini esincane, lapho okuzalela khona inyoni emnyama engavamile ebizwa ngokuthi uve, siya ekhaya labantu abathile abathakazelayo. Abantu abayishumi nantathu bayahlangana ukuze balalele inkulumo enikezwa ngesiCreole. Sihlangana nombhangqwana oye wenza wonke amalungiselelo okuba wenze umshado wawo ube semthethweni ukuze ukwazi ukuthuthuka ngokomoya. Ngempela, uJehova uletha abantu abanxanelekayo bezizwe ngisho nakuleziqhingi ezikude kakhulu.
Ukuphindela ERéunion
IRéunion iyisiqhingi esithuthuke kakhulu esisivakashelayo kuloluhambo. Njengoba sisondela ezweni, sibona umgwaqo omkhulu onemizila emine, ugcwele izimoto ezivela enhlokodolobha, iSaint-Denis. Amabhilidi amade agcwele kuyo yonke indawo ephakathi kolwandle nentaba. Lesiqhingi siyikhaya labantu abacishe babe ngu-580 000 futhi siye saba insimu ekhiqizayo ekufakazeni ngoMbuso. (Mathewu 9:37, 38) Manje kunabamemezeli bezindaba ezinhle abashisekayo abacishe babe ngu-2 000 emabandleni angu-21.
Umhlangano okhethekile wosuku olulodwa uqhutshelwa enkundleni enkulu evalekile. Siyajabula ngokubona kukhona abantu abangu-3 332, futhi yeka injabulo okuba yiyo ukuba sibe nabasanda kuthakazela abangu-67 abazinikezela ukuba babhapathizwe! Ngemva kokujabulela ubungane nezithunywa zevangeli ezikulesiqhingi, sesibamba indlela siya endaweni elandelayo.
IMayotte—Isiqhingi Samakha
Ngemva kohambo ngendiza oluthatha amahora amabili, indiza ethwala abantu abangu-40 esihamba ngayo iqala ukwehlela esikhumulweni sezindiza iPamanzi, esisesiqhingini esincane esixhunyaniswa indlela engamakhilomitha angu-1,9 neDzaoudzi, inhlokodolobha yaseMayotte. Isibhakabhaka esiluhlaza, amafu amhlophe, amaqele avundile, kanye nolwandlekazi oluluhlaza njengesibhakabhaka kuyahlangana kunikeze umbono wepharadesi elihle lasezindaweni ezishisayo. Ngokufanelekile, iMayotte ifekethiswa ngokuthi isiQhingi Samakha ngenxa yephunga lamakha amnandi omuthi othiwa yi-ilang-ilang. Okuthile okukhishwa ezimbalini zawo kuthunyelwa eFrance kube isakhi esiyinhloko samakha adumile emhlabeni.
Kuwuhambo nje oluthatha imizuzu engu-15 kuphela ngesikebhe ukuya esiqhingini esikhulu. Ngemva kokuthola iziphuzo ekhaya lezithunywa zevangeli, simenyelwa esifundweni sencwadi esiqhele ngamakhilomitha angu-19 esikolunye uhlangothi lwesiqhingi. Lokho kwawaqeda amathemba ethu okuvakasha nje kokuphumula! Sigibela evenini evulekile ukuze sithathe uhambo olusiphuzelisa izinwele emigwaqweni emincane. Kubonakala sengathi sicishe siduke singababoni abantu, izinkomo, nezinye izimoto. Kodwa umshayeli wethu ongumFulentshi uyayazi indlela. Ngokushesha, siyafika eChiconi, lapho sihlangana khona nomkhaya okuqhutshelwa isifundo endlini yawo.
