Incwadi Entsha Ijabulisa Izigidi
ISICI esivelele seMihlangano ‘Yabathandi Benkululeko’ eqale ngoJune odlule kwakuyinkulumo ethi “Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila.” Okuvelele kuyo kwaba ukukhululwa kwencwadi enesihloko esifanayo. Abantu abangaphezu kwezigidi eziyisithupha emhlabeni wonke sebeyile kakade kuloluchungechunge lwemihlangano futhi bayizwa lenkulumo, eshintshwe kancane ezihlokweni ezimbili ezandulelayo zalomagazini.
Amakhophi angaphezu kwezigidi ezingu-12 alencwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila aseye anyatheliswa ngezilimi ezingu-60. Iyatholakala futhi nangezilimi zaseMpumalanga Yurophu zesiAlbania, isiCroatia, isiHungary, isiMacedonia, isiPolish, isiRussia, isiSerbia, neSlovenia. Ababengaphezu kuka-74 000 ababesemihlanganweni eyisikhombisa eSoviet Union bajabula ngokukhethekile ngokuyamukela ngolimi lwesiRussia.
Imvelaphi Yalencwadi
Ukwaziswa okukulencwadi ekuqaleni kwakuwuchungechunge olwavela komagazini abangu-149 abalandelanayo beNqabayokulinda, kusukela kumagazini ka-April 1, 1985. Abafundi abaningi bathi badumala lapho loluchungechunge luphela ngomagazini kaJune 1, 1991. UMelissa waseItaly oneminyaka engu-12 ubudala, wahlengezela izinyembezi lapho efunda ukulandisa kokugcina kuNqabayokulinda. “Ngobusuku bangaphambi komhlangano wethu,” esho, “ngathandaza kuJehova ngicela incwadi ekhuluma ngokuphila kukaJesu. Lapho lencwadi inikezwa, ngashaya izandla kwaze kwaba yilapho ngangingasakwazi.”
Ukwaziswa okuwuchungechunge okukuNqabayokulinda kwahlelwa futhi kwafakwa kulencwadi entsha enemibala emihle, enamakhasi angu-448 nezahluko ezingu-133. Kwenziwa umzamo wokuba kudluliselwe inkulumo ngayinye kaJesu nesenzakalo ngasinye esilotshiwe ngokuphila kwakhe kwasemhlabeni, kuhlanganise nayo yonke imifanekiso yakhe nezimangaliso. Ngezinga okungenzeka ngalo, konke kulandiswe ngendlela okwenzeka ngayo ngokulandelana. Ekugcineni kwesahluko ngasinye, kunohlu lwemibhalo yeBhayibheli isahluko esisekelwe kuyo.
Omunye angase acabange, ‘Kodwa sengiyifundile kakade lencwadi ngoba ngiye ngalufunda uchungechunge olukuNqabayokulinda.’ Kodwa abafundi beNqabayokulinda bathole ukulandisa kokuphila kukaJesu ngamancozuncozu anikezwe komagazini abaphuma kanye ngemva kwamasonto amabili esikhathini esingaphezu kweminyaka eyisithupha. Ngisho nakuba lezizihloko zazifundisa zisesimweni sochungechunge, cabanga ngenjabulo yokufunda konke ukulandisa ngesikhathi esifushane futhi ubone umfanekiso ophelele womuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila!
Iqinisa Ukholo
“Ngaqeda ukufunda lencwadi emasontweni amabili,” kubika owesifazane waseWashington, D.C., eU.S.A. “Njengoba ngifunda, kwakugeleza izinyembezi emehlweni ami. Ngangiyeka ukufunda bese ngithandaza futhi ngikhale. Yayingenza ngizizwe kwangathi ngangikanye noJesu, ngihlupheka kanye naye. Ngisho nangemva kwesonto ngifunde lencwadi, amehlo ami ayehlengezela izinyembezi uma ngicabanga ngalokho engangikufundile. Ngizizwa ngisondelene ngisho nangokwengeziwe noJehova ngenxa yokunikela ngeNdodana yakhe.”
“Ngiyiqede namuhla incwadi ekhuluma ngoJesu,” kubhala owesifazane wasePittsburgh, ePennsylvania, eU.S.A. “Ibimangalisa. Bengihlengezela izinyembezi njengoba bengifunda izahluko ezimbalwa zokugcina. Ukufunda lencwadi ngesikhathi esisodwa bekumnandi kakhulu. Ngempela ngeke ngikwazi ukuwuchaza umuzwa enginawo ngayo—ukuthi nje ngiyithandile kakhulu!”
