Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 8/15 k. 32
  • “Udla Ubhedu”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Udla Ubhedu”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 8/15 k. 32

“Udla Ubhedu”

Yilokho uprofesa wesiNgisi wasekolishi elithile laseGeorgia, eU.S.A., akusho ngomagazini iPhaphama! Muva nje wabhala:

“Bengilokhu ngisebenzisa omagazini bePhaphama! ezifundweni zami zezindaba ezilotshwayo ekolishi eminyakeni eyisikhombisa edlule, futhi kumelwe ngisho, abalobi benu badla ubhedu. Izingeniso ezivusa isithakazelo nemininingwane ecacile equkethwe ezihlokweni eziningi kuyizibonelo ezinhle kubalobi abasaqala, abaphakathi nendawo, nasebethuthukile.

“Akukhona nje kuphela ukuthi izihloko zePhaphama! ziyajabulisa futhi ziyafundisa, kodwa futhi zingezezinga eliphakeme kakhulu lokuhlelwa kolimi. Ngisebenzisa zona ukuze ngibonise ukusetshenziswa okufanele kwezimpawu zenkulumo, izisho, izifenqo, nokukhethwa kwamagama. Ukuthola amagama amasha komfundi ngempela kuwukushintsha okuyinselele, nokho okuqabulayo kumagazini ovamile. Ukuphumelela kwePhaphama! kunikeza ubufakazi bomzamo omkhulu nokunakekela okwenziwa lapho kuhlelwa umagazini ngamunye.”

Uma ungathanda ukuthola iPhaphama!, siza ugcwalise bese uthumela lesisigqebhezana.

Ngingathanda ukuba ngithunyelelwe umagazini iPhaphama! ekhaya lami. (Ngaphandle kwaseR.S.A., bhalela igatsha leWatch Tower elisendaweni yakini ukuze uthole ukwaziswa. Bheka ikhasi 2.)

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela