Liyini Ithemba Ngabafile?
Owesifazane othile waseAugusta, eGeorgia, eU.S.A., wabhala: “Muva nje ngiye ngashonelwa udadewethu omncane engozini ebulalayo yemoto. Ubeneminyaka engu-18 kuphela, enobungqabavu futhi esezophothula esikoleni. Ngathola amapheshana enu ambalwa efakwe phakathi kwezimbali ethuneni lakhe. Aye angisiza, futhi ngingathanda uku-oda lencwadi elandelayo eniyihambisayo.”
Lona wesifazane wacela incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Waphetha: “Ngicabanga ukuthi izongisiza kanye nomkhaya wakithi ukuba sithole ukuqonda nokuthula ngaphakathi kithi.”
Ungazitholela ikhophi yalencwadi enemifanekiso emihle ngokugcwalisa bese uthumela ikhuphoni elingezansi.
Ngingathanda ukuthola incwadi enoqwembe oliqinile enamakhasi angu-256 ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. (Ngaphandle kweR.S.A., bhalela igatsha leWatch Tower elisendaweni yakini ukuze uthole ukwaziswa. Bheka ikhasi 2.)