Imifanekiso emihle ekulencwadi inengxenye ekuthonyeni imizwa, njengoba umfundi onokwazisa ephawula: “Kungenza ngizwe sengathi ngibezwa ngokoqobo bekhalela umntwana oshonile (isahluko 47) noma ukuthi uJesu wayecabangani lapho owesifazane onomopho emthinta futhi ephulukiswa (isahluko 46). Isimo sobuso babo singokoqobo kangangokuthi siyadabukisa. . . . Kunokuba ukufunda kube umsebenzi, lencwadi ikwenza kufane kakhulu nesikhathi sokuzijabulisa noma sedili ekuphetheni kosuku. Indlela lencwadi ebhalwe ngayo eshukumisa imizwa ayisitsheli nje kuphela lokho uJesu akwenza kodwa inikeza umbono omncane walokho ayekucabanga nayekuzwa.”
Ukusetshenziswa Okuhlukahlukene
Abaningi sebeqalile ukuyisebenzisa lencwadi ezifundweni zabo zeBhayibheli zemikhaya. “Sinabantwana abathathu abancane,” kubhala abazali baseSilverton, eOregon, eU.S.A., “futhi lencwadi ikahle kakhulu ‘esifundweni sethu somkhaya esiba khona njalo kusihlwa.’ Eqinisweni, yeka indlela okufaneleke ngayo ukuba sitadishe ngokunakekela ngesizinda seNkosi yethu enothando, uKristu Jesu.”
Osemusha oweve eshumini elinambili waseJapane uyachaza: “Ubaba ubesifundela lapho sesiziphumulele ngemva kokudla kwakusihlwa. Njengomkhaya, sifunda kusukela ekuqaleni, kodwa nganquma ukufunda isahluko esisodwa ngobusuku kusukela ekugcineni kwalencwadi ngaphambi kokuba ngiyolala. Nokho, lencwadi ithakazelisa kangangokuthi ngokuvamile kusuke sekuyihora lokuqala ekuseni ngaphambi kokuba ngiqaphele ukuthi sekuyisikhathi sini.”
Abaningi bayamangala ngobuningi bokwaziswa okunezelwe ekulandiseni. “Ngifunde izinto eziningi engangingazazi ngempela,” kubhala omunye uFakazi. Incwadi evela eCalifornia, eU.S.A., yathi: “Mina nomkami besisemaqinisweni iminyaka engaphezu kwengu-35, futhi singasho ngokwethembeka ukuthi asikaze siyiphathe incwadi ethakazelisa njengalena ngezandla zethu.”
Lencwadi kumelwe isize ekuqedeni amanga okuthi oFakazi BakaJehova abakholelwa kuJesu. Umfundi ogcwele ukubonga waphawula ngalendlela: “Ngangingakwazi ukuyibeka phansi, ngoba yayiyithuluzi elikhulu lokuphikisa ukungazi kwalabo abathi abantu bakaJehova abakholelwa noma abamdumisi uJesu. Okumelwe sikwenze manje ukubanikeza lempendulo yokungazi kwabo.”
Ngokuqinisekile lencwadi izoba nendawo ebalulekile enkonzweni yoFakazi BakaJehova. “Nganikeza owesifazane engiqhuba naye isifundo seBhayibheli ikhophi yayo,” kwabhala uFakazi, “futhi ithonya eye yaba nalo kuye liyamangalisa. Ubefundelwa isikhathi esingangonyaka, futhi ngiye ngaba nenkinga yokumenza eze emihlanganweni.” Ngemva kokuba lomfundi efunde izahluko ezingu-45 zalencwadi entsha, loFakazi wachaza, “wangitshela ukuthi wayezoba khona emhlanganweni ngeSonto ngoba sase sifikile isikhathi sokuba azibonakalise ukuthi umi kuphi.”
Izici Ezibalulekile
Empeleni, incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila inikeza ukukhulumela ngamaVangeli. Kunikezwe izincazelo zezinto eziningi ezashiwo futhi zafundiswa uJesu, ngakho lencwadi ingasetshenziswa njengethuluzi elibalulekile lokucwaninga, ngoba inamathela kakhulu ekulandiseni kweBhayibheli.
Isici esihle ngokukhethekile siwukuthi konke ngokuyisisekelo kulandiswe ngokohlelo okulandelana ngalo ngokwesikhathi. Ukuphenya amakhasi ayo unalokho engqondweni kungaba usizo lwangempela ekutholeni ukuthi kunini, phakathi nenkonzo kaJesu, lapho izenzakalo ezithile zenzeka khona. Abafundi bamaVangeli ngokuvamile bahlangabezana nalokho okubonakala kuwukuphikisana. Lencwadi entsha, ngaphandle kokudonsela ukunakekela kulokho kuphikisana ngokudingekile, iyakuvumelanisa ekuchazeni kwayo.
NjengamaKristu, ngokuqinisekile akumelwe sifune ukudebeselela ukutadisha ngokunakekela ngokuphila kweSibonelo sethu esithembekile, uJesu Kristu. Ngakho-ke, masicabangele ngokunakekela ukulandisa kwamaVangeli ngosizo lwencwadi entsha ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila.