Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe uye wacabanga ngokucophelela ngomagazini bamuva beNqabayokulinda? Uma kunjalo, ngokunokwenzeka uzokuthola kuthakazelisa ukukhumbula okulandelayo:
◻ Umbhalo ogciniwe weBhayibheli wezimpi zikaJehova usinika kanjani ithemba lokubhekana ‘nosizi olukhulu’? (Mathewu 24:21)
Njengoba kuhlala kunguyena oqondisayo, uJehova uye wabonisa ukuthi angazehlula izitha zakhe ngokucabanga futhi aqondise izimo ukuze kusinde abantu bakhe.—8/15, ikhasi 27.
◻ Yini abazali okumelwe bazimisele ukuyenza ukuze balondoloze ukuxhumana phakathi kwabo nabantwana babo?
Abazali kumelwe babe nesikhathi nabantwana babo. Futhi, kumelwe bazimisele ukuzidela ngenxa yabantwana babo ukuze bakhule kahle ngokwengqondo, ngokomzimba, nangokomoya.—9/1, ikhasi 22.
◻ Ukuguqulwa kukaJesu isimo kusho ukuthini kithi namuhla? (Marku 9:2-4)
Lokhu kuguqulwa kwesimo kungakha ukholo ezwini likaNkulunkulu elingokwesiprofetho futhi kuqinise ukholo lwethu kuJesu Kristu njengeNdodana kaNkulunkulu noMesiya owathenjiswa. Futhi kungaqinisa ukukholelwa kwethu ekuvuselweni kukaJesu ekuphileni komoya futhi kukhulise ukholo lwethu kuhulumeni kaNkulunkulu.—9/15, ikhasi 23.
◻ Asho ukuthini amazwi athi “okwesikhashana” akuIsaya 11:6 ngokweNew World Translation?
Ukuhunyushwa okucophelelayo kwalelivesi kubonisa ukuthi impisi newundlu ngeke kuhlale kundawonye ngaso sonke isikhathi ezweni elisha. Kungenzeka ukuthi izilwane ezinjalo zisayoba nezindawo zokuhlala ezihlukene futhi ngaleyondlela zibe ngaphansi ‘kwezilwane zasekhaya nezilo zasendle’ njengoba zazikhona ePharadesi lokuqala. (Genesise 1:24, qhathanisa neNW.) Nokho, izilwane zizodwa ziyoba nokuthula ezweni elisha, zikwazi ukuhlala ndawonye ngaphandle kwengozi.—9/15, ikhasi 31.
◻ Siyini isihluthulelo sobuKristu beqiniso?
Uthando luyisihluthulelo sobuKristu beqiniso. Ukholo, imisebenzi, nabangane abafanelekile kubalulekile, kodwa ngaphandle kothando ukubaluleka kwako akubonakali. Lokhu kungenxa yokuthi uJehova ngokuvelele unguNkulunkulu wothando. (1 Korinte 13:1-3; 1 Johane 4:8)—10/1, ikhasi 20.
◻ Ingabe inkulumo ethi “isikhathi sokuzalwa nesikhathi sokufa” ekumShumayeli 3:2 isekela umqondo wokuthi uNkulunkulu uye wasinquma kusengaphambili isikhathi sethu sokufa?
Cha. USolomoni wayemane ekhuluma ngomjikelezo oqhubekayo wokuphila nokufa okhathaza isintu esingaphelele. UmShumayeli 7:17 uthi: “Ungabi-mubi ngokudluleleyo, ungabi-yisiwula; uyakufelani kungakabi yisikhathi na?” Yimuphi umqondo lesiseluleko ebesingaba nawo uma isikhathi somuntu sokufa besinqunywa kusengaphambili?—10/15, amakhasi 5-6.
◻ Yini ephikisa ukuthi umphostoli uPetru ungumbhishobhi wokuqala waseRoma?
Abukho ubufakazi bokuthi uPetru wake wavakashela ngisho nokuvakashela edolobheni laseRoma; futhi uPetru akazange abhekisele kuye ngokwakhe njengothile ongaphezu kokuba abe omunye wabaphostoli bakaKristu. (2 Petru 1:1)—10/15, ikhasi 8.
◻ Ingabe kulungile ukuba amaKristu athumele izimbali emngcwabeni?
Uma kwaziwa kahle ukuthi isiko (noma umklamo, njengesiphambano) ngalesosikhathi kunencazelo engokwenkolo kuleyondawo umuntu ahlala kuyo, kumelwe kugwenywe. Ngakho amaKristu awanakuzithumela izimbali eziwuhlobo lwesiphambano noma azisebenzise ngenye indlela engokomthetho leyo ngokuqinisekile enencazelo engamanga angokwenkolo. Nokho, ngalesisikhathi emazweni amaningi, isiko lokunikeza izimbali ngaphandle kokuba lihlobane nenkolo lenziwa kabanzi. Amanye amaKristu aye athumela izimbali ukuze enezele uphawu lwenduduzo esikhathini esidabukisayo nokubonisa uzwela nokukhathalela.—10/15, ikhasi 31.
◻ Yini izincazelo ezingokomthetho eziyenza icace ngoZiqu-zintathu?
Zikwenza kucace ukuthi imfundiso kaZiqu-zintathu ayiwona nje umqondo olula. Kunalokho, iyiqoqo eliyinkimbinkimbi lemiqondo eye yahlanganiswa ndawonye emakhulwini amaningi eminyaka yase iphicwa omunye nomunye. Izazi eziningi, kuhlanganise nalezo ezisekela uZiqu-zintathu, ziyavuma ukuthi iBhayibheli eqinisweni alinayo imfundiso kaZiqu-zintathu.—11/1, amakhasi 21-22.
◻ Kungani u-29 C.E. ewusuku olubaluleke kakhulu emlandweni weBhayibheli?
Ngenxa yokuthi ngokuhlanganisa ukwaziswa okuthe ngqó okungokweBhayibheli nesikhathi uTiberiyu ayebusa ngaso, abafundi beBhayibheli bangabala bafinyelele ekutheni inkonzo kaJohane yaqala entwasahlobo ka-29 C.E. nokuthi ezinyangeni eziyisithupha kamuva, ekwindla ka-29 C.E., uJohane wabhapathiza uJesu.—11/15, ikhasi 31.
◻ Lalisho ukuthini igama elithi “ukukhulekela” kubantu ababekhuluma isiHeberu, futhi lokhu kusebenza kanjani koFakazi BakaJehova namuhla?
Igama lesiHeberu elisho into efanayo nelithi “ukukhulekela” lingahunyushwa ngokuthi “inkonzo.” Ngakho-ke, kumaHeberu ukukhulekela kwakusho inkonzo. Yilokhu okukushoyo kubantu bakaJehova namuhla, ngakho uphawu olubaluleke kakhulu lwenkolo yeqiniso luyinkonzo yokwesaba uNkulunkulu yokushumayela.—12/1, ikhasi 19.