Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Yini umkhaya wamaKristu okumelwe uyenze uma umntwana wawo kumelwe afunde esikoleni lapho imfundo yezenkolo iphoqelelwe khona?
Abazali abangamaKristu abafuni ukuba abantwana babo bafunzwe izimfundiso zenkolo yamanga. Kodwa zingaba khona izimo lapho abantwana bengenakwenqaba khona ukuba sekilasini okufundiswa kulo imfundo yezenkolo, nakuba bengeke bahlanganyele ezenzweni noma emikhosini yenkolo yamanga.
Umhlobo kaNkulunkulu uAbrahama wabeka isibonelo esihle ngokuqondene nemfundo engokwenkolo kubantwana. Wakhulisela abantwana bakhe eKhanani, lapho babezungezwe khona amanga angokwenkolo nemikhuba “engcwele” enyanyekayo. (Qhathanisa noEksodusi 34:11-15; Levitikusi 18:21-30; Duteronomi 7:1-5, 25, 26; 18:9-14, qhathanisa neNW.) Nakuba kunjalo, wayewumthombo wemfundo engokwenkolo emkhayeni wakhe. UNkulunkulu wayeqiniseka ukuthi uAbrahama ‘wayeyoyala abantwana bakhe nendlu yakhe emva kwakhe ukugcina indlela kaJehova nokusebenza ukulunga nokwahlulela.’—Genesise 18:19.
Njengomuntu osemusha, uJesu naye wazuza emfundweni yomkhaya neyebandla ephathelene nokukhulekela kweqiniso. Ngaleyondlela, “waqhubeka ekuhlakanipheni, nasekukhuleni, nasemseni kuNkulunkulu nakubantu.”—Luka 2:52.
Ezingxenyeni eziningi zomhlaba, intsha engamaKristu ithola imfundo yezwe ezikoleni zomphakathi. Akukhona konke okufundiswayo okuhambisana ngokugcwele neqiniso elingokomBhalo nelimisiwe. Ngokwesibonelo, izizukulwane eziningi zentsha engamaKristu ziye zafunda emakilasini ezesayensi noma awesayensi yezinto eziphilayo njengengxenye yesimiso semfundo yayo evamile. Iningi layo liye labhekana nemiqondo evamile yokuziphendukela kwemvelo kanye nemiqondo ehlobene nayo yokuvela kokuphila “ngokwemvelo” emhlabeni.
Nokho, lokho lentsha engamaKristu eyabhekana nakho akuzange kuyiphendule ukuba ibe abasekeli bokuziphendukela kwemvelo kokungamesabi uNkulunkulu. Ngani? Ngoba ekhaya nasemihlanganweni yobuKristu, yayikuthole kusengaphambili ukwaziswa okuqondile okusekelwe eZwini likaNkulunkulu eliphefumlelwe, okwasiza ekuqeqesheni ‘imiqondo yayo, ibe nawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.’ (Heberu 5:14) Abazali abaningi babeye batadisha nabantwana babo ukwaziswa okulinganiselwe mayelana nokuziphendukela kwemvelo emqulwini oqinisa ukholo othi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation?a Behlome ngaleyondlela, labantwana abasesesikoleni abazange bayemukele njengekholekayo imfundo yasesikoleni yokuziphendukela kwemvelo. Nokho babekwazi ukubonisa ngezimpendulo zabo zasekilasini nasezivivinyweni ukuthi babesuke belalele futhi bekwazi ukufunda imininingwane enikezwayo. Abanye babebanalo ngisho nethuba lokunikeza izincazelo ezihlukile ngokuvumelana namaphuzu anikezwe eBhayibhelini nguMdali womuntu.—1 Petru 3:15.
Nokho, kuthiwani ngezikhathi zokufunda ezinikelwe emfundweni ephathelene nenkolo eyinhloko endaweni noma ngisho nephathelene nenkolo iyonke?
Akunakwenzeka ukuthi imfundo enjalo inikezwe ngokungathathi-hlangothi, njengokwaziswa nje. Uthisha angase ngisho abe ngowaleyonkolo futhi ngaleyondlela azame ukuthonya izingqondo nezinhliziyo zabafundi. Ngakho oFakazi BakaJehova bakhetha ukuba abantwana babo bangabibikho emakilasini emfundo yezenkolo. Lokhu kungase kwenze ukuba abantwana babo basisebenzise ngokunenzuzo ngokwengeziwe isikhathi sesikole ukuze baqedele imisebenzi yezinye izifundo noma ukuze batadishe emtatsheni wezincwadi wesikole.