Ubaba, owayengumMuslim, wethula abantwana bakhe abayisishiyagalombili. Indodana yakhe encane kunawo wonke, eneminyaka emine ubudala, isinikeza lokho esathola kamuva ukuthi kuyindlela yokubingelela eyisiko. Ibeka ingemuva lesinye isandla entendeni yesinye bese ima nazo phambi kwethu zisesifubeni. Okokuqala sizama ukuyixhawula, bese umkami ezama ukubeka izandla zayo phezu kwekhanda lakhe. Lomfanyana onamehlo amakhulu ayizimbumbulu ulindile ngesineke, ngokungangabazeki emangaliswe yilento esiyenzayo. Ekugcineni siyaphumelela—sibeka izandla zakhe phezu kwekhanda lakhe. Isifundo siyaqala kunabantu abangu-14. Sisephakathi naso, kungena umuntu othakazelayo futhi axhawule wonke umuntu. Nalokho futhi ngokusobala kungelinye lamasiko abo.
Ohambweni lwethu olubuyayo oludabula emaphandleni manje aseba mnyama, sibona amalulwane amakhulu adla izithelo eya ezihlahleni eyofuna ukudla kwawo kwasebusuku. Futhi sizwa iphunga lesithelo esibabayo okuthiwa ijackfruit esiwele emgwaqweni omazombezombe kanye nephunga elimnandi lomango, opopo, namagwava. Leli yikhaya lamalemur, izilwane ezincane ezinjengenkawu ezinobuso obunjengobempungushe nemisila emide, eneziyingelezi, ethandelayo. Njengoba sizungeza isiqongo segquma, sibona okuthile okumangalisayo. Inyanga ehlangene ebomvu-sawolintshi isanda kuvela ngaphezu kwetheku, ibangela kube nokukhanya okubengezelayo emanzini acwathile. Ngisho nomshayeli wethu wehlisa ijubane ukuze ayibuke. Kulo lonke uhambo, siyayibheka ejikeni ngalinye lomgwaqo.
Ngakusasa ekuseni siyoshumayela nezithunywa zevangeli. Okokuqala, sivakashela insizwa ewuthisha futhi esikhuluma kahle isiFulentshi. Ihlala phansi, bese thina sihlala phezu kombhede wayo. Isifundo esilandelayo naso siqhutshelwa insizwa ethile, futhi isicela ukuba sihlale phezu kukamatilasi wayo obekwe phansi egunjini layo elincane. Ngemva kwesikhashana siqala ukuyobayoba, naphezu kokuzama ukungayinaki inkwantshu esemilenzeni yethu nomjuluko owehla ngomgogodla. Njengoba kuduma umsakazo kwamakhelwane ucula izingoma zepop zamuva, akulula ukugxilisa ukunakekela esifundweni, esiqhutshwa ngokwengxenye ngesiFulentshi nangesiMahorian.
Ekugcineni sihambela insizwa ethile evela eziQhingini ZaseComoro ezingomakhelwane. Iyaxolisa ngokungakwazi ukusikhuluma kahle isiFulentshi, ikhipha incwajana yayo, bese ilindela ukuba kuqalwe. Lapho isithunywa sevangeli siqhubeka singichazela okuthile, iyangenelela engxoxweni bese ithi izofunda isigaba. Isitshela ngezindlela eziphansi ukuthi masithule. Bonke labantu bangamaMuslim, kodwa bayakwazisa ngempela lokho abakufunda eBhayibhelini.
Siyazibuza ukuthi kungani izinsizwa eziningi kangaka zifunda, kuyilapho kunabesifazane abambalwa kangaka noma amantombazane afundayo. Sitshelwa ukuthi lokhu kubangelwa amasiko ezenhlalo nawomkhaya. Njengoba ukushada isithembu kwamukelwa ngokwenkolo nangokwenhlalo futhi umfazi ngamunye ehlala ekhaya lakhe siqu, ithonya likababa lincane; umama uyena olawulayo. Sizwa futhi nokuthi amantombazane ngokwesiko ahlala ekhaya likanina aze ashade. Amadodana, ngakolunye uhlangothi, ayahamba ekhaya uma efika esikhathini sokuthomba bese ezakhela elawo ibanga, noma iqhugwana, noma ahlale nabanye abafana kulelobanga. Ngaphansi kwalezizimo izinsizwa zikhululekile ukuba zifunde uma zithanda, kodwa ambalwa amantombazane anenkululeko enjalo.
NgeSonto kuzoba nomhlangano okhethekile wosuku olulodwa. Isimo sezulu siba sihle ekuqaleni, kodwa emini amafu ayaqala ukuqoqana, futhi ngokushesha kuqala ukuna izihlambi zemvula. Akukho muntu obonakala ekhathazeka kangako, njengoba imane nje ipholisa. Nalapha futhi sithola ingcebo eningi engokomoya njengoba abamemezeli abangu-36 namaphayona bejabulela ukubona kukhona abangu-83 futhi kubhapathizwa abantu abathathu abasanda kuthakazela.
Ukukhululwa kwencwajana ethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! ngolimi lwabo kuyisenzakalo esikhulu. Akukhona nje ukuthi iyona kuphela incwadi yeWatch Tower etholakala ngesiMahorian kodwa futhi iyona kuphela incwadi yalolohlobo etholakala ngalololimi kuze kube manje. Inombhalo wesiArabhu obhalwe ngezansi kowesiRoma. Abantu bafundiswa umbhalo wesiArabhu esikoleni kodwa hhayi ulimi lwesiArabhu. Bayakwazi ukuyisho ngekhanda imithandazo ngesiArabhu nokufunda iKoran ngesiArabhu; kodwa abakuqondi lokho abakuphimiselayo. Njengoba befunda umbhalo wesiArabhu kulencwajana, bamangaliswa ukuthi bayakwazi ukuwuqonda. Lokho abakufundayo empeleni kuwulimi lwabo siqu lwesiMahorian lubhalwe ngendlela oluphinyiswa ngayo ngombhalo wesiArabhu. Kuyajabulisa ukubabona bejabula lapho bethola umqondo walokho abakufundayo.
Lezincwajana zihambiseka kalula kubantu. Kwelinye lamadolobhana angaphandle, indoda ethile iza kithi lapho sisashumayeza owesifazane othile. Iqala ukukhuluma ngenkani nomfowethu ngesiMahorian. Kithina kubonakala sengathi iphikisa kakhulu. Lendoda iyaqhubeka isikhashana, ilinganisa nangezandla kakhulu. Umzalwane kamuva uyachaza ukuthi lendoda ibikhononda: “Ningalindela kanjani ukuba sizikhumbule izinto enisitshela zona uma nisivakashela kanye kuphela ngonyaka? Ningakwenza kanjani lokho? Kufanele nize njalo nizoxoxa nathi ngalezizinto.”
Lawomazwi okugcina aveza umuzwa nathi esinawo. UJehova ngokuqinisekile ubuthela ndawonye izinto ezinxanelekayo zazo zonke izizwe ngezindaba ezinhle zoMbuso. Nakuba behlukaniswe indawo enkulu yolwandlekazi, abahlala kuleziqhingi banezela amazwi abo ekumemezeni okukhulu kokudumisa okunikezwa uMenzi wabo noYise wasezulwini, uJehova uNkulunkulu.—Hagayi 2:7.
[Amabalazwe ekhasini 21]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
ISEYCHELLES
ULWANDLEKAZI I-INDIAN
ICOMOROS
IMAYOTTE
IMADAGASCAR
IMAURITIUS
IRÉUNION
IRODRIGUES
[Isithombe ekhasini 23]
Inhlonhlo enamadwala ePraslin, eThekwini iSt. Anne
[Isithombe ekhasini 24]
“Itekisi” eliyikalishi lezinkomo eLa Digue, eSeychelles
[Isithombe ekhasini 25]
Ukushumayela ngencwajana entsha eMayotte