Ingabe Uyakuphika Ukuthambekela Okunesono?
“NGALOKHO ngifumana kimina engithanda ukwenza okuhle umthetho wokuthi kukhona okubi kimi, ngokuba ngiwenamela umthetho kaNkulunkulu ngokomuntu ongaphakathi, kepha ngibona omunye umthetho ezithweni zami olwayo nomthetho wengqondo yami, ungithumbela emthethweni wesono osezithweni zami.”—Roma 7:21-23.
Kwakudinga ukuzithoba ngomphostoli uPawulu ukuba avume okungenhla. Nokho, ngokwenza kwakhe kanjalo, wasiza ekuvimbeleni ukuthambekela kwakhe kokungapheleli ukuba kumnqobe.
Kungokufanayo ngamaKristu eqiniso namuhla. Lapho sifinyelela olwazini oluqondile lweqiniso leBhayibheli, senza izinguquko ezidingekayo endleleni yethu yokuphila, sazivumelanisa nezindinganiso zikaJehova. Nokho, ukuthambekela okunesono kuyasala, “ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe.” (Genesise 8:21) Ingabe sithembeke ngokwanele ukuba sivume kithi ukuthambekela okuthile okusicindezelayo? Noma ingabe siyaphika ukuthi sinakho, mhlawumbe siphethe ngokuthi, ‘Lokhu kungase kube yinkinga kwabanye kodwa hhayi kimi’?
Ukuzikhohlisa okunjalo kungaba yingozi. Umfanekiso osekelwe eBhayibhelini ungase usisize ukuba sibone isidingo sokuvuma ukuthambekela kwethu okunesono nokukulawula.
Isizathu Sokuba Ukuphika Kube Yingozi
Ezikhathini zeBhayibheli imizi eminingi yayivikelwe ngezingange. Amasango—ngokuvamile ayenziwa ngepulangwe—uma kuqhathaniswa ayeyingxenye engahlaseleka kalula yogange olungaphakathi lomuzi; ngakho-ke, ayevikelwa ngokunamandla kakhulu. Abahlala emzini babakha kuphela amasango amaningi ngokwanele awabangenayo nabaphumayo ngesikhathi sokuthula. Amasango epulangwe ngokuvamile ayesitshekelwa ngensimbi, ukuze amelane nomlilo. Kwakwakhiwa imibhoshongo ezingangeni ukuze abalindi ababekwa kuyo bakwazi ukubona izitha ezizayo zisekude.
Manje cabanga: Yini eyayingenzeka uma abahlala emzini bekuphika ukuthi amasango omuzi angahlaseleka kalula futhi bangawavikeli ngokwanele? Amasosha ayizitha ayeyongena kalula emzini, kuholele ekunqotshweni kwawo.
Kunjalo nangathi. UJehova uyazi lapho ngabanye sibuthakathaka khona. “Futhi akukho-nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.” (Heberu 4:13) NoSathane kungenzeka ukuthi uye wakubona ukuthambekela okuthile okunesono kithi, kungakhathaliseki ukuthi kusekuphendukezeleni iqiniso, ukushesha ukucasuka, ukuba nesithakazelo ekuziphatheni kabi ngokobulili, ukuthanda izinto ezibonakalayo, ukuqhosha, noma okunye. Uma siphika ukuthi sinokuthambekela okunesono, sizenza singavikeleki ngokwengeziwe ekuhlaseleni kukaSathane ukholo lwethu. (1 Petru 5:8) Singase sinqotshwe njengoba izifiso ezimbi ziqhubekela ngalé kokuthambekela nje bese zizala isono. (Jakobe 1:14, 15) Sidinga ukuba njengoPawulu, sivume ngokwethembeka noma yimaphi ‘amasango epulangwe’ angase abe khona.
Ziqinise Wena Ngokwakho!
Kungaba okungasizi lutho ukubona ukuthambekela okubi kodwa ungenzi lutho ngakho. Lokhu bekuyofana nomuntu ozibuka esibukweni, aphawule izindawo ezidinga ukunakekelwa, abese ehamba ngaphandle kokwenza ukulungisa okudingekile. (Jakobe 1:23-25) Yebo, sidinga ukuthatha isinyathelo ekuzivikeleni ekubeni sinqotshwe ukuthambekela okunesono. Singakwenza kanjani lokhu?