Nokho, kwezinye izindawo, izicelo ezinjalo ziye zenqatshwa; iziphathimandla zesikole noma zomphakathi zingase zifune ngisho nokuba bonke abantwana babe khona esifundweni esithile sezenkolo futhi basiqede ukuze baphase. Umkhaya ngamunye kumelwe uzinqumele ngokwawo ukuthi kumelwe wenzeni kulesosimo.
Ezinye zezinceku zikaNkulunkulu esikhathini esidlule ziye zazithola zisesimweni lapho kumelwe zibekezelele khona ukubhekana nezimfundiso noma izenzo zenkolo kuyilapho zihlala zithembekile kuNkulunkulu weqiniso. Lokho ngokunokwenzeka kwakunjalo ngoMose. Wayekhuliswe njengomzukulu kaFaro waseGibithe, futhi ‘wayefundiswe ukuhlakanipha konke kwabaseGibithe.’ (IzEnzo 7:20-22) Lokho ngokunokwenzeka kwakuhlanganisa ngokwezinga elithile izinkolelo nemikhuba engokwenkolo eyayivamile eGibithe. Kodwa uMose yamlonda imfundo ephakeme ngokusobala ayithola emkhayeni wakubo futhi mhlawumbe nakwamanye amaHeberu.—Eksodusi 2:6-15; Heberu 11:23-25.
Cabangela futhi isibonelo samaHeberu amathathu asemasha, abangane bakaDaniyeli, ababenikezwe imfundo ekhethekile yaseBabiloni futhi benziwa izisebenzi zikahulumeni. (Daniyeli 1:6, 7) Ayengakhululekile ukuzenzela noma ukwenqaba ukwenza noma yini ayifunayo. Kwesinye isenzakalo iNkosi uNebukadinesari yayala ukuba abuthane nezinye izikhulu emfanekisweni wegolide ayayiwumise ethafeni laseDura, lapho kwakuzokwenziwa khona izenzo zokuzinikela kobuzwe. LamaHeberu amathathu asabela kanjani? Singaqiniseka ukuthi ayengakhetha ukuba angayi lapho, kodwa lokho kwakungenakwenzeka.b Nokho ahlala ethembekile ezinkolelweni zawo nakuNkulunkulu uMninimandla onke. Onembeza bawo abesaba uNkulunkulu bawavumela ukuba abe khona kuyilapho enqaba ngokunamandla ukuhlanganyela noma ukuba nengxenye ngokomuntu siqu kunoma yisiphi isenzo senkolo yamanga.—Daniyeli 3:1-18.
Lapho kuyimpoqo ukuba bonke abafundi babe khona esifundweni sezenkolo futhi ngokunokwenzeka bafundele ukuba bakwazi ukuphasa ezivivinyweni zalelokilasi, izingane emikhayeni yamaKristu eqiniso zingase zibe khona, njengoba baba khona labo abathathu ngokokuyala kukaNebukadinesari. Kodwa intsha engamaKristu iyobeka uNkulunkulu kuqala. Asikho isidingo sokuba iphikise inkulumo ngayinye eyiphutha noma umkhuba ngamunye ongewona ongokombhalo abanye abahlanganyela kukho, njengoba namaHeberu amathathu engazamanga ukuphazamisa lapho abanye bekhothama esithombeni segolide. Nokho, intsha engamaKristu ngeke ihlanganyele yona ngokwayo ezenzweni zokukhulekela, emithandazweni yeningi, ezingomeni ezingokwenkolo, nakokunye okufana nalokho.
Lentsha kumelwe izikhandle ngezinye izikhathi ukuze ingenise ulwazi olwakhayo ‘lwemibhalo engcwele enamandla okuyihlakaniphisa kube-yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.’ (2 Thimothewu 3:15) Ngokukhulumisana nabantwana babo, abazali kufanele bakuqaphele njalo lokho okuqukethwe imfundo yasekilasini. Lokhu kuyosiza amaKristu angabazali ukuba abone lokho okudinga ukulungiswa noma ukucaciswa ngeBhayibheli ukuze abantwana bawo bangadideki noma bakhohliswe.
[Imibhalo yaphansi]
a Ekhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
b IBhayibheli alisho lutho ngokuba khona kukaDaniyeli ethafeni laseDura. Mhlawumbe isikhundla sakhe esiphakeme kuhulumeni samenza wakwazi ukungabi khona.