Ukwahlulela Kokugcina
“LAPHO ufa umphefumulo wakho uyohlushwa wodwa; uyoba sesihogweni: kodwa ngosuku lokwahlulela umzimba wakho uyohlangana nomphefumulo wakho, futhi wena uyoba nezihogo ezimbili, umphefumulo wakho ujuluka amaconsi egazi, futhi umzimba wakho ugcwele ubuhlungu.”
LENA indlela umshumayeli wekhulu le-19 leminyaka uC. H. Spurgeon achaza ngayo umbono wabefundisi ngosuku lokwahlulela nangokuhlupheka kwabalahliwe. Ingcweti engumNtaliyane uMichelangelo yayinenkolelo esabisa ngokufanayo, njengoba kungabonakala emfanekisweni wakhe othi “The Last Judgment,” (ongxenye yawo iboniswe ngenhla), osodongeni lwesonto likaSistine eRoma. INew Encyclopædia Britannica ithi ngalomfanekiso: “UKristu eKwahluleleni ungunkulunkulu onolaka kunokuba abe umsindisi wamaKristu, ukhathalele kakhulu ukulahla uhlanga lwesintu kunokwamukela abangcwele ezulwini.”
Imfundiso YeLobukholwa
Emakhulwini eminyaka adlule, usuku lokwahlulela nesihogo somlilo kwakuyizindaba ezithandwayo zezintshumayelo. Emapulpiti abo, abashumayeli abanjengoC. H. Spurgeon babememeza bechaza ngemifanekiso ukuhlushwa okwesabekayo okulindele izoni. Namuhla, lolohlobo lwentshumayelo alusezwakali njalo. Kodwa isihogo somlilo nokwahlulela kokugcina kuseyizimfundiso ezingokomthetho zamasonto amaningi.
Iningi lezinkolo zeLobukholwa ngokuvamile ziyavumelana nemfundiso yamaRoma Katolika yokuthi izahlulelo zikaNkulunkulu ziza ngezigaba ezimbili. Okokuqala, “kunokwahlulela okukhethekile.” Lapho umuntu efa, umphefumulo wakhe okuthiwa awufi wahlulelwa ngaso lesosikhathi futhi uthunyelwe esihogweni noma ezulwini phakade.a Bese kuba ukwahlulela kokugcina, noma okuvamile, ekupheleni kwesikhathi lapho imizimba yabafile ivuswa futhi ihlanganiswa nemiphefumulo yayo engafi.
Ngalolusuku lokwahlulela, imiphefumulo esezulwini ihlala lapho futhi ihlanganiswa nemizimba eye yenziwa engafi. Labo abahlushwayo esihogweni nabo bahlala belapho, futhi imiphefumulo yabo ihlanganiswa nemizimba evusiwe, engasenakubhubha. Ngokwabanye, lokhu kubangela ukuba ukuhlupheka kwabo kube nzima ngokwengeziwe. Labo abasaphila njengabantu abafi. Bahlulelwa ngenkathi besaphila futhi kunjengokungathi baya “ngomzimba nomphefumulo” ngokuqondile ezulwini noma esihogweni.
Ukuba nokwenzeka kokukhuthazelela ukuhlushwa okwesabekayo esihogweni somlilo kuye kwabangela ukuba yonke indaba yokwahlulela kokugcina ngaphansi kokuqondisa kukaJesu Kristu ibe okuthile okwesabekayo ukucabanga ngakho. Ngenxa yalokhu, bekungakumangaza yini ukwazi ukuthi eqinisweni, izahlulelo zikaNkulunkulu ngokuvamile ziyisizathu senjabulo nokuthi uSuku Lokwahlulela luyoba ngesinye sezikhathi ezijabulisa kakhulu kuwo wonke umlando wesintu? Lokhu kungenzeka kanjani?
[Umbhalo waphansi]
a AmaRoma Katolika akholelwa futhi kokwesithathu okungenzeka: ukujeziswa isikhashana esihlanzweni ngaphambi kokungena ezulwini ekugcineni.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
Random/Sipa Icono