Ngokuvamile, ezikhathini zeBhayibheli, amadolobhana amancane, noma ‘imizana’ yayingenazingange. (Numeri 21:25, 32; AbAhluleli 1:27; 1 IziKronike 18:1; Jeremiya 49:2) Abahlala kulamadolobhana babengabalekela emzini onezingange lapho kuhlasela isitha. Kanjalo imizi ebiyelwe yayiba isiphephelo sabantu ababesendaweni ezungezile.
IBhayibheli lichaza uJehova uNkulunkulu njengombhoshongo, inqaba, ugange esingagijimela kulo ukuze sivikeleke. (IzAga 18:10; Zakariya 2:4, 5) Ngakho uJehova uyisivikelo esikhulu sezinceku zakhe. Ukuthandaza ngokungaphezi kuye kudingeke kakhulu. (1 Thesalonika 5:17) Olunye usizo yiBhayibheli. Sisebenzisa iZwi likaNkulunkulu, senza kahle ngokuhlolisisa ngokukhethekile lezozindawo esibuthakathaka kuzo. Singase futhi sibeke eceleni izihloko ezisekelwe eBhayibhelini eziphathelene ‘namasango epulangwe’ ethu ngabanye ukuze sizihlole ngokuphindaphindiwe.
Futhi, njengabalindi embhoshongweni, singasibona isitha sisekude, ngokomfanekiso, bese senza ngokufanelekile. Kanjani? Ngokugwema izimo esingase sibhekane kuzo nokulingwa noma ukucindezela. Ngokwesibonelo, umuntu osebenzela ukulinganisela ekuphuzeni uphuzo oludakayo uyokhetha ngokuhlakanipha ukugwema izindawo lapho ukutholakala kwaloluphuzo kuvame khona noma ngisho lapho lukhuthazwa khona.
Konke lokhu kudinga umzamo. Nokho, uma umphostoli uPawulu kwakumelwe ‘atube umzimba wakhe’ ukuze amelane nokuthambekela kokungapheleli, ingabe nathi akudingeki senze umzamo? Ukunakekela okunjalo kokuqapha ekuthambekeleni kwethu kokungapheleli kuyobonisa ukuthi silandela isiqondiso somphostoli uPetru: “Khuthalelani ukuba nifunyanwe ninokuthula, ningenabala, ningenacala kuye.”—1 Korinte 9:27; 2 Petru 3:14.
Vuma Bese Uthatha Isinyathelo
Ungadumazeki uma, naphezu kwemizamo yakho, konke ukuthambekela kwakho kokungapheleli kunganyamalali. Uma nje singakapheleli, ukuthambekela okubi kuyohlala kukhona ngezinga elithile, njengoba kwakunjalo endabeni yomphostoli uPawulu. Kodwa sidinga ukuhlala sisebenzela ukukucindezela, sikuvimbele ekubeni kuzale isono.
Nokho, yiba owuqondayo umehluko phakathi kokukwamukela ukuba khona kokungapheleli nokukubekezelela. Lokho kungase kufaniswe nomuntu onenhliziyo ebuthakathaka esifubeni sakhe. Kufanele abhekane naleliqiniso ngokuzama ukugcina inhliziyo yakhe isesimweni esihle ngendlela angenza ngayo. Akacabangi ukuthi njengoba inhliziyo yakhe engokoqobo ibuthakathaka, angase ayeke konke ukuzibamba aphile nganoma iyiphi indlela ayithandayo.
Khona-ke, yazi ukuthi ukuqina kwethu akwencikile ekuphikeni ngokunganaki ukuthambekela okunesono kodwa ekukuvumeni bese sithatha isinyathelo ngokumelene nakho. Ngakho ungesabi ukuvuma kuwe nakuJehova izinto olingeka nocindezeleka kuzo kalula. Akudingeki uzizonde ngokwenza kwakho kanjalo, futhi nothando lukaJehova ngawe ngeke lunciphe. Eqinisweni, njengoba usondela kuNkulunkulu ngokukhathalela ngobuqotho ukuvunyelwa nguye, uyosondela kuwe.—Jakobe 4:8.
[Isithombe ekhasini 31]
Lomfanekiso weMegido ufanekisela amasango aqinisiwe nezingange ezivikelekile zemizi yasendulo
[Umthombo]